Ingabe Ubaluleke Ngempela KuNkulunkulu?
EBUSUKU, ingabe wake wama wabheka ezulwini? Ingabe wake wazibuza ukuthi ubona kude kangakanani ngempela, noma zingaki izinkanyezi ongazibona ngeso loqobo? Khona-ke, uxakekile ngalobubucwazicwazi obukhulu basezulwini, ingabe wake wazibuza, Ingabe umuntu omncinyane ngempela ubalulekile kuNkulunkulu? Ingabe uNkulunkulu eqinisweni uyangikhathalela njengomuntu?
Eminyakeni eyizinkulungwane ezintathu edlule uDavide inkosi eyimbongi engumHeberu yakwaJuda yabonisa ukumangala ngalamazwi alandelayo: “Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?” (IHubo 8:3, 4) Yebo, ngisho nakuba uDavide engazange akuqaphele, ngamehlo akhe luqobo wayebuka izulu ebangeni lamalight yeara ayizi-600 000. Wahlabeka umxhwele ngokuthi uMdali walowomkhathi omkhulu kumelwe futhi abheke umuntu njengobalulekile.
UDavide waveza umqondo ofanayo kumaHubo 144, lapho sifunda khona ukuthi: “Jehova, uyini umuntu ukuba umazi, nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na? Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.” (IHu 144 Amavesi 3, 4) Kodwa, naphezu kobuncane bomuntu obukhulu nobufushane besikhathi sokuphila, uDavide wayazi ukuthi umuntu ubalulekile kuNkulunkulu. Wayengaqiniseka kanjani ngalokho? Ngoba yena ngokwakhe wayeye wakha ubuhlobo bomuntu siqu noJehova.
Ubuhlobo Obunjani Obunokwenzeka?
Sazi kanjani ukuthi uDavide wayenobuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu? Ukugijimisa amehlo ngokushesha kunoma imaphi amahubo kaDavide, noma izingoma ezisankondlo, kumelwe kube okwanele ukusiqinisekisa ngalokho. Ngokwesibonelo, ake sithathe iHubo 23, futhi ngamazwi alo abekwe ngokukhanyayo, zama ukubona ukwethembela okubonisiwe uDavide ayenakho kuMalusi wakhe, uJehova uNkulunkulu.
“UJehova ungumalusi wami,
angiyikuswela.
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;
uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
Ubuyisa umphefumulo wami;
uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi,
ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.”—IHu 23 Amavesi 1-4.
Lapha, ukujula kobuhlobo bukaDavide noNkulunkulu bukhanya ngokuthe bhá. Lelohubo likuthinta kanjani? Ingabe uyalibona ibhuloho lokwethembela phakathi kwe“mvu” engenakuzivikela uDavide noMalusi wakhe ovikelayo, uJehova? Ngokungangabazeki, uDavide waliqaphela iqiniso lokuthi nakuba umuntu efana “nomoya” yena ngokwakhe wayebalulekile kuNkulunkulu wakhe noMalusi. Ngakho-ke, uDavide wayengathi ngokholo: “UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.” Ungasithola kanjani-ke isibindi esifanayo, ukwethembela okufanayo?
Okokuqala nje kunephuzu elilodwa elibalulekile esingeke singalinaki. Akukhona nje ukuba nesithakazelo kukamalusi ezimvini zakhe. Nezimvu kumelwe zilandele umalusi wazo futhi zilalele izwi lakhe. Ngamanye amazwi, uma sifuna ukuba ababalulekile kuNkulunkulu kumelwe futhi sithembele kuNkulunkulu. Uma izimvu zifohla isibaya noma zenqaba umalusi, khona-ke zilahlekelwa isivikelo. Ubuhlobo bubulawa ukuphambuka ngamabomu kwezimvu ngokwazo. Naphezu komlando womuntu ngalokhu, uNkulunkulu uye wabonisa ukukhathalela ngesintu, hhayi njengeqembu kuphela kodwa futhi njengabantu ngabanye. Buyini ubufakazi esinabo ngokusho lokhu?
Kusukela Nini Umuntu Engobalulekile KuNkulunkulu?
Kusukela ekuqaleni komlando womuntu, uJehova uye wabonisa ukukhathalela ngesintu nekusasa laso. Lapho ukuhlubuka kobugovu kugqashuka e-Edene, uNkulunkulu akawulahlanga umkhaya wabantu ewushiya ungenathemba. Wathembisa “inzalo” yesikhathi esizayo eyayiyolwa nesitha esiyinhloko somuntu futhi ilethe ukukhululeka ngokuchoboza ikhanda likaSathane. (Genesise 3:15; Roma 16:20) Ngemva kwalokho uJehova waqhubeka esebenzelana nesintu, ngezinye izikhathi nabantu ngabanye futhi ngezinye izikhathi nezizwe.
