-
Incwadi YeBhayibheli Yama-58—KumaHeberu“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
13. (a) UKristu waba kanjani “umpristi kuze kube-phakade,” oyisisusa sokusindiswa okuphakade? (b) Kungani uPawulu enxusa amaHeberu ukuba aqhubekele ekuvuthweni?
13 Umbono ovuthiwe ngokuphakama kobupristi bukaKristu (4:14–7:28). UPawulu unxusa amaHeberu ukuba abambelele ekuvumeni uJesu, umPristi oMkhulu odabulile amazulu, ukuze athole umusa. UKristu akazidumisanga yena, kodwa uYise owathi: “Wena ungumpristi kuze kube-phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.” (Heb. 5:6; IHu. 110:4) Okokuqala, uKristu wapheleliselwa isikhundla sokuba umpristi omkhulu ngokufunda ukulalela ngokuhlupheka, ukuze abe yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo. UPawulu ‘unokuningi angakusho, okulukhuni ukukuchasisela,’ kodwa amaHeberu aseyizingane ezidinga ubisi, kuyilapho, eqinisweni, abefanele abe ngabafundisi. “Ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.” Umphostoli ubanxusa ukuba ‘baqhubekele kokupheleleyo [“ekuvuthweni,” NW].’—Heb. 5:11, 14; 6:1.
14. Abakholwayo bangalidla kanjani ifa lesithembiso, futhi liye laqiniswa kanjani ithemba labo?
14 Akunakwenzeka ngalabo abaye balazi izwi likaNkulunkulu babuye bahlubuka ukuba baphinde bavuselwe ekuphendukeni “lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.” Kungokukholwa nokubekezela kuphela abakholwayo bengadla ifa lesithembiso esenziwa kuAbrahama—isithembiso esaqiniswa futhi sagxiliswa ngezinto ezimbili ezingeguquleke: izwi likaNkulunkulu nesifungo sakhe. Ithemba labo, ‘eliyihange lomphefumulo, eliqinile, eligxilile,’ liye laqiniswa ukungena kukaJesu “phakathi kwesihenqo” njengomgijimi wokusandulela nomPristi oMkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.—6:6, 19.
15. Yini ebonisa ukuthi ubupristi bukaJesu, njengoba bungokokuma kukaMelkisedeki, babuyoba ngaphezu kobukaLevi?
15 LoMelkisedeki wayeyikho kokubili “inkosi yaseSalema” “nompristi kaNkulunkulu oPhezukonke.” Ngisho nenhloko yomndeni uAbrahama yamkhokhela okweshumi, futhi ngayo, uLevi, owayesesokhalweni luka-Abrahama, wenza okufanayo. Ngaleyondlela ukubusisa kukaMelkisedeki uAbrahama kwadlulela kuLevi owayengakazalwa, futhi lokhu kwabonisa ukuthi ubupristi bobuLevi ngezinga babungaphansi kobukaMelkisedeki. Futhi, uma ukuphelela kweza ngobupristi buka-Aroni bobuLevi, ingabe sasiyoba khona isidingo somunye umpristi “ngokokuma kukaMelkisedeki”? Ngaphezu kwalokho, njengoba kunenguquko ebupristini, “kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.”—7:1, 11, 12.
16. Kungani ubupristi bukaJesu bungaphezu kobupristi bangaphansi koMthetho?
16 Eqinisweni, uMthetho awuphelelisanga-lutho kodwa wabonakala ubuthakathaka futhi ungasizi. Ngenxa yokuthi babefa, abapristi bawo babebaningi, kodwa uJesu “ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka; ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.” LomPristi oMkhulu, uJesu, ‘ungcwele, akanacala, akanabala, wahlukanisiwe nezoni,’ kuyilapho abapristi abakhulu abamiswa ngoMthetho babuthakathaka, okokuqala kudingeka banikele ngemihlatshelo yezabo izono ngaphambi kokuba balamulele abanye. Ngakho izwi lesifungo sikaNkulunkulu “limisa iNdodana epheleliswé kuze kube-phakade.”—7:24-26, 28.
-
-
Incwadi YeBhayibheli Yama-58—KumaHeberu“Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
-
-
25. Yikuphi ukusetshenziswa okukhanyisayo kwemiBhalo yesiHeberu uPawulu akwenzayo?
25 Ngaphezu kwalokho, encwadini kaPawulu eya kumaHeberu, sithola ubufakazi obushukumisa inhliziyo bokuthi iziprofetho ezalotshwa kudala emiBhalweni yesiHeberu kamuva zagcwaliseka ngendlela emangalisayo. Konke lokhu kungokokufundiswa nenduduzo yethu namuhla. Ngokwesibonelo, kumaHeberu, izikhathi eziyisihlanu uPawulu usebenzisa amazwi esiprofetho soMbuso esikumaHubo 110:1 kuJesu Kristu njengeMbewu yoMbuso, ‘ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu’ elindele ukuba “izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.” (Heb. 12:2; 10:12, 13; 1:3, 13; 8:1) Ngaphezu kwalokho, uPawulu ucaphuna iHubo 110:4 ekuchazeni isikhundla esibalulekile esithathwe iNdodana kaNkulunkulu sokuba “umpristi kuze kube-phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.” NjengoMelkisedeki wasendulo, lowo embhalweni ogciniwe weBhayibheli ‘ongenayise, ongenanina, ongenaluzalo, ongenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila,’ uJesu uyikho kokubili iNkosi ‘nompristi njalonjalo’ ukuba anikeze izinzuzo zaphakade zomhlatshelo wakhe wesihlengo kubo bonke abazithoba ngokulalela ngaphansi kokubusa kwakhe. (Heb. 5:6, 10; 6:20; 7:1-21) KukulomPristi ofanayo oyiNkosi uPawulu abhekisela kuye ekucaphuneni iHubo 45:6, 7: “UNkulunkulu uyisihlalo sakho sobukhosi phakade naphakade, futhi intonga yombuso wakho iyintonga yobuqotho. Uthandile ukulunga, wazonda ububi. Kungakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.” (Heb. 1:8, 9, NW) Njengoba uPawulu ecaphuna emiBhalweni yesiHeberu futhi ebonisa ukugcwaliseka kwayo kuKristu Jesu, sibona izingcezu zomfuziselo waphezulu zingena ezindaweni zazo ukuze sikhanyiselwe.
-