Ingabe Ukuzijabulisa Kwakho kuyakuzuzisa?
“Qhubekani niqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.”—EFE. 5:10.
1, 2. (a) IZwi likaNkulunkulu libonisa kanjani ukuthi uJehova ufuna sikujabulele ukuphila? (b) Ukubheka ukuzijabulisa ‘njengesipho sikaNkulunkulu’ kuyosishukumisela ukuba senzeni?
EBHAYIBHELINI sithola njalo amazwi abonisa ukuthi uJehova akafuni nje ukuba siphile kodwa futhi ukuba sikujabulele ukuphila. Ngokwesibonelo, iHubo 104:14, 15 lithi uJehova ubangela “ukudla ukuba kuhlume emhlabeni, newayini elenza inhliziyo yomuntu ofayo ijabule, ukuze enze ubuso bucwebezele ngamafutha, nesinkwa esisekela inhliziyo yomuntu ofayo.” Ngempela, uJehova wenza ukuba kukhule izitshalo eziveza okusanhlamvu, amafutha newayini ukuze siphile. Kodwa iwayini libuye ‘lenze inhliziyo ijabule.’ Lenza okungaphezu kwalokho esikudinga ngempela ukuze siphile, linezela enjabulweni yethu. (UmSh. 9:7; 10:19) Yebo, uJehova ufuna ukuba sijabule, izinhliziyo zethu zichichime “ngokwenama okukhulu.”—IzE. 14:16, 17.
2 Ngakho-ke, asikho isizathu sokuzizwa kabi lapho ngezikhathi ezithile sihlela isikhathi ‘sokuqaphelisisa izinyoni zezulu neminduze yasendle’ noma sokujabulela eminye imisebenzi esenza siqabuleke futhi enothisa ukuphila kwethu. (Math. 6:26, 28; IHu. 8:3, 4) Ukuphila okujabulisayo “kuyisipho sikaNkulunkulu.” (UmSh. 3:12, 13) Ukubheka isikhathi sokungcebeleka njengengxenye yaleso sipho kuyosishukumisela ukuba sisisebenzise ngendlela ezojabulisa uMuphi waso.a
Ukungafani Nokulinganiselwa
3. Kungani kunengqondo ukwamukela ukuthi izindlela zokuzijabulisa azifani?
3 Labo abanombono olinganiselayo ngokuzilibazisa bayakwamukela ukuthi abantu abafani, ngesikhathi esifanayo bayaqaphela ukuthi kunesidingo sokulinganisela. Kungani kunjalo? Ukuphendula lo mbuzo, ake siqhathanise ukuzijabulisa nokudla. Ukudla okuthandwayo kuyehluka kuye ngezwe. Eqinisweni, ukudla okuthandwa abantu bakwelinye izwe kungase kungathandeki kubantu bakwelinye. Ngendlela efanayo, lokho amaKristu akwelinye izwe akubheka njengokuzilibazisa okumnandi kungase kungakhangi kumaKristu akwelinye. Ngisho naphakathi kwamaKristu ahlala endaweni efanayo, lokho omunye angase akubheke njengokuzijabulisa okuphumuzayo (mhlawumbe ukuhlala uthokomale ufunde incwadi emnandi), omunye angase akubheke njengokuyisidina; lokho omunye angase akubheke njengokuqabulayo (mhlawumbe ukuhamba ngebhayisekili ubuke indawo), omunye angase akubheke njengokukhandlayo. Noma kunjalo, siyakwamukela ukuthi ezindabeni ezinjengokudla nokuzilibazisa, abantu abafani futhi bangethande izinto ezifanayo.—Roma 14:2-4.
4. Kungani kudingeka silinganisele ezinhlotsheni zokuzilibazisa esizikhethayo? Bonisa.
4 Nokho, kudingeka siqaphele nokuthi ukwamukela ukuthi izindlela zokuzilibazisa azifani akusigunyazi ukuba singalinganiseli. Ngokwesibonelo, phinde ucabangele isibonelo sokudla. Nakuba singenankinga yokudla ukudla okunhlobonhlobo, ngeke sidle ukudla okubolile ngamabomu. Ukudla ukudla okunjalo kungaba ukungabi nangqondo futhi kungafaka impilo yethu engozini. Ngokufanayo, nakuba singenankinga yokuhileleka ekuzijabuliseni okunhlobonhlobo okunempilo, ngeke siphishekele imisebenzi yokuzilibazisa esongela ukuphila, enobudlova noma ebolile ngokokuziphatha. Ukuhileleka emisebenzini enjalo kungaba okuphambene nezimiso zeBhayibheli futhi kungafaka ukuphila kwethu noma ingokomoya lethu engozini. Ukuze siqiniseke ukuthi sihlale silinganisela ngendlela enengqondo, siyokwenza kahle ngokuthola kusengaphambili ukuthi ukuzilibazisa okuthile esikuthandayo kuyazuzisa yini noma cha. (Efe. 5:10) Singakwenza kanjani lokhu?
5. Singathola kanjani ukuthi ukuzijabulisa kwethu kuyahlangabezana nezindinganiso zikaNkulunkulu?
5 Ukuze ukuzilibazisa kusizuzise futhi kujabulise emehlweni kaJehova, kudingeka kuhlangabezane nezindinganiso ezithile eziseZwini likaNkulunkulu. (IHu. 86:11) Ukuze uthole ukuthi ukuzijabulisa okungenzeka uyakuthanda kuyahlangabezana yini nazo, ungase ubheke uhlu lokuzihlola olulula. Lolu hlu lunemibuzo emithathu engase ifingqwe ngokuthi, kuyini, nini nothi ubani. Ake sicabangele umbuzo ngamunye ngesikhathi.
Kuyini?
6. Luhlobo luni lokuzijabulisa okudingeka silwenqabe, futhi ngani?
6 Ngaphambi kokuba uhlanganyele ohlotsheni oluthile lokuzijabulisa, umbuzo wokuqala okufanele uzibuze wona uwukuthi, Kuyini?—okungukuthi, ‘Lo msebenzi wokuzilibazisa engizizwa ngidonseleka kuwo unhloboni?’ Njengoba ufuna impendulo, kuyokusiza ukuhlale ukhumbula ukuthi ngokuyinhloko kunezigaba ezimbili zokuzijabulisa. Esokuqala asisamukeli neze; esesibili mhlawumbe singasamukela. Isiphi esokuqala? Kuleli zwe elibi, ukuzijabulisa okuningi kugcwele imisebenzi ezephula isidanasi izimiso zeBhayibheli noma imithetho kaNkulunkulu. (1 Joh. 5:19) AmaKristu eqiniso akwenqaba ngokuqinile konke ukuzijabulisa okunjalo. Lokhu kuhlanganisa ukuzijabulisa okubonisa abantu abajatshuliswa ukuhlukumeza abanye, ubudemoni, ubungqingili, izithombe zobulili ezingcolile noma ubudlova, noma ukuzijabulisa okudumisa eminye imikhuba emibi yokuziphatha okuyichilo. (1 Kor. 6:9, 10; funda isAmbulo 21:8.) Kungakhathaliseki ukuthi sikuphi, sibonisa uJehova ukuthi ‘siyakwenyanya okubi’ ngokwenqaba ngisho nokusondela kulolu hlobo lokuzijabulisa.—Roma 12:9; 1 Joh. 1:5, 6.
7, 8. Singakuhlola kanjani ukufaneleka kohlobo oluthile lokuzijabulisa? Bonisa.
7 Isigaba sesibili semisebenzi yokuzilibazisa siqukethe izinhlobo zokuzijabulisa okungagxili emikhubeni elahlwa ngokucacile yiZwi likaNkulunkulu. Ezimweni ezinjalo, ngaphambi kokuba sikhethe lokho kuzijabulisa, kufanele siqhathanise ngokucophelela lowo msebenzi nombono kaJehova ngalokho akubheka njengokuhle oboniswe ezimisweni zeBhayibheli. (IzAga 4:10, 11) Ngemva kwalokho, kudingeka senze isinqumo somuntu siqu esizosishiya sinonembeza omuhle. (Gal. 6:5; 1 Thim. 1:19) Singasenza kanjani? Cabanga ngalokhu: Ngaphambi kokuba sidle ukudla esingakwazi, singathanda ukwazi kuqala izithako zako ezisemqoka ezisetshenzisiwe. Ngokufanayo, ngaphambi kokuhileleka kunoma yiluphi uhlobo lokuzijabulisa kudingeka sihlole ukuthi iziphi izici zako ezisemqoka.—Efe. 5:17.
8 Ngokwesibonelo, ungase uthande imidlalo futhi kulula ukuqonda ukuthi kungani ikhanga. Imidlalo ingajabulisa futhi ithakazelise ngempela. Nokho, kuthiwani uma ukhangwa imidlalo ethile ngoba inemincintiswano kawafawafa, ifaka ukuphila engozini ngezinga eleqile, inezinga lokulimala eliphakeme, inemigubho enomsindo omkhulu, umoya wokushisekela ubuzwe noma ezinye “izithako” ezinjalo? Ngemva kokuhlola lokho okuhilelekile, cishe uyophetha ngokuthi kungaba nzima ukuvumelanisa ukucabanga kwakho nendlela kaJehova yokucabanga kanye nesigijimi sokuthula nothando esisimemezela kwabanye. (Isaya 61:1; Gal. 5:19-21) Ngakolunye uhlangothi, uma umsebenzi othile wokuzilibazisa wakhiwa “izithako” ezinhle emehlweni kaJehova, khona-ke lokho kuzijabulisa kungase kukuzuzise futhi kukuqabule.—Gal. 5:22, 23; funda eyabaseFilipi 4:8.
Ngizijabulisa Nini?
9. Yini eyembulwa impendulo yethu embuzweni othi, ‘Ngizozijabulisa nini?’
9 Umbuzo wesibili okufanele uzibuze wona uwukuthi, Nini?—okungukuthi, ‘Ngizozijabulisa nini? Singakanani isikhathi engizosichitha kukho?’ Impendulo yethu embuzweni othi kuyini? yembula okuningi ngalokho esithambekele kukho—lokho esikubona kwamukeleka nesikubona kungamukeleki. Nokho, impendulo yombuzo othi nini? ibonisa lokho okuza kuqala kithi—lokho esikubona kubalulekile nesikubona kungabalulekile. Khona-ke, singanquma kanjani ukuthi ukubaluleka esikunikeza lokho esizijabulisa ngakho kusezingeni elifanele yini?
10, 11. Amazwi kaJesu akuMathewu 6:33 asisiza kanjani ukuba sinqume ukuthi singakanani isikhathi esizosisebenzisela ukuzijabulisa?
10 UJesu Kristu watshela abalandeli bakhe: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.” (Marku 12:30) Ngakho-ke, uthando lwethu ngoJehova luza kuqala ekuphileni kwethu. Sibonisa lolu thando ngokulandela iseluleko sikaJesu: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Math. 6:33) La mazwi angasisiza kanjani ukuba sinqume ukuthi singakanani isikhathi nokubaluleka esizokunikeza ezokuzijabulisa?
11 Phawula lo mniningwane: UJesu waseluleka ukuba ‘siqhubeke sifuna kuqala umbuso.’ Akazange athi ‘siqhubeke sifuna kuphela umbuso.’ Kusobala ukuthi uJesu wayazi ukuthi siyodinga ezinye izinto eziningi ekuphileni ngaphandle koMbuso. Sidinga indawo yokuhlala, ukudla, izembatho, imfundo eyisisekelo, umsebenzi wokuziphilisa, ukuzijabulisa, njalonjalo. Nokho, kuzo zonke lezo zinto esizidingayo, kunye kuphela okumelwe kuze kuqala—izithakazelo zoMbuso. (1 Kor. 7:29-31) Lelo qiniso elibalulekile kufanele lisishukumisele ukuba eminye imisebenzi yethu ehlanganisa nokuzijabulisa, siyiphishekele ngendlela eyosenza sikwazi ukufeza umsebenzi oza kuqala kithi—ukunakekela izithakazelo zoMbuso. Uma senza kanjalo, ukuzijabulisa okusesilinganisweni kungazuzisa.
12. Isimiso esikuLuka 14:28 singasetshenziswa kanjani ekuzijabuliseni?
12 Ngakho-ke, uma kuziwa esikhathini esisichitha ekuzijabuliseni, senza kahle ngokubala izindleko kusengaphambili. (Luka 14:28) Kudingeka sithole ukuthi umsebenzi othile wokuzilibazisa uyodinga isikhathi sethu esingakanani. Ngemva kwalokho, kumelwe sinqume ukuthi singakanani isikhathi sethu osifanele. Uma uhlobo oluthile lokuzijabulisa ludinga ukuba sidebeselele imisebenzi ebalulekile enjengesifundo seBhayibheli somuntu siqu, ukukhulekela komkhaya, ukuya emihlanganweni yobuKristu, noma ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, alusifanele leso sikhathi. (Marku 8:36) Kodwa uma umsebenzi wokuzilibazisa esiwenza ngezikhathi ezithile usinika amandla okuqhubeka siphishekela izithakazelo zoMbuso, singase sinqume ukuthi kuyafaneleka ukusichitha leso sikhathi kulolo hlobo lokuzijabulisa.
Obani Abangane Bami?
13. Kungani kufanele sibacabangele ngokucophelela abantu esifuna ukuzijabulisa nabo?
13 Umbuzo wesithathu okufanele uzibuze wona uwukuthi, Obani?—okungukuthi, ‘Obani engithanda ukuzijabulisa nabo?’ Kubalulekile ukusicabangela lesi sici sokuzijabulisa. Ngani? Ngoba ukuthi ukuzijabulisa kuyosizuzisa kangakanani, kuthonywa kakhulu uhlobo lwabangane esizijabulisa nabo. Njengoba nje ngokuvamile ukudla kuba mnandi ngokwengeziwe lapho udla nabangane abahle, nokuzijabulisa ngokuvamile kumnandi ngokwengeziwe uma sizijabulisa nabangane abahle. Kungakho kuqondakala ukuthi abaningi phakathi kwethu, ikakhulukazi intsha, bajabulela ukuzijabulisa okuhilela abanye abantu. Nokho, ukuze siqinisekise ukuthi ukuzijabulisa okuthile kuyozuzisa, kuwukuhlakanipha ukunquma kusengaphambili ukuthi hlobo luni lwabantu esizobakhetha njengabangane futhi abanjani esifuna ukubagwema.—2 IziKr. 19:2; funda izAga 13:20; Jak. 4:4.
14, 15. (a) Isiphi isibonelo uJesu asibeka ekukhetheni abangane abafanele? (b) Imiphi imibuzo okufanele sizibuze yona ngokuphathelene nabangane bethu?
14 Ukulandela isibonelo sikaJesu ekukhetheni abangane kuyoba usizo olukhulu. UJesu ubelokhu ebathanda abantu kusukela ekudalweni kwabo kuqhubeke. (IzAga 8:31) Lapho esemhlabeni, wazikhathalela ngothando zonke izinhlobo zabantu. (Math. 15:29-37) Nokho, uJesu wayehlukanisa phakathi kokuba nobungane nokuba umngane oseduze. Nakuba ayenobungane kubo bonke abantu, waba umngane oseduze kuphela walabo abahlangabezana nezimfuneko ezithile. Ekhuluma nabaphostoli bakhe abathembekile abangu-11, uJesu wathi: “Ningabangane bami uma nenza lokho enginiyala ngakho.” (Joh. 15:14; bheka noJohane 13:27, 30.) Okuwukuphela kwabantu uJesu ayebamukela njengabangane, yilabo ababemlandela futhi bekhonza uJehova.
15 Ngakho, lapho ucabangela ukuthi umkhethe yini umuntu othile njengomngane oseduze noma cha, kuyoba ukuhlakanipha ukuwakhumbula la mazwi kaJesu. Zibuze imibuzo enjengale: ‘Ingabe lo muntu uyabonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi ulalela imiyalo kaJehova noJesu? Ingabe unezimiso nezindinganiso zokuziphatha ezisekelwe eBhayibhelini ezifana nezami? Ingabe ubungane bami naye buyongikhuthaza ukuba ngibeke uMbuso kuqala ekuphileni kwami futhi ngibe inceku ethembekile kaJehova?’ Uma uqiniseka ukuthi impendulo yaleyo mibuzo inguyebo, uyobe uthole umngane omuhle ongazijabulisa naye.—Funda iHubo 119:63; 2 Kor. 6:14; 2 Thim. 2:22.
Ukuzijabulisa Kwethu Kuyaphumelela Yini Ekuvivinyweni?
16. Yini okudingeka siyithole ngokuphathelene nokuzijabulisa kwethu?
16 Sicabangele kafushane izici ezintathu zokuzijabulisa—ukufaneleka, ubungako besikhathi nabangane. Ukuze kuzuzise, ukuzijabulisa kwethu kudingeka ukuba kuvumelane ngokuseduze nezindinganiso ezisekelwe eBhayibhelini ezisebenza esicini ngasinye. Ngakho, ngaphambi kokuba sihileleke ohlotsheni oluthile lokuzijabulisa, kudingeka sikuvivinye. Lapho sihlola ukufaneleka kwako, kudingeka sazi: ‘Kuhlanganisani? Ingabe kuhle noma kungcolile?’ (IzAga 4:20-27) Endabeni yobungako besikhathi, kudingeka sithole: ‘Singakanani isikhathi engiyosichitha kukho? Ingabe kuyasifanelekela leso sikhathi?’ (1 Thim. 4:8) Kanti ngokuphathelene nabangane, kudingeka sinqume: ‘Ngizozijabulisa nobani? Ingabe labo bangane bahle noma babi?’—UmSh. 9:18; 1 Kor. 15:33.
17, 18. (a) Singazihlola kanjani ukuze sibone ukuthi ukuzijabulisa kwethu kuyahlangabezana nezindinganiso zeBhayibheli? (b) Yini wena ozimisele ukuyenza endabeni yokukhetha ukuzijabulisa?
17 Uma uhlobo oluthile lokuzijabulisa lungahlangabezani nezindinganiso ezisekelwe eBhayibhelini kunoma isiphi salezi zici ezintathu, khona-ke aluphumeleli ekuvivinyweni. Ngakolunye uhlangothi, uma siqinisekisa ukuthi imisebenzi yethu yokuzilibazisa iyahlangabezana nezindinganiso ezisekelwe eBhayibhelini kuzo zontathu izici, ukuzijabulisa kwethu kuyodumisa uJehova futhi kusizuzise.—IHu. 119:33-35.
18 Ngakho-ke, uma kuziwa ekuzijabuliseni, masilwele ukuzijabulisa ngendlela efanele, ngesikhathi esifanele nanabantu abafanele. Yebo, sengathi sonke ngabanye singafisa ngokusuka enhliziyweni ukulandela lesi seluleko seBhayibheli: “Kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu.”—1 Kor. 10:31.
[Umbhalo waphansi]
a Kulesi sihloko, igama elithi “ukuzilibazisa” nelithi “ukuzijabulisa” asetshenziswe ngomqondo ofanayo, abhekisele esikhathini esisibekela eceleni ukuze senze imisebenzi yokuzilibazisa esilethela injabulo.
Ungachaza?
Ngokuphathelene nokuzijabulisa, ungazisebenzisa kanjani izimiso ezitholakala . . .
• KuzAga 13:20?
[Umdwebo ekhasini 9]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
✔Kuyini
[Umdwebo ekhasini 10]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
✔Nini
[Umdwebo ekhasini 12]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
✔Obani
[Isithombe ekhasini 10]
Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu ekukhetheni abangane bethu nemisebenzi yokuzilibazisa?