Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi LaseGileyadi Lama-85—Umkhosi Othokozisayo
NGEMVA kokuvulwa kwethempeli eminyakeni ecishe ibe izi-3 000 edlule, uSolomoni “wabamukisa abantu baya ematendeni abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo.” (2 IziKronike 7:10) Lawomazwi ayichaza kahle imizwa yabantu ababengaphezu kwezi-4 000 njengoba babeshiya iHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova eliseDolobheni laseJersey ngoSeptember 11, 1988. Yini eyayigujwa? Ukuthweswa iziqu kwekilasi lama-85 leWatchtower Bible School of Gilead.
Ngemva kwengoma, isimiso savulwa ngomthandazo osuka enhliziyweni owenziwa uW. L. Barry, ilungu leNdikimba Ebusayo. UT. Jaracz, naye ongoweNdikimba Ebusayo, wakhonza njengosihlalo walolosuku. ‘Ukuze lomkhosi uqabule ngempela ngokomoya futhi wakhe,’ kusho uJaracz, ‘kudingeka umoya kaJehova nezibusiso zakhe.’ Ngempela, lokho kwakusobala njengoba isimiso siqhubeka.
Ngemva kwalamazwi okwemukela, abazothola iziqu bathola iseluleko sokuvalelisa ochungechungeni lwezinkulumo ezimfushane, neziwusizo. UR. L. Rains weKomiti yaseBethel wakhuluma kuqala. Esekela amazwi akhe kuGenesise 12:1, 2, uRains waluleka abafundi: ‘Zibonakaliseni niyisibusiso esabelweni senu sezithunywa zevangeli.’ Futhi babengakwenza kanjani lokhu? ‘Ngenkambo yenu yokuphila uma nje nifika lapho,’ egcizelela. Ngokulandelayo waqokomisa izici ezimbili ezaziyoba usizo olukhulu: (1) Kufanele baqaphele ukuthi bayodinga ukwenza izinguquko ezithile ukuze bazifanelanise nezabelo zabo ezintsha; (2) futhi kufanele balondoloze ubuhlobo obunokuthula nabanye.
Ngendlela efudumele, nekhuthazayo, uJ. E. Barr weNdikimba Ebusayo wakhuluma ngokulandelayo, ekhuluma nababezothola iziqu ngesihloko esithi “Yandisa Ukukholwa Kwethu,” esisekelwe kuLuka 17:5. ‘Khumbulani nsuku zonke,’ kunxusa uBarr, ‘ukuba nicele uJehova anandisele ukholo lwenu.’ Kumelwe basikhumbule ngaso sonke isikhathi isizathu sangempela sokuthi kungani uJehova ebathumele ezabelweni zabo. ‘Wazweni amandla enhlangano kaNkulunkulu engabonakali nebonakalayo enisekela ngaso sonke isikhathi, imini nobusuku,’ kukhuthaza uBarr. ‘Ungacela kaningi ngangokunokwenzeka emithandazweni yakho, “Jehova, siza wandise ukholo lwami.”‘
Kwavuswa usikisiki lokwazi lapho usihlalo ethula isihloko sesikhulumi esilandelayo, uF. D. Songer weKomiti Yefektri esithi: “Impahla Ephathisiwe Eyingqayizivele Nesihluthulelo Esikhethekile.” USonger wathatha amazwi akhe kweyoku-1 IziKronike 9:26, 27 nakulokho okushiwo lapho ngokuphathelene nabalindisango abangamaLevi. ‘Isikhundla sabo sasiwukuphathiswa okuyingqayizivele,’ kuchaza uSonger. Babenesihluthulelo—ithuluzi elibonisa amandla okulawula ukungena ezindaweni ezingcwele zethempeli. Babengathenjelwa, bevula amasango ngokwethembeka ekuseni usuku ngalunye. Ekuphetheni, uSonger watshela ababezothola iziqu: ‘Kunjengokungathi ninikwe impahla eniyiphathisiwe eyingqayizivele nesihluthulelo esikhethekile, enizovulela ngaso imihla ngemihla, labo abafuna ukungena emagcekeni okukhulekela kweqiniso. Yilindeni kahle leyompahla eniyiphathisiwe futhi nisebenzise lesosihluthulelo ngokwethembeka.’
