Bayajabula Labo UJehova Abayalayo
“Uyajabula umuntu omyalayo, Jehova, nalowo omfundisa ngomthetho wakho.”—AmaH. 94:12, NW.
1, 2. Kumelwe sizizwe kanjani ngokuyala kukaNkulunkulu?
WAGCINA nini ukuphambuka ezindleleni nasezindinganisweni zokulunga kukaNkulunkulu, ngezwi noma ngesenzo? Cishe akukudala kakhulu, mhlawumbe amahora ambalwa noma izinsuku, ngoba sonke siyona, sihluleke ukubonisa inkazimulo kaNkulunkulu ngokufaneleyo.—1 AmaKh. 8:46; 1 Joh. 1:8-10.
2 Singajabula ngokuthi ngothando lwakhe uJehova uyafisa futhi uyakwazi ukusiyala. “Othethisa abezizwe, yena ofundisa abantu ukwazi, kanakuzijezisa na? Jehova, ubusisiwe lowomuntu omyalayo.” Uma ‘sivumela ukuyalwa’ nguJehova, siyojabula, ngoba siyoba sekuvumelaneni naye.—AmaH. 94:10, 12.
3. Iziphi izinto ezizocatshangelwa okwamanje?
3 AmaKristu angakwethemba ukuqinisekisa kweBhayibheli, “Ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo.” (Heb. 12:6) Ngakho-ke, siyajabula, ukunikeza ukucabangela okusekelwe eBhayibhelini ezindabeni eziphathelene nokusola, ukuphenduka nokususa ekuhlanganyeleni. Izihloko ezimbili kuloluchungechunge zikuleNqabayokulinda, ezintathu ezisasele ziyokhishwa kwelandelayo. Lezizihloko ezinhlanu kumelwe zisisize sonke ukuba sithole ukuqonda okukhanyayo kwezimiso ezingokomBhalo ezihilelekile, nokuba ‘sipheleliswe, siduduzwe, sibe nhliziyonye, sibe nokuthula.’—2 Kor. 13:11.
4, 5. UJehova uNkulunkulu usilungiselela kanjani isiyalo?
4 UNkulunkulu ngokuvamile usiyala ngendlela emnene nepholile kangangokuba singase singayibheki njengesiyalo. Mhlawumbe sifunda okuthile eZwini lakhe okusidedukisa enkambweni engafiseleki noma kuqondise ukucabanga kwethu. Ngezinye izikhathi isiyalo esivela kuNkulunkulu singase sibe ngesiqondile futhi esibuhlungu. Kodwa uyalazi izinga nendlela yokuyala engcono kakhulu kithi. (Jer. 30:11) Yeka ukuthi kuhle kanjani uma ngokusuka enhliziyweni samukela ukuqondisa kwakhe, ngoba uNkulunkulu ulungiselela isiyalo ngothando njengoba kwenza ubaba endodaneni ethandekayo! Futhi kuwukuhlakanipha okukhulu ngathi ukwamukela ukuyala okulinganiselwe noma okukhuzayo uJehova uNkulunkulu asinikeza khona kunokuba sijeziswe kuze kube sezingeni lokuqedwa.—Jer. 10:24; Heb. 12:5.
5 Ngezinye izikhathi uNkulunkulu unikeza iziyalo ngabantu. Wathumela abaprofethi nabahluleli esizweni sakwaIsrayeli. Kodwa angalungiselela isiyalo sokuhlakanipha ngisho nakumuntu oyedwa. Omunye wa“baduduzi” bamanga bakaJobe wavuma ukuthi uJobe waye“qondisile abaningi.” (Jobe 4:3; 16:2) Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakuyisibusiso kanjani ukwamukela isiyalo sokuhlakanipha kuJobe, indoda eyayizinikele ngokuvelele kuNkulunkulu! Nokho, singazibuza, ‘Ingabe ngiyasemukela isiyalo esinosizo saloluhlobo, isiyalo esivela kumuntu kodwa esisekelwe ekuhlakanipheni okuphelele kukaNkulunkulu?’
UKUYALANA NGOTHANDO
6. Kungaziphi izindlela esingase sithole ngazo isiyalo kumzalwane?
6 UJesu wabeka isisekelo sokuba silindele ukwamukela, nokunikeza, isiyalo sothando. Ngamazwi ahlanganisa indaba yokoniwa okungathi sína, kodwa lokho ngokwesimiso okungasetshenziswa ezimweni eziningi, uJesu wathi: “Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.” (Luka 17:3) Futhi umphostoli uPawulu wabhala ukuthi “inceku yeNkosi” kumelwe “ibayale ngokubekezela nangobumnene” abanye.—2 Thim. 2:24, 25, NAB.
