Ulimi Olufundisiwe—‘Lokuvuselela Oyethileyo’
“NGININIKE abelusi ngokwenhliziyo yami, abayakunalusa ngokwazi nangoku[qonda, NW]” kwethembisa uJehova uNkulunkulu. Ingabe akuqabuli ukunakekelwa abelusi abangokomoya abanakho kokubili ukwazi nokuqonda?—Jeremiya 3:15.
Ukuqonda kuhilela okwengeziwe kunokukha phezulu. Kuyajula endabeni. KuIsaya 44:8, ukuqonda kuhlanganiswe nenhliziyo njengoba ihlukile esweni. Lokhukuqonda okuqotho kudingekile ikakhulukazi njengoba abelusi besebenzelana ‘nabacindezelekile.’ UIsaya washo okunye okudingekile: “INkosi inginikile ulimi lwabafunde kakhulu ukuba ngiyazi indlela yokuvuselela oyethileyo.”—Isaya 50:4, Beck’s Translation.
Umuntu kumelwe afundiswe uJehova, ukuze ayazi indlela yo“kuvuselela oyethileyo.” Ngokujwayelana kangcono neBhayibheli, ngokulisebenzisa nangokubonisa ukuqonda okuqotho, abadala bangakwazi ukusiza ngokuphumelelayo abantu abaningi abacindezelekile. Abadala abaningi bayakwazisa ukusikisela okuwusizo ngokwelusa kwabo. Bangase baqaphele, mhlawumbe ngokuhlangenwe nakho okudabukisayo, ukuthi, nakuba kuhloswe okuhle, eminye imizamo ingase ibonakale idumaza. Okulandelayo kuphathelene nendlela yokusiza abantu abaye bacindezeleka. Ngokusobala, abadala bayosebenzelana ngendlela ehlukile nothile ‘ongahambi ngomthetho’ noma ‘okhuluma ize’ ebandleni.—1 Thesalonika 5:14; Thithu 1:10-13.
Ngokuvamile, ukuqhathanisa izibonelo kungamsiza umuntu ukuba abone izindlela ezifanelekile nezingafanelekile.
“Abaduduzi Ababi”
Lapho uJobe esesimweni sokucindezeleka, abangane bakhe abathathu bezwa ngesimo sakhe esibucayi futhi baya ukuze “bamkhalele, bamduduze.” (Jobe 2:11) Ngoba babenombono ongaqondile ngendaba, babengahlonyisiwe kahle. Beza benomcabango osucatshangwe ngaphambili—uma umuntu ehlupheka kungoba wenze okuthile okubi. Ngenxa yalokho, behluleka ukuqonda ukuthi izinkinga zikaJobe zazingani. I-Interpreter’s Bible ilinganisa “ukududuza” kwabo:
“Kuba okucunulayo. . . . Kuwukukhulumela okuvela kwabangahilelekile, okuneseluleko esihle esincane esiphonswayo. . . . njengothile ophephile osogwini ophonsa izwi noma amabili okubongela abathile abakhathazekile abagwedlayo ekujuleni okukhulu, amagagasi amakhulu ebaqeda umoya. Lokho uJobe akudingayo isihawu senhliziyo yomuntu. Akutholayo uchungechunge lwamazwi angokwenkolo ‘ayiqiniso’ elimsulwa futhi amahle ngokuphelele nezinkulumo eziyize ebuqothweni.”
Yikuphi okunye ukukhuluma okwacasula? UElifazi ngokungenazwela wacabanga: ‘Bheka, uqinisile abanye. Manje uma usuhlupheka uyathikamezeka. Akumelwe yini ube nokuqiniseka ebuqothweni bakho siqu?’ UBilidadi wanezela: ‘Uma ungabheka kuphela kuNkulunkulu ngokwengeziwe, uyakukuphilisa.’ Yeka ukungabi nazwela! Ikakhulukazi njengoba uJobe wayethembela kakade kuNkulunkulu. Wawuyozizwa kanjani? Kunokuba aduduze, lawomazwi ayebonakala enenjongo enhle ‘ayebulala’ kuJobe. Akumangalisi wakhala, ‘Uma kuphela benisesimweni engikusona!’—Jobe 4:3-6; 8:5, 6; 16:2, 4, 5; 19:2.
