Inkululeko Evela KuNkulunkulu Iletha Injabulo
“Injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”—NEHEMIYA 8:10.
1. Iyini injabulo, futhi kungani labo abazinikezele kuNkulunkulu bengase bayithole?
UJEHOVA ugcwalisa izinhliziyo zabantu bakhe ngenjabulo. Lesimo senjabulo enkulu noma ukuthokoza siwumphumela wokuthola noma wokulindela okuhle. Abantu abazinikezele kuNkulunkulu bangaba nomzwelo onjalo ngoba injabulo iyisithelo somoya wakhe ongcwele, noma amandla ayisiphekupheku. (Galathiya 5:22, 23) Ngakho ngisho nakuba izilingo ezikhungathekisayo zisihlasela, singajabula njengezinceku zikaJehova, eziholwa umoya wakhe.
2. Kungani amaJuda ajabula esenzakalweni esikhethekile osukwini lukaEzra?
2 Esenzakalweni esikhethekile ngekhulu lesihlanu leminyaka B.C.E., amaJuda asebenzisa inkululeko yawo evela kuNkulunkulu ukuba agubhe uMkhosi Wamadokodo ojabulisayo eJerusalema. Ngemva kokuba uEzra namanye amaLevi sebebafundele futhi babachazela uMthetho kaNkulunkulu, “abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe.”—Nehemiya 8:5-12.
Injabulo KaJehova Iyinqaba Yethu
3. “Injabulo kaJehova” ingaba inqaba yethu ngaphansi kwaziphi izimo?
3 Phakathi nalowomkhosi, amaJuda akubona ukuba yiqiniso kwalamazwi: “Injabulo kaJehova iyinqaba yenu.” (Nehemiya 8:10) Lenjabulo iyinqaba yethu nathi uma siyimelela ngokuqinile inkululeko evela kuNkulunkulu njengoFakazi BakaJehova abazinikezele nababhapathiziwe. Abambalwa bethu baye bagcotshwa ngomoya ongcwele futhi bangeniswa emkhayeni kaNkulunkulu njengezindlalifa kanye noKristu. (Roma 8:15-23) Iningi lethu namuhla linethemba lokuphila epharadesi lasemhlabeni. (Luka 23:43) Yeka ukuthi kufanele sijabule kanjani!
4. Kungani amaKristu engakhuthazelela ukuhlupheka noshushiso?
4 Nakuba sinamathemba amangalisayo, akulula ukukhuthazelela ukuhlupheka noshushiso. Nokho, singakwenza ngoba uNkulunkulu usinika umoya wakhe ongcwele. Ngawo sinenjabulo nokuqiniseka ngokuthi akukho okungasephuca ithemba lethu noma uthando lukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyoba yinqaba yethu uma nje simthanda ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, amandla, nengqondo.—Luka 10:27.
5. Singazithola kuphi izizathu zokujabula?
5 Abantu bakaJehova bajabulela izibusiso ezicebile futhi banezizathu eziningi zokujabula. Ezinye zezizathu zokujabula zishiwo encwadini kaPawulu eya kwabaseGalathiya. Ezinye kukhulunywe ngazo kwezinye izindawo emiBhalweni. Kuzovuselela umoya wethu ukucabangela izibusiso ezinjalo ezithokozisayo.
Yazisa Inkululeko Evela KuNkulunkulu
6. Kungani uPawulu anxusa amaKristu aseGalathiya ukuba ame eqinile?
6 NjengamaKristu, sinesibusiso esijabulisayo sokuma okwamukelekayo noNkulunkulu. Njengoba uKristu akhulula abalandeli bakhe eMthethweni kaMose, abaseGalathiya banxuswa ukuba bame beqinile futhi bangaboshelwa kuleliya ‘joka lobugqila.’ Kuthiwani ngathi? Uma besingazama ukulungisiswa ngokugcina uMthetho, besiyobe sihlukene noKristu. Nokho, ngosizo lomoya kaNkulunkulu, silindela ukulunga esinethemba lakho ngenxa yokholo olusebenza ngothando, hhayi ngokusoka okungokwenyama noma eminye imisebenzi yoMthetho.—Galathiya 5:1-6.