Ngokulandelayo, uM. G. Henschel weNdikimba Ebusayo wakhuluma ngesihloko esithi “Qhubekani Nibambelela Esibonelweni Samazwi Aphilayo.” Ebhekisela kweyesi-2 Thimothewu 1:13, 14, uMzalwan’ uHenschel wachaza ukuthi iseluleko sikaPawulu sokuvalelisa kuThimothewu sasithi: ‘Sebenzisa lesibonelo samazwi aphilayo owathole kimi, futhi usilinde njengomcebo, impahla oyiphathisiwe.’ Ababezothola iziqu, nabo futhi, babethole umcebo. Ngezinyanga eziyisihlanu ezidlule, babetadishe iBhayibheli nezindaba eziphathelene nenkonzo. ‘Lemfundo, lesibonelo samazwi aphilayo,’ kuchaza uHenschel, ‘kungokuthile uNkulunkulu akubeke ezandleni zenu ukuba nikusebenzise, hhayi ukuba nikusebenzisele nina nje kuphela, cha, kodwa nikusebenzisele nabanye.’
Yisiphi iseluleko sokuvalelisa abaqeqeshi ababili besikole ababezosinikeza abafundi babo? UJ. D. Redford wakhuluma kuqala ngesihloko esithi “Vumani Amaphutha Enu.” URedford waphawula ukuthi nakuba sazi ukuthi “siyakhubeka ngokuningi,” uma simangalelwa ngokuthi senze iphutha, sithambekele ekuzithetheleleni. (Jakobe 3:2) ‘Ukwenqaba ukuvuma amaphutha ethu kufana nokuzisholo ukuthi siphelele,’ kusho uRedford. Ukuvuma amaphutha ethu kuyinkambo yokuhlakanipha. Kanjani? Isikhulumi sachaza: ‘Akekho ongalondoloza ukuhlonishwa abanye uma ephikelela ukuthi akanaphutha ngisho nalapho eboniswa iphutha elisobala. Umuntu angathembela kanjani kumuntu amazi ngokuhlangenwe nakho ukuthi angadela ngisho neqiniso imbala ukuze anikeze nje isimo sokuthi akanaphutha? Ukuvuma iphutha kwakha amandla kithina, nokuzihlonipha. Kodwa ukwehluleka ukwenza kanjalo kuwubugwala, futhi kusenza buthakathaka ezimisweni zokuziphatha.’ Ukusebenzisa iseluleko esinjalo esiwusizo ngokungangabazeki kuyosiza abazothola iziqu ukuba bahlalisane kahle nabanye.
U-U. V. Glass, omunye umqeqeshi nonobhala wesikole, wasekela iseluleko sakhe sokugcina ekulandiseni kweBhayibheli ngoGideyoni, lowo uJehova amsebenzisa ukuze akhulule uIsrayeli esandleni sabakwaMidiyani. (AbAhluleli, izahluko 6–8) UGideyoni wabonisa ukuthi ukwethembela kwakhe kuJehova akubekwanga endaweni engafanele, ngoba lapho abantu befuna ukumenza inkosi, wenqaba, ethi: “NguJehova oyakunibusa.” (AbAhluleli 8:23) ‘Nani futhi,’ kusho uGlass, ‘ningafuni ukuphakanyiswa. Niye nazibonakalisa ningabafanelekile. Kodwa lokhu akusho ukuthi yinina enilwayo. UJehova onisekelayo.’
Isikhulumi sokugcina sengxenye yasekuseni sasinguA. D. Schroeder weNdikimba Ebusayo,futhi kwakusobala lapho ekhuluma ukuthi iSikole SaseGileyadi sasisondelene kakhulu nenhliziyo yakhe. Futhi lokhu kungenxa yesizathu esihle—wayengunobhala lapho isikole simiswa ngo-1943. UMzalwan’ uSchroeder wathuthukisa isihloko esithi “Nitholakale Nithembekile,” esisekelwe kweyoku-1 Korinte 4:2. Ukuba othembekile kuhilelani? ‘Kuchaza ukuba umuntu abe nokholo olugcwele emazwini nasezithembisweni eziyigugu zikaJehova uNkulunkulu,’ kuchaza uSchroeder. ‘Futhi kusho ukuthi umuntu uqinisile, akaguquguquki, ukholekile kuJehova.’ Ingabe zikhona ezinye izibonelo zalabo kakade abaye batholakala bethembekile? Kwakunamadoda nabesifazane bangaphambi kwenkathi yobuKristu abaphawulwe kumaHeberu isahluko 11; uJesu Kristu; nabaphostoli nabanye abafundi abagcotshiwe bekhulu lokuqala leminyaka C.E. Ngemva kokudonsela ukunakekela kwezinye izibonelo zanamuhla, uMzalwan’ uSchroeder wabuza: ‘Kuthiwani ngathi?’ Wanezela: ‘Kungaba ukuthi uthembekile noma awuthembekile. Kungakhathaliseki ukuthi singabanye babagcotshiwe noma abesixuku esikhulu, sonke, zombili lezigaba, kumelwe sithembeke ngokufanayo ekubizweni kwethu.’