7. Yini okumelwe yenziwe endabeni yesono esibi kakhulu?
7 Abelusi, noma ababonisi abamisiwe ebandleni, banesithakazelo kumKristu ngamunye, nasekuvikeleni umhlambi wonke. (Heb. 13:17; 1 Pet. 5:2, 3) Ngakho-ke, uma othile ewela esonweni esikhulu, indaba kumelwe ilethwe ekunakekeleni kwabo. Umoni ngokwakhe kumelwe ‘abize amadoda amadala ebandleni.’ Noma, noma imuphi omunye umKristu ozwa ngesono esiyingozi kumelwe, ngenxa yokukhathalela umenzi wobubi nokucoceka kwebandla, axwayise abadala. (Lev. 5:1) Khona-ke labadala, bangakwazi ukusiza umuntu oye waphambuka, bambuyise futhi kanjalo ‘besindisa umphefumulo wakhe ekufeni.’—Jak. 5:14, 16, 19, 20.
8. Kumelwe siwabheke kanjani amaphutha amancane abazalwane?
8 Kunokushiyeka noma amaphutha esimo esingesibi kangako lawo amaKristu avuthiwe angase abe sesimweni sokunikeza isiyalo nosizo olusekelwe eBhayibhelini kuwo. Kuyiqiniso, kumelwe sizilinde singabi ngabasola ngokweqile emaphutheni amancane abanye, ngoba uNkulunkulu uyasinxusa ukuba sibheke kade futhi sibekezelele abanye. (Kol. 3:12, 13) Simelwe sibe ‘nokuthobeka, sishaye sengathi abanye bakhulu kunathi, singanaki, izithakazelo zezindaba zethu kuphela, kodwa nezithakazelo zabanye.’ (Fil. 2:3, 4) UNkulunkulu uyasiqinisekisa ukuthi “kuludumo [kithi] ukudlula esiphambekweni.”—IzAga 19:11.
9, 10. Yini engenziwa uma umzalwane ebonakala ephambuka?
9 Futhi, kungase kube khona izikhathi lapho umngane ongumKristu ethatha isinyathelo esibi noma esiholela engozini ngenxa yendlela embi. Ngokwesibonelo, ngobungane bethu obuseduze nomzalwane singase siphawule ukuthi uthambekele ekuphuzeni kakhulu. Akabonakali eyisidakwa, kodwa ngokukhanyayo ‘unaka kakhulu iwayini.’ (1 Thim. 3:8) Ngakho isiyalo esisizayo singanikezwa. Kodwa ngubani?
10 UPawulu wabhalela amaKristu aseGalathiya: “Uma umuntu ehlelwa isiphambeko ngaphambi kokuba asibone, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumbuyisa umuntu onjalo ngomoya wobumnene.” (Gal. 6:1, NW) UmKristu onezimfanelo ezingokomoya angase ngomusa nangokuhlakanipha anikeze isiyalo ngezindlela ezahlukene. Ngokwesibonelo, angasho okuthile engxoxweni evamile ukuze kungabonakali kuyiseluleko esiqondile. (IzAga 15:23) Noma, angase anikeze amazwi eseluleko ngasese. Kodwa—lokhu futhi kubalulekile—imizamo yakhe akumelwe ishukunyiswe umoya wokusola, kodwa kumelwe ibangelwe ukukhathalela kothando.—1 Kor. 13:4, 5.
11. Abazalwane nodade eFilipi babengasiza kanjani enkingeni abanye ababenayo lapho?
11 “Kunezinye izimo futhi, lapho abazalwane nodade abangamaKristu bengase basize khona. UPawulu wabhala lokhu ngenkinga eFilipi:
“Ngiyamyala uEvodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe-nokuqonda kunye eNkosini. Yebo, ngiyakunxusa nawe, mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini.” (Fil. 4:2, 3)
Ngokusobala kwakunenkinga noma ukungezwani okusobala phakathi kwalaba besifazane abangamaKristu agcotshiwe. Ngokuqinisekile umphostoli wayengakhuthazi abaseFilipi ukuba bathathe uhlangothi kulokho kungezwani. Lokho kwakungalicaza ibandla, kubangele ukwehlukana, umona, nokulwa. (1 Kor. 1:10-13; 3:2-9) Lokho kuyingozi engathi sína okumelwe igwenywe. Kodwa, ngaphandle kokuzigaxa ngokungadingekile ekungezwanini noma imibono yalababesifazane, abazalwane nodade, njengaba‘ngane abaqotho’ eFilipi, babenganikeza isikhuthazo esiyalayo ebunyeni bobuKristu, babe abathethelelayo futhi basebenze ndawonye ngothando. (Math. 5:23-25; Efe. 4:1-6, 31, 32; Thithu 2:3-5) Uma unikezwa isiyalo esinjalo esinesisusa esihle yisikhonzi esikanye nawe, kumelwe usibheke njengamazwi omusa.—AmaH. 141:5.