Yebo, akekho umdala webandla lobuKristu oyofuna ukubonisa isimo noma umcabango ophefumlelwe amademoni walabo ‘bangane.’ (Jobe 4:15, 16) Kodwa, ngezinye izikhathi, abelusi abaduduzayo kumelwe bazikhumbuze ukuba bangenzi amaphutha afanayo. Ekuzameni ukusiza ‘ocindezelekile,’ abadala ngokunokwenzeka bayobuza isizathu sokuba umuntu azizwe edikibele. Mhlawumbe ocindezelekile ucabanga ukuthi uye walahlekelwa umoya kaNkulunkulu. Abadala bayazi ngokwezibonelo zomBhalo, njengaleso sikaDavide, ukuthi ukuziphatha okubi kungabangela ukucindezeleka. (IHubo 38:1-6) Bangase bafunde nomuntu izingxenye zeBhayibheli ezikhuluma ngokuziphatha kobuKristu futhi khona-ke mhlawumbe bangabuza, ‘Ngokombono walokho iBhayibheli elikushoyo, ingabe unaso isizathu esingokoqobo sokuzizwa ngokuthi uNkulunkulu uye wathatha umoya wakhe kuwe?’ Kunokutshela umuntu ukuthi akenzanga lutho olubi noma mhlawumbe ukugudlisela ekutheni kukhona akwenzile, kungaba okunenzuzo ukuvumela umuntu afinyelele isiphetho sakhe siqu. Angase aqaphele ukuthi akukho lutho emizweni yakhe lokuba necala. Noma, uma eye wahileleka ebubini, abadala bangamsiza ukuba ‘enzele izinyawo zakhe izindlela eziqondileyo’ futhi abuye ajabulele ukujatshulelwa uJehova ngokumvumela.—Heberu 12:12, 13.
Abantu abacindezelekile ngokuvamile baba nomuzwa wecala ngesizathu esingekho ngokomthetho. Ukuqonda kuyosiza abadala ukuba baqonde izimo ezinjalo. Omunye umKristu ocindezelekile owakwazisa ngokujulile ukuvakashelwa kwakhe abelusi abanothando ukuba bazomsiza wayeqiniseka ukuthi wayelahlekelwe umoya kaNkulunkulu. “Eqinisweni, zama ukucabanga ngokujulile futhi ubone uma kukhona okuthile okwenzile,” kwasho umdala kokunye ukuphawula. Owesifazane wamane wahlala laphaya wakhala. “Kodwa angicabangi lutho. Nifuna ukuba ngiqambe okuthile? Ingabe lokho kuyosiza?” wabibitheka. Abadala balithola iphuzu futhi bazama ezinye izindlela zokusiza.
Abaluleki bakaJobe base benqume ezingqondweni zabo ukuthi uJobe wayenze okuthile okubi. Abadala abakwaziyo “ukuvuselela oyethileyo” bayosingatha isimo ngasinye ‘ngaphandle kokuhlulela kusengaphambili, bengenzi lutho oluncike ekukhetheni.’ (1 Thimothewu 5:21) Uma besebenzisa imibuzo ehlolayo ababeki cala, kodwa benza kanjalo ngendlela enozwela, bezibeka ngokuqinisekile esimweni akusona lowomuntu.
Abaluleki Abanokuhlakanipha
UElihu, nakuba wayeqonda ngezinye izikhathi eselulekweni sakhe, wabonisa ukuqonda. Wayeyisilaleli esihle. ‘Akaphendulanga ngaphambi kokulalela,’ lokho iBhayibheli elikubiza ngokuqondile ngokuthi “kungubuwula nehlazo.” (IzAga 18:13) Wancoma uJobe ngenxa yokwethembeka kwakhe futhi wamkhuthaza ukuba azikhulumele. Ukuhlakanipha okunjalo kwenezela “imfundiso” emazwini kaElihu.—Jobe 32:4, 11; 33:5-7, 32; IzAga 16:23.
