Babelazi Igama LikaNkulunkulu
INCWADI yokuqala okwaziwa ukuthi yalotshwa futhi yasakazwa emazweni aseMelika ayengaphansi kweNgilandi kwakuyiBay Psalm Book. Uhlelo lwayo lokuqala lwanyatheliswa uStephen Daye eMassachusetts Bay Colony phakathi nonyaka ka-1640. Leyoncwadi yokuqala yayiqukethe incwadi yeBhayibheli yamaHubo, eyayihunyushwe kusuka olimini lwesiHeberu kuya kolwesiNgisi njengoba lwalukhulunywa futhi lubhalwa ngalesosikhathi.
Isici esiphawulekayo seBay Psalm Book kwakuwukusetshenziswa kwegama laphezulu emavesini athile. Ngakho, noma ubani owayefunda leyoncwadi emuva kangangeminyaka engu-350 edlule wayesesimweni sokwazi igama loMdali wethu. Ngokwesibonelo, kulolohlelo, iHubo 83:17, 18 lifundeka kanje: “Mabakhungatheke kuze kube phakade, futhi bahlushwe kabuhlungu: yebo, mabahlazeke, futhi baqothulwe. Ukuze abantu bazi; ukuthi wena ogama lakho linguIEHOVAH nguwe kuphela, kuwo wonke umhlaba ongophezukonke kusukela mandulo.”
Yebo, uNkulunkulu ophezu konke ufuna okungaphezu kokuvuma kwethu ukuthi igama lakhe linguJehova (Iehovah). KuBay Psalm Book, iHubo 1:1, 2 lithi “umuntu obusisiwe” akahambi ngezeluleko zababi, “kodwa ulangazelela ukuthokoza, emthethweni kaIehovah.” INew England Psalms ebukeziwe ka-1648 ithi: “Kodwa phezu komthetho kaJehova ubeka konke ukuthokoza kwakhe.”
Lapha iNew World Translation of the Holy Scriptures yekhulu lama-20 leminyaka ifundeka kanje: “Uyajabula umuntu ongahambanga ngezeluleko zababi, futhi ongemanga endleleni yezoni, nongahlalanga enkundleni yabaklolodayo. Kodwa ukuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, futhi emthethweni wakhe ufunda ngokunyenyeza ubusuku nemini.”
Ukuze ajabule ngempela, umuntu kumelwe azenqabe izeluleko zababi. Akumelwe alandele isibonelo sezoni futhi akanakuhambisana nabaklolodayo abangamesabi uNkulunkulu. Phakathi kokunye, kudingeka agweme ukuba umngane walabo abanezeluleko nokuziphatha okungamyengela ekuziphatheni okubi ngokobulili, ekusebenziseni kabi izidakamizwa, nakwezinye izenzo eziphambene nomthetho kaNkulunkulu. Yebo, injabulo yeqiniso ixhomeke ekufundeni ngoNkulunkulu weqiniso, ogama lakhe linguJehova, nasekusebenziseni umthetho wakhe njengoba wembulwe eBhayibhelini.