IZINYATHELO EZIQATHA
12, 13. Hlobo luni lwamaphutha angathi sína ngokwengeziwe angase abe khona ebandleni?
12 Ngezinye izikhathi kungase kube khona umKristu olandela inkambo engavumelani nokuqondisa kukaNkulunkulu futhi engashintshi naphezu kosizo oluvela ngisho nakwabadala. Lokhu akuyona nje indaba yothile onobuntu obuhlukile komunye. Futhi akukhona nje ukuthi umuntu kusafanele athuthukele ekuvuthweni kobuKristu ngakho ubonisa ngezindlela ezihlukahlukene isidingo sokuqhubeka ethuthuka. UPawulu wavuma ukuthi kuyoba khona amaKristu angavuthiwe okwakuyodingeka asizwe ngesineke, ngothando nesifiso sokuwabona ethuthuka. (Roma 14:1; 15:1; 1 Kor. 13:11; Fil. 3:15, 16) Kodwa, ngaphandle konjalo, kungase kube khona othile okhetha ukulandela inkambo, okuthi nakuba ingesona isono esingathi sína, ngokusobala ibe ilwisana neseluleko sikaNkulunkulu.
13 Akumelwe kwethuse ukuthi ngezinye izikhathi kungase kube khona amaKristu aloluhlobo. IBhayibheli lithi: “Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo.” (2 Thim. 2:20, 21) Ibandla laqhathaniswa nendlu engase ibe nabantu abathile ababenjengezitsha ezingahloniphekiyo, abazindlela zabo namathonya abo angaphilisi. UThimothewu namanye amaKristu athembekile baxwayiswa ukuba ‘babalekele’ izitsha ezinjalo ezingahloniphekiyo.—Qhathanisa namaRoma 16:17.
14, 15. Iyiphi inkinga eyaphakama ebandleni laseThesalonika, futhi amaKristu angasabela kanjani enkingeni enjalo?
14 Ngokuvumelana nalokhu kuqondwa kwamazwi kaPawulu nokusetshenziswa kwawo, siphawula ukuthi kwakukhona isimo esinjalo eThesalonika lasendulo. Ibandla lilonke lelulekwa ngokuthi abanye, ngokusobala ababephilile futhi benamakhono, babengasebenzi. Laba abambalwa babefuna ukuphila ngabanye, ngokuphambene neseluleko sikaNkulunkulu ngobuvila. Ngakho uPawulu wabhala: “Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina.”—2 Thes. 3:6; IzAga 20:4; 24:30; UmSh. 5:12, 18; 10:18.
15 Yebo kungase kube khona omunye ‘ongafuni ukuyalwa ngamazwi,’ kuhlanganise neseluleko esingokomBhalo esivela kubadala ebandleni, futhi aqhubeke ehamba ngokuphambene nezimiso zikaNkulunkulu. Khona-ke, amaKristu angase azizwe ebophekile ukuba ‘azehlukanise’ naye, njengoba uPawulu ayala.—IzAga 10:17; 29:19.
“MPHAWULENI LOWO”
16. UPawulu wanikeza siphi iseluleko kwabaseThesalonika?
16 Eqhubeka neseluleko kwabaseThesalonika namavila, nabangafanele, uPawulu wabhala: “Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kulencwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe-namahloni; kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.” (2 Thes. 3:14, 15) Ngakho-ke, amaKristu angase ‘aphawule’ othile ophikelelayo enganaki izimiso zikaNkulunkulu.
17. (a) Kungani ukunakekela kudingekile ekusebenziseni leso seluleko? (b) Yini uJesu ayisho maqondana nalokhu?