7. Kufanele siyibheke kanjani inkonzo engcwele eya kuJehova?
7 Kuyisibusiso ukusebenzisa inkululeko yethu evela kuNkulunkulu ukuze ‘sikhonze uJehova ngokujabula.’ (IHubo 100:2) Ngempela, kuyilungelo elingenakulinganiswa ukunikela inkonzo engcwele “kuJehova uNkulunkulu, uMninimandla onke,” yona kanye “iNkosi yaphakade”! (IsAmbulo 15:3, qhathanisa neNW.) Uma kwenzeka uhlaselwa imizwa yokungazethembi, kungasiza ukuqaphela ukuthi uNkulunkulu ukusondezé kuye ngoJesu Kristu futhi wakunika ingxenye “emsebenzini ongcwele wezindaba ezinhle zikaNkulunkulu.” (Roma 15:16, qhathanisa neNW; Johane 6:44; 14:6) Yeka izizathu zokujabula nokubonga uNkulunkulu!
8. Ngokuqondene neBabiloni Elikhulu, abantu bakaNkulunkulu banasiphi isizathu sokujabula?
8 Esinye isizathu senjabulo inkululeko yethu evela kuNkulunkulu eBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 18:2, 4, 5) Nakuba ngokomfanekiso lesifebe esingokwenkolo “sihlezi phezu kwamanzi amaningi,” okusho “abantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi,” asihlezi phezu kwezinceku zikaJehova, noma sizithonye futhi sizilawule ngokwenkolo. (IsAmbulo 17:1, 15) Siyajabula ngokukhanya kukaNkulunkulu okumangalisayo, kuyilapho abasekeli beBabiloni Elikhulu besebumnyameni obungokomoya. (1 Petru 2:9) Yebo, kungase kube nzima ukuqonda okunye ‘kokujulileyo kukaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10) Kodwa imithandazo yokucela ukuhlakanipha nosizo lomoya ongcwele isisiza ukuba siqonde iqiniso elingokomBhalo elibakhululayo ngokomoya labo abanalo.—Johane 8:31, 32; Jakobe 1:5-8.
9. Ukuze sijabulele isibusiso senkululeko eqhubekayo emangeni angokwenkolo, yini okumelwe siyenze?
9 Sijabulela isibusiso senkululeko eqhubekayo emangeni angokwenkolo, kodwa ukuze siyigcine leyonkululeko, kumelwe sikwale ukuhlubuka. AbaseGalathiya babegijima kahle emncintiswaneni wobuKristu, kodwa abathile babebaphazamisa ekulaleleni iqiniso. Ukuyenga okunjalo okubi kwakungaveli kuNkulunkulu futhi kwakumelwe kumelwane nakho. Njengoba imvubelo eyingcosana ibilisa ihlama yonke, abafundisi bamanga noma ukuthambekela ngasekuhlubukeni kungalonakalisa lonke ibandla. UPawulu wayefisa sengathi bonke abasekeli bokusoka ababefuna ukuphambukisa ukholo lwabaseGalathiya bangangasoka nje kuphela kodwa bazikhubaze ngokobulili. Inkulumo enamandla ngempela! Kodwa kumelwe siqine ngokufanayo ekulahleni ukuhlubuka uma sifuna ukulondoloza inkululeko yethu evela kuNkulunkulu emangeni angokwenkolo.—Galathiya 5:7-12.
Khonzanani Ngothando
10. Uyini umthwalo wethu wemfanelo njengengxenye yobuzalwane bobuKristu?
10 Inkululeko evela kuNkulunkulu iye yasihlanganisa nobuzalwane obunothando, kodwa kumelwe sifeze ingxenye yethu ekuboniseni uthando. AbaseGalathiya kwakungamelwe basebenzise inkululeko yabo “njengethuba enyameni” noma njengezaba zobugovu obungenaluthando. Kwakumelwe bakhonzane beshukunyiswa uthando. (Levitikusi 19:18; Johane 13:35) Nathi kumelwe sigweme ukunyundelana kanye nenzondo engaphumela ekubeni siqedane. Yebo, lokhu ngeke kwenzeke uma sibonisa uthando lobuzalwane.—Galathiya 5:13-15.
