Yimani, Nibone Insindiso KaJehova!
“Yimani ezindaweni zenu, yimani futhi nibone insindiso uJehova anenzela yona.”—2 IZIKRONIKE 20:17.
1, 2. Kungani ukuhlasela okuseduze ‘kukaGogi wezwe lakwaMagogi’ kunemiphumela emikhulu kunosongo lobuphekula bomhlaba wonke?
ABANYE bathi ubuphekula buwukuhlasela umphakathi wezwe lonke, ngisho nempucuko uqobo. Kuyaqondakala ukuthi usongo olunjalo akumelwe luthathwe kalula. Ngakolunye uhlangothi, kukhona okunye ukuhlasela okunemiphumela emikhulu nakakhulu, umphakathi wezwe lonke ongakunakile kangako noma ongakunakile nhlobo. Yikuphi?
2 Ukuhlasela ‘kukaGogi wezwe lakwaMagogi,’ iBhayibheli elikhuluma ngakho kuHezekeli isahluko 38. Ingabe kuyihaba ukuthi lokhu kuhlasela kunemiphumela emikhulu kunosongo lobuphekula bomhlaba wonke? Akunjalo neze, ngoba ukuhlasela kukaGogi kungaphezu kokuhlaselwa kohulumeni babantu. Kuwukuhlasela uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini! Nokho, ngokungafani nabantu, abangase babe nempumelelo elinganiselwe ekusingatheni ukuhlaselwa kwabo, uMdali ukwazi kahle ukubhekana nokuhlasela kukaGogi okubi nakakhulu.
Ukuhlaselwa Kukahulumeni KaNkulunkulu
3. Kusukela ngo-1914, ababusi bezwe bebemenywa ukuba benzeni, futhi baye basabela kanjani?
3 Kusukela kwamiswa uMbuso kaNkulunkulu emazulwini ngo-1914 kulokhu kukhona ukungqubuzana phakathi kweNkosi kaNkulunkulu ebusayo manje nesimiso esibi sikaSathane. Ngaleso sikhathi, ababusi abangabantu baxwayiswa ukuba bazithobe kuMbusi okhethwe uNkulunkulu. Kodwa baye benqaba ukwenza kanjalo, njengoba kwabikezelwa: “Amakhosi omhlaba ayama nezikhulu eziphakeme zibuthene ndawonye ngobunye ngokumelene noJehova nogcotshiweyo wakhe, bethi: ‘Masigqabule izibopho zabo sizilahle kude nathi izintambo zabo!’” (IHubo 2:1-3) Ukumelana nokubusa koMbuso kuyofinyelela umvuthwandaba ngokucacile lapho uGogi wakwaMagogi ehlasela.
4, 5. Abantu bangalwa kanjani nohulumeni kaNkulunkulu ongabonakali wasezulwini?
4 Singase sizibuze ukuthi abantu bangalwa kanjani nohulumeni ongabonakali wasezulwini. IBhayibheli lembula ukuthi lo hulumeni wakhiwa “abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, abathengwé emhlabeni,” kanye ‘neWundlu,’ uKristu Jesu. (IsAmbulo 14:1, 3; Johane 1:29) Njengoba ungowasezulwini, lo hulumeni omusha ubizwa ngokuthi “amazulu amasha,” kanti izikhonzi zawo zasemhlabeni zibizwa ngokufanelekayo ngokuthi ‘umhlaba omusha.’ (Isaya 65:17; 2 Petru 3:13) Abaningi bababusi abangu-144 000 abakanye noKristu sebeyiphethé ngokwethembeka inkambo yabo yasemhlabeni. Ngaleyo ndlela baye babonisa ukufaneleka kwabo ukuqala izabelo zabo zenkonzo ezintsha ezulwini.
5 Nokho, isekhona insali encane yabangu-144 000 emhlabeni. Phakathi kwabangaphezu kuka-15 000 000 ababekhona emkhosini weSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngo-2002, bangu-8 760 kuphela ababonisa ithemba labo lokuthi bakhethelwé lesi sabelo sasezulwini. Noma ubani olokothayo ahlasele amalungu oMbuso esikhathi esizayo asele empeleni uhlasela uMbuso kaNkulunkulu.—IsAmbulo 12:17.