UJehova uyisibonelo esiyinhloko someluleki onokuhlakanipha. Indlela asebenzelana ngayo nomprofethi uJona ibonisa uzwela lokuqonda nesihawu. UJona wathukuthela lapho uJehova enquma ukungababhubhisi abaseNineve futhi ngalokho agcwalise isigijimi somprofethi sembubhiso. UJona wacindezeleka kangangokuba wafuna ukufa. Manje uJehova wasebenzelana kanjani naye? Ingabe wathi: ‘Hawu, Jona, uzicabangela wena nje. Awunalo yini uthando enhliziyweni yakho? Konke nje okucabangayo kungendlela abazokubheka ngayo abanye!’ Inkulumo enjalo yayiyoba iqiniso. Kodwa ngokunokwenzeka yayiyomenza abe nomuzwa wokuba necala ngokwengeziwe futhi ecindezelekile. Yini uJehova ayenza?
“Wenza kahle ukuba uthukuthele na?” kwabuza uJehova. Yebo, umbuzo olula wokumenza acabange. Akukhona ukumbeka icala. Akukhona ukumsola. Ngisho nakuba uJona engasabelanga ngokushesha, uJehova akazange amdele, kodwa wamlungiselela isihlahla esikhulu sokumenzela ithunzi elangeni elishisayo. Khona uJehova wasebenzisa umfanekiso owayithinta ngokusobala inhliziyo kaJona. Wabangela isihlahla esikhulu ukuba sife. Lapho uJona ethukuthela ngokufa kwesihlahla, uJehova wamsiza ukuba abone indlela okwakuyigugu ngayo ngokwengeziwe ukuphila kwabaseNineve kunokuphila kwalesosihlahla. Ingabe kwakungamelwe abe nomuzwa wokubadabukela ngokwengeziwe kunokufa kwesihlahla esingelutho? Kalula, kodwa ngempumelelo!—Jona 4:1-11.
Uma abadala bezama ukuvuselela abacindezelekile badinga ukulingisa uJehova noElihu. Yibani ngabanomusa ekuncomeni okuqotho. Sebenzisani imibuzo elula nezinkulumo eziqondile. Sebenzisani ulimi okulula ukuluqonda. Qondani ngqo, kodwa nigweme imibuzo ethusayo. Imifanekiso engenza umuntu acabange noma ahileleke ngokomzwelo endabeni ehlukile ngandlela thile (ngokwesibonelo, ukuthukuthela kukaJona ngokufa kwesihlahla) ingase isetshenziswe ekusizeni umuntu ukuba abone iphutha lokucabanga kwakhe. Kodwa khumbulani: “Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.” (IzAga 25:11) Uma umuntu enokucabanga okuyiphutha, msizeni ukuba akunqobe kancane kancane. Sebenzelani ukuqeda ukuzenyeza kwakhe. “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.”—IzAga 12:25.
Kodwa hlobo luni lokusikisela umdala angake aluzame kocindezelekile?
Usizo Oluvela Emithandazweni Enengqondo
“Nakuba ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayeqonda ngokuphelele, kwakunezikhathi lapho ukucindezeleka noma ingebhe kwakungamandla kangangoba ngacabanga ukuthi kwakungenathemba ukuthandaza,” kubika omunye odangele. Nokho, abadala, nakuba bevuma ukuthi imizwa enjalo ivamile kubantu abaningi abacindezelekile, bangakhuthaza laba ukuba baqhubeke emthandazweni. Kodwa bathandazeleni?
“Ngathandaza ukuba uJehova angisize ngibekezele noma angiqondise lapho ngingathola khona usizo,” kwabika omunye wesifazane omncane owayecindezelekile. Umama oneminyaka engama-33 ubudala onendoda engakholwa emphatha kabi wacindezeleka. Wathi: “Lapho ngikhathazeka kakhulu, ngikhungatheka noma ngiba nokwesaba, ngangiya kuJehova khona lapho, ngezandla nangamadolo ngezinye izikhathi, ngikhala, ngimncenga ukuba angisize nginqobe lokhu. Kwakubalulekile ukuba ngiqonde ngqo emthandazweni. Izikhathi eziningi ngangithola usizo olusheshayo.” Omunye umfazi oneminyaka eyi-41 ubudala wathi: “Lapho ngicindezelekile ngakuthola kunzima ukwenza umthandazo. Kodwa amaRoma 8:26 ayengoweqiniso umthombo wenduduzo. Ngakho ngangingamane ngicele kuJehova, ‘Ngicela ungisize!’”