Isibonelo esikhanyayo sokukhathalela kukaJehova umuntu ngamunye kuIsrayeli wasendulo sasiwumthetho owenza ilungiselelo lezintandane nabafelokazi, abampofu besizwe. Ngokwesibonelo, wawuthi babengaba nengxenye ekuvuneni ngisho nakuba babengenalo izwe. Babenikezwe amalungelo okukhothoza emasimini asevuniwe. Yeka ukuthi lokhu kwakukuhle kanjani kunamalungiselelo amaningi enhlalakahle akhona ezizweni namuhla! KwaIsrayeli umuntu wayehlonipheka naphezu kobumpofu bakhe. Ngani? Ngoba kwakungadingeki acele noma alindele isabelo semali yombuso. Ngezandla zakhe siqu wayekhothozela izidingo zakhe. Wayenza umsebenzi owusizo futhi wayezizwa ethokoza ngoNkulunkulu wakhe ophanayo, uJehova.—Levitikusi 19:9, 10; Ruthe, isahluko 2.
Ingabe UKristu Wakuqokomisa Ukunakekela KukaYise?
AmaVangeli amane akwenza kucace ukuthi uJesu Kristu wayebanakekela abantu. Futhi njengoba abonisa ngokuqondile izimfanelo zikaYise, ukukhathalela kwakhe kwakuwubufakazi obusobala bokuthi umuntu ubalulekile kuNkulunkulu. (Johane 14:9) Ukufundisa kukaKristu kwakuqukethe iziqondiso zothando neziwusizo ngokuphila okungenabugovu. Yeka ukuthi lokho kwaboniswa kanjani ngokukhanyayo lapho abafundi bakhe bebuya bekhathele emkhankasweni wokushumayela! Kwaba yini ukusabela kwakhe? Kwakungokwesihawu nokokucabangela. UJesu wayiqonda imizwa yabo, isidingo sabo sokuhlaba ikhefu. “Wayesethi kubo: Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana. Ngokuba babebaningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla.” Ngakho bonke bagibela umkhumbi baya endaweni eyihlane ukuze baphumule.
Kodwa isixuku sabalandela. UJesu wasabela kanjani kulokho? Ngokungabekezeli nangolaka? “Wathi ephuma [emkhunjini], wabona isixuku esikhulu, waba-nesihe ngabantu, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.”—Marku 6:30-34.
Yeka ukuthi uKristu wakubonisa ngokusobala kanjani ukukhathalela kukaYise ngabantu! Wakuqokomisa lokhu futhi lapho ethi: “Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.”—Luka 12:6, 7.
Ngokuqinisekile, emehlweni kaNkulunkulu umuntu ofuna ukulandela uJesu Kristu akalahlekile. Kodwa iphuzu elibalulekile liwukuthi, Ingabe ufuna ngenkuthalo ukulandela uJesu Kristu? Ingabe uyasiqaphela isidingo sakho esingokomoya maqondana nalokhu? (Mathewu 5:3) Khumbula, ngokushesha ngaphambi kokuboshwa kwakhe nokufa okwalandela uJesu wathandaza kuYise: “Angiceleli laba bodwa [abaphostoli abathembekile abayi-11 abahlanganyela naye esidlweni sakhe sakusihlwa] kepha nalabo [abanye abafundi] abakholwa yimi ngezwi labo.” (Johane 17:20) UJesu wayazi ukuthi kwakungenakuba abaphostoli bakhe kuphela ababeyoba ababalulekile kuNkulunkulu kodwa nalabo kamuva ababeyokholwa ngenxa yokushumayela kwabo. Lokho kubonisa ukuthi uMalusi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, useduze nabo bonke ababonisa isimo sokuthobeka sezimvu.—IHubo 23:1.
Ingabe Umuntu Ubalulekile KuNkulunkulu Namuhla?
Kodwa manje ungase ubuze, ‘Uma umuntu ebaluleke ngempela kuNkulunkulu, lokho kubonakala kanjani namuhla? Futhi ngingazuza kanjani ekukhathaleleni kukaNkulunkulu isintu?’
Namuhla uJehova, uMalusi Omkhulu, uye wenza ilungiselelo labantu abanjengezimvu kuwo wonke umhlaba ukuba bezwe izwi lakhe. Uye wakwenza kanjani lokhu? UJesu uyaphendula: “Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi.” Kanjalo, uJehova udonsela kuye abantu abanenhliziyo ethobekileyo ngo“malusi omuhle” ammisileyo, uJesu Kristu.—Johane 6:44; 10:11, 14-16.
