Khonza UJehova Ngokwenama Kwenhliziyo
“Zonke leziziqalekiso ziyakukwehlela . . . lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo.”—DUTERONOMI 28:45-47.
1. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi labo abakhonza uJehova bayajabula, nomaphi lapho bemkhonza khona?
IZINCEKU zikaJehova ziyajabula, kungakhathaliseki ukuthi zenza intando yakhe zisezulwini noma emhlabeni. “Izinkanyezi zokusa” eziyizingelosi zamemeza ngenjabulo lapho kusekelwa umhlaba, futhi ngokungangabazeki amashumi ezinkulungwane ezingelosi zasezulwini ‘enza okwezwi likaNkulunkulu’ ngenjabulo. (Jobe 38:4-7; IHubo 103:20) INdodana kaJehova ezelwe yodwa ‘yayiyingcweti yomsebenzi’ ejabulayo ezulwini futhi yathola injabulo ekwenzeni intando yaphezulu njengomuntu uJesu Kristu emhlabeni. Ngaphezu kwalokho, ‘esikhundleni sentokozo eyayiyibekelwe yathwala [isigxobo sokuhlushwa, NW] ingalinaki ihlazo‚ yahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.’—IzAga 8:30, 31; Heberu 10:5-10; 12:2.
2. Yini eyayinquma ukuthi ama-Israyeli ayethola izibusiso noma iziqalekiso?
2 Ama-Israyeli ayethola injabulo lapho ejabulisa uNkulunkulu. Kodwa kwakwenzekani uma engamlaleli? Ayexwayisiwe: “[Leziziqalekiso] zibe-phezu kwakho isibonakaliso nesimangaliso, naphezu kwenzalo yakho kuze kube-phakade. Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto, uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.” (Duteronomi 28:45-48) Izibusiso neziqalekiso zenza kwacaca ukuthi obani ababeyizinceku zikaJehova nokuthi obani ababengezona. Iziqalekiso ezinjalo futhi zaqinisekisa ukuthi izimiso nezinjongo zikaNkulunkulu azinakwedelelwa, futhi azinakubukelwa phansi. Ngenxa yokuthi ama-Israyeli enqaba ukulalela izixwayiso zikaJehova zokuthi ayochithwa futhi adingiswe, iJerusalema laba “yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.” (Jeremiya 26:6) Ngakho-ke masilalele uNkulunkulu sijabulele umusa wakhe. Injabulo ingesinye sezibusiso eziningi zaphezulu ezitholwa yilabo abesaba uNkulunkulu.
Indlela Yokukhonza “Ngokwenama Kwenhliziyo”
3. Iyini inhliziyo engokomfanekiso?
3 Ama-Israyeli kwakumelwe akhonze uJehova “ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo.” Kumelwe zenze kanjalo nezinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla. Ukujabula ‘kuwukwenama; ukugcwala injabulo.’ Nakuba emiBhalweni kukhulunywa ngenhliziyo engokoqobo, kodwa ayicabangi ngempela. (Eksodusi 28:30) Umsebenzi wayo oyinhloko ukufutha igazi elondla amangqamuzana omzimba. Nokho, ezimweni eziningi kakhulu iBhayibheli libhekisela enhliziyweni engokomfanekiso, engaphezu kokuba indawo okutholakala kuyo umuzwa wokusondelana nabanye, izisusa, nokuhlakanipha. Kuthiwa imelele “ingxenye emaphakathi isiyonke, ingaphakathi, ngakho imelele umuntu ongaphakathi njengoba ezibonakalisa kuyo yonke imisebenzi yakhe ehlukahlukene, ngezifiso zakhe, ukusondelana kwakhe nabanye, imizwelo, izifiso ezinamandla, izinjongo, imicabango yakhe, ukuqonda, imibono yeso lengqondo, ukuhlakanipha kwakhe, ulwazi, amakhono, izinkolelo zakhe, nokucabanga kwakhe, izinkumbulo zakhe nokuziqaphela kwakhe.” (Journal of the Society of Biblical Literature and Exegesis, 1882, ikhasi 67) Inhliziyo yethu engokomfanekiso ihilela imizwa nemizwelo yethu, ehlanganisa nenjabulo.—Johane 16:22.
