Ingabe Ingcebo YeNkosi USolomoni Iyihaba?
“Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide.”—1 AmaKhosi 10:14.
NGOKWALELI VESI leBhayibheli, iNkosi uSolomoni yayithola amathani angaphezu kuka-25 egolide ngonyaka owodwa! Lokhu namuhla kungalingana namaRandi angu-1 044 000 000. Kucishe kuliphinde kabili igolide elambiwa emhlabeni wonke ngonyaka ka-1800. Ingabe kungenzeka lokho? Ubufakazi bemivubukulo bubonisani? Busikisela ukuthi ukulandisa kweBhayibheli ngokuphathelene nengcebo kaSolomoni kuyiqiniso ngempela. I-Biblical Archaeology Review ithi:
◻ INkosi uThutmose III yaseGibithe (yangenkulungwane yesibili B.C.E.) yaletha amathani alinganiselwa ku-13,5 ezinto zegolide ethempelini lika-Amon-Ra eKarnak—futhi lokhu kwakuyingxenye nje yesipho.
◻ Imibhalo eqoshiwe yaseGibithe inezipho zegolide nesiliva eziyingqikithi elinganiselwa emathanini angu-383 ezanikelwa iNkosi u-Osorkon I (ekuqaleni kwenkulungwane yokuqala B.C.E.) konkulunkulu.
Ngaphezu kwalokho, umqulu othi Classical Greece wochungechunge oluthi Great Ages of Man uyabika:
◻ INkosi uPhilip II (359-336 B.C.E.) yayithola amathani egolide angaphezu kuka-37 unyaka ngamunye ezimayini zasePangaeum eThrace.
◻ Lapho indodana kaPhilip u-Alexander Omkhulu (336-323 B.C.E.) ithumba i-Susa, ikomkhulu lombuso wasePheresiya, kwatholakala ingcebo engaba amathani egolide angaphezu kuka-1 000.—I-New Encyclopædia Britannica.
Ngakho incazelo yeBhayibheli yengcebo yeNkosi uSolomoni ayiyona engenakuba iqiniso. Futhi khumbula ukuthi uSolomoni ‘wayemkhulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha’ ngaleso sikhathi.—1 AmaKhosi 10:23.
USolomoni wayisebenzisa kanjani ingcebo yakhe? Isihlalo sakhe sobukhosi sasinanyekwe “ngegolide elicwengekileyo,” izitsha zakhe zokuphuza “zaziyigolide,” futhi wayenezihlangu ezinkulu ezingu-200 namahawu angu-300 “egolide elikhandiweyo.” (1 AmaKhosi 10:16-21) Ngaphezu kwakho konke, igolide likaSolomoni lasetshenziswa ethempelini likaJehova elaliseJerusalema. Izinti zezibani zethempeli nezitsha ezingcwele, njengezimfologo, izitsha zokudla, izinkezo, nezitsha zokugezela, kwakwenziwe ngegolide nesiliva. Amakherubhi ayeseNgcwelengcwele ayengamamitha angu-4,5 ubude, i-altare lempepho, ngisho nalo lonke ingaphakathi lendlu lalinanyekwe ngegolide.—1 AmaKhosi 6:20-22; 7:48-50; 1 IziKronike 28:17.
Kuthiwani ngethempeli elalicakwe ngegolide? Ngokuthakazelisayo, ukusetshenziswa okunjalo kwegolide kwakungeyona neze into engavamile emphakathini wasendulo. I-Biblical Archaeology Review iphawula ukuthi u-Amenophis III waseGibithe “wabonisa inhlonipho kunkulunkulu omkhulu u-Amun ngokumakhela ithempeli eThebes ‘elalicakwe ngegolide yonke indawo, phansi lihlotshiswe ngesiliva, [futhi] yonke iminyango yalo ihlotshiswe nge-electrum’”—inhlanganisela engokwemvelo yegolide nesiliva. Ngaphezu kwalokho, u-Esar-haddon wase-Asiriya (wekhulu lesi-7 B.C.E.) wanameka iminyango nezindonga zendawo yokukhulekela u-Ashur ngegolide. Ngokuphathelene nethempeli likaSin elaliseHarran, uNabonidus waseBabiloni (wekhulu lesithupha B.C.E.) wabhala: “Ngacaka izindonga zalo ngegolide nesiliva, futhi ngazenza zacwazimula njengelanga.”
Ngakho, imibhalo engokomlando isikisela ukuthi ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene nengcebo yeNkosi uSolomoni akulona ihaba.