Lingisa Ukholo Lwabo
Wenza Ngokuhlakanipha
U-ABHIGAYILI wabona ukwesaba okwakubhalwe ebusweni bale nsizwa. Yayithuke kufanele. Kukhona okwakusina kubajeqeza. Ngaleso sikhathi, amabutho angaba ngu-400 ayesendleleni ezobulala bonke abantu besilisa bendlu kaNabali, umyeni ka-Abhigayili. Kwakwenzenjani?
Lesi sidumo sasisuswe uNabali. Wayenze into ewunya futhi wadelela njengenjwayelo. Kodwa kulokhu wayedelele indoda engadelelwa—umkhuzi wempi othandekayo webutho eliqotho neliqeqeshwe kahle. Insizwa ethile esebenzela uNabali, mhlawumbe engumalusi, yaya ku-Abhigayili yethemba ukuthi wayezoqhamuka nesu lokubasindisa. Kodwa yini owesifazane oyedwa ayengayenza ngebutho lamadoda?
Okokuqala, ake sizwe okwengeziwe ngalona wesifazane oyisimangaliso. Wayengubani u-Abhigayili? Le nkinga yayivele kanjani? Yini esingayifunda esibonelweni sakhe sokholo?
“Wayemuhle Ngokukhalipha Futhi Enesimo Esihle Somzimba”
U-Abhigayili noNabali babenjengempumalanga nentshonalanga. UNabali wayethole inkosikazi enhle, kodwa u-Abhigayili yena wazithola eshade nenkinga uqobo lwayo. Yiqiniso, imali yayibuzwa kuyo le ndoda. Yingakho yayizibheka njengebaluleke kakhulu, kodwa abanye babeyibheka kanjani? Kunzima ukuthola umuntu eBhayibhelini ochazwa kabi ngendlela uNabali achazwa ngayo. Kwalona igama lakhe lisho ukuthi “Ongenangqondo,” noma “Oyisiwula.” Ingabe ngabazali bakhe abametha lelo gama, noma walithola kamuva ekuphileni? Kungakhathaliseki ukuthi walithola kanjani, kodwa lalingena khaxa kuyena. ‘Wayenokhahlo enemikhuba emibi.’ Wayeyibhoklolo, eyisidakwa, esatshwa abantu abaningi futhi engathandwa.—1 Samuweli 25:2, 3, 17, 21, 25.
U-Abhigayili wayehluke ngokuphelele. Igama lakhe lisho ukuthi “Ubaba Uyajabula.” Obaba abaningi bayaziqhenya ngamadodakazi abo amahle, kodwa ubaba ohlakaniphile ujabula nakakhulu uma intombazane yakhe iyinhle ngaphakathi. Kuvamile ukuba umuntu omuhle ngaphandle angasiboni isidingo sokuhlakulela izimfanelo ezinjengokuqonda, ukuhlakanipha, isibindi noma ukholo. Akubanga njalo ngo-Abhigayili. IBhayibheli lithi “wayemuhle ngokukhalipha futhi enesimo esihle somzimba.”—1 Samuweli 25:3.
Abanye namuhla bangase bazibuze ukuthi intokazi ehlakaniphe njengo-Abhigayili yashadelani nje nendoda eyisiwula njengoNabali. Khumbula ukuthi ezikhathini zeBhayibheli kwakuvamile ukuba abazali bakhethele izingane zabo umuntu ezizoshada naye. Uma zazizikhethela, kwakubaluleke kakhulu ukuba abazali bazinike imvume. Ingabe abazali baka-Abhigayili bashadisa indodakazi yabo noNabali ngoba bebona ingcebo nokuvelela kwakhe? Ingabe ubumpofu yibona obabenza baganisa indodakazi yabo noNabali? Imali kaNabali ayizange imenze ukuba abe umyeni omuhle.
Abazali abahlakaniphile bazifundisa ngokucophelela izingane zabo ukuba zibheke umshado njengento ehloniphekile. Abalokothi batshele izingane zabo ukuthi zishade nomuntu othile ngoba enemali noma bazicindezele ukuba ziqale izindaba zokuthandana zisezincane kakhulu ukuba zingathwala imithwalo yabantu abadala. (1 Korinte 7:36) Kodwa-ke sasingasekho isikhathi sokuba u-Abhigayili acabange ngalezo zinto. Kungakhathaliseki ukuthi kwakungenxa yasiphi isizathu, wayeshade noNabali futhi wayezimisele ukwenza konke okusemandleni ukuze alungise lesi simo esibucayi.
‘Waklabalaza Wabethuka’
UNabali wayesesishubise nakakhulu isimo. Indoda ayeyithukile kwakunguDavide, inceku kaJehova ethembekile eyayigcotshwe uSamuweli umprofethi ebonisa ukuthi uNkulunkulu wayeyikhethile ukuba ibuse ngemva kukaSawulu. (1 Samuweli 16:1, 2, 11-13) UDavide wayecashe ehlane kanye namadoda akhe empi athembekile angu-600 ngoba ebalekela iNkosi uSawule eyayinomona futhi ifuna ukumbulala.