INkosi Iphelelisa Ukunqoba Kwayo
6. UJehova noKristu bakubheka kanjani ukuphikiswa kwabantu bakaNkulunkulu?
6 Indlela uJehova ayosabela ngayo ekuphikisweni koMbuso wakhe awumisile yabikezelwa: “Yena kanye ohlezi emazulwini uyohleka; uJehova uyobahleka usulu. Ngaleso sikhathi uyokhuluma nabo ngentukuthelo yakhe nangokucasuka kwakhe okuvuthayo uyobaphazamisa, athi: ‘Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami eZiyoni, intaba yami engcwele.’” (IHubo 2:4-6) Sesifikile manje isikhathi sokuba uKristu ‘aphelelise ukunqoba kwakhe,’ eqondiswa uJehova. (IsAmbulo 6:2) UJehova ukubheka kanjani ukuphikiswa kwabantu bakhe phakathi nesikhathi sokunqoba kokugcina? Ukubheka njengokuwukuphikisa yena neNkosi yakhe ebusayo. “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami,” kusho uJehova. (Zakariya 2:8) Futhi uJesu wagcizelela ukuthi lokho abantu abakwenza kubafowabo abagcotshiwe, noma abangakwenzi kubo, ukubheka njengokwenziwe kuye, noma okungenziwanga kuye.—Mathewu 25:40, 45.
7. Kungenxa yaziphi izizathu “isixuku esikhulu,” esichazwe kusAmbulo 7:9, sivuthelwa ulaka lukaGogi?
7 Yebo, nalabo abasekela insali egcotshiwe ngenkuthalo bayoluzwa ulaka lukaGogi. La malungu esikhathi esizayo ‘omhlaba omusha’ kaNkulunkulu ‘ayisixuku esikhulu’ esithathwe “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.” (IsAmbulo 7:9) Kuthiwa ‘ami phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, egqoke izembatho ezimhlophe.’ Ngakho ayamukeleka phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu. Njengoba ephethe “amagatsha esundu,” adumisa uJehova njengoMbusi ofanele wendawo yonke, okubusa kwakhe kubonakaliswa ngokubusa kweNkosi yakhe esesihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu, “iWundlu likaNkulunkulu.”—Johane 1:29, 36.
8. Ukuhlasela kukaGogi kuyokwenza ukuba uKristu enzeni, kube namuphi umphumela?
8 Ukuhlasela kukaGogi kuyokwenza ukuba iNkosi kaNkulunkulu esesihlalweni sobukhosi ithathe isinyathelo, ilwe impi ye-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Labo abaye benqaba ukwamukela ubukhosi bukaJehova bayobhujiswa. Kodwa labo abaye babekezelela usizi ngenxa yobuqotho babo eMbusweni kaNkulunkulu bayothola impumuzo yaphakade. Mayelana nalokhu, umphostoli uPawulu wabhala: “Lokhu kuwubufakazi besahlulelo esilungileyo sikaNkulunkulu, okuholela ekubeni nibalwe njengabawufanelekele umbuso kaNkulunkulu, okuyiwona empeleni enihlupheka ngenxa yawo. Lokhu kuhlanganisa nokuthi kuwukulunga ngoNkulunkulu ukuba abuyisele usizi kulabo abanibangela usizi, kodwa, kini enibhekene nosizi, impumuzo kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi, njengoba iletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.”—2 Thesalonika 1:5-8.
9, 10. (a) UJehova wamenza kanjani uJuda ukuba anqobe isitha esesabekayo? (b) Yini amaKristu okumelwe aqhubeke eyenza namuhla?
9 Osizini olukhulu oluzayo, oluyophela nge-Armagedoni, uKristu uyolwa nabo bonke ububi. Kodwa abalandeli bakhe ngeke kudingeke balwe, njengoba nje kungadingekanga zilwe izakhamuzi zombuso wakwaJuda wezizwe ezimbili eminyakeni eyizinkulungwane edlule. Impi kwakungekaJehova, futhi nguye owazenza zanqoba. Ukulandisa kuthi: “UJehova wabeka amadoda ukuba aqamekele abantwana bakwa-Amoni, bakwaMowabi nabesifunda sezintaba saseSeyiri ababeza kwaJuda, bashayana bodwa. Futhi abantwana bakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nabakhileyo esifundeni sezintaba saseSeyiri ukuba babanikele ekubhujisweni futhi bababhuqe; ngokushesha nje lapho sebeqedile ngabakhileyo eSeyiri, basizana ukuba yilowo nalowo achithe owakubo. Kodwa uJuda, wafika enqabeni yokulinda yasehlane. Lapho ephendulela ubuso bakhe esixukwini, bheka, nasiya, izidumbu zaso zidindilizile emhlabathini kungekho muntu ophunyukileyo.”—2 IziKronike 20:22-24.