4. Yini engasisiza ukuba sikhonze uJehova uNkulunkulu ngokwenama kwenhliziyo?
4 Yini engasisiza ukuba sikhonze uJehova ngokwenama kwenhliziyo? Umbono oqondile nowokwazisa ngezibusiso zethu namalungelo esiwanikwe uNkulunkulu kuyasiza. Ngokwesibonelo, singacabanga ngenjabulo ngelungelo lethu ‘lokukhonza’ uNkulunkulu weqiniso. (Luka 1:74) Kukhona lelolungelo elihlobene nalo lokuphatha igama likaJehova njengoFakazi bakhe. (Isaya 43:10-12) Kulokhu singanezela injabulo yokwazi ukuthi ngokulandela iZwi LikaNkulunkulu siyamjabulisa. Futhi yeka injabulo ekhona ekudluliseleni ukukhanya okungokomoya futhi kanjalo sisize abaningi ukuba baphume ebumnyameni!—Mathewu 5:14-16; qhathanisa neyoku-1 Petru 2:9.
5. Uyini umthombo wenjabulo yokwesaba uNkulunkulu?
5 Nokho, ukukhonza uJehova ngokwenama kwenhliziyo akuyona nje indaba yokucabanga ngokuqondile. Kuyazuzisa ukuba nombono oqondile. Kodwa injabulo yokwesaba uNkulunkulu akuyona into esiba nayo ngokuthuthukiswa kobuntu. Iyisithelo somoya kaJehova. (Galathiya 5:22, 23) Uma singenayo injabulo enjalo, kungase kudingeke senze ukulungisa okuthile ukuze sigweme ukucabanga noma ukwenza ngendlela engeyona engokombhalo engase idabukise umoya kaNkulunkulu. (Efesu 4:30) Nokho, njengabazinikele kuJehova masingabi novalo lokuthi ukuntula injabulo ngesikhathi esithile kuwubufakazi bokungavunyelwa ngokwaphezulu. Asiphelele futhi sibhekana nezinhlungu, ukudabuka, ngisho nokucindezeleka ngezikhathi ezithile, kodwa uJehova uyasiqonda. (IHubo 103:10-14) Ngakho masithandazele umoya wakhe ongcwele, sikhumbula ukuthi isithelo sawo senjabulo sinikezwa nguNkulunkulu. UBaba wethu wasezulwini onothando uyoyiphendula imithandazo enjalo futhi uyosenza sikwazi ukumkhonza ngokujabula kwenhliziyo.—Luka 11:13.
Lapho Injabulo Ingekho
6. Uma injabulo ingekho enkonzweni esiyenzela uNkulunkulu, yini okufanele siyenze?
6 Uma ingekho injabulo enkonzweni yethu, singase ekugcineni sinciphise intshiseko ekukhonzeni uJehova noma size ngisho singathembeki kuye. Ngakho, kungaba ukuhlakanipha ukuba ngokuthobeka nangomthandazo sicabangele izisusa zethu futhi senze ukulungisa okudingekile. Ukuze sibe nenjabulo enikezwa uNkulunkulu, kumelwe sikhonze uJehova ngokushukunyiswa uthando nangayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, nengqondo. (Mathewu 22:37) Akumelwe sikhonze ngesimo sengqondo sokuncintisana, ngoba uPawulu wabhala: “Uma siphila ngoMoya‚ masihambe futhi ngoMoya. Masingafuni udumo oluze‚ siqalana‚ sifelane umhawu.” (Galathiya 5:25, 26) Ngeke sibe nayo injabulo yeqiniso uma sikhonza ngoba sifuna ukudlula abanye noma sifuna udumo.