Ufezwa kanjani lomsebenzi wokudonsa? Ngomsebenzi wokushumayela kwabalandeli abathembekile bakaKristu abangofakazi bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova, njengoba noJesu ayenguye. Yebo, ofakazi bakaJehova abangamaKristu bashumayela noma kuphi lapho abantu betholakala khona. Ngokukhululekile, bagxilisa ukunakekela komuntu siqu kunoma ubani ofuna ukwazi uNkulunkulu. Uma ungakenzi kanjalo, ingabe uzimisele ukuthatha isinyathelo sakho sokuqala mayelana nokuthuthukisa ubuhlobo bakho siqu noMalusi Omkhulu, uJehova? Ingabe uzimisele ukufuna uNkulunkulu ngoJesu Kristu? Khumbula ukunxusa kukaJesu: “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.” Ngokuthumela iNdodana yakhe emhlabeni ngenxa yethu, uMalusi Omkhulu kakade wayesethathe isinyathelo sokuqala esiqondile maqondana nawe. Uma usabela, ngokushesha uyozibonela ukuthi umuntu ubalulekile kuNkulunkulu.—Mathewu 7:7; 1 Johane 4:7-10.
Ingabe Ikusasa Lomuntu Libalulekile KuNkulunkulu?
Iqiniso lokuthi ukuba khona komuntu kuqhathaniswa nomoya, ukuphefumula nje, libonisa ukuthi ukuphila komuntu kufushane kangakanani. Kodwa, ngempela ubungathanda ukuphila isikhathi eside kangakanani uma ubungajabulela impilo ephelele nokujabula? Ingabe uthi, “Phakade”? Yebo, uJehova uye wathembisa khona lokho—ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Kanjalo, encwadini yomphostoli uPawulu kuThithu, sifunda ngethemba “lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade.” (Thithu 1:2) Ngokusekelwe kuleso sithembiso esifanayo, uPawulu wanikeza iseluleko kwabanye ukuba “benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane, bezibekelela isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze babambe ukuphila okuyikho.” Lokho “kuphila okuyikho” kuholela ekuphileni okuphakade.—1 Thimothewu 6:17-19.
Ingabe Abafileyo Babalulekile KuNkulunkulu?
‘Kodwa,’ ungase ubuze, ‘kuthiwani ngabafileyo? Ingabe babalulekile kuMalusi Omkhulu?’ Ngokuqinisekile kunjalo! Kungakho umphostoli uPawulu “ayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.” (IzEnzo 17:18) Ngokuqinisekile, uvuko luyisibonelo esivelele sokukhathalela kukaJehova umuntu ngamunye. Kungani kunjalo? Ngoba kubonisa ukuthi uye wagcina umbhalo, ngisho nemininingwane emincane, yobuntu balabo abayobuyiselwa ekuphileni. UMqondisi Omkhulu wendawo yonke, nazo zonke izigidi zemithala nezinkanyezi, akethuswa isidingo sokukhumbula yonke leyomininingwane yobuntu futhi ayifake ebuchosheni nasenhliziyweni edalwe kabusha. Akumangalisi ukuthi uJesu wamemezela ngokholo: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo [iNdodana uJesu] . . . baphumele ekuvukeni.”—Johane 5:28, 29.
Uma ufuna ukukhunjulwa uMalusi Omkhulu, uJehova, ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ungangabazi ukucela oFakazi BakaJehova ukuba bakusize. Uwedwa ekhaya lakho siqu ungabuza noma imiphi imibuzo yeBhayibheli oyifisayo futhi ungaqiniseka ngezimpendulo ezinengqondo. Noma ungabhalela abanyathelisi balomagazini abayokusiza ukuba uzibonele ngokwanelisayo ukuthi ungaba obaluleke ngempela kuNkulunkulu manje nasesikhathini esizayo.
Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela?
[Umbhalo waphansi]
a Ilight-year iyibanga elihanjwa ukukhanya ngonyaka ngesivinini samakhilomitha ayizi-299 338 ngomzuzwana. Lokhu kufinyelela kumakhilomitha ayizi-9 460 000 000 000, ibanga elihanjwa ukukhanya ngonyaka. Yebo, izulu libanzi kakhulu kunokubuka okulinganiselwe kweso loqobo.
[Isithombe ekhasini 5]
Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela?
[Isithombe ekhasini 7]
UMalusi Omkhulu uzinakekela ngothando zonke “izimvu” zakhe