Abadala bangathandaza naye futhi bamthandazele lowomuntu. Yebo, kumelwe bagweme amazwi ayokwenza umuntu azizwe enecala ngokwengeziwe. Ukucela uJehova, nocindezelekile elalele, ukuba asizwe aqonde indlela athandwa ngayo ngabanye futhi ngisho nanguJehova ngokuqinisekile kuyokwakha. Futhi, okhathazekile angase aboniswe usizo lolo umthandazo oqotho ohambisana nokwethembela kuJehova, ongakuletha.—1 Samuweli 1:9-18.
Siza Oyethileyo Athole Ukuhlakanipha
“Ngezinye izikhathi abantu banomuzwa wokuthi balahlekelwe ukholo lwabo futhi ngokuvamile baba nomuzwa wokuba necala kakhulu ngalokho,” kuchaza uDr. Nathan Kline, umqondisi weSikole saseRockland Sokuhlola eMnyangweni Wempilo Yengqondo saseNew York State. “Nakuba kunezimo zokwehluleka ngokomoya, ngicabanga ukuthi ezimweni eziningi kunokwenzeka ukuthi akukhona ukwahluleka kokholo olungokwenkolo, kodwa uphawu lokuqala kokucindezeleka.” Washo lamazwi ngemva kokuphawula lezimpawu ezigulini zakhe eziningana ezazikholwa kakhulu. Ngakho, ngokuvamile ukusiza umuntu onokucindezeleka okungathi sína ukuba aqaphele lokhu kungadambisa ukuba necala okukhulu okungadingekile.
Omunye uFakazi oye wasiza abacindezelekile abaningana ukuba bathole impilo futhi uthi: “Icala elingadingekile lelo abanye abazibeka lona alikholeki. Ngizizwa nginecala ngobubi engibenzile, kodwa ngiyakholelwa futhi ukuthi uma uJehova elungiselele isihlengo sokususa lezinto khona-ke angeke ngizihluphe ngabo phakade. Leli elinye lamaphuzu engizama kanzima ukuledlulisela kulabo engibasizayo.” Umuntu kudingeka aqaphele ukuthi uma ephenduke ngempela esenzweni esithile esibi, enesifiso sokungasiphindi futhi ezama ngokoqobo ‘ukulungisa ububi,’ khona-ke angaqiniseka ukuthi isihlengo siyohlanza unembeza wakhe. Ukusiza abantu ‘abadabuka ngokwesaba uNkulunkulu’ ukuba babone umusa nokuthethelela kukaJehova ngokuvamile kuyakudambisa ukucindezeleka kwabo.—IHubo 32:1-5, 11; 103:8-14; 2 Korinte 7:9-11.
Ngisho noma imicabango emibi ifundekela ingqondo yocindezelekile, asikho isidingo sokuba nomuzwa wokuba yize nokuba ‘olahlwe uNkulunkulu.’ Kuwukuhlakulela ‘nokwenza’ ngokwemicabango enjalo lokho iBhayibheli elikuxwayisayo. (Jakobe 1:14, 15; Galathiya 5:16) Uma nje umuntu enza umzamo wokususa imicabango enjalo akumelwe anqotshwe ukuzenyeza.
Ngokwesibonelo, intukuthelo noma ukucunuka kungase kugcwale engqondweni yomuntu ocindezelekile. Akukukhulu okufezwa umdala ngokutshela lowomuntu, ‘Akumelwe uzizwe ngaleyondlela,’ noma ‘Akumelwe ube nomuzwa onjalo.’ Iphuzu liwukuthi, umuntu unomuzwa onjalo! Nakuba livuma ngokoqobo ukuthi umuntu uyothukuthela ngezinye izikhathi, iBhayibheli lixwayisa ngokuphumelelisa ukuthukuthela okunjalo. (IHubo 4:4; 37:8) Lisikhuthaza ukuba singahlali sisesimweni sokucasuka. (Efesu 4:26, 27) Ngakho umdala oqondayo angase, ngemibuzo embalwa elula, athole isizathu sokuba okhathazekile athukuthele. Ngemva kokuba umuntu esesiziwe ukuba ahlole isimo (njengakuJona), angase abone ukuthi akukho sizathu esizwakalayo sokuthukuthela kwakhe. Futhi, uma othile emthukuthelisile, angase asizwe ukuba alandele izinyathelo ezithile ezingokomBhalo futhi ngalokho anqobe intukuthelo.—Kolose 3:13; Mathewu 5:23, 24; Luka 17:3, 4.