UNabali wayehlala eMawoni, kodwa mhlawumbe esebenza futhi enendawo eduze kwaseKarmeli.a Le mizi yayinamathafa enile ayindawo enhle yokufuya izimvu, njengoba nje uNabali ayenezingu-3 000. Kodwa enye indawo yayiyinkangala nje eyomile. Ngaseningizimu kwakunehlane elikhulu lasePharanu. Empumalanga, indlela eyisa oLwandle LukaSawoti yayidlula ehlane elaligcwele imihosha nemigede. UDavide namadoda akanye nawo bakuthola kunzima ukuphila kulezi zindawo, futhi akungabazeki ukuthi kwakudingeka bahambe bayozingela futhi babebhekana nobunzima obuningi. Babevame ukuhlangana nezinsizwa ezazingabelusi besigwili esinguNabali.
La mabutho ayesebenza kanzima ayebaphatha kanjani abelusi? Kwakungaba lula ukuthi ngezikhathi ezithile azithathele izimvu, kodwa awayenzanga into enjalo. Kunalokho, ayivikela imfuyo kaNabali nezinceku zakhe. (1 Samuweli 25:15, 16) Izimvu nabelusi babebhekana nezingozi eziningi. Zaziziningi izilwane eziyingozi. Umngcele wakwa-Israyeli oseningizimu wawungekude, ngakho amaviyo abaphangi ezinye izizwe namasela ayevame ukuhlasela.b
Kumelwe ukuba kwakungelula neze ukuthola ukudla okwakungenela wonke amadoda ayesehlane. Ngakho, suku lumbe uDavide wathumela izithunywa ukuba ziyocela usizo kuNabali. Isikhathi uDavide acela ngaso sasikahle kakhulu ngoba kwakuyinkathi yokugundwa kwezimvu, futhi kwakuba nemigidi, kuphiwane nezipho. UDavide wawakhetha ngokucophelela namazwi akhe, wasebenzisa amagama anenhlonipho. Waze wazibiza ngokuthi ‘uyindodana yakhe,’ mhlawumbe ehlonipha uNabali ngoba wayesekhulile. Wenzenjani uNabali?—1 Samuweli 25:5-8.
Wathukuthela wangqangqa! Insizwa okukhulunywe ngayo ekuqaleni yatshela u-Abhigayili ukuthi uNabali ‘waklabalaza wethuka’ amadoda ayethunywe uDavide. Igovu elinguNabali lakhononda ngesinkwa salo, ngamanzi alo nangenyama yalo eyigugu. Wadelela uDavide wathi wayengelutho, wamfanisa nenceku eyeqile. Kungenzeka ukuthi umbono kaNabali wawufana nsé nokaSawulu owayezonda uDavide. Womabili la madoda ayengenawo umbono ofana nokaJehova. UNkulunkulu wayemthanda uDavide, engambheki njengenceku edlubulundelayo, kodwa njengenkosi yakwa-Israyeli yesikhathi esizayo.—1 Samuweli 25:10, 11, 14.
Lapho izithunywa zikaDavide zibuyisela umbiko kuye, wathukuthela. Wayala: “Bhincani nonke izinkemba zenu!” UDavide namadoda akhe angu-400 bahloma balungela ukuyohlasela. Wafunga wathi wayezobabulala bonke abesilisa ababesendlini kaNabali. (1 Samuweli 25:12, 13, 21, 22) Intukuthelo kaDavide yayiqondakala, kodwa indlela athukuthela ngayo yayingeyinhle. IBhayibheli lithi: “Intukuthelo yomuntu ayikufezi ukulunga kukaNkulunkulu.” (Jakobe 1:20) Nokho, u-Abhigayili wayezoyisindisa kanjani indlu yakhe?
“Makubusiswe Ukuba Nengqondo Kwakho”
Sesimbonile u-Abhigayili ethatha isinyathelo esihle sokulungisa umonakalo odalwe umyeni wakhe. Ngokungafani nomyeni wakhe, yena wayezimisele ukulalela. Insizwa eyinceku yathi ngoNabali: ‘Ungumuntu ongelusizo lwalutho ngempela ukuba kungakhulunywa naye.’c (1 Samuweli 25:17) Ngokudabukisayo, ukuzigqaja kukaNabali kwamenza ukuba angazimiseli ukulalela. Ukuziqhenya okunjalo kuvame kakhulu namuhla. Kodwa le nsizwa yayazi ukuthi u-Abhigayili akanjalo, futhi akungabazeki ukuthi yileso isizathu esenza ukuba itshele yena ngale nkinga.
U-Abhigayili wacabanga futhi wathatha isinyathelo ngokushesha. Siyafunda: “Ngaso leso sikhathi u-Abhigayili washesha.” Igama elithi “washesha” livela izikhathi ezine kule ndaba lapho kuchazwa isenzo salona wesifazane. Wenza ukudla okuningi ukuze akunike uDavide namadoda ayenaye. Lokho kudla kwakuhlanganisa isinkwa, iwayini, inyama yemvu, okusanhlamvu okugazingiwe, amaqebelengwane amagilebhisi omisiwe kanye namaqebelengwane amakhiwane. Kusobala ukuthi wayezazi kahle izinto zakhe futhi eyisingatha kahle imisebenzi yakhe yasendlini, njengoba nje kwenza owesifazane onekhono ochazwa encwadini yezAga. (IzAga 31:10-31) Wabe esethumela ezinye zezinceku zakhe ukuba zihambise lokhu kudla, yena walandela kamuva. Siyafunda: “Kodwa akashongo lutho kumyeni wakhe uNabali.”—1 Samuweli 25:18, 19.
Ingabe lokhu kusho ukuthi u-Abhigayili wayevukela ubunhloko bomyeni wakhe? Nakancane! UNabali wayenze into embi kakhulu encekwini kaJehova egcotshiwe, into eyayingaholela ekufeni kwabantu abangenacala bendlu yakhe. Kungenzeka yini ukuthi ukube u-Abhigayili wasonga izandla, naye wayeyoba necala lomyeni wakhe? Kunoma ikuphi, kwadingeka athobele uNkulunkulu kunokuthobela umyeni wakhe.
Ekugcineni u-Abhigayili wahlangana noDavide namadoda ayekanye naye. Nalapha, washesha, wehla embongolweni, wakhothama phambi kukaDavide. (1 Samuweli 25:20, 23) Wabe esezikhalela kuDavide, wamnxusa ngokusuka enhliziyweni ukuba abonise umyeni wakhe nendlu yakhe umusa. Yini eyenza ukuba amazwi akhe afinyelele inhliziyo kaDavide?
Wathatha icala walibeka emahlombe akhe, wacela uDavide ukuba amxolele. Wavuma kufanele ukuthi umyeni wakhe akanangqondo, njengoba nje negama lakhe lisho, mhlawumbe esikisela ukuthi kwakuyokwehlisa isithunzi sikaDavide ukujezisa indoda enjalo. Wabonisa ukuthi uyamethemba uDavide njengommeleli kaJehova, eqaphela ukuthi ‘wayelwa izimpi zikaJehova.’ Wabonisa nokuthi wayesazi isithembiso sikaJehova ngokuqondene noDavide nokubusa kwakhe, ngoba wathi: “UJehova . . . ngokuqinisekile uyokumisa njengomholi phezu kuka-Israyeli.” Ngaphezu kwalokho, wanxusa uDavide ukuba angenzi lutho olwaluyomenza abe necala legazi, noma enze into okwakuyothi kamuva ibe “imbangela yokuyendayenda”—ngokusobala esho ukuhlushwa unembeza. (1 Samuweli 25:24-31) Yeka amazwi anomusa nathinta inhliziyo!
UDavide wasabela kanjani? Wazamukela izinto ezazilethwe u-Abhigayili, wabe esethi: “Makatuswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, okuthumele kulolu suku ukuba ungihlangabeze! Futhi makubusiswe ukuba nengqondo kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele kulolu suku ukuba ngingangeni ecaleni legazi.” UDavide wamncoma ngokuqunga kwakhe isibindi nangokushesha eze azohlangana naye. Wavuma nokuthi wayemvimbele ukuba angabi necala legazi. Wathi kuye: “Khuphukela endlini yakho ngokuthula.” Ngokuthobeka wanezela: “Ngililalele izwi lakho.”—1 Samuweli 25:32-35.
“Nansi Incekukazi Yakho”
Ngemva kokuhlukana noDavide, u-Abhigayili waqhubeka ecabanga ngokuhlangana kwabo, futhi wawubona umahluko phakathi kukaDavide othembekile nonomusa nebhoklolo ayeshade nalo. Kodwa akazange agxile kuleyo micabango. Siyafunda: ‘Kamuva u-Abhigayili wafika kuNabali.’ Yebo, wabuyela kumyeni wakhe futhi wazimisela nakakhulu ukuqhubeka efeza indima yakhe njengenkosikazi ngokusemandleni akhe. Kwadingeka amtshele ngesipho ayesinikeze uDavide namadoda ayekanye naye. Kwakufanele azi. Kwakufanele futhi kube nguyena omtshelayo, angezwa ngakho kwenye indawo, bese elulazeka nakakhulu lapho ezwa ngengozi umkakhe ayeyinqandile. Kodwa wayengeke akwazi ukumtshela manje. Phela uNabali wayenze idili likaMkhipheni, futhi edakwe eyinhlabathi.—1 Samuweli 25:36.
Nalapha, u-Abhigayili wabonisa isibindi nokuqonda, walinda kwaze kwaba ngakusasa utshwala sebusile. Wayeyobe esesanguluke ngokwanele ukuba akwazi ukumqonda, yize kwakhona lokho kwakuseyingozi ngoba lwalungafakwa kuNabali. Yize kunjalo, waya kuye wamtshela konke okwakwenzekile. Akungabazeki ukuthi wayelindele ukuba abhodle umlilo, mhlawumbe aze abe nobudlova. Kunalokho, wavele wahlala wanganyakaza.—1 Samuweli 25:37.
Kwase kwenzenjani kule ndoda? “Inhliziyo yakhe yafa ngaphakathi kuye, yena waba njengetshe.” Kungenzeka ukuthi washaywa unhlangothi. Nokho, wafa ezinsukwini eziyishumi ezalandela—engabulawa ukugula. ‘UJehova wamshaya uNabali, wafa.’ (1 Samuweli 25:38) Leso sahlulelo esilungile sakhulula u-Abhigayili emshadweni owawumubi. Nakuba uJehova engangeneli ngendlela eyisimangaliso namuhla, le ndaba iyisikhumbuzo esihle sokuthi ububona bonke ubushiqela obuqhubeka emindenini ethile nokuhlukunyezwa kwabanye. Uyobalwela abahlukunyezwayo ngesikhathi sakhe esifanele.
Ngaphandle kokuphuma osizini lomshado omuncu, u-Abhigayili wabusiswa nangenye indlela. Lapho ezwa ngokufa kukaNabali, uDavide wathumela izithunywa ukuba ziyokhonga. U-Abhigayili wathi: “Nansi incekukazi yakho ukuba ibe incekukazi egeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.” Kusobala ukuthi akazange azikhukhumeze ngoba esezoba inkosikazi yenkosi; waze wathi uzoba incekukazi egeza izinyawo zezinceku zikaDavide! Nalapha sifunda ukuthi washesha, kulokhu ukuze alungele ukuya kuDavide.—1 Samuweli 25:39-42.
Lena kwakungeyona inganekwane ephela kamnandi; ukuphila kuka-Abhigayili noDavide kwakungeke kuhlale kumnandi. UDavide wayesevele eshade no-Ahinohama, futhi isithembu sasiletha izinselele ezingavamile kubesifazane abathembekile bangaleso sikhathi.d NoDavide wayengakabi inkosi; kwakusazoba nezingqinamba nobunzima okwakuyodingeka abhekane nabo ngaphambi kokuba akhonze uJehova njengenkosi. Kodwa njengoba u-Abhigayili asiza futhi wasekela uDavide ukuphila kwakhe konke, kamuva wamtholela nendodana, wabona ukuthi wayethole umyeni owayemazisa futhi emvikela. Kwesinye isenzakalo waze wamophula nakubathumbi! (1 Samuweli 30:1-19) Ngaleyo ndlela, uDavide walingisa uJehova uNkulunkulu, othanda futhi obazisa kakhulu abesifazane abanjengo-Abhigayili abanokuqonda, isibindi nabathembekile.
[Imibhalo yaphansi]
a Lena kwakungeyona iNtaba iKarmeli edumile ephezulu enyakatho, kodwa kwakuwumuzi osemaphethelweni ehlane eliseningizimu.
b Kungenzeka ukuthi uDavide waba nomuzwa wokuthi ukuvikela abalimi nemfuyo yabo kwakuyinkonzo eya kuJehova uNkulunkulu. Ngalezo zinsuku, kwakuyinjongo kaJehova ukuba inzalo ka-Abrahama, ka-Isaka nekaJakobe ihlale kulelo zwe. Ngakho, ukuyivikela emaviyweni abaphangi bezizwe ezingomakhelwane kwakuwuhlobo lenkonzo engcwele.
c Inkulumo eyasetshenziswa yile nsizwa ngokwezwi nezwi isho ukuthi “indodana yongelusizo lwalutho.” Lapho zihumusha lo musho, ezinye izinguqulo zeBhayibheli zichaza uNabali ngokuthi indoda “eyayingamlaleli omunye umuntu,” ngakho isiphetho siwukuthi “akusizi ukukhuluma naye.”
d Bheka isihloko esithi “Ingabe UNkulunkulu Uyasivumela Isithembu?” ekhasini 30.
[Isithombe ekhasini 19]
Ngokungafani nomyeni wakhe, u-Abhigayili wayeyisilaleli esihle
[Isithombe ekhasini 20]
U-Abhigayili wabonisa ukuthobeka, isibindi nokuba nengqondo lapho ekhuluma noDavide