Sizohamba Ngobuqotho Bethu!
“Kepha mina, ngizohamba ngobuqotho bami.”—IHu. 26:11.
1, 2. Wathini uJobe ngobuqotho bakhe, futhi isahluko 31 sencwadi kaJobe sibonisani ngaye?
ENDULO, izinto zazivame ukukalwa ngesikali senduku. Kwakuba induku noma ugodo oluvundlile olubanjwe isikhonkwane maphakathi nalo. Kwakube sekulengiswa amapani amabili nhlangothi zombili ngasekugcineni kwalo. Into eyayikalwa yayifakwa kwelinye ipani bese kwelinye kufakwa isisindo. Abantu bakaNkulunkulu kwakufanele basebenzise izikali nezisindo ezinembile.—IzAga 11:1.
2 Lapho indoda eyayesaba uNkulunkulu, uJobe, ihlupheka ngenxa yokuhlasela kukaSathane, yathi: “[UJehova] uzongikala esikalini esinembile futhi uNkulunkulu uzobazi ubuqotho bami.” (Jobe 31:6) UJobe waphawula izimo eziningi kule ndaba ezazingavivinya umgcini wobuqotho. Kodwa, empeleni uJobe waphumelela kulolo vivinyo, njengoba kuboniswa amazwi akhe alotshwe encwadini kaJobe isahluko 31. Isibonelo sakhe esihle singasishukumisela ukuba simlingise futhi njengomhubi uDavide sisho ngokuqiniseka: “Kepha mina, ngizohamba ngobuqotho bami.”—IHu. 26:11.
3. Kungani kubalulekile ukwethembeka kuNkulunkulu ezintweni ezincane nezinkulu?
3 Nakuba uJobe avivinywa kakhulu, wahlala ethembekile kuNkulunkulu. Abanye bangabheka ukugcina kukaJobe ubuqotho naphezu kovivinyo olunzima kangaka njengezenzo zobuqhawe obuphawulekayo. Thina asivivinywa ngendlela efana nsé nekaJobe. Nokho, kumelwe sithembeke kuNkulunkulu ezintweni ezincane nezinkulu uma sifuna ukuqinisa ukuma kwethu njengabagcini bobuqotho nabasekeli bobukhosi bakhe.—Funda uLuka 16:10.
Kubalulekile Ukuba Qotho Ngokokuziphatha
4, 5. Njengomgcini wobuqotho, ikuphi ukuziphatha uJobe akugwema?
4 Ukuze sigcine ubuqotho bethu kuJehova, kumelwe sinamathele ezindinganisweni zakhe zokuziphatha njengoba kwenza uJobe. Wathi: “Ngenzé isivumelwano namehlo ami. Ngakho ngingaba kanjani ngonaka intombi? . . . Uma inhliziyo yami ihungwe owesifazane, futhi ngalokhu ngiqamekela ngasendleleni engenayo yomngane wami, umkami makagayele enye indoda, futhi amanye amadoda mawaguqe phezu kwakhe.”—Jobe 31:1, 9, 10.
5 Ezimisele ukugcina ubuqotho kuNkulunkulu, uJobe wakugwema ukubuka owesifazane ngokumkhanuka. Njengendoda eshadile, akazange adlale ngothando nomunye wesifazane ongashadile noma azidlise satshanyana enkosikazini yenye indoda. ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu waveza iphuzu elinamandla mayelana nokuziphatha kobulili—iphuzu ngokuqinisekile abagcini bobuqotho okudingeka balikhumbule.—Funda uMathewu 5:27, 28.
Ungalokothi Usebenzise Izindlela Zobuqili
6, 7. (a) Njengasendabeni kaJobe, uNkulunkulu usebenzisani ukuze akale ubuqotho bethu? (b) Kungani kungamelwe sibe nobuqili noma sikhohlise?