Ngemva kwamazwi kaMzalwan’ uSchroeder, usihlalo wadlulisela imikhonzo evela emazweni ahlukahlukene. Kwafika isikhathi manje sokuba abafundi bathole amadiploma abo. Abafundi abangama-22 babevela emazweni ayisithupha—eCanada, eFinland, eJalimane, eGreat Britain, eSweden, naseUnited States. Nokho, izabelo zabo, ziyobasa emazweni ayi-11 ahlukahlukene—iBelize, iDominica, iEcuador, iEl Salvador, iHong Kong, iLesotho, iPakistan, iParaguay, iPuerto Rico, iSenegal, neTaiwan. Futhi yini laba abathola iziqu ababezoyisho ngosuku lokuthweswa kwabo iziqu? Omunye wabafundi wafunda incwadi ebhalelwe iNdikimba Ebusayo nomkhaya waseBethel, ngokwengxenye yayithi: “Siyaphinda futhi siyanibonga nonke ngokwenza lezinyanga eziyisihlanu zibe eziyokhunjulwa kakhulu kukho konke ukuphila kwethu.”
Ngemva kwekhefu, uW. L. Van De Wall weKomiti Yomnyango Wenkonzo waqala isimiso santambama ngokuqhuba iSifundo SeNqabayokulinda esifushanisiwe. Ngemva kwalokhu, abafundi baba nengxenye emfushane esimisweni, belingisa okuhlangenwe nakho okumbalwa okuthakazelisayo—futhi ngezinye izikhathi okuhlekisayo—ababa nakho lapho befakaza eDolobheni laseNew York. Khona-ke, bonke ababekhona, kuhlanganise nekilasi lama-85, bajabulela isimiso esikhethekile esasinesihloko esithi “Ukujwayelana Kangcono Nezithunywa Zethu Zevangeli Ezishisekayo.” Ngamaslide nangamakhasethi, izilaleli zakwazi ukubona—nokuzwa—izithunywa zevangeli ezithile ezingomakadebona.
Njengesiphetho esifanelekayo, abafundi badlala idrama yeBhayibheli egqokelwe ngokuphelele egcizelela isidingo sokwenza intando kaNkulunkulu ngentshiseko. Ngemva kwengoma yokugcina, bonke bathinteka ngokujulile njengoba uF. W. Franz, umongameli weWatchtower Society oneminyaka engama-95 ubudala, enza umthandazo wokuphetha wentshiseko. Ngemva kwalokho, bonke “baya [emakhaya] abo, bethokoza benezinhliziyo ezenamileyo.”
Imiswe ngo-1943, iWatchtower Bible School of Gilead iqeqesha futhi ithumele izithunywa zevangeli kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ngamakilasi okuqala angama-35, lesikole sasisePulazini LoMbuso leWatchtower Society, eduze kwaseSouth Lansing, eNew York. Ngekilasi lama-36, kusukela ngoFebruary 6, 1961, isikole sathuthelwa endlunkulu yeNhlangano eBrooklyn, eNew York, lapho siye sasebenza khona kuze kube manje. Nokho, ngokuqala kwekilasi lama-86 ngo-October 17, 1988, isikole sithuthelwa eWatchtower Farms, eduze nePine Bush, eNew York.
[Ibhokisi ekhasini 21]
Imininingwane Yekilasi:
Isilinganiso sobudala: 29,1
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 13,4
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 9,1
Inani labazalwane abangashadile: 2
Inani lemibhangqwana eshadile: 10
[Isithombe ekhasini 23]
Ikilasi Lama-85 Elithweswe lziqu LeWatchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, izinombolo zezinhlu zisuka phambili ziye emuva, futhi amagama ahlelwe kusukela ngakwesobunxele kuya ngakwesokudla ohlwini ngalunye.
(1) Johnston, Y.; Kuismin, S.; Ugarte, Z.; Williams, Z.; Grischkewitz, G. (2) Powers, E.; D’Angelo, L.; Honsberger, J.; Williams, J.; James, J. (3) Kuismin, V.; Grischkewitz, U.; Ugarte, R.; Rogerson, A.; Lantunen, K.; James, D. (4) Rogerson, M.; Johnston, R.; D’Angelo, T.; Honsberger, T.; Powers, T.; Danielson, M.