Uma umdala engase aqaphele izimo eziphambene zabayethileyo, uma ukucindezeleka kusaqala, khona-ke ngokuvamile umuntu angase alungiswe futhi asindiswe ekucwileni kokukhulu ukucindezeleka—ukuphazamiseka okungase kudinge usizo lwezemithi. Nalapha, umdala angase asize umuntu ocindezelekile noma umkhaya wakhe ukuba uqaphele uma ukuphazamiseka kuye kwafinyelela leloqophelo lokudingeka kwemithi. Lokhu akusho ukuthi abadala bayozenza odokotela, futhi abanakusho uhlobo lokwelapha okumelwe lwenziwe. Bangase bafise ukubhekisela labo abahilelekile esihlokweni esithi “Attacking Major Depression—Professional Treatments” kwekaOctober 22, 1981, iPhaphama!, (yesiNgisi) eveza amakhambi ahlukahlukene kodwa ibe ingaphakamisi noma iliphi.
Basize Bathole Ukulinganisela
“Ukulindela ukuphila okuhle ngayo yonke imizuzu nansuku zonke,” ileyondlela omunye umama oneminyaka engama-40 ubudala ongumKristu achaza ngayo ukucindezeleka kwakhe okukhulu. Ngemva kokululama kwakhe wacubungula enye yezimbangela: “Ngenxa yokuzama ukungadumazi noyedwa noma ukwenza noma isiphi isici sokuphila komkhaya wami noma inkonzo kungasaleli nakancane, nganamathela esimisweni esangishiya ngikhathele. Ngakwenza lokhu iminyaka eyisishiyagalombili; futhi, ekugcineni, udokotela wathi ngase ‘ngiphelile.’ Uma ngibheka emuva, nginomuzwa wokuthi ngisho nakuba izizathu zami zokugcina isimiso esinjalo kwakungekhona ukuzithokozisa okuyize, kwakumelwe ngibe nengqondo ngokwengeziwe.”
Ngenxa yengozi yokungacabangi komuntu, abadala kumelwe ngezinye izikhathi basize umuntu ocindezelekile alinganisele emisebenzini yakhe. Ngokuqinisekile bayokhuthaza inkonzo yomphefumulo wonke kuNkulunkulu. Eqinisweni, ngezinye izikhathi lapho abathile ababekhathazeka ngokucindezeleka okukhulu ngokwesabekayo babengakwazi ukuhlanganyela ekushumayeleni endlini ngendlu, amalungiselelo enziwa lapho ogulayo, isimo sakhe simvumela, abe khona engxoxweni yeBhayibheli eqhutshwa omunye woFakazi. Ocindezelekile wahlanganyela lapho ekwazi khona.
Khumbula umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ethi “ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda.” (Roma 12:1) Yebo, amandla omuntu okuqonda ayeyohileleka. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuqonda” (logikos) ngokuqondile lisho “ukuba nengqondo.” Ngakho uNkulunkulu ulindele ukuba senze okufaneleyo okuqondile. Amakhono omuntu ngamunye, amandla enyama nezimo kwehlukile. Inkonzo yomphefumulo wonke isho ukwenza konke umphefumulo wakho namandla okungakwazi ukukwenza, hhayi okuthile komunye.—Marku 12:30; Kolose 3:23.
Uma umuntu egula amandla akhe mancane, ngisho nakuba inhliziyo yakhe nengqondo ingase ifise ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu njengangaphambili. Yiqiniso, bonke abayozuza ukuphila okuphakade kumelwe ‘basebenze ngamandla,’ kodwa ukusebenza okunjalo akulinganiswa ngaso sonke isikhathi ngokubophelekile ngesilinganiso somsebenzi umuntu awenzayo. Isilinganiso somsebenzi wamandla owawungenziwa uEphafrodithu ‘emsebenzini weNkosi’ lapho egula sasingenakuqhathaniswa nalokho akwenza lapho ephila kahle. Kodwa, kukho konke, wanconywa uPawulu ngenxa yomsebenzi wakhe.—Luka 13:24; Filipi 2:25-30.
Izimo ezishintshile, njengokugula, zingasivimbela ekufezeni ngokugcwele lokho izinhliziyo zethu ezikufisayo. Ngokwesibonelo, umkambonisi ohambelayo wathola ukucindezeleka okukhulu. Wabika: “Kukho konke ukuphila kwami bengikhuthele ngokumangalisayo futhi ngayijabulela ngokuphelele inkonzo yami kuNkulunkulu. Kodwa ngezinyanga eziyisishiyashagalolunye, ngaphandle kokuba ngcono, nganginomuzwa owesabekayo wokuba ‘semigodini’ yomhlaba.” Yena nendoda yakhe kwadingeka ukuba bathi ukuyeka emsebenzini wokuvashela amabandla futhi welashwa udokotela ekuguleni kwakhe. Ngemva konyaka walulama kangangokuba babengabuye bathathe lesisabelo esibalulekile senkonzo. Manje ngomphefumulo wonke njengakuqala, uyabhala: “Ngiyajabula futhi enkonzweni yami. Kodwa manje uma ngizizwa ngikhathele kakhulu futhi ngitubekile, ngisala ekhaya futhi ngiphumule ngizame ukulandela izimpawu zomzimba. Manje ngiyaziqaphela izimpawu futhi ngiyambonga uJehova ngokuthi sengisendleleni yokusinda.”
Yebo, yeka indlela esingabonga ngayo sonke ngokuthi sinoNkulunkulu wethu owemukela izipho zethu neminikelo, ‘ngokwalokho esinakho, hhayi ngokwalokho esingenakho.’ Lokhu kunjalo kungakhathaliseki noma iminikelo enjalo ingokomoya, ingokwenyama noma ingeyamandla ethu enyama.—2 Korinte 8:12.
Kodwa ngezinye izikhathi umuntu ocindezelekile angase asizwe ukuba aqonde ngokwengeziwe indlela asebenzisa ngayo amandla akhe. Omunye udade owaphathwa ukucindezeleka okukhulu wathi: “Ngangingalinganiseli. Ngangingakwazi ukuthi, ‘Qha.’ Noma nini uma othile engicela ukuba ngimenzele okuthile ngaso sonke isikhathi kwakuwukuthi, ‘Yebo, kulungile.’ Kwakufanele ngifunde ukuthi, ‘Qha, ngiyaxolisa. Anginakukwazi ukukwenza. Mhlawumbe ngingakusiza ngesinye isikhathi.’ Kwakufanele ngifunde lokhu uma kungenjalo ngangiyosangana.” Umuntu ozama ngaso sonke isikhathi ukweqa emandleni akhe angaphetha ekucindezelekeni okubuhlungu. Indoda ehlakaniphile yaluleka: “Ungabi-ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na? Ungabi-mubi ngokudluleleyo, ungabi-yisiwula; uyakufelani kungakabi yisikhathi na?”—UmShumayeli 7:16, 17.
Ukukhuluma ngokududuzayo kwabacindezelekile kufuna umzamo oqotho. Umuntu kumelwe afunde ngokulandela iseluleko seZwi likaNkulunkulu. Ukuqonda kumelwe kufundwe nakho. Kodwa imiphumela ingekufanele lokho.
Cabanga ngenjabulo yokubona othile odabuke inhliziyo—ebonisa imizwa yakhe ngezinyembezi—eqala ukushintsha. Kancane kancane ukukhazimula kuthatha indawo yezinyembezi. Ukumomotheka manje kufudumeza ubuso. Yeka ukubonga lowomuntu onjalo anakho kumelusi onothando noqondayo! Futhi, ngaphezu kwakho konke, yeka ukuthi uthokoza kanjani uBaba wethu onomusa wasezulwini, “oduduza abadanileyo.”—2 Korinte 7:6.
[Isithombe ekhasini 10]
Kumelwe sikugweme ukuba njengabangane bakaJobe—abaduduzi ababi
[Isithombe ekhasini 11]
Ingabe uyenezela ezinkingeni zabacindezelekile, noma ubaduduza ngempela?
[Isithombe ekhasini 13]
Abadala bangathandaza naye ocindezelekile futhi bamthandazele, begwema izinkulumo ezingamenza abe nomuzwa wokuba necala ngokwengeziwe