6 Ngeke senze ngobuqili uma sifuna ukubhekwa njengabagcini bobuqotho. (Funda izAga 3:31-33.) UJobe wathi: “Uma ngihambé nabantu abangebona abeqiniso, nezinyawo zami zishesha ukuya enkohlisweni, [uJehova] uzongikala esikalini esinembile futhi uNkulunkulu uzobazi ubuqotho bami.” (Jobe 31:5, 6) UJehova ukala bonke abantu “esikalini esinembile.” NjengakuJobe, uNkulunkulu usebenzisa indinganiso yakhe yobulungisa ephelele ukuze akale ubuqotho bethu njengezinceku zakhe ezizinikezele.
7 Uma singaba nobuqili noma sikhohlise, siyobe asibugcini ubuqotho bethu kuNkulunkulu. Abagcini bobuqotho ‘bazilahlile izinto zomshoshaphansi okumelwe babe namahloni ngazo futhi abahambi ngobuqili.’ (2 Kor. 4:1, 2) Kodwa kuthiwani uma siba nobuqili ngamazwi noma ngezenzo, senze esikholwa naye aze acele usizo kuNkulunkulu? Uma kunjalo, kubi kakhulu ngathi! Umhubi wahlabelela: “Ngambiza uJehova ngisekuhluphekeni kwami, wangiphendula. O Jehova, khulula umphefumulo wami ezindebeni zamanga, olimini olukhohlisayo.” (IHu. 120:1, 2) Kuhle ukukhumbula ukuthi uNkulunkulu angabuka ekujuleni kwethu, ‘avivinye inhliziyo nezinso’ ukuze abone ukuthi singabagcini bobuqotho ngempela.—IHu. 7:8, 9.
Yiba Isibonelo Endleleni Osebenzelana Ngayo Nabanye
8. UJobe wayebaphatha kanjani abanye?
8 Ukuze sigcine ubuqotho bethu, kudingeka sibe njengoJobe, owayenobulungisa, ethobekile futhi ebacabangela abanye. Wathi: “Uma bengivame ukwenqaba isahlulelo sesigqila sami noma sesigqilakazi sami ecaleni ezingimangalele ngalo, khona-ke, yini engingayenza lapho uNkulunkulu esukuma? Futhi lapho efuna ukuba kulandiswe, ngingamphendula ngithini? Owenza mina esiswini akazange yini naye amenze, futhi asilungiswanga yini ngoYedwa nje esibelethweni?”—Jobe 31:13-15.
9. Iziphi izimfanelo ezaboniswa uJobe lapho esebenzelana nezinceku zakhe, futhi kufanele senzenjani kule ndaba?
9 Kubonakala sengathi isimiso sokusingatha izindaba zomthetho sasingeyona inkimbinkimbi ezinsukwini zikaJobe. Amacala ayequlwa ngendlela ehlelekile futhi nezigqila zazikwazi ukuya ezinkantolo. UJobe wayenobulungisa futhi enesihe lapho esebenzelana nezinceku zakhe. Uma sifuna ukuhamba ngobuqotho bethu, kumelwe sibonakalise lezo zimfanelo, ikakhulukazi uma sikhonza njengabadala ebandleni lobuKristu.
Yiba Ophayo, Ungabi Ohahayo
10, 11. (a) Sazi kanjani ukuthi uJobe wayephana futhi ewusizo? (b) Incwadi kaJobe 31:16-25 ingase isikhumbuze siphi iseluleko esingokomBhalo esashiwo kamuva?
10 UJobe wayephana futhi ewusizo, engenabo ubugovu noma ukuhaha. Wathi: “Uma . . . [ngangibangela amehlo] omfelokazi ukuba afiphale, futhi ngivame ukudla ucezwana lwami ngedwa, kuyilapho intandane ingaludli . . . Uma ngangivame ukubona umuntu eshabalala ngenxa yokungabi nangubo . . . Uma ngazulisa isandla sami ngiphebeza intandane, lapho ngisibona isidingo sosizo lwami esangweni, isiphanga sami masiwe ehlombe laso, futhi ingalo yami mayiphuke ethanjeni layo elingenhla.” UJobe wayeyobe engazange abugcine ubuqotho bakhe futhi ukube ayethe egolideni: “Ngethembele kuwe!”—Jobe 31:16-25.