11. Singaba kanjani isibusiso kwabanye, futhi bangasibusisa kanjani?
11 Ngokusebenzisa inkululeko yethu evela kuNkulunkulu ngokuvumelana nokuhola komoya kaNkulunkulu, siyobonisa uthando futhi sibe isibusiso kwabanye. Kumelwe kube umkhuba ukuba sizivumele ukuba siholwe futhi silawulwe umoya ongcwele. Khona-ke ngeke sithambekele ekwaneliseni ngokungenaluthando inyama yethu enesono ‘ekhanuka okuphambene nomoya.’ Uma siholwa umoya kaNkulunkulu, siyokwenza ngothando kodwa hhayi ngenxa yokuthi imithetho ifuna ukuthotshelwa futhi ibahlawulise abonayo. Ngokwesibonelo, uthando—hhayi umthetho nje—luyosivimbela ekunyundeleni abanye. (Levitikusi 19:16) Uthando luyosishukumisela ekubeni sikhulume futhi senze ngendlela yomusa. Ngenxa yokuthi sibonisa isithelo somoya sothando, abanye bayosibusisa noma bakhulume kahle ngathi. (IzAga 10:6) Ngaphezu kwalokho, ubungane nathi buyoba isibusiso kubo.—Galathiya 5:16-18.
Izithelo Ezingahambelani
12. Iziphi ezinye zezibusiso ezihlobene nokugwema “imisebenzi yenyama” eyisono?
12 Izibusiso eziningi ezihlobene nenkululeko yethu evela kuNkulunkulu ziwumphumela wokugwema “imisebenzi yenyama” eyisono. Njengabantu bakaNkulunkulu, nathi sisonke sigwema ubuhlungu obuningi ngoba asibenzi ubufebe, ukungcola, nokuziphatha okuxekethile. Ngokugwema ukukhonza izithombe, sinenjabulo ewumphumela wokuthokozisa uJehova ngokungakwenzi lokho. (1 Johane 5:21) Njengoba singayisebenzisi imimoya, sikhululekile ekubusweni amademoni. Ubuzalwane bethu bobuKristu abonakaliswa ubutha, ukuxabana, umona, ukuthukuthela, umbango, ukwahlukana, amahlelo, nomhawu. Futhi injabulo yethu ayilahleki emadilini obudakwa nokuxokozela. UPawulu waxwayisa ngokuthi labo abenza imisebenzi enjalo ngeke balidle ifa loMbuso kaNkulunkulu. Nokho, ngenxa yokuthi silalela amazwi akhe singanamathela ethembeni loMbuso elijabulisayo.—Galathiya 5:19-21.
13. Umoya ongcwele kaJehova uveza ziphi izithelo?
13 Inkululeko evela kuNkulunkulu isinika injabulo ngoba amaKristu abonisa izithelo zomoya kaJehova. Emazwini kaPawulu kwabaseGalathiya, kulula ukubona ukuthi imisebenzi yenyama enesono injengameva uma kuqhathaniswa nezithelo zomoya ezinhle zothando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ukuthobeka, nokuzithiba okutshalwe ezinhliziyweni ezesaba uNkulunkulu. Njengoba sizimisele ukuphila ngokuphambene nezinkanuko zenyama, sifisa ukuholwa umoya kaNkulunkulu nokuphila ngokuvumelana nawo. Umoya usenza sithobeke futhi sibe nokuthula, hhayi ukuba ‘sifune udumo oluze, siqalana, sifelana umhawu.’ Akumangalisi ukuthi kuyinjabulo ukuhlanganyela nalabo ababonisa izithelo zomoya!—Galathiya 5:22-26.
Ezinye Izizathu Zokujabula
14. Iziphi izikhali esizidingayo empini yethu ngokumelene namandla amabi emimoya?
14 Okuhlobene nenkululeko yethu engokomoya evela kuNkulunkulu isibusiso sokuvikeleka kuSathane namademoni akhe. Ukuze siphumelele ekulweni namandla emimoya emibi, kumelwe sihlome “izikhali zonke zikaNkulunkulu.” Sidinga ibhande leqiniso nesivikelo sesifuba sokulunga. Izinyawo zethu kumelwe zigqokiswe ukulungela ukushumayela izindaba ezinhle zokuthula. Okudingekayo futhi, isihlangu esikhulu sokholo, sokucima imicibisholo evuthayo yomubi. Kumelwe sifake isigqoko sensindiso futhi siphathe ‘inkemba kaMoya,’ iZwi likaNkulunkulu. Futhi ‘masikhuleke ngezikhathi zonke ngoMoya.’ (Efesu 6:11-18) Uma sihloma izikhali ezingokomoya futhi sala ubudemoni, ngeke sesabe futhi siyojabula.—Qhathanisa nezEnzo 19:18-20.
15. Isiphi isibusiso esijabulisayo okungesethu ngenxa yokuthi siziphatha ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu?