10 Kwaba njengoba nje uJehova ayebikezele: “Ngeke kudingeke ukuba nina nilwe.” (2 IziKronike 20:17) Lokhu kubekela amaKristu isibonelo ayosilandela lapho uJesu Kristu ethatha isinyathelo ‘ephelelisa ukunqoba kwakhe.’ Okwamanje, ayaqhubeka elwa nobubi, hhayi ngezikhali zenyama, kodwa ngezomoya. Ngokwenza kanjalo, ‘aqhubeka enqoba okubi ngokuhle.’—Roma 6:13; 12:17-21; 13:12; 2 Korinte 10:3-5.
Ubani Oyohola Ekuhlaseleni KukaGogi?
11. (a) Imaphi amanxusa uGogi ayowasebenzisa ukuze ahlasele? (b) Yini ehilelekile ekubeni oqaphile ngokomoya?
11 UGogi wakwaMagogi nguSathane uDeveli othotshisiwe kusukela ngo-1914. Njengesidalwa somoya, akanakuhlasela ngokuqondile, kodwa uyosebenzisa amanxusa angabantu ukuba enze izenzo zakhe. Kuyoba obani la manxusa angabantu? IBhayibheli alisiniki imininingwane, kodwa liyasinika izinkomba ezithile ezingasisiza sibone ukuthi kuyoba obani. Kuzocaca kancane kancane njengoba izenzakalo zezwe zembuleka, zigcwalisa iziprofetho zeBhayibheli. Abantu bakaJehova bayakugwema ukuqagela kodwa bahlala beqaphile ngokomoya, beziqaphela ngokugcwele izenzakalo zezombusazwe nezenkolo ezihambisana nokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli.
12, 13. Umprofethi uDaniyeli wakubikezela kanjani ukuhlaselwa kokugcina kwabantu bakaNkulunkulu?
12 Umprofethi uDaniyeli ukucacisa kakhudlwana ukuhlaselwa kokugcina kwabantu bakaNkulunkulu, ethi: “[Inkosi yasenyakatho] iyophuma ngokufutheka okukhulu ukuze ibhuqe futhi inikele abaningi ekubhujisweni. Iyomisa amatende ayo anjengesigodlo phakathi nolwandle olukhulu nentaba engcwele yoMhlobiso.”—Daniyeli 11:44, 45.
13 EBhayibhelini, ‘ulwandle olukhulu’ kwakuyiMedithera, futhi ‘intaba engcwele’ kwakuyiZiyoni, uJehova athi ngalo: “Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami eZiyoni, intaba yami engcwele.” (IHubo 2:6; Joshuwa 1:4) Ngakho, ngomqondo ongokomoya, izwe ‘eliphakathi nolwandle olukhulu nentaba engcwele’ limelela isimo sokuchuma okungokomoya samaKristu agcotshiwe. Awasabhekwa njengayingxenye yolwandle lwesintu esihlukanisiwe noNkulunkulu, futhi abheke phambili ekubuseni noKristu Jesu eMbusweni wasezulwini. Kusobala ukuthi izinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe, nabangane bazo abaqotho abayisixuku esikhulu, ziyoba izisulu zenkosi yasenyakatho lapho iqala ukuhlasela kwayo okukhulu okugcwalisa isiprofetho sikaDaniyeli.—Isaya 57:20; Hebheru 12:22; IsAmbulo 14:1.
Ziyokwenze Njani Izinceku ZikaNkulunkulu?
14. Iziphi izinto ezintathu abantu bakaNkulunkulu abayozenza lapho behlaselwa?
14 Izinceku zikaNkulunkulu kuyobe kulindeleke ukuba zenze njani lapho ziqala ukuhlaselwa? Nakulokhu, lokho okwenziwa isizwe sikaNkulunkulu esiwumfuziselo ezinsukwini zikaJehoshafati kubeka isibonelo. Phawula ukuthi izakhamuzi zaso zayalwa ukuba zenze izinto ezintathu: (1) ukuba zime ezindaweni zazo, (2) zime, futhi (3) zibone insindiso kaJehova. Abantu bakaNkulunkulu namuhla bayokwenza kanjani ngokuvumelana nala mazwi?—2 IziKronike 20:17.
15. Kusho ukuthini ukuma kwabantu bakaJehova ezindaweni zabo?
15 Bayokuma ezindaweni zabo: Ngaphandle kokuntengantenga, abantu bakaNkulunkulu bayoqhubeka besekela uMbuso kaNkulunkulu ngenkuthalo. Bayoqhubeka bengathathi hlangothi njengamaKristu. Bayoba “ngabagxilile, abangenakunyakaziswa” ekukhonzeni kwabo uJehova ngobuqotho futhi bayoqhubeka bemdumisa obala uJehova ngomusa wakhe wothando. (1 Korinte 15:58; IHubo 118:28, 29) Akukho kucindezelwa kwamanje noma kwesikhathi esizayo okungabazamazamisa kulokhu kuma okuvunyelwa nguNkulunkulu.