11 Lawo mazwi asankondlo angase asikhumbuze la mazwi omfundi uJakobe: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala ezweni.” (Jak. 1:27) Singase sikhumbule nesixwayiso sikaJesu: “Hlalani nivulé amehlo futhi niqaphe yonke inhlobo yokuhaha, ngoba ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” UJesu wabe esenza umfanekiso ngendoda ecebile ehahayo eyafa ‘ingacebile kuNkulunkulu.’ (Luka 12:15-21) Ukuze sibe abagcini bobuqotho, akumelwe siwele esonweni sokuhaha. Ukuhaha kuwukukhonza izithombe ngoba into efunwa umuntu ohahayo isusa ukunaka kwakhe kuJehova, bese ekhulekela yona. (Kol. 3:5) Ubuqotho nokuhaha kunjengamanzi namafutha!
Namathela Ekukhulekeleni Kweqiniso
12, 13. Isiphi isibonelo uJobe asibekela sona sokugwema ukukhonza izithombe?
12 Abagcini bobuqotho abaphambuki ekukhulekeleni okuhlanzekile. UJobe akazange aphambuke, ngoba wathi: “Uma ngangivamé ukubona ukukhanya lapho kubaneka, noma inyanga eyigugu ihamba, inhliziyo yami yaqala ukuhungeka ekusithekeni nesandla sami sanga umlomo wami, nalokho futhi bekuyoba isiphambeko esidinga ukunakwa abahluleli, ngoba bengiyobe ngimphikile uNkulunkulu weqiniso ophezulu.”—Jobe 31:26-28.
13 UJobe akazange akhulekele izinto ezingaphili. Ukube inhliziyo yakhe yayiye yahungeka ngasese lapho ebona izindikimba zasezulwini, njengenyanga, futhi ukube ‘isandla sakhe sanga umlomo wakhe,’ mhlawumbe elinganisa ukuyiqabula njengesenzo sokuyikhulekela, wayeyobe ebe umkhulekeli wezithombe ophike uNkulunkulu. (Dut. 4:15, 19) Ukuze sigcine ubuqotho kuNkulunkulu, kumelwe sigweme konke ukukhonza izithombe.—Funda eyoku-1 Johane 5:21.
Ungaziphindiseleli Noma Uzenzise
14. Kungani singase sithi uJobe wayengabambi amagqubu?
14 UJobe wayengabambi amagqubu futhi engenalo unya. Wayazi ukuthi lezo zici zaziyobonisa ukuthi akabugcini ubuqotho, ngoba wathi: “Uma ngangivame ukujabula ngokushabalala kongizonda kakhulu, noma ngesasa ngoba okubi kumtholile . . . , angizange ngivumele ulwanga lwami ukuba lone ngokucela isifungo ngokumelene nomphefumulo wakhe.”—Jobe 31:29, 30.
15. Kungani kungalungile ukujabula lapho umuntu osizondayo ehlelwa inhlekelele?
15 UJobe olungile akakaze ajabule lapho umuntu omzondayo ehlelwa inhlekelele. Isaga esabhalwa kamuva siyaxwayisa: “Lapho isitha sakho siwa, ungathokozi; futhi lapho sibangelwa ukuba sikhubeke, kwangathi inhliziyo yakho ingejabule, ukuze uJehova angaboni kube kubi emehlweni akhe bese ngokuqinisekile ebuyisa intukuthelo yakhe kuso.” (IzAga 24:17, 18) Njengoba uJehova ekwazi ukubona okusenhliziyweni, uyazi lapho sijabula ngasese ngenhlekelele eyehlele omunye umuntu futhi ngokuqinisekile akasamukeli leso simo sengqondo. (IzAga 17:5) UNkulunkulu angase asithathele isinyathelo, ngoba uthi: “Impindiselo ingeyami, nokubuyisela.”—Dut. 32:35.