7. Singakuphemba kanjani kabusha ukwenama kwenhliziyo?
7 Kukhona injabulo ekuphileni ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuJehova. Lapho sisand’ ukuzinikezela kuNkulunkulu, sayiqala ngentshiseko indlela yokuphila kobuKristu. Sasitadisha imiBhalo futhi sihlanganyela njalo emihlanganweni. (Heberu 10:24, 25) Kwakusinika injabulo ukuhlanganyela enkonzweni. Nokho, kuthiwani uma injabulo yethu isiye yancipha? Ukutadisha iBhayibheli, ukuba khona emihlanganweni, ukuhlanganyela enkonzweni—yebo, ukuhileleka ngokugcwele kuzo zonke izici zobuKristu—kufanele kunike ukuphila kwethu ukuzimelela ngokomoya futhi kuphembe kabusha uthando esasinalo ekuqaleni nokwenama kwethu kwakuqala kwenhliziyo. (IsAmbulo 2:4) Khona-ke ngeke sibe njengabanye ngandlela-thile abanokungajabuli futhi abavama ukudinga usizo olungokomoya. Abadala bayakujabulela ukusiza, kodwa ngabanye kumelwe siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuNkulunkulu. Akekho omunye ongasenzela lokhu. Ngakho-ke masikwenze umgomo wethu ukulandela isimiso sobuKristu esivamile ukuze siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu kuJehova futhi sibe nenjabulo yeqiniso.
8. Kungani unembeza ohlanzekile ubalulekile uma sifuna ukujabula?
8 Ukuze sibe nenjabulo eyisithelo somoya kaNkulunkulu, sidinga unembeza ohlanzekile. Lapho nje iNkosi uDavide yakwa-Israyeli yayisazama ukufihla isono sayo, yayilusizi. Eqinisweni, kwakubonakala sengathi uloya lwayo luyahwamuka, futhi kungenzeka ukuthi yagula emzimbeni. Yeka impumuzo eyaba nayo lapho iphenduka futhi ivuma isono sayo! (IHubo 32:1-5) Akunakwenzeka sijabule uma sifihle isono esithile esingathi sína. Lokho kungamane kusibangele ukuba siphile ukuphila okugcwele ukukhathazeka. Ngokuqinisekile leyo akuyona indlela yokuthola injabulo. Kodwa ukusivuma isono nokuphenduka kuletha impumuzo nokubuyiselwa komoya wokujabula.—IzAga 28:13.
Ukulinda Ngenjabulo
9, 10. (a) Isiphi isithembiso u-Abrahama asithola, kodwa kungenzeka ukuthi ukholo lwakhe nenjabulo kwavivinyeka kanjani? (b) Singazuza kanjani esibonelweni sika-Abrahama, u-Isaka, noJakobe?
9 Kukodwa ukuba nenjabulo lapho siqala ukuzwa ngenjongo yaphezulu, kodwa kungenye into ukuhlala sijabule lapho iminyaka idlula. Lokhu kungaboniswa ngendaba ka-Abrahama othembekile. Ngemva kokuba elinge ukunikela ngendodana yakhe u-Isaka ngokuyalwa uNkulunkulu, ingelosi yaletha lesisigijimi: “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa, ngiyakukubusisa nokukubusisa ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibengangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo, [nangembewu, NW] yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.” (Genesise 22:15-18) Ngokungangabazeki, u-Abrahama wachichima injabulo ngalesisithembiso.
10 Kungenzeka u-Abrahama walindela ukuthi u-Isaka wayeyoba ‘yileyombewu’ okwakuzoza ngayo lezizibusiso ezithenjisiwe. Kodwa kungenzeka ukuthi ukudlula kweminyaka kungafezwa lutho olumangalisayo ngo-Isaka kwaluvivinya ukholo nenjabulo ka-Abrahama nomkhaya wakhe. Ukuqinisa kukaNkulunkulu isithembiso ku-Isaka nakamuva endodaneni yakhe uJakobe kwabaqinisekisa ukuthi ukuza kwaleyoMbewu kwakuseyinto yesikhathi esizayo, futhi lokhu kwabasiza ukuba balondoloze ukholo nenjabulo yabo. Nokho, u-Abrahama, u-Isaka, noJakobe bafa bengazange bakubone ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu kubo, kodwa babengezona izinceku zikaJehova ezingenanjabulo. (Heberu 11:13) Nathi singaqhubeka sikhonza uJehova ngokholo nangenjabulo kuyilapho silindele ukugcwaliseka kwezithembiso zakhe.