16. Izinceku zikaJehova kuyodingeka zime ngaziphi izindlela?
16 Bayokuma: Izinceku zikaJehova ngeke zizame ukuzisindisa kodwa ziyothembela kuJehova ngokuphelele. Nguye yedwa okwazi ukuhlenga izinceku zakhe esiphithiphithini sezwe, futhi uthembise ukwenza kanjalo. (Isaya 43:10, 11; 54:15; IsiLilo 3:26) Ukuthembela kuJehova kuyohlanganisa ukuthembela emzileni obonakalayo wanamuhla asenamashumi eminyaka ewusebenzisa ngokucacile ukuze ufeze izinjongo zakhe. Ngaleso sikhathi, amaKristu eqiniso kuyodingeka kunanini ngaphambili ukuba athembele kulabo akholwa nabo abagunyazwe nguJehova neNkosi yakhe ebusayo ukuba bahole. La madoda athembekile ayoqondisa abantu bakaNkulunkulu. Ukungasinaki isiqondiso sawo kungaholela enhlekeleleni.—Mathewu 24:45-47; Hebheru 13:7, 17.
17. Kungani izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ziyobona insindiso kaJehova?
17 Bayobona insindiso kaJehova: Bonke labo abaqhubeka begcine ubuqotho njengamaKristu futhi abathembela kuJehova ukuba abakhulule bayothola umvuzo oyinsindiso. Bayokumemezela kuze kube ihora lokugcina—nangezinga abangakwenza ngalo—ukufika kosuku lwesahlulelo sikaJehova. Yonke indalo kumelwe yazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso nokuthi unezinceku ezithembekile emhlabeni. Ngeke siphinde sibe khona isidingo sempikiswano ende ngokufaneleka kobukhosi bukaJehova.—Hezekeli 33:33; 36:23.
18, 19. (a) Ingoma yokunqoba eku-Eksodusi isahluko 15 iyibonisa kanjani imizwa yalabo abayosinda ekuhlaseleni kukaGogi? (b) Yini efanelekayo okufanele abantu bakaNkulunkulu bayenze manje?
18 Benamandla avuselelwe, abantu bakaNkulunkulu bayongena ezweni elisha, bemagange ukuhlabelela ingoma yokunqoba, njengoba nje kwenza ama-Israyeli asendulo ngemva kokukhululwa kwawo oLwandle Olubomvu. Bebonga njalo kuJehova ngesivikelo sakhe, ngabantu ngabanye nanjengeqembu, bayokwenanela la mazwi akudala: “Mangihlabelelele uJehova, ngoba uye waphakama kakhulu. . . . UJehova uyindoda yempi. NguJehova igama lakhe. . . . Isandla sakho sokunene, Jehova, singaphihliza isitha. Ngobukhulu bokuphakama kwakho ungabawisa labo abakuvukelayo; uthumela intukuthelo yakho evuthayo, ibadla ibaqede njengezinhlanga. . . . Wena ngomusa wakho wothando uholé abantu obophulile; wena ngezikhwepha zakho ngokuqinisekile uzobayisa endaweni yakho engcwele yokuhlala. . . . Uyosiletha usitshale entabeni yefa lakho, indawo emisiweyo oyilungisele ukuba uhlale kuyo, Jehova, indawo engcwele, Jehova, izandla zakho eziyimisile. UJehova uyobusa njengenkosi kuze kube nini nanini, kuze kube phakade.”—Eksodusi 15:1-19.
19 Njengoba manje ithemba lokuphila okuphakade licace kakhulu kunanini ngaphambili, akuve kuyithuba elikahle leli ezincekwini zikaNkulunkulu lokuba zibonise ukuzinikela kwazo kuJehova futhi zivuselele ukuzimisela kwazo ukumkhonza njengeNkosi yazo yaphakade!—1 IziKronike 29:11-13.
Ungachaza?
• Kungani uGogi ezohlasela abagcotshiwe nezinye izimvu?
• Abantu bakaNkulunkulu bayokuma kanjani ezindaweni zabo?
• Kusho ukuthini ukuma?
• Abantu bakaNkulunkulu bayoyibona kanjani insindiso kaJehova?
[Isithombe ekhasini 18]
UJehova wenza uJehoshafati nabantu bakhe banqoba, kwangadingeka ukuba balwe
[Isithombe ekhasini 20]
Abagcotshiwe nezinye izimvu basekela ubukhosi bukaJehova
[Isithombe ekhasini 22]
Njengama-Israyeli asendulo, maduze abantu bakaNkulunkulu bazohlabelela ingoma yokunqoba