16. Nakuba singacebile, singakwazi kanjani ukubonisa umoya wokungenisa izihambi?
16 UJobe wayengenisa izihambi. (Jobe 31:31, 32) Nakuba kungenzeka ukuthi asicebile, ‘singayilandela inkambo yokungenisa izihambi.’ (Roma 12:13) Singajabulela isidlo esilula nabanye, sikhumbula ukuthi “singcono isidlo semifino lapho kukhona khona uthando kunenkunzi ekhuluphalisiweyo ehambisana nenzondo.” (IzAga 15:17) Ukudla ndawonye nomunye umgcini wobuqotho esimweni esinothando kungenza ngisho nokudla okulula kujabulise futhi ngokuqinisekile kuyosizuzisa ngokomoya.
17. Kungani kungafanele sizame ukufihla isono esingathí sina?
17 Kumelwe ukuba kwakwakha ngokomoya ukubungazwa uJobe ngoba wayengenabo ubuzenzisi. Wayengafani nabantu abangamhloniphi uNkulunkulu abangena ngesinyelela ebandleni lekhulu lokuqala futhi “bencoma abantu ukuze kuzuze bona.” (Jude 3, 4, 16) UJobe akazange emboze iseqo sakhe noma ‘afihle isiphambeko sakhe ekhukhwini leyembe lakhe,’ ngoba esaba ukuthi uyodeleleka uma abanye bezwa ngaso. Wayezimisele ukuhlolwa uNkulunkulu, lowo okwakudingeka avume kuye izono zakhe. (Jobe 31:33-37) Uma kungenzeka senze isono esingathí sina, masingazami ukusifihla, sifuna ukuhlale sinedumela elihle. Singabonisa kanjani ukuthi sizama ukugcina ubuqotho? Ngokusivuma isiphambeko sethu, siphenduke, sifune usizo olungokomoya bese senza konke esingakwenza ukuze silungise.—IzAga 28:13; Jak. 5:13-15.
Umgcini Wobuqotho Uquliswa Icala
18, 19. (a) Kungani kungase kuthiwe uJobe akakaze axhaphaze muntu? (b) Yini uJobe ayezimisele ukuyenza uma etholakala enecala?
18 UJobe wayethembekile futhi engenzeleli. Ngakho-ke, wayengathi: “Uma umhlaba wami ubungakhala ngami ucela usizo, nemisele yawo ibingakhala yonke; uma izithelo zawo ngizidlé ngaphandle kwemali, futhi ngibangelé ukuba umphefumulo wabanikazi bawo ukhefuzele, esikhundleni sikakolweni makuphume ukhula olunameva, nasesikhundleni sebhali ukhula olunukayo.” (Jobe 31:38-40) UJobe akazange athathe umhlaba wabanye ngenkani futhi axhaphaze izisebenzi. Njengaye, nathi kudingeka sigcine ubuqotho kuJehova ezintweni ezincane nezinkulu.
19 Phambi kwabangane bakhe abathathu kanye nensizwa engu-Elihu, uJobe wayekhulume ngendlela ayephile ngayo. UJobe wayememe umuntu owayephikisana naye emthethweni ukuba amangalele umlando wokuphila kwakhe ‘owawunjengophawu’ oluwufakazi wakhe uma ayenokuthile ngawo. Uma kwakutholakala ukuthi wayenecala, wayezimisele ukubhekana nesijeziso. Ngakho, wadlulisela icala lakhe enkantolo yaphezulu futhi walindela isahlulelo sayo. ‘Aphela kanjalo amazwi kaJobe.’—Jobe 31:35, 40.
Ungabugcina Ubuqotho
20, 21. (a) Kungani uJobe akwazi ukugcina ubuqotho? (b) Singaluhlakulela kanjani uthando ngoNkulunkulu?