15 Injabulo ingeyethu ngoba ukuziphatha kwethu kuyavumelana neZwi likaNkulunkulu, futhi sikhululekile ecaleni elikhungethe abaningi abenza okubi. ‘Sizama ukuba njalo sibe-nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.’ (IzEnzo 24:16) Ngakho, akumelwe sisesabe isijeziso saphezulu esizokwehlela izoni zangabomu, ezingaphenduki. (Mathewu 12:22-32; Heberu 10:26-31) Ngokusebenzisa iseluleko esikuzAga 3:21-26, siyakuqaphela ukugcwaliseka kwalawomazwi: “Ugcine ukuhlakanipha namasu, kube-ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho. Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho. Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulalé phansi, ubuthongo bakho buyakuba-mnandi. Ungethukwa luvalo oluzumayo nokuchithwa kwababi, lapho kufika, ngokuba uJehova uyakuba-yithemba lakho, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.”
16. Kungani umkhuleko uyisizathu senjabulo, futhi umoya kaJehova ufeza yiphi indima kulesimo?
16 Esinye isizathu sokujabula inkululeko yethu evela kuNkulunkulu yokuya kuJehova ngomkhuleko sinokuqiniseka ngokuthi siyozwiwa. Yebo, imikhuleko yethu iyaphendulwa ngoba ‘sinokumesaba’ okunenhlonipho uJehova. (IzAga 1:7) Ngaphezu kwalokho, sisizwa ukuba sizigcine sisothandweni lukaNkulunkulu ‘ngokukhuleka ngoMoya oNgcwele.’ (Juda 20, 21) Lokhu sikwenza ngokubonisa isimo senhliziyo esamukelekayo kuJehova nangokukhuleka ngaphansi kwethonya lomoya wakhe sicele izinto ezivumelana nentando yakhe neZwi lakhe, elisibonisa indlela yokukhuleka nokuthi kumelwe siceleni emkhulekweni. (1 Johane 5:13-15) Uma silingwa kabuhlungu futhi singazi ukuthi kumelwe sikhulekeleni, ‘uMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, usinxusele ngokububula okungenakuphinyiselwa.’ UNkulunkulu uyayiphendula imithandazo enjalo. (Roma 8:26, 27) Masikhulekele umoya ongcwele futhi siwuvumele ukuba uveze kithina lezozithelo zawo ezidingeke ngokukhethekile ekubhekaneni novivinyo oluthile. (Luka 11:13) Siyokhulisa injabulo yethu futhi uma silitadisha ngomkhuleko nangenkuthalo iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe ngomoya nezincwadi zobuKristu ezilungiselelwe ngaphansi kokuqondisa komoya.
Ukubusiswa Ngosizo Oluhlala Lukhona
17. Okuhlangenwe nakho kukaMose namazwi kaDavide kubonisa kanjani ukuthi uJehova unabantu baKhe?
17 Ngokuyisebenzisa kahle inkululeko yethu evela kuNkulunkulu, siba nenjabulo yokwazi ukuthi uJehova unathi. Lapho izimo ezimbi zibangela uMose ukuba ahambe eGibithe, ngokholo “wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.” (Heberu 11:27) UMose wayengahambi yedwa; wayazi ukuthi uJehova wayenaye. Ngokufanayo, amadodana kaKora ahlabelela: “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; afunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo.” (IHubo 46:1-3) Uma unokholo olunjalo kuNkulunkulu, akasoze akushiya. UDavide wathi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) Yeka injabulo esekwazini ukuthi uNkulunkulu uzinakekela kangako izinceku zakhe!—1 Petru 5:6, 7.
18. Kungani labo abanenjabulo kaJehova benenkululeko evela kuNkulunkulu ekukhungathekeni okunamandla?
18 Njengoba sinenjabulo kaJehova, sinenkululeko evela kuNkulunkulu ekukhathazekeni okunamandla. UPawulu wathi, “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ukuthula kukaNkulunkulu kuwukuzola okungenakuqhathaniswa ngisho nasezimweni ezilinga kakhulu. Uma sinakho izinhliziyo zethu zihlala zizolile—okuyinto enhle kithi ngokomoya, ngokomzwelo, nangokomzimba. (IzAga 14:30) Kusisiza futhi ukuba sibe nokulinganisela ngokwengqondo, ngenxa yokwazi ukuthi ayikho into uNkulunkulu ayivumelayo engasilimaza phakade. (Mathewu 10:28) Lokhu kuthula okuwumphumela wobuhlobo obuseduze noNkulunkulu ngoKristu kungokwethu ngenxa yokuthi sizinikezele kuJehova futhi siyazithoba ekuqondiseni komoya wakhe, oveza izithelo ezinjengokujabula nokuthula.
