Imibuzo Evela Kubafundi
Njengoba inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, ingazange ithembeke kuNkulunkulu lapho isigugile, singaphetha yini ngokuthi ngeke ivuswe?—1 AmaKhosi 11:3-9.
Nakuba iBhayibheli liveza uhlu lwamagama abesilisa nabesifazane abathile bokholo okungangabazeki ukuthi bazovuswa, alikhulumi ngokuqondile ngamathemba ovuko awo wonke umuntu elimbiza ngegama. (Hebheru 11:1-40) Nokho, endabeni kaSolomoni singathola umbono wokwahlulela kukaNkulunkulu ngokuqhathanisa okwenzeka ekufeni kwakhe nokwenzeka kwabathile abathembekile ngesikhathi befa.
ImiBhalo ikhuluma ngamathemba amabili kuphela abantu abafile—isimo sokungabi bikho kwesikhashana nokufa kwaphakade. Labo abahlulelwa njengabangalufanele uvuko baphonswa “eGehena” noma “echibini lomlilo.” (Mathewu 5:22; Marku 9:47, 48; IsAmbulo 20:14) Phakathi kwalaba kunombhangqwana wokuqala, u-Adamu no-Eva, uJuda Iskariyothe umkhapheli, kanye nabathile abafa ngesikhathi bethola isahlulelo sikaNkulunkulu, njengabantu bangosuku lukaNowa nezakhamuzi zaseSodoma naseGomora.a Lapho befa, labo abazovuswa baya ethuneni lesintu elivamile—iShiyoli, noma iHayidesi. Likhuluma ngekusasa labo, iBhayibheli lithi: “Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidesi kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa ngamunye ngokwezenzo zabo.”—IsAmbulo 20:13.
Ngakho, abathembekile okubhekiselwe kubo encwadini yamaHebheru isahluko 11 baseShiyoli, noma eHayidesi, balindele uvuko. Phakathi kwalaba kuno-Abrahama, uMose noDavide, izinceku zikaNkulunkulu eziqotho. Manje cabanga ngalokho okushiwo iBhayibheli maqondana nokufa kwabo. UJehova watshela u-Abrahama: “Kepha wena, uyokuya kokhokho bakho ngokuthula; uyongcwatshwa usugugile impela.” (Genesise 15:15) UJehova wathi kuMose: “Bheka! Ulala nokhokho bakho.” (Duteronomi 31:16) Maqondana noyise kaSolomoni, uDavide, iBhayibheli lithi: “UDavide walala kanye nokhokho bakhe wangcwatshwa eMzini KaDavide.” (1 AmaKhosi 2:10) Ngakho, inkulumo ethi ‘ukulala nokhokho bakhe’ kungenye indlela yokuthi umuntu waya eShiyoli.
Kwenzekani kuSolomoni lapho efa? IBhayibheli liyaphendula: “Izinsuku uSolomoni ayezibuse eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke zaziyiminyaka engamashumi amane. Khona-ke uSolomoni walala nokhokho bakhe, wangcwatshwa eMzini KaDavide uyise.” (1 AmaKhosi 11:42, 43) Ngakho, kubonakala kunengqondo ukuphetha ngokuthi uSolomoni useShiyoli, noma eHayidesi, futhi ulindele uvuko.
Lesi siphetho sibonisa ukuthi kungenzeka ithuba lokuvuka livulekele nabanye imiBhalo esho ngokukhethekile ngabo ukuthi, ‘balala nokhokho babo.’ Empeleni, amakhosi amaningi alandela uSolomoni, nakuba ayengathembekile, kukhulunywa ngawo ngale ndlela. Lokhu kunengqondo, ngoba “kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Ngempela, kuyoba ngemva kokuba “bonke abasemathuneni” bevukile lapho siyokwazi khona ukuthi obani abavusiwe. (Johane 5:28, 29) Ngakho, kunokuba sinikeze impendulo eqondile ngokuvuka kwanoma imuphi umuntu wakudala, silindile, futhi siyasethemba isinqumo sikaJehova esiphelele.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-June 1, 1988, amakhasi 30-1.