Injabulo Naphezu Koshushiso
11. Kungani singajabula naphezu koshushiso?
11 Njengezinceku zikaJehova, singamkhonza uJehova ngokwenama kwenhliziyo, ngisho no-ma sishushiswa. UJesu wathi bayajabula abashushiswa ngenxa yakhe, futhi umphostoli uPetru wathi: “Njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu‚ thokozani‚ ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze‚ nethabe nokwethaba. Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu‚ [niyajabula, NW]‚ ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.” (1 Petru 4:13, 14; Mathewu 5:11, 12, qhathanisa ne-NW.) Uma ukhuthazelela ushushiso nokuhlupheka ngenxa yokulunga, unomoya kaJehova nokuvunyelwa nguye, futhi lokho ngokuqinisekile kuthuthukisa injabulo.
12. (a) Kungani singase sikwazi ukubhekana nokuvivinywa kokholo ngenjabulo? (b) Isiphi isifundo esiyisisekelo esingafundwa endabeni yomLevi othile owayesekudingisweni?
12 Singabhekana ngenjabulo nokuvivinywa kokholo ngoba uNkulunkulu uyiSiphephelo sethu. Lokhu kwenziwa kucace kumaHubo 42 no-43. Ngesizathu esithile, umLevi othile wayedingisiwe. Wakhumbula ukukhulekela endlini kaNkulunkulu engcwele kangangokuthi wazizwa ome njengendluzelekazi elangazelela amanzi endaweni eyomile newugwadule. “Womela,” noma walangazela, uJehova nelungelo lokukhulekela uNkulunkulu endlini yaKhe engcwele. (IHubo 42:1, 2) Okuhlangenwe nakho kwalomdingiswa kufanele kusishukumisele ukuba sibonise ukubonga ngokuhlangana esikujabulelayo nabantu bakaJehova. Uma isimo esinjengokuvalelwa ngenxa yoshushiso sisivimbela okwesikhashana ukuba sibe nabo, masikhumbule izinjabulo zesikhathi esidlule sindawonye enkonzweni engcwele futhi sithandazele ukukhuthazela kuyilapho ‘sethemba uNkulunkulu’ ukuthi uyosibuyisela emsebenzini ovamile kanye nabakhulekeli bakhe.—IHubo 42:4, 5, 11; 43:3-5.
“Mkhonzeni UJehova Ngokujabula”
13. IHubo 100:1, 2 libonisa kanjani ukuthi injabulo kumelwe ibe isici esivelele senkonzo esiyenzela uNkulunkulu?
13 Injabulo kumelwe ibe isici esivelele senkonzo yethu kuNkulunkulu. Lokhu kwaboniswa engomeni yokubonga umhubi ahlabelela kuyo wathi: “Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke. Mkhonzeni uJehova ngokujabula nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo.” (IHubo 100:1, 2) UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo’ futhi ufuna izinceku zakhe zithole injabulo lapho zifeza izibopho zokuzinikezela kwazo kuye. (1 Thimothewu 1:11, NW) Abantu bazo zonke izizwe kufanele bethabe ngoJehova, futhi amazwi ethu okudumisa kufanele abe namandla, ‘njengokuhlokoma kwezwi lokuhalalisa’ kwebutho elinqobayo. Njengoba inkonzo eyenzelwa uNkulunkulu iqabula, kufanele ihambisane nokujabula. Ngakho, umhubi wanxusa abantu ukuba beze phambi kukaNkulunkulu “ngokuhuba kwentokozo.”
14, 15. IHubo 100:3-5 lisebenza kanjani kubantu bakaJehova abajabulayo namuhla?
14 Umhubi wanezela: “Yazini [qaphelani, vumani] ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe-ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.” (IHubo 100:3) Njengoba uJehova enguMdali wethu, ungumnikazi wethu njengoba umalusi engumnikazi wezimvu. UNkulunkulu usinakekela kahle kangangokuthi simdumisa ngokubonga. (IHubo 23) Ngokuphathelene noJehova, umhubi wabuye wahlabelela: “Ngenani emasangweni akhe ngokubonga nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe. Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.”—IHubo 100:4, 5.