20 UJobe wakwazi ukugcina ubuqotho ngoba wayemthanda uNkulunkulu noJehova wayemthanda futhi wamsiza. UJobe wathi ngoJehova: “Ungenzele ukuphila nomusa wothando [uthando oluqotho]; futhi ukunakekela kwakho kuwuqaphile umoya wami.” (Jobe 10:12) Ngaphezu kwalokho, uJobe wabonisa uthando kwabanye, eqaphela ukuthi noma ubani owayegodlela abanye abantu uthando oluqotho wayeyobe ekulahlile ukwesaba uMninimandla onke okunenhlonipho. (Jobe 6:14) Abagcini bobuqotho bathanda uNkulunkulu nomakhelwane.—Math. 22:37-40.
21 Singahlakulela uthando ngoNkulunkulu ngokufunda iZwi lakhe nsuku zonke futhi sizindle ngalokho elikwembulayo ngaye. Singathandaza ngokusuka enhliziyweni, sidumise uJehova futhi simbonge ngobuhle bakhe kithi. (Fil. 4:6, 7) Singahubela uJehova futhi sizuze ngokuhlangana nabantu bakhe njalo. (Heb. 10:23-25) Ngaphezu kwalokho, uthando lwethu ngoNkulunkulu luyokhula njengoba futhi sihlanganyela enkonzweni futhi simemezela ‘izindaba ezinhle zensindiso yakhe.’ (IHu. 96:1-3) Singabugcina ngalezo zindlela ubuqotho njengoba kwenza umhubi owahlabelela: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi. Isiphephelo sami ngisibeké eNkosini EnguMbusi uJehova.”—IHu. 73:28.
22, 23. Njengabasekeli bobukhosi bukaJehova, imisebenzi yethu ifana kanjani neyabagcini bobuqotho bangaphambili?
22 Phakathi namakhulu eminyaka, uJehova uye wanika abagcini bobuqotho izabelo eziningi ezihlukahlukene. UNowa wakha umkhumbi futhi waba “umshumayeli wokulunga.” (2 Pet. 2:5) UJoshuwa wahola ama-Israyeli wawangenisa eZweni Lesithembiso, kodwa waphumelela kuphela ngoba wayefunda ‘incwadi yomthetho ubusuku nemini’ futhi enza ngokuvumelana nalokho ayekufunda. (Josh. 1:7, 8) AmaKristu ekhulu lokuqala enza abafundi futhi ayehlangana njalo ukuze atadishe imiBhalo.—Math. 28:19, 20.
23 Sisekela ubukhosi bukaJehova futhi sigcina ubuqotho bethu ngokushumayela ngokulunga, ngokwenza abafundi, ngokusebenzisa iseluleko esingokomBhalo nangokuhlangana namanye amaKristu emihlanganweni yebandla, nasemihlanganweni emincane nemikhulu. Le misebenzi isisiza ukuba sibe nesibindi, siqine ngokomoya futhi siphumelele ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Lokhu akunzima kakhulu ngoba uBaba wethu osezulwini neNdodana yakhe bayasisekela. (Dut. 30:11-14; 1 AmaKh. 8:57) Ngaphezu kwalokho, sisekelwa yibo “bonke abazalwane,” nabo abahamba ngobuqotho futhi abahlonipha uJehova njengeNkosi yabo EnguMbusi.—1 Pet. 2:17.
Ungaphendula Kanjani?
• Kufanele sizibheke kanjani izindinganiso zikaJehova zokuziphatha?
• Iziphi izimfanelo zikaJobe ozithanda ngokukhethekile?
• Njengoba incwadi kaJobe 31:29-37 ibonisa, uJobe waziphatha kanjani?
• Kungani singase sikwazi ukugcina ubuqotho bethu kuNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 29]
UJobe wagcina ubuqotho bakhe kuJehova. Nathi singabugcina!
[Isithombe ekhasini 32]
Singabugcina ubuqotho bethu!