19. Ukuzigxilisa kuphi izinhliziyo zethu okuyosisiza ukuba sijabule?
19 Ukugcina izinhliziyo zethu zigxile enkululekweni yethu evela kuNkulunkulu nasethembeni loMbuso kuyosisiza ukuba sijabule. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi kuncane okungenziwa maqondana nempilo ebuthaka, kodwa singakhulekela ukuhlakanipha namandla okubhekana nakho futhi singase sithole induduzo uma sicabanga ngempilo engokomoya esiyijabulela manje nokuphulukiswa okungokomzimba okuyokwenzeka ngaphansi kokubusa koMbuso. (IHubo 41:1-3; Isaya 33:24) Nakuba kungase kudingeke ukuba sikhuthazelele ukweswela namuhla, ngeke kube khona ukuntuleka kwezidingo zokuphila emhlabeni oyiPharadesi osuseduze kakhulu. (IHubo 72:14, 16; Isaya 65:21-23) Yebo, uBaba wethu wasezulwini uzosisekela manje futhi ekugcineni enze injabulo yethu iphelele.—IHubo 145:14-21.
Yazise Inkululeko Yakho Evela KuNkulunkulu
20. NgokweHubo 100:1-5, kufanele size kanjani phambi kukaJehova?
20 Njengabantu bakaJehova, ngokuqinisekile kufanele siyazise inkululeko evela kuNkulunkulu eye yasilethela injabulo nezibusiso eziningi kangaka. Akumangalisi ukuthi iHubo 100:1-5 lisinxusa ukuba size phambi kukaNkulunkulu “ngokuhuba kwentokozo.” UJehova ungumnikazi wethu futhi usinakekela njengoMalusi onothando. Yebo, ‘singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.’ Ukuba kwakhe nguMdali nezimfanelo ezinhle kusinikeza isisusa sokungena emagcekeni endawo yakhe engcwele ngokudumisa nokubonga. Sishukunyiselwa ukuba ‘sibusise igama lakhe,’ sikhulume kahle ngoJehova uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, singathembela ngaso sonke isikhathi emuseni wakhe wothando, noma ukusicabangela kwakhe ngozwela. “Ezizukulwaneni ngezizukulwane” uJehova uthembekile, akaguquki ekuboniseni uthando kulabo abenza intando yakhe.
21. Yisiphi isikhuthazo esanikezwa oshicilelweni lwesiNgisi lokuqala lwalomagazini, futhi yini okufanele siyenze mayelana nenkululeko evela kuNkulunkulu?
21 Njengabantu abangaphelele, njengamanje asinakuzibalekela zonke izilingo. Nokho, ngosizo lwaphezulu singaba oFakazi BakaJehova abanesibindi nabajabulayo. Okuphawulekayo kulesici yilamazwi atholakala oshicilelweni lwesiNgisi lokuqala lwalomagazini (July 1879): “Isibindi . . . mfowethu noma dadewethu ongumKristu, ofuna ukugijima kanzima kulendlela eyingcingo. Ungakunaki ukungahambeki kwendlela; yonke yenziwe yaba ngcwele izinyawo zeNkosi. Bheka iva ngalinye njengembali; itshe ngalinye elicijile njengeliphawula intuthuko yakho, likusheshisela phambili emgomweni. . . . Gcina iso lakho ligxile emklomelweni.” Izigidi ezikhonza uJehova manje zinezizathu zokuba nesibindi nenjabulo. Kanye nazo, yimelele ngokuqinile inkululeko evela kuNkulunkulu. Ungalahlekelwa injongo yayo, futhi kwangathi injabulo kaJehova ingaba yinqaba yakho ngaso sonke isikhathi.
Ungaphendula Kanjani?
◻ “Injabulo kaJehova” ingaba kanjani inqaba yethu?
◻ Ngokwenkolo, iziphi izibusiso inkululeko evela kuNkulunkulu eye yazilethela abantu bakaJehova?
◻ Kungani kumelwe sikhonzane ngothando?
◻ Yiziphi ezinye izibonelo ezihlobene nenkululeko evela kuNkulunkulu?
◻ Abantu bakaNkulunkulu bangahlala kanjani bejabule?
[Isithombe ekhasini 23]
“Bheka iva ngalinye njengembali; itshe ngalinye elicijile njengeliphawula intuthuko yakho, elikusheshisela phambili emgomweni”