Lingisa Ukholo Lwabo
Wathululela Isifuba Sakhe KuNkulunkulu
UHANA wazigcina ematasa ngokwenza amalungiselelo ohambo, ezama ukungacabangi ngezinkinga zakhe. Lesi sikhathi kwakumelwe sibe mnandi. Njengenjwayelo, minyaka yonke u-Elkana, umyeni wakhe, wayethatha wonke umndeni baye eShilo ukuze bayokhulekela etabernakele. UJehova wayefuna ukuba le mibuthano ijabulise. (Duteronomi 16:15) Akungabazeki ukuthi kusukela uHana eyingane wayeyijabulela leyo mikhosi. Kodwa kule minyaka izinto zazingamhambeli kahle.
Wayebusiswe ngomyeni owayemthanda. Kepha u-Elkana wayenenye inkosikazi. Igama layo kwakunguPhenina, futhi kwakubonakala sengathi ukuphela kwento eyayimjabulisa kwakuwukwenza ukuphila kukaHana kube muncu. UPhenina wayeze asebenzise le mikhosi yaminyaka yonke ukuze ahlekise ngoHana. Kanjani? Umbuzo obaluleke kakhulu uwukuthi ukholo lukaHana kuJehova lwamsiza kanjani ukuba abhekane nesimo esasinzima ngempela? Uma ubhekana nezinselele eziqeda injabulo ekuphileni, indaba kaHana ingase ikukhuthaze ngokukhethekile.
‘Kungani Inhliziyo Yakho Iphatheke Kabi?’
IBhayibheli lisitshela ngezinkinga ezimbili ezinkulu uHana ayenazo ekuphileni kwakhe. Kuncane ayengakwenza ngenkinga yokuqala; eyesibili yona kwakungekho nhlobo ayengakwenza ngayo. Okokuqala, wayesesithenjini futhi enye inkosikazi imzonda. Okwesibili, wayeyinyumba. Ukuba yinyumba kubuhlungu kunoma imuphi owesifazane ofuna ukuba nabantwana; kodwa inkambiso yasendulo yangesikhathi sikaHana yayenza kube usizi lokuqala nolokugcina. Umndeni ngamunye wawufuna ukuba nabantwana abazoqhubekisela phambili isibongo. Ukuba yinyumba kwakubhekwa njengesihlamba nehlazo.
Mhlawumbe uHana wayengabuthwala ubunzima bakhe ukube uPhenina wayengenzi isimo sibe sibi nakakhulu. Ukuba sesithenjini kwakungemnandi. Kwakuhlale kunemibango, izingxabano nokuzwisana ubuhlungu. Lo mkhuba wawungqubuzana nesimiso esamiswa uNkulunkulu ensimini yase-Edene sokuba indoda ibe nomfazi oyedwa.a (Genesise 2:24) Ngakho, iBhayibheli libonisa ukuthi isithembu sibi futhi impilo yokuklwebhana eyayisemzini ka-Elkana yenza leli qiniso licace bha.
UHana wayeyintandokazi ka-Elkana. Umlando wamaJuda uthi uHana wayengundlunkulu, kanti uPhenina wagana u-Elkana ngemva kweminyaka ethile. Kunoma ikuphi, uPhenina owayenomona ngoHana wathola izindlela eziningi zokumphilisa kabuhlungu. Okwakwenza azizwe engcono kunoHana ukuthi wayengeyona inyumba. Wayenezingane eziningi futhi lokho kwakumenza azizwe ebalulekile. Kunokuba azwelane noHana futhi amduduze osizini lwakhe, wasizakala ngaye. IBhayibheli lithi uPhenina wayechukuluza uHana ukuze nje “amenze azizwe ekhungathekile.” (1 Samuweli 1:6) Wayezenza ngamabomu zonke lezi zinto ngenjongo yokuzwisa uHana ubuhlungu, futhi waphumelela.
Kubonakala sengathi uPhenina wayelithola kahle leli thuba lapho kuthathwa uhambo lwaminyaka yonke oluya eShilo. U-Elkana wayenikeza ngayinye yezingane zikaPhenina eziningi—“wonke amadodana akhe namadodakazi akhe”—isabelo semihlatshelo ababeyinikela kuJehova. UHana owayengenangane wayethola isabelo okungesakhe kuphela. UPhenina wayejabula afe, akhumbuze uHana ukuthi akanangane. UHana wayecindezeleka kakhulu, akhale aze angakufuni ukudla. Kulokhu u-Elkana wabona ukuthi umkakhe amthandayo wayecindezelekile futhi engadli, ngakho wazama ukumduduza. Wambuza: “Hana, ukhalelani, kungani ungadli, futhi kungani inhliziyo yakho iphatheka kabi? Angingcono yini kuwe kunamadodana ayishumi?”—1 Samuweli 1:4-8.
Okuhle ngo-Elkana ukuthi wayeqonda ukuthi kwakumcindezela uHana ukuba yinyumba. Ngokuqinisekile, uHana wayezazisa izenzo zakhe zomusa ezazimqinisekisa ngothando lwakhe.b Kodwa u-Elkana akazange akhulume ngonya lukaPhenina, futhi ukulandisa akusikiseli ukuthi uHana wayemtshela umyeni wakhe ngalokhu. Mhlawumbe wabona ukuthi ukuceba uPhenina kwakuyokwenza isimo sakhe sibe sibi nakakhulu. U-Elkana wayengakwazi yini ngempela ukushintsha izinto? Ukuceba uPhenina kwakungeke yini kumenze amzonde nakakhulu, mhlawumbe aze ngisho azondwe izingane ‵nezinceku zikaPhenina? UHana wayengagcina esezizwa eyisilahlwa emzini wakhe.
Kungakhathaliseki ukuthi u-Elkana wayenolwazi oluphelele ngonya lukaPhenina olungenangqondo noma cha, uJehova uNkulunkulu yena wayebona konke. IZwi lakhe lembula konke, ngaleyo ndlela linikeze isixwayiso esiqinile kunoma ubani onomona nonenzondo, kanjalo aphathe kabi abanye abantu. Ngakolunye uhlangothi, abangenacala nabanokuthula njengoHana bangaduduzwa ukwazi ukuthi uNkulunkulu wobulungisa ulungisa zonke izinto ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe. (Duteronomi 32:4) Cishe uHana wayekwazi lokho ngoba wafuna usizo kuJehova.
“Akabange Esakhathazeka”
Wonke umndeni wavuka kusempondozankomo waba matasa ngokulungiselela uhambo, ngisho nezingane. Lapho uya eShilo, lo mndeni omkhulu wawuhamba amakhilomitha angaphezu kuka-30 unqamula izwe lakwa-Efrayimi elinamagquma.c Njengoba babelubhadula ngonyawo, babehamba usuku olulodwa noma ezimbili. UHana wayazi ukuthi uPhenina wayezomphatha kanjani kodwa wayengalokothi asale ekhaya. Ngakho, uyisibonelo esihle kakhulu kubakhulekeli bakaNkulunkulu namuhla. Kuwubuwula ukuvumela izenzo zabanye ezimbi ukuba ziphazamise ukukhulekela kwethu uNkulunkulu. Uma singavumela lokho singalahlekelwa yizo kanye izibusiso ezisinika amandla okukhuthazela.
Lo mndeni wagcina ufikile eShilo ngemva kosuku olude uhamba entabeni enemigwaqo engamajika. IShilo yayisegqumeni futhi ikakwe amanye amagquma aphakeme. Njengoba besondela, cishe uHana wacabangisisa ngalokho ayezokutshela uJehova emthandazweni. Lapho befika badla ndawonye. UHana wamonyuka waya etabernakele likaJehova. UMpristi Ophakeme u-Eli wayelapho ehlezi ngasensikeni yomnyango wethempeli. Kodwa into uHana ayeyibabele kakhulu kwakuwukukhuluma noNkulunkulu. Njengoba ayesesetabernakele, wazizwa eqiniseka ukuthi uzomuzwa. Abanye abantu babengase bangasiqondi ngokugcwele isimo sakhe, kodwa uYise osezulwini wayengasiqonda. Waba munyu kakhulu, waqala ukukhala.
Ngenxa yokuthi wayekhala, wathandaza kuJehova ngenhliziyo. Izindebe zakhe zazivevezela njengoba ayekhuluma echaza ubuhlungu ayebuzwa. Wathandaza isikhathi eside, wavulela uYise isifuba. Nokho, wenza okungaphezu nje kokucela uNkulunkulu ukuba afeze isifiso sakhe esikhulu sokuthola umntwana. UHana wayengafisi nje ukuthola isibusiso sikaNkulunkulu kuphela, kodwa wayefisa nokumnika lokho ayengamnika khona. Ngakho, wenza isifungo sokuthi uma engazala indodana, wayeyoyinikela kuJehova ukuba imkhonze ukuphila kwayo konke.—1 Samuweli 1:9-11.
UHana uyisibonelo kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu endabeni yomthandazo. Ngomusa, uJehova ucela bonke abantu bakhe ukuba bakhulume naye ngokukhululekile, ngaphandle ngokungabaza, bamtshele okubakhathazayo njengoba kwenza ingane ethemba umzali wayo onothando. (IHubo 62:8; 1 Thesalonika 5:17) Umphostoli uPetru waphefumulelwa ukuba abhale la mazwi aduduzayo mayelana nokuthandaza kuJehova: ‘Phonsa zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe, ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.
Nokho, abantu abanakho ukuqonda nozwela okunjengokukaJehova. Njengoba uHana ayethandaza futhi ekhala, wathuswa izwi alizwa. Kwakungelika-Eli, umpristi omkhulu, owayembhekile. Wathi: “Uyodakwa kuze kube nini? Sanguluka kulelo wayini oliphuzile.” U-Eli wayebone izindebe zakhe zivevezela, ukukhala nokuba lusizi kwakhe. Kunokubuza ukuthi yayiyini inkinga, wavele waphetha ngokuthi wayedakiwe.—1 Samuweli 1:12-14.
Kumelwe ukube lahlaba lephukela lelo kuHana, ingasaphathwa-ke eyokuthi la mazwi angelona iqiniso ashiwo indoda enesikhundla esihlonishwayo! Noma kunjalo, waphinde wabeka isibonelo esihle sokholo. Akazange avumele ukungapheleli komuntu kumphazamise ekukhulekeleni uJehova. Waphendula u-Eli ngenhlonipho futhi wamchazela isimo sakhe. Cishe ezisola ngokwenza iphutha, u-Eli wamphendula ngezwi elipholile: “Hamba ngokuthula, kwangathi uNkulunkulu ka-Israyeli angakunika lokho okucelile kuye.”—1 Samuweli 1:15-17.
Ukuthulula kukaHana isifuba kuJehova nokumkhulekela etabernakele kwaba namuphi umphumela? Ukulandisa kuthi: “Owesifazane wahamba wadla, futhi akabange esakhathazeka.” (1 Samuweli 1:18) I-Jerusalem Bible ilibeka kanje leli vesi: “Ubuso bakhe abuzange busaba lusizi.” UHana wazizwa ethulwe umthwalo. Kwakunjengokungathi uzethule umthwalo wezinsizi osindayo emahlombe akhe wawunika uYise wasezulwini onamandla okuwuthwala. (IHubo 55:22) Ikhona yini inkinga engahlula uNkulunkulu? Cha, ayikho futhi ayisoze yaba khona!
Uma sizizwa sisindwa, sikhungathekile noma sigajwe ukudangala, senza kahle ngokulandela isibonelo sikaHana futhi sikhulume ngokukhululekile naLowo iBhayibheli elimbiza ngokuthi ‘uMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Uma sithandaza kuye ngokholo, nathi singaba ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga’ esikhundleni sokuba lusizi.—Filipi 4:6, 7.
“Alikho Idwala ElinjengoNkulunkulu Wethu”
Ngakusasa ekuseni, uHana waphindela etabernakele esehamba no-Elkana. Kungenzeka ukuthi wamtshela ngesicelo nangesifungo ayesenzile, ngoba uMthetho KaMose wawuthi umyeni unelungelo lokwenza zibe yize izifungo ezenziwe umkakhe ngaphandle kwemvume yakhe. (Numeri 30:10-15) Kodwa le ndoda ethembekile ayikwenzanga lokho. Kunalokho, yona noHana bakhulekela uJehova etabernakele ngaphambi kokubhekisa amabombo ekhaya.
Kwahlaluka nini kuPhenina ukuthi ukupiklela kwakhe uHana kwakungasasebenzi? Ukulandisa akusho, kodwa amagama athi “akabange esakhathazeka” asikisela ukuthi uHana wahlala ejabule kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke. Kunoma yikuphi, kubonakala sengathi uPhenina washeshe wabona ukuthi unya lwakhe lwalungasamenzi lutho uHana. Ngemva kwalokhu, iBhayibheli alibe lisakhuluma ngoPhenina.
Naphezu kokuthula kwengqondo akujabulela ezinyangeni ezalandela, uHana waphinde wathola injabulo enkulu. Wakhulelwa! Enjabulweni yakhe, akazange akhohlwe nakancane ukuthi lesi sibusiso sasivela kubani. Lapho umfana esezelwe, wametha igama elithi Samuweli, okusho ukuthi “iGama likaNkulunkulu,” ngokusobala elibhekisela ekubizeni igama likaNkulunkulu, njengoba uHana ayenzile. Ngalowo nyaka, akazange ahambe no-Elkana nabanye ukuya eShilo. Wahlala ekhaya nengane iminyaka emithathu, kwaze kwaba yilapho ilunyulwa. Wabe esekhokha amandla okubhekana nosuku ayezohlukana ngalo nendodana yakhe ayithandayo.
Ukuhlukana nendodana yakhe kwakungelula. Yiqiniso, uHana wayazi ukuthi uSamuweli wayezonakekelwa kahle eShilo, mhlawumbe enakekelwa abesifazane abakhonza etabernakele. Noma kunjalo, wayesemncane kakhulu futhi akekho umama ojabulela ukuhlukana nengane yakhe. UHana no-Elkana bamhambisa umfana bengakhonondi kodwa bebonisa ukubonga uNkulunkulu. Benza imihlatshelo endlini kaNkulunkulu, base benikeza u-Eli uSamuweli futhi wasikhumbula isifungo esenziwa uHana lapho eminyakeni edlule.
UHana wabe esethandaza futhi uNkulunkulu wakubona kufaneleka ukuba lowo mthandazo ufakwe eZwini lakhe eliphefumulelwe. Njengoba ufunda amazwi akhe akweyoku-1 Samuweli 2:1-10, uzophawula ukuthi ivesi ngalinye libonisa ukujula kokholo lwakhe. Wadumisa uJehova ngokusebenzisa kwakhe amandla ngendlela emangalisayo—ngekhono lakhe elingenakuqhathaniswa lokuthobisa abakhukhumele, lokubusisa abacindezelwe nelokuqeda ukuphila ngisho nokubophula ekufeni. Wadumisa uYise ngobungcwele, ubulungisa nokwethembeka kwakhe okuyingqayizivele. UHana washo kufanele ukuthi: “Alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.” UJehova uthembeke ngokuphelele, akaguquki futhi uyisiphephelo kubo bonke abacindezelekile abaphendukela kuye ukuze bathole usizo.
USamuweli omncane wayebusiswe ngempela ngokuba nomama onokholo olukhulu kangaka kuJehova. Nakuba akhula ngaphandle kukanina, akazange azizwe elahliwe. Unyaka nonyaka, uHana wayeya eShilo, ephathele uSamuweli ijazi elincane elingenamikhono ayelisebenzisa enkonzweni yakhe etabernakele. Ukumthungela kwakhe lelo jazi elincane kwakuyisibonakaliso sothando ayenalo ngendodana yakhe. (1 Samuweli 2:19) Singambona ngeso lengqondo egqokisa uSamuweli ijazi, emlungisa kahle njengoba eseligqokile futhi embheka ngothando ngesikhathi ekhuluma amazwi anomusa nakhuthazayo. USamuweli wayebusisekile ngokuba nomama onjengoHana, futhi wakhula waba isibusiso kubazali bakhe nakuwo wonke u-Israyeli.
UHana naye akazange alitshalwe. UJehova wambusisa ngabanye abantwana ngoba kamuva wazalela u-Elkana ezinye izingane ezinhlanu. (1 Samuweli 2:21) Nokho, mhlawumbe isibusiso sikaHana esikhulu kunazo zonke sasiwubuhlobo ayenabo noYise, uJehova, obaqina nakakhulu ngokuhamba kweminyaka. Kwangathi kungenzeka okufanayo nakuwe njengoba ulingisa ukholo lukaHana.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukuthi kungani uNkulunkulu avumela isithembu kubantu bakhe isikhashana, bheka isihloko esisekhasini 30 esithi “Ingabe UNkulunkulu Uyasivumela Isithembu?” kuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 2009.
b Nakuba ukulandisa kuthi uJehova ‘wayesivalile isibeletho sikaHana,’ abukho ubufakazi bokuthi uNkulunkulu wayengamamukeli lona wesifazane othobekile nothembekile. (1 Samuweli 1:5) Ngezinye izikhathi iBhayibheli lithi nguNkulunkulu owenza izinto ezithile kuyilapho azivumela ukuba zenzeke isikhathi esithile.
c Lesi silinganiso samakhilomitha sisekelwe ekutheni cishe iRama, kubo ka-Elkana, iyindawo kamuva eyabizwa ngokuthi i-Arimatheya ngosuku lukaJesu.
[Ibhokisi ekhasini 17]
Imithandazo Emibili Ephawulekayo
Imithandazo kaHana emibili ekweyoku-1 Samuweli 1:11; 2:1-10, iqukethe izici eziphawulekayo eziningi. Cabangela ezimbalwa:
◼ Emthandazweni wakhe wokuqala, uHana wabiza uNkulunkulu ngokuthi ‘uJehova wamabutho.’ Ungowokuqala eBhayibhelini owasebenzisa lesi siqu. Sivela izikhathi ezingu-285 eBhayibhelini futhi sibhekisela egunyeni uNkulunkulu analo phezu kwamadodana akhe omoya amaningi.
◼ Phawula ukuthi uHana wathandaza umthandazo wesibili ngesikhathi yena no-Elkana benikela ngendodana yabo enkonzweni kaNkulunkulu eShilo, hhayi ngesikhathi izalwa. Ngakho, into ayeyijabulele yisibusiso sikaJehova, hhayi ukuthulisa isitha sakhe uPhenina.
◼ Lapho uHana ethi, “Uphondo lwami ngempela luphakanyisiwe kuJehova,” kungenzeka ukuthi wayecabanga ngenkabi, isilwane esithwalayo esinamandla esisebenzisa izimpondo zaso lapho sibhekene nesitha. Eqinisweni, uHana wayethi: ‘Jehova, unginikeza amandla.’—1 Samuweli 2:1.
◼ Amazwi kaHana ‘ngogcotshiweyo’ kaNkulunkulu abhekwa njengesiprofetho. Leli gama liyefana nelithi “mesiya,” futhi uHana ungumuntu wokuqala eBhayibhelini owalisebenzisa ebhekisela enkosini egcotshiweyo yangesikhathi esizayo.—1 Samuweli 2:10.
◼ Cishe eminyakeni eyinkulungwane kamuva, uMariya, unina kaJesu, washo amazwi acishe afane nakaHana lapho edumisa uJehova.—Luka 1:46-55.
[Isithombe ekhasini 16]
Ukuba inyumba kwakumkhathaza kakhulu uHana futhi uPhenina wenza konke ayengakwenza ukuze amzwise ubuhlungu
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Lingisa isibonelo sikaHana sokuthandaza ngokusuka enhliziyweni
[Isithombe ekhasini 17]
Nakuba u-Eli amahlulela kabi, uHana akazange aphatheke kabi