Iso Lokhozi
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ESPAIN
ABANTU baseSpain bachaza umuntu oneso elibukhali ngokuthi uneso lokhozi (vista de águila). AmaJalimane nawo anayo inkulumo enjalo (Adlerauge). Kuyaqondakala ukuthi sekungamakhulu eminyaka amehlo okhozi abukhali esetshenziswa njengesaga. Incwadi kaJobe, eyabhalwa eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezintathu edlule, ithi ngokhozi: ‘Amehlo alo abheka emajukujukwini.’—Jobe 39:27, 29.
Lubona kude kangakanani ukhozi? “Uma isimo sikahle ukhozi okuthiwa i-golden eagle (Aquila chrysaetos) lukwazi ukubona unogwaja oqhele [ngamakhilomitha angaphezu kwamabili] unyakaza kancane,” kuchaza i-Guinness Book of Animal Records. Abanye basikisela ukuthi ukhozi lukwazi ukubona kude nakakhulu kunalokho!
Yini eyenza ukhozi lube neso elibukhali kangaka? Okokuqala, i-golden eagle inamehlo amabili amakhulu athatha indawo enkulu ekhanda. I-Book of British Birds ithi amehlo e-golden eagle “empeleni makhulu kakhulu kodwa awayisindi bese ingakwazi ukundiza kahle.”
Ngaphezu kwalokho, iso lokhozi linamangqamuzana amukela ukukhanya aphindwe cishe kahlanu kunawethu—angaba ngu-1 000 000 kuyimilimitha-skwele uma kuqhathaniswa nawethu angu-200 000. Cishe wonke la mangqamuzana axhumene namangqamuzana ezinzwa. Ngenxa yalokho, inzwa yokubona yokhozi, ethwala imiyalezo iyisusa esweni iyiyise ebuchosheni, inemicu eyinani eliphindwe kabili kunelaleyo etholakala kumuntu. Yingakho nje lezi zinyoni zibukhali kangaka ekuboneni imibala! Okokugcina, izinyoni ezizingelayo, njengoba kunjalo nangezinye, zinamehlo ane-lens enamandla engashintsha ngokushesha ekubukeni izinto eziseduze ibuke ezikude. Amehlo azo awedlula kude awethu nakulesi sici.
Ukhozi lubona kahle kakhulu emini, kodwa ebusuku izikhova ziyalwedlula. Lezi zinyoni ezizingela ebusuku zinamehlo anamangqamuzana amaningi asheshe azwele ukukhanya kanye ne-lens enkulu. Ngenxa yalokho, zibona kahle ngokuphindwe izikhathi eziyikhulu ebusuku kunathi. Nokho, uma kwenzeka kuba mnyama bhuqe, izikhova zithembela emadlebeni azo abukhali kuphela lapho zizingela.
Ubani owazenza zaba njena lezi zinyoni? UNkulunkulu wabuza uJobe: “Ukhozi luyalwa nguwe ukuba lundizele phezulu?” Kusobala ukuthi akekho umuntu ongathi nguye ofanelwe udumo ngenxa yalezi zimangaliso zendalo. UJobe naye wavuma ngokuthobeka: “Sengiyazi ukuthi [wena Jehova] uyakwazi ukwenza zonke izinto.” (Jobe 39:27; 42:1, 2) Iso lokhozi limane nje lingobunye ubufakazi bokuhlakanipha koMdali wethu.
[Isithombe ekhasini 21]
Ukhozi i-“golden eagle”
[Isithombe ekhasini 21]
Isikhova i-“snowy owl”