UJehova Usibonisa Indlela Yokubala Izinsuku Zethu
“Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.”—IHUBO 90:12.
1. Kungani kufaneleka ukucela uJehova ukuba asibonise indlela ‘yokubala izinsuku zethu’?
UJEHOVA UNKULUNKULU unguMdali noMniki-kuphila wethu. (IHubo 36:9; IsAmbulo 4:11) Ngakho-ke, akekho omunye ongaba sesimweni esingcono sokusibonisa indlela yokusebenzisa ngokuhlakanipha iminyaka yethu yokuphila. Ngokufanelekayo-ke, umhubi wanxusa uNkulunkulu: “Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.” (IHubo 90:12) IHubo 90 esithola kulo lokhu kunxusa, liyakufanelekela ngempela ukuba silihlole ngokucophelela. Nokho, ake siqale sithole umbono ofingqiwe wale ngoma ephefumulelwe ngokwaphezulu.
2. (a) Kuthiwa ngubani umqambi weHubo 90, futhi kungenzeka labhalwa nini? (b) IHubo 90 kufanele liwuthinte kanjani umbono wethu ngokuphila?
2 Umbhalo ongenhla kweHubo 90 ulibiza ngokuthi “umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu.” Njengoba leli hubo ligcizelela ubufushane bokuphila komuntu, cishe laqanjwa ngemva kokuba ama-Israyeli ekhululwe ebugqilini baseGibithe futhi esesohambweni lwawo lweminyaka engu-40 ehlane, lapho kwafa khona izinkulungwane saze saphela isizukulwane esingenalukholo. (Numeri 32:9-13) Kungakhathaliseki ukuthi laqanjelwaphi, iHubo 90 libonisa ukuthi ukuphila kwabantu abangaphelele kufushane. Kusobala-ke ukuthi kufanele sizisebenzise ngokuhlakanipha izinsuku zethu eziyigugu.
3. Ngokuyisisekelo, liquketheni iHubo 90?
3 IHubo 90, amavesi 1 kuya ku-6 liveza uJehova njengesiphephelo sethu saphakade. IHu 90 Amavesi 7 kuya ku-12 abonisa lokho esikudingayo ukuze iminyaka yethu yokuphila edlula ngokushesha siyisebenzise ngendlela eyamukelekayo kuye. Njengoba kushiwo emavesini 13 kuya ku-17, sifisa ngobuqotho ukuthola umusa wothando nesibusiso sikaJehova. Yiqiniso, leli hubo alibikezeli lokho okuyokwenzeka kithi ngabanye njengezinceku zikaJehova. Nokho, isimo sengqondo sokuzinikela kuNkulunkulu nemizwa ekulo kufanele sikubhekise kithi, sikulingise. Ngakho-ke, ake sihlole iHubo 90 ngombono wabantu abazinikezele kuNkulunkulu.
UJehova “Uyisiphephelo” Sethu
4-6. UJehova “uyisiphephelo” sethu ngaziphi izindlela?
4 Umhubi uvula ngamazwi athi: “Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane. [“Zingakazalwa,” NW] izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe [“njengokungathi ngemihelo,” NW], kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.”—IHubo 90:1, 2.
5 Kithi, ‘uNkulunkulu omi phakade,’ uJehova, “uyisiphephelo” esingokomoya. (Roma 16:26) Sizizwa silondekile ngoba uhlale ekulungele ukusisiza, yena “ozwayo imikhuleko.” (IHubo 65:2) Ngenxa yokuthi izinto ezisikhathazayo siziphonsa kuBaba wethu osezulwini ngeNdodana yakhe ethandekayo, ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuqapha izinhliziyo zethu namandla ethu engqondo.’—Filipi 4:6, 7; Mathewu 6:9; Johane 14:6, 14.
6 Sijabulela ukulondeka okungokomoya ngoba uJehova “uyisiphephelo” sethu. Ulungiselela ‘namakamelo’—cishe ahlobene kakhulu namabandla abantu bakhe—ukuze abe yiziphephelo ezingokomoya, lapho abelusi abanothando benza khona okuningi ukuze sizizwe silondekile. (Isaya 26:20; 32:1, 2; IzEnzo 20:28, 29) Ngaphezu kwalokho, abanye bethu bavela emikhayeni enomlando omude wokukhonza uNkulunkulu futhi baye bazibonela mathupha ukuthi ‘uyisiphephelo ezizukulwaneni ngezizukulwane.’