15 Namuhla, abantu abajabulayo bazo zonke izizwe bangena emagcekeni endlu kaJehova engcwele ukuze bambonge futhi bamdumise. Ngenjabulo sibusisa igama likaNkulunkulu ngokukhuluma kahle ngoJehova ngaso sonke isikhathi, futhi izimfanelo zakhe ezinhle zisishukumisela ukuba simdumise. Muhle ngokuphelele, futhi umusa wakhe wothando noma ukuzicabangela ngobubele izinceku zakhe kungathenjelwa kukho njalo, ngoba kuhlala kuze kube phakade. “Ezizukulwaneni ngezizukulwane,” uJehova uthembekile ekuboniseni uthando kulabo abenza intando yakhe. (Roma 8:38, 39) Khona-ke ngokuqinisekile sinesizathu esihle ‘sokukhonza uJehova ngokujabula.’
Thokoza Ethembeni Lakho
16. Imaphi amathemba amaKristu angajabula ngawo?
16 UPawulu wabhala: “Ethembeni nithokoze.” (Roma 12:12) Abalandeli bakaJesu Kristu abagcotshiwe bayathokoza ngethemba elikhazimulayo lokuphila kwasezulwini okungenakufa uNkulunkulu enze bakwazi ukulithola ngeNdodana yakhe. (Roma 8:16, 17; Filipi 3:20, 21) AmaKristu anethemba lokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni nawo anazo izizathu zokujabula. (Luka 23:43) Zonke izinceku zikaJehova zinesizathu sokuthokoza ngethemba loMbuso, ngoba ziyoba ingxenye yalowohulumeni wasezulwini noma ziyophila endaweni yawo yasemhlabeni. Yeka isibusiso esijabulisayo!—Mathewu 6:9, 10; Roma 8:18-21.
17, 18. (a) Yini eyabikezelwa ku-Isaya 25:6-8? (b) Sigcwaliseka kanjani lesisiprofetho sika-Isaya manje, futhi kuthiwani ngokugcwaliseka kwaso esikhathini esizayo?
17 U-Isaya futhi wabikezela ikusasa elijabulisayo lesintu esilalelayo. Wabhala: “UJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kulentaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo. Uyakuchitha kulentaba ingaphandle lesimbozo esimboza abantu bonke, nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe. Uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.”—Isaya 25:6-8.
18 Idili elingokomoya esihlanganyela kulo namuhla njengabakhulekeli bakaJehova liyidili elijabulisayo ngempela. Eqinisweni, injabulo yethu iyachichima njengoba sikhonza uNkulunkulu ngentshiseko silindele idili lezinto ezinhle ezingokoqobo athembise ukuthi ziyoba khona ezweni elisha. (2 Petru 3:13) Ngesisekelo somhlatshelo kaJesu, uJehova uyosusa ‘umgubuzelo’ omboze isintu ngenxa yesono sika-Adamu. Yeka injabulo okuyoba yiyo ukubona isono nokufa kususiwe! Yeka injabulo okuyoba yiyo ukwamukela abathandekayo abavusiwe, ukuphawula ukuthi izinyembezi zinyamalele, nokuphila emhlabeni oyipharadesi, lapho abantu bakaJehova bengeke bahlanjalazwe kodwa beyobe benike uNkulunkulu impendulo kumsoli omkhulu, uSathane uDeveli!—IzAga 27:11.
19. Kufanele sizizwe kanjani ngamathemba uJehova awabeke phambi kwethu njengoFakazi bakhe?
19 Awugcwali yini injabulo nokubonga ngokwazi lokho uJehova azokwenzela izinceku zakhe? Ngempela, amathemba amahle kangaka anengxenye enjabulweni yethu! Ngaphezu kwalokho, ithemba lethu elibusisekile lisenza sibheke kuNkulunkulu wethu ojabulayo, onothando, nophanayo sinemizwa enjengalena: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.” (Isaya 25:9) Sinalelithemba elikhazimulayo ligxilile ezingqondweni zethu, masenze wonke umzamo wentshiseko ukuba sikhonze uJehova ngokwenama kwenhliziyo.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Singamkhonza kanjani uJehova “ngokwenama kwenhliziyo”?
◻ Yini esingayenza uma ingekho injabulo enkonzweni esiyenzela uNkulunkulu?
◻ Kungani abantu bakaJehova bengajabula naphezu koshushiso?
◻ Iziphi izizathu esinazo zokujabula ngethemba lethu?
[Izithombe ekhasini 17]
Ukuhlanganyela kuzo zonke izici zokuphila kobuKristu kuyokwandisa injabulo yethu