17 Nokho, sidinga ukunakekela okukhulu ekusebenziseni iseluleko saphezulu. Ngokungapheleli kwethu, singase sithambekele ukwenza ukwahlulela kwethu kulokho umuntu akuthandayo noma angakuthandi, njengezitayela zokugqoka, noma ukuzilungisa. Kodwa uma izingubo zikadade, ngokwesibonelo, zingezona ezingafanelekile, ezingahloniphekile, noma ezethusayo kubazalwane, kumelwe siqaphele ukuthi umane nje unokukhetha okwahlukile. (Gen. 37:3, 4; Joh. 19:23; 1 Thim. 2:9, 10) Asenziwanga abahluleli babazalwane nodade ezindabeni zokukhethela, noma ukwehlukana konembeza. (Roma 14:4, 10-12) Noma, ngisho noma othile enephutha ephuzwini elingelutho, kumelwe sikhumbule iseluleko sikaJesu:
“Ningahluleli ukuba ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, . . . Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?”—Math. 7:1-3.
18. Yini okumelwe yenziwe uma othile ngokukhanyayo ephula iseluleko sikaNkulunkulu?
18 Nokho, kuthiwani uma kunothile ophambuka ngokukhanyayo ezimisweni zikaNkulunkulu, mhlawumbe ngokuba ivila ngokweqile noma osolayo, ‘okhuluma okungasiziyo’ oqhubeka ‘ezigaxa ezindabeni ezingesizo ezakhe’? (2 Thes. 3:11) Noma, inkinga kungase kube eyomuntu onamaqhinga okuzuza izinto ezibonakalayo ngokuphamba abanye, ozitika ekuzijabuliseni ngokukhanyayo okungafanele, noma ehileleka ekuziphatheni okungabazisayo lokho kodwa okungakasifaneli isinyathelo sokwahlulela.a Abadala baye bazama ukumsiza, kodwa uyaphikelela futhi kungase kuthinte abanye ebandleni lobuKristu noma kulethe ingozi kwabanye. Abadala bangaxoxa ngendaba futhi bangase babele omunye wabo ukuba anikeze inkulumo eqinile, eqondile engokomBhalo ngalesosimo ebandleni. Ngaphandle kokumusho ngegama ‘ohamba ngokungafanele,’ kanjalo abadala bangase bakwazi ‘ukuthulisa’ ongakhuzekiyo.—Thithu 1:10-13.
19. Abanye ebandleni bangasabela kanjani uma inkinga ingapheli?
19 Uma isimo esinjalo sikhona ebandleni, amaKristu ngamanye angase azizwe ebophekile ukuba ‘amphawule’ lowomuntu.b UPawulu uyachaza ukuthi lokhu kuhlanganisani: “Ningahlanganyeli naye, ukuze abe-namahloni.” (2 Thes. 3:14) Lokho kuyosho ukunciphisa ukuhlangana kobungane nomuntu ‘ophawuliwe.’ Akumelwe umemezele noma wazise isinqumo sakho sangasese, noma uzame ukuthonya abanye. Kodwa wena ngokwakho uyogwema ukudlelana nomuntu ‘ophawuliwe,’ ngokuhambisana neseluleko esiphilileyo esinikezwe ngabadala bebandla. Nokho, awuyikumenqaba ngokuphelele, ngoba usengumzalwane wakho, umKristu okanye nawe uKristu amfelayo. Kunokuvumela noma iyiphi imbewu ye‘nzondo’ ikhule, kumelwe ‘umsole.’ Kanjani? Nokho, ngaphandle kokuba yisibonelo esihle ngokwakho, ukulalela kwakho ngomusa kodwa ngokuqinile ukuqondisa kokuthi “Ningahlanganyeli naye” kungenye indlela yokuyala. Kodwa ungase wenze okwengeziwe kokumsiza.—Lev. 19:17; Thithu 2:7, 8.
20. Uma ‘uphawule’ othile ongafanele, yimuphi umthwalo wemfanelo onawo?
20 Uyoba naye ‘ophawuliwe’ emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini. Kanjalo, ungase ube nethuba lokufeza esinye isibopho sakho esihilelekile ‘ekumphawuleni’: “Ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.” (2 Thes. 3:14, 15) Uma ungawufezi umthwalo wakho wemfanelo kulesisici seseluleko sikaNkulunkulu, kodwa uphatha ‘ophawuliwe’ njengesitha, inkambo yakho ingase ingabi eyothando ifane neyakhe.
21. Iyini injongo yalelilungiselelo elingokomBhalo? (Numeri 35:12; Dut. 19:11, 12)
21 Kuthenjwa ukuthi umuntu ‘ophawuliwe’ uyoba namahloni. Angase aqaphele ukuthi kungenxa yokuqondisa okungokomBhalo okwenza nigweme ukudlelana naye kobungane. Lokhu kuyala kungase kumsize ukuba aqinise “izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo, . . . ukuba okuqhugayo kungaphinyezeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.” Ngokucabangela inani elikhulu labazalwane abathembekile abahlanganyela nebandla likaNkulunkulu namuhla, cishe kuyoba okungavamile ngamaKristu ukuba abopheke ukuba ‘aphawule’ umzalwane ongafanele. Kodwa lapho lokhu kwenzeka, mhlawumbe ukuyala, okuhlangene nokukhuza, kuyo‘thela isithelo sokuthula, okungukuthi, ukulunga.’—Heb. 12:11-13.
UKUHLANGANA NEKOMITI YABADALA
22, 23. Amacala esono esibi kakhulu kufanele asingathwe kanjani?
22 Njengoba siye saphawula (esigabeni 7), umuntu ‘oye wenza izono ezingathi sína’ udinga ukunakekelwa ‘amadoda amadala ebandla.’ (Jak. 5:14, 15) Lamadoda amadala asesimweni esihle sokunikeza isiyalo sokwesaba uNkulunkulu kumuntu oye wanqobeka futhi wawela esonweni esibi. Angase alungiselele usizo olungokomoya aludingayo.—IzAga 6:23.
23 Ngokuvamile ikomiti yabadala abathathu ikhethelwa ukusingatha ukwenziwa kobubi okuyingozi. Abenzi njengamajaji noma ‘amaphoyisa angokomoya.’ Bangabelusi bomhlambi, futhi babonakala benjalo uma beqondisa umenzi wobubi. Umelusi womhlambi woqobo akabonisi umoya wokuphindisela, wokhahlo noma wokusola. Ngokufanayo nabadala. Balapho ukuze basize, hhayi ukuba basole. (Juda 23) Umgomo wabo uwukubuyisa umoni endleleni yakhe, uma kunokwenzeka.—Jak. 5:19, 20.
24. Yini abadala abazama ukuyenzela umoni?
24 Kodwa, ekusingatheni isono esibi kakhulu, abadala kumelwe ba“bambelele ezwini elithembekileyo,” ukuze babe “nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.” (Thithu 1:9) Ngakho akumelwe bazindele ukumbonisa ngokuqondile umoni emiBhalweni ububi benkambo yakhe nesizathu sokuba adinge ukuqondisa indlela yakhe. Bafuna ukuba aphenduke futhi abe nokuthula noNkulunkulu futhi.—1 Pet. 3:10-12.
25. Iziphi izimo ezisadinga ukufundwa?
25 Abadala, nokho, bangabasola kanjani abenzi bobubi? Kuyini ukuphenduka kokwesaba uNkulunkulu? Kubonakaliswa kanjani? Abadala bangawasingatha kanjani amacala okona okukhulu lapho ukuphenduka kuboniswa? Ingabe umenzi wobubi kumelwe asolwe phambi kwebandla lonke? Lokhu kuzocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Isibonelo esihilela ukuphola lapho umuntu engakhululekile ngokomBhalo ukuba abuye ashade kwaxoxwa ngaso ‘Emibuzweni Evela Kubafundi’ kuNqabayokulinda kaFebruary 1, 1981.
b Uku‘phawula’ umuntu kusho ukumbhekisisa ngokukhethekile. Qhathanisa nokubhekisisa okuhle okukhulunyelwe kumaHubo 37:37; Filipi 3:17; nakumaHeberu 13:7.
[Ibhokisi ekhasini 24]
SIHILELEKE KANJANI EKUYALENI KOKWESABA UNKULUNKULU
Ngezinye izikhathi uNkulunkulu usiyala ngeBhayibheli noma ngezincwadi zokutadisha iBhayibheli
Noma umKristu, ikakhulukazi umdala, angase ngothando asibonise iphutha.
Uma abathile benqaba ukushiya inkambo engafanelekile, abadala bangase baqaphele futhi baxwayise ibandla ngaleyonkambo noma isici.
Kanjalo nathi kufanele sibe nomuzwa wokuthi ngabanye simelwe si‘phawule’ (2 Thes. 3:14, 15) noma ubani ohamba ngokungafanele.
Uma senza kanjalo, siyogwema ukuhlangana kobungane nabanjalo, KODWA futhi kumelwe sigcwalise isibopho sethu sokusiza nokuyala abanjalo abangafanele, ngoba basengabafowethu abangamaKristu.
[Isithombe ekhasini 21]
Uma ubona omunye umKristu eqonde engozini, ungamnikeza iseluleko somusa?
[Isithombe ekhasini 22]
‘Yelekelelani’ labo abadinga isikhuthazo esiyalayo, kwaluleka uPawulu