7. Izintaba “zazalwa” ngamuphi umqondo, futhi umhlaba waba khona kanjani njengokungathi “ngemihelo”?
7 UJehova wayekhona “zingakazalwa” izintaba futhi umhlaba ungakenziwa njengokungathi “ngemihelo.” Ngokombono womuntu, ukwakha lo mhlaba nazo zonke izici zawo, amakhemikhali nokusebenzelana kwawo, kanye nezinqubo eziyinkimbinkimbi kwadinga ukuzikhandla okukhulu. Futhi ngokuthi izintaba “zazalwa” futhi umhlaba wenziwa njengokungathi “ngemihelo,” umhubi ubonisa ukuthi uyawuhlonipha kakhulu umsebenzi owawuhilelekile lapho uJehova edala lezi zinto. Ingabe nathi akufanele sibe nenhlonipho nokwazisa okufanayo ngomsebenzi wezandla zoMdali?
UJehova Uhlale Ekulungele Ukusisiza
8. Asho ukuthini amazwi athi uJehova uNkulunkulu wayekhona “kusukela phakade kuze kube phakade”?
8 Umhubi wahlabelela: “Kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.” Igama lolimi lokuqala elihunyushwe ngokuthi “phakade” lingabhekisela ezintweni ezinesiphelo kodwa okungashiwongo ukuthi zithatha isikhathi esingakanani. (Eksodusi 31:16, 17; Heberu 9:15) Nokho, kumaHubo 90:2 nakwezinye izindawo emiBhalweni YesiHeberu kuqondwe “ubuphakade,” njengoba kubonisa indlela elihunyushwe ngayo. (UmShumayeli 1:4) Izingqondo zethu azikwazi ukuqonda ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi uNkulunkulu wayelokhu ekhona. Nokho, uJehova akabanga nasiqalo futhi ngeke abe nasiphelo. (Habakuki 1:12, qhathanisa ne-NW.) Uyolokhu ephila futhi ekulungele ukusisiza.
9. Umhubi uthi iminyaka eyinkulungwane yokuphila komuntu iyisikhathi esingakanani?
9 Umhubi waphefumulelwa ukuba athi iminyaka eyinkulungwane yokuphila komuntu iyisikhathi esifushane kakhulu kuMdali ongunaphakade. Ebhekise kuNkulunkulu, wabhala: “Uyambuyisela umuntu othulini, uthi: ‘Buyani, bantwana babantu.’ Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile, nanjengomlindo ebusuku.”—IHubo 90:3, 4.
10. UNkulunkulu ‘umbuyisela kanjani umuntu othulini’?
10 Umuntu uyafa, uNkulunkulu ‘ambuyisele othulini.’ Okungukuthi, abuyele “emhlabathini,” njengenhlabathi ecolisekile. Kunjengokungathi uJehova uthi: ‘Phindelani othulini lomhlabathi enenziwa ngalo.’ (Genesise 2:7; 3:19) Lokhu kwenzeka kuwo wonke umuntu—abanamandla nababuthaka, abacebile nabampofu—ngoba akukho muntu ongaphelele ‘ongahlenga umfowabo, anike uNkulunkulu ihlawulo ngaye, ukuba aphile njalo.’ (IHubo 49:6-9) Kodwa yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi ‘uNkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo abe nokuphila okuphakade’!—Johane 3:16; Roma 6:23.
11. Kungani sithi isikhathi eside kithi sifushane kakhulu kuNkulunkulu?
11 NgokukaJehova, ngisho noMetushela owayeneminyaka engu-969 ubudala waphila isikhathi esingaphansi kosuku. (Genesise 5:27) KuNkulunkulu, iminyaka eyinkulungwane imane injengosuku lwayizolo lapho seludlulile—inkathi yamahora angu-24 nje kuphela. Umhubi uphawula nokuthi kuNkulunkulu iminyaka eyinkulungwane injengomlindo ongamahora amane womqaphi wasebusuku ekamu. (AbAhluleli 7:19) Kusobala-ke ukuthi isikhathi eside kithina sifushane kakhulu kuNkulunkulu ongunaphakade, uJehova.
12. UNkulunkulu ‘ubamukisa’ kanjani abantu?
12 Ngokungafani nokuba khona kukaNkulunkulu phakade, ukuphila komuntu njengamanje kufushane kakhulu. Umhubi uthi: “Uyabamukisa njengesikhukhula, banjengobuthongo; ekuseni banjengotshani obuhlumayo; ekuseni buyakhahlela, buhlume; kusihlwa bunqunywe, bubune.” (IHubo 90:5, 6) UMose wabona izinkulungwane zama-Israyeli zifela ehlane, ‘zimukiswa’ nguNkulunkulu njengokungathi ngesikhukhula. Le ngxenye yehubo iye yahunyushwa ngokuthi: “Ukhukhula abantu ngobuthongo bokufa.” (New International Version) Ngakolunye uhlangothi, isikhathi sokuphila kwabantu abangaphelele ‘sinjengobuthongo’ obufushane nje—ungasifanisa nobuthongo bobusuku obubodwa.
13. ‘Sinjengotshani’ ngamuphi umqondo, futhi lokhu kufanele kukuthinte kanjani ukucabanga kwethu?
13 ‘Sinjengotshani obukhahlelayo ekuseni’ kodwa bube sebubunile kusihlwa ngenxa yokushisa okukhulu kwelanga. Yebo, ukuphila kwethu kudlula ngokushesha njengotshani obubuna ngosuku olulodwa. Ngakho-ke, masingayisaphazi le mpahla eyigugu. Kunalokho, kufanele sifune isiqondiso sikaNkulunkulu mayelana nendlela okufanele siyisebenzise ngayo iminyaka esisalele kulesi simiso sezinto.
UJehova Usisiza Ukuba ‘Sibale Izinsuku Zethu’
14, 15. IHubo 90:7-9 lagcwaliseka kanjani kuma-Israyeli?
14 Ebhekise kuNkulunkulu, umhubi uyanezela: “Siyaqedwa yintukuthelo yakho, nangolaka lwakho siyabhubha. Ubekile amacala ethu phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho. Ngokuba izinsuku zethu ziyadlula ngentukuthelo yakho; siyafeza iminyaka yethu njengephefu [noma, “njengomnyenyezo,” NW].”—IHubo 90:7-9.
15 Ama-Israyeli angenalukholo ‘aqedwa yintukuthelo kaNkulunkulu.’ ‘Abhubha ngolaka lwakhe,’ noma ‘esatshiswa yintukuthelo yakhe.’ (New International Version) Amanye “acekwa ehlane” ngenxa yezahlulelo zaphezulu. (1 Korinte 10:5) UJehova ‘wabeka amacala awo phambi kwakhe.’ Wawenza alandisa ngokona kwawo kwasobala, kodwa ngisho ‘nezono zawo ezifihliweyo zazisekukhanyeni kobuso bakhe.’ (IzAga 15:3) Lapho evuthelwa yintukuthelo kaNkulunkulu, ama-Israyeli angaphenduki ‘afeza iminyaka yawo njengomnyenyezo.’ Empeleni, nesilinganiso sokuphila kwethu okufushane sinjengomoya ophuma ngezindebe zethu uwumnyenyezo nje.
16. Uma abathile benza isono ngasese, yini okufanele bayenze?
16 Uma noma ubani kithi engase enze isono ngasese ngokuqhubekayo, singase sikwazi ukukufihlela abanye abantu okwesikhathi esithile lokho kuziphatha. Kodwa ukona kwethu esikufihlayo bekuyoba ‘sekukhanyeni kobuso bukaJehova,’ futhi izenzo zethu beziyolimaza ubuhlobo bethu naye. Ukuze siphinde sisondelane noJehova, kungadingeka sithandazele ukuba asithethelele, sishiye iziphambeko zethu futhi ngokwazisa samukele usizo olungokomoya lwabadala abangamaKristu. (IzAga 28:13; Jakobe 5:14, 15) Yeka ukuthi lokho kungaba ngcono kangakanani kunokuba sengozini ‘yokufeza iminyaka yethu njengomnyenyezo,’ ithemba lethu lokuphila phakade lisengozini!
17. Singakanani isilinganiso esivamile sokuphila kwabantu, futhi iminyaka yethu igcweleni?
17 Ekhuluma ngesilinganiso sokuphila kwabantu abangaphelele, umhubi uthi: “Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.” (IHubo 90:10) Abantu ngokuvamile baba nesilinganiso seminyaka engu-70, futhi lapho uKalebi eseneminyaka engu-85 ubudala wakhuluma ngamandla akhe angavamile. Bakhona abantu abadlula kuleso silinganiso, njengo-Aroni (123), uMose (120) noJoshuwa (110). (Numeri 33:39; Duteronomi 34:7; Joshuwa 14:6, 10, 11; 24:29) Kodwa esizukulwaneni esingenalukholo esaphuma eGibithe, ababhalisiweyo abaneminyaka engu-20 kuya phezulu bafa ingakapheli iminyaka engu-40. (Numeri 14:29-34) Namuhla, emazweni amaningi isilinganiso esivamile sokuphila kwabantu asidluli kuleso esanikezwa ngumhubi. Iminyaka yethu igcwele “ukuhlupheka nelize.” Idlula ngokushesha, “simuke.”—Jobe 14:1, 2.
18, 19. (a) Kusho ukuthini ‘ukubala izinsuku zethu ngendlela eyosenza sizuze inhliziyo enokuhlakanipha’? (b) Ukusebenzisa kwethu ukuhlakanipha kuyosishukumisela ukuba senzeni?
18 Umhubi ube esehlabelela athi: “Ngubani owaziyo amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengakho ukwesabeka kwakho na? Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.” (IHubo 90:11, 12) Akekho kithi owazi ngokugcwele amandla entukuthelo kaNkulunkulu noma izinga lolaka lwakhe, futhi lokhu kufanele kusenze simesabe ngenhlonipho nakakhulu uJehova. Empeleni, kufanele kusishukumisele ukuba simbuze ukuthi ‘singazibala kanjani izinsuku zethu ngendlela eyosenza sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.’
19 Amazwi omhubi awumthandazo wokucela ukuba uJehova afundise abantu bakhe indlela yokubonisa ukuhlakanipha ngokwazisa izinsuku zabo ezisele nangokuzisebenzisa ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu. Ukuphila kweminyaka engu-70 kunezinsuku ezingaba ngu-25 500. Nokho, kungakhathaliseki ubudala bethu, ‘asazi ukuthi ukuphila kwethu kuyoba yini kusasa, ngoba siyinkungu ebonakala isikhathi esincane bese inyamalala.’ (Jakobe 4:13-15) Njengoba ‘sonke sihlangabezana nesikhathi nethuba,’ asinakusho ukuthi sisazophila isikhathi eside kangakanani. Ngakho-ke, masithandazele ukuhlakanipha kokubhekana nokulingwa, siphathe abanye kahle futhi senze okusemandleni ethu enkonzweni yethu njengamanje—namuhla! (UmShumayeli 9:11; Jakobe 1:5-8) UJehova usiqondisa ngeZwi lakhe, umoya wakhe nenhlangano yakhe. (Mathewu 24:45-47; 1 Korinte 2:10; 2 Thimothewu 3:16, 17) Ukusebenzisa ukuhlakanipha kusishukumisela ukuba ‘sifune kuqala uMbuso kaNkulunkulu’ futhi sisebenzise izinsuku zethu ngendlela eletha inkazimulo kuJehova futhi ithokozise inhliziyo yakhe. (Mathewu 6:25-33; IzAga 27:11) Yiqiniso, ukumkhulekela ngenhliziyo yonke ngeke kususe zonke izinkinga zethu, kodwa ngokuqinisekile kuphumela enjabulweni enkulu.
Isibusiso SikaJehova Sisilethela Injabulo
20. (a) UNkulunkulu ‘uhawukela’ ngamuphi umqondo? (b) UJehova uyosiphatha kanjani uma sona kakhulu kodwa sibonise ukuphenduka kwangempela?
20 Yeka ukuthi bekungaba kuhle kanjani uma besingase sikwazi ukujabula kukho konke ukuphila kwethu okusele! Mayelana nalokhu, uMose uyanxusa: “Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho. Sisuthise ngomusa wakho [noma, “uthando oluqotho”], kuse sekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.” (IHubo 90:13, 14; umbhalo waphansi we-NW) UNkulunkulu akawenzi amaphutha. Nokho, ‘uyahawukela,’ ‘abuye’ olakeni lwakhe nasekukhipheni isijeziso lapho isixwayiso sakhe sibangela ushintsho esimweni sengqondo nasekuziphatheni kwabenzi bokubi abaphendukile. (Duteronomi 13:17) Ngakho, ngisho noma sona kakhulu kodwa bese sibonisa ukuphenduka kwangempela, uJehova ‘angasisuthisa ngomusa wakhe wothando,’ sibe nesizathu ‘sokuthokoza.’ (IHubo 32:1-5) Futhi ngokuphishekela inkambo elungile, siyoluzwa uthando oluqotho uNkulunkulu analo ngathi futhi sikwazi ‘ukujabula izinsuku zethu zonke’—yebo, ukuphila kwethu konke okusele.
21. Ngokwamazwi eHubo 90:15, 16, yini okungenzeka uMose wayeyicela?
21 Umhubi uthandaza ngobuqotho: “Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo, nangangeminyaka esabona okubi ngayo. Izenzo zakho mazibonakale kuzo izinceku zakho, nenkazimulo yakho kubantwana bazo.” (IHubo 90:15, 16) Kungenzeka uMose wayecela uNkulunkulu ukuba abusise ama-Israyeli ngenjabulo elingana noma eqhubeka isikhathi eside ngangezinsuku zokuhlupheka kwawo neminyaka ayebhekene nezinhlekelele ngayo. Wacela ukuba “izenzo” zikaNkulunkulu zokubusisa ama-Israyeli zibonakale ezincekwini zaKhe nokuba inkazimulo yaKhe ibonakale kubantwana bawo. Singakuthandazela ngokufanele ukuba isintu esilalelayo sithululelwe izibusiso ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe.—2 Petru 3:13.
22. NgokweHubo 90:17, yini esingayithandazela ngokufanelekayo?
22 IHubo 90 liphetha ngalokhu kunxusa: “Ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu, umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu; yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.” (IHubo 90:17) La mazwi abonisa ukuthi kuyafaneleka ukuba sithandazele ukuba uNkulunkulu abusise imizamo yethu enkonzweni yakhe. NjengamaKristu agcotshiwe noma abangane bawo ‘abangezinye izimvu,’ siyajabula ngokuthi ‘ubuhle bukaJehova’ buphezu kwethu. (Johane 10:16) Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi uNkulunkulu uye ‘wamisa umsebenzi wezandla zethu’ njengabamemezeli boMbuso nangezinye izindlela!
Masiqhubeke Sibala Izinsuku Zethu
23, 24. Ukuzindla ngeHubo 90 kungasizuzisa kanjani?
23 Ukuzindla ngeHubo 90 kufanele kusenze sincike nakakhulu kuJehova, “isiphephelo” sethu. Ukuzindla ngamazwi alo aphathelene nobufushane bokuphila kufanele kusenze sisiqaphele nakakhulu isidingo sesiqondiso saphezulu ekubaleni izinsuku zethu. Futhi uma sikhuthazela ekufuneni nasekuboniseni ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu, singaqiniseka ngokuthi siyothola umusa wothando nesibusiso sikaJehova.
24 UJehova uzoqhubeka esibonisa indlela yokubala izinsuku zethu. Futhi uma silalela ukufundisa kwakhe, siyokwazi ukuqhubeka sibala izinsuku zethu kuze kube phakade. (Johane 17:3) Nokho, uma sikufuna ngempela ukuphila okuphakade, kumelwe uJehova abe yisiphephelo sethu. (Jude 20, 21) Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, leli phuzu licaciswe kahle kakhulu emazwini akhuthazayo eHubo 91.
Ungaphendula Kanjani?
• UJehova “uyisiphephelo” sethu ngamuphi umqondo?
• Kungani sithi uJehova uhlale ekulungele ukusisiza?
• UJehova usisiza kanjani ukuba ‘sibale izinsuku zethu’?
• Yini esenza sikwazi ‘ukujabula izinsuku zethu zonke’?
[Isithombe ekhasini 10]
UJehova wayenguNkulunkulu “zingakazalwa izintaba”
[Isithombe ekhasini 12]
NgokukaJehova, uMetushela owayeneminyaka engu-969 ubudala waphila isikhathi esingaphansi kosuku
[Izithombe ekhasini 14]
UJehova uye ‘wamisa umsebenzi wezandla zethu’