Abalungileyo Bayodumisa UNkulunkulu Phakade
“Olungileyo uyokhunjulwa kuze kube nini nanini . . . Ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade.”—IHU. 112:6, 9.
1. (a) Iliphi ikusasa elijabulisayo eliyotholwa yibo bonke uNkulunkulu ababheka njengabalungile? (b) Imuphi umbuzo ophakamayo?
YEKA ikusasa elimangalisayo eliyotholwa yibo bonke uNkulunkulu ababheka njengabalungile! Bayokujabulela phakade ukufunda okwengeziwe ngezimfanelo zikaJehova ezinhle. Bayodumisa uNkulunkulu ngezinhliziyo ezichichimayo njengoba beqhubeka befunda okuningi ngendalo yakhe. Ukuze bathole lelo kusasa, kumelwe babe nemfanelo ebalulekile ‘yokulunga’ egcizelelwa kumaHubo 112. Kodwa kungenzeka kanjani ukuba uJehova, uNkulunkulu ongcwele nolungile, abheke abantu abanesono njengabalungile? Kungakhathaliseki ukuthi sizama kangakanani ukwenza okulungile, sihlale senza amaphutha, futhi ngezinye izikhathi, amakhulu kakhulu.—Roma 3:23; Jak. 3:2.
2. Iziphi izimangaliso ezimbili ezenziwa uJehova ngenxa yothando?
2 Ngothando, uJehova walungiselela ikhambi elifaneleka ngokuphelele. Kanjani? Okokuqala, ngokwenza isimangaliso sokudlulisela ukuphila kweNdodana yakhe ayithandayo kusuke ezulwini kuye esibelethweni sencasakazi ukuze izalwe ingumuntu ophelele. (Luka 1:30-35) Ngemva kokuba uJesu ebulewe izitha zakhe, uJehova wenza esinye isimangaliso esikhexisayo. Wamvusa, waphinde waba isidalwa somoya esikhazimulayo.—1 Pet. 3:18.
3. Kungani uNkulunkulu akujabulela ukuvuza iNdodana yakhe ngokuphila ezulwini?
3 UJehova wavuza uJesu ngokuthile ayengenakho ngaphambi kokuba eze emhlabeni—ukuphila okungenakubhubhiseka ezulwini. (Heb. 7:15-17, 28) UJehova wakujabulela ukwenza lokhu ngoba uJesu wayegcine ubuqotho phakathi novivinyo olunzima. Okwenziwa uJesu kwenza uYise waba nempendulo enhle kakhulu yokubonisa uSathane ukuthi wayenamanga lapho ethi abantu bakhonza uNkulunkulu ngezisusa zobugovu, hhayi ngoba bemthanda ngobuqotho.—IzAga 27:11.
4. (a) Yini uJesu asenzela yona lapho ebuyela ezulwini, futhi uJehova wasabela kanjani? (b) Uzizwa kanjani ngalokho uJehova noJesu abaye bakwenzela khona?
4 Lapho esebuyele ezulwini, uJesu wenza okwengeziwe. ‘Wabonakala phambi kukaNkulunkulu ngenxa yethu’ enenani ‘legazi lakhe.’ UBaba wethu osezulwini onothando wawamukela lo mnikelo kaJesu oyigugu ‘njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.’ Yingakho sikwazi ukunikela “inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo” ‘sinonembeza abahlanzekile.’ Yeka ukuthi lokhu kuyisizathu esihle kangakanani sokwenanela amazwi asekuqaleni kweHubo 112, athi “Dumisani uJah”!—Heb. 9:12-14, 24; 1 Joh. 2:2.
5. (a) Yini okumelwe siyenze ukuze sihlale singabalungile phambi kukaNkulunkulu? (b) IHubo 111 neHubo 112 ahlelwe kanjani?
5 Ukuze sihlale singabalungile phambi kukaNkulunkulu, kumelwe siqhubeke sibonisa ukholo egazini likaJesu elachitheka. Akufanele kudlule ngisho nolulodwa usuku singambonganga uJehova ngokusithanda kangaka. (Joh. 3:16) Kudingeka futhi siqhubeke sitadisha iZwi lakhe futhi senze konke okusemandleni ukuze siphile ngokuvumelana nelikushoyo. IHubo 112 linezeluleko ezinhle ezingazuzisa bonke abafuna ukuhlala benonembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu. Leli hubo lihlobene neHubo 111. Womabili aqala ngamazwi athi, “Dumisani uJah!” okungukuthi, “Haleluya!” bese kulandela imisho engu-22, ngamunye oqala ngolunye lwezinhlamvu zesiHebheru ezingu-22.a
Okwenza Umuntu Ajabule
6. “Umuntu” owesaba uNkulunkulu uchazwa kanjani kumaHubo 112?
6 “Uyajabula umuntu owesaba uJehova, oyijabulele kakhulu imiyalo yakhe. Inzalo yakhe iyoba namandla emhlabeni. Isizukulwane sabaqotho sona, siyobusiswa.” (IHu. 112:1, 2) Phawula ukuthi umhubi uqale akhulume ‘ngomuntu,’ abese eya ebuningini, athi “abaqotho” ngasekupheleni kwevesi 2. Lokhu kusikisela ukuthi iHubo 112 lingase libhekisele kubantu abaningi. Kuyathakazelisa ukuthi umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba asebenzise iHubo 112:9 kumaKristu ekhulu lokuqala. (Funda eyesi-2 Korinte 9:8, 9.) Yeka indlela leli hubo elichaza kahle ngayo indlela abalandeli bakaKristu emhlabeni namuhla abangajabula ngayo!
7. Kungani izinceku zikaNkulunkulu kufanele zibe nokumesaba okunempilo, futhi kufanele uzizwe kanjani ngemiyalo yakhe?
7 Njengoba iHubo 112:1 libonisa, la maKristu eqiniso athola injabulo enkulu njengoba ephila ‘ngokwesaba uJehova.’ Lokhu kwesaba ukumdumaza kuwasiza ukuba amelane nomoya wezwe likaSathane. ‘Akujabulela kakhulu’ ukutadisha iZwi likaNkulunkulu nokulalela imiyalo yakhe. Leyo miyalo ihlanganisa nowokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke. Alwela ukwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, ngesikhathi esifanayo axwayisa ababi ngosuku lukaNkulunkulu lokwahlulela oluzayo.—Hez. 3:17, 18; Math. 28:19, 20.
8. (a) Abantu bakaNkulunkulu abazinikele baye bavuzwa kanjani namuhla ngenxa yentshiseko yabo? (b) Iziphi izibusiso eziyotholwa yilabo abanethemba lasemhlabeni?
8 Ngenxa yokuthi zilalela leyo miyalo, izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni namuhla seziyizigidi ezingu-7. Ubani ongaphika ukuthi abantu bakhe baye baba “namandla emhlabeni”? (Joh. 10:16; IsAm. 7:9, 14) Yeka indlela ‘abasazobusiseka’ ngayo njengoba uNkulunkulu efeza injongo yakhe! Abanethemba lasemhlabeni bayosinda “osizini olukhulu” njