Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?
ABANTU abaningi bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo, okusho ukuthi ukuyo yonke indawo nakuyo yonke into ngokoqobo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yenza lesi sicelo kuJehova: “Kwangathi ungezwa wena usemazulwini, indawo yakho yokuhlala emisiwe.” (1 AmaKhosi 8:30, 39) Khona-ke, ngokwalokho okushiwo yiBhayibheli, uJehova uNkulunkulu unendawo yokuhlala. USolomoni wathi leyo ndawo ‘isemazulwini.’ Kodwa kusho ukuthini lokho?
Ngezinye izikhathi iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “izulu” nelithi “amazulu” uma likhuluma ngendawo engokoqobo ezungeze umhlaba. (Genesise 2:1, 4) Kodwa, njengoba uNkulunkulu adala zonke izinto, indawo ahlala kuyo kufanele ukuba yaba khona ngaphambi kokuba adale indawo ezungezile esikwazi ukuyibona. Ngakho-ke, kufanele ukuba uNkulunkulu wayesendaweni engenazo izinto ezibambekayo. Okusho ukuthi, lapho iBhayibheli likhuluma ngamazulu njengendawo okuhlala kuyo uJehova uNkulunkulu, lisuke lingabhekiseli endaweni ethile esesibhakabhakeni noma emkhathini ongaphandle, kodwa endaweni yomoya.
Umbono Omangalisayo
Ngombono owanikwa umphostoli uJohane, iBhayibheli lisinika incazelo emangalisayo yendawo okuhlala kuyo uJehova. Kulowo mbono, uJohane wabona umnyango ovulekile emazulwini, wabe esezwa izwi lithi kuye: “Khuphukela lapha.”—IsAmbulo 4:1.
Ngemva kwalokho, uJohane wanikwa umbono omangalisayo kaJehova uNkulunkulu uqobo. Ngokwengxenye, yilokhu akubona: “Isihlalo sobukhosi sasisendaweni yaso ezulwini . . . Lowo owayehlezi, ubonakala enjengetshe lejaspi netshe eliyigugu elinombala obomvu, futhi isihlalo sobukhosi sizungezwe uthingo olubonakala lunjengesimaragidu. . . . Esihlalweni sobukhosi kuphuma imibani, namazwi, nokuduma kwezulu . . . Phambi kwesihlalo sobukhosi kukhona okunjengokungathi ulwandle lwengilazi olunjengekristalu.”—IsAmbulo 4:2-6.
Nansi incazelo ekhanya bhá yobuhle nenkazimulo kaJehova engenakuqhathaniswa. Phawula nokuthi injani indawo ezungeze isihlalo sobukhosi sikaJehova. Uthingo lufanekisela ukuthula nokuzola. Imibani, amazwi nokuduma kugcizelela amandla kaNkulunkulu. Ulwandle olusangilazi lwenza kuphawuleke ubumsulwa kubo bonke abasendaweni enoNkulunkulu.
Nakuba lokhu okuchazwe ngenhla kuwumfuziselo, kusitshela okuningi ngendawo uNkulunkulu ahlala kuyo. UJehova ulondoloza ukuhleleka okuphelele ezulwini. Indawo ahlala kuyo ayinazo izinxushunxushu.
Ingabe Kuyiqiniso Ukuthi Ukuyo Yonke Indawo Ngaso Sonke Isikhathi?
Ukuba nendawo yokuhlala kukaJehova kubonisa ukuthi akekho kuyo yonke indawo ngaso sonke isikhathi. Pho-ke, angakwazi kanjani okwenzekayo? (2 IziKronike 6:39) Enye indlela kungomoya wakhe ongcwele, noma amandla asebenzayo. Umhubi wabhala: “Ngingayaphi ngisuka emoyeni wakho, futhi ngingabubalekela ngiye kuphi ubuso bakho? Uma bengingakhuphukela ezulwini, ubuyobe ulapho; futhi uma bengingendlala ukhukho lwami eShiyoli, bheka! ubuyobe ulapho.”—IHubo 139:7-10.
Ukuze ukuqonde ukusabalala komoya ongcwele kaNkulunkulu, cabanga ngelanga. Kunendawo eqondile elikuyo, kodwa amandla alo asakazeka engxenyeni enkulu yomhlaba. Ngokufanayo, uJehova uNkulunkulu unendawo yokuhlala. Kodwa angenza noma yini ayifunayo noma kuphi endaweni yonke. Ngaphezu kwalokho, uJehova angabangela ukuba umoya wakhe ongcwele ubone okwenzekayo noma kuphi noma nini. Ngakho, eyesi-2 IziKronike 16:9 ithi: “Ngoba, ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.
UNkulunkulu unanezidalwa zomoya aziqondisayo ezibizwa ngokuthi izingelosi. IBhayibheli liveza ukuthi lezo zidalwa zomoya zingabalelwa emakhulwini ezigidi—mhlawumbe ezinkulungwaneni zezigidi noma ngaphezulu.a (Daniyeli 7:10) Umlando weBhayibheli unezenzakalo eziningi lapho izingelosi zaba njengabameleli bakaNkulunkulu zeza emhlabeni, zakhuluma nabantu futhi zabuyisela umbiko kuYe. Ngokwesibonelo, ngezinsuku zika-Abrahama, izingelosi zahlola isikhalo ngeSodoma neGomora. UNkulunkulu wanquma ukuyibhubhisa le mizi, cishe ngemva kokuthola umbiko ovela kulezo zingelosi.—Genesise 18:20, 21, 33; 19:1, 13.
Ngakho-ke, iBhayibheli libonisa ukuthi asikho isidingo sokuba uJehova uNkulunkulu abe kuyo yonke indawo. Ngokusebenza komoya wakhe ongcwele nangebutho lezingelosi zakhe, uyakwazi ukubona yonke into eyenzekayo ngokuphathelene nendalo yakhe.
Kuyacaca ukuthi iBhayibheli lingasisiza ukuba simazi kangcono uMdali wethu. Kulo, sifunda ukuthi uNkulunkulu uhlala endaweni yakhe emisiwe ebizwa ngokuthi izulu, indawo yomoya engaphandle kwamazulu abonakalayo. Kunamashumi ezinkulungwane ezidalwa zomoya ezinamandla ezihlala noNkulunkulu endaweni yomoya. Le ndawo yakhe inokuthula, amandla nokuhlanzeka. IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi ngesikhathi esifanele abantu bayojabulela izimo ezinokuthula emhlabeni njengalezo ezikhona ezulwini.—Mathewu 6:10.
[Umbhalo waphansi]
a IsAmbulo 5:11 sikhuluma ‘ngamashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane’ ezingelosi ezizungeze isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Igama lesiNgisi elithi “myriad” lisho izinkulungwane eziyishumi (10 000). Izinkulungwane eziyishumi eziphindwe ngezinkulungwane eziyishumi (10 000 x 10 000) zenza izigidi eziyikhulu. Kodwa, lo mBhalo usebenzisa inkulumo ethi ‘amashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane,’ ngaleyo ndlela ubonisa ukuthi kungenzeka ukuthi kunezigidigidi zezidalwa zomoya.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Ingabe uNkulunkulu ukuyo yonke indawo?—1 AmaKhosi 8:30, 39.
● Ufinyelela kude kangakanani umoya kaNkulunkulu?—IHubo 139:7-10.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
Kunendawo eqondile ilanga elikuyo, kodwa amandla alo angazwakala endaweni enkulu. Ngokufanayo, uNkulunkulu unendawo yokuhlala, kodwa umoya wakhe ongcwele ungafinyelela noma kuphi endaweni yonke uma efuna kanjalo