-
Wathulula Isifuba Sakhe KuNkulunkulu NgomthandazoLingisa Ukholo Lwabo
-
-
9. Yisiphi isifundo esingasifunda ngokuzimisela kukaHana ukuthatha uhambo lwaseShilo nakuba ayazi ukuthi imbangi yakhe izomphatha kanjani?
9 Kusempondozankomo umndeni wawusudidizela. Wonke umuntu wayelungiselela uhambo, ngisho nezingane. Uhambo lwaseShilo owawuzoluthatha lwalungamakhilomitha angaphezu kuka-32 unqamula izwe lakwa-Efrayimi elinamagquma.b Uhambo lwawo lwezinyawo lwaluzothatha usuku noma izinsuku ezimbili. UHana wayazi ukuthi imbangi yakhe yayizomphatha kanjani. Kodwa akazange asale ekhaya. Ngaleyo ndlela, wababekela isibonelo esihle kakhulu abakhulekeli bakaNkulunkulu namuhla. Akukaze kuhlakaniphe ukuvumela imikhuba emibi yabanye iphazamise ukukhulekela kwethu uNkulunkulu. Uma singavumela lokho, singaphuthelwa yizo kanye izibusiso ezingasiqinisa ukuze sikhuthazele.
-
-
Wathulula Isifuba Sakhe KuNkulunkulu NgomthandazoLingisa Ukholo Lwabo
-
-
b Leli banga lisekelwe ekutheni cishe iRama, kubo ka-Elkana, yayiyindawo efanayo naleyo eyaziwa ngokuthi i-Arimatheya ngosuku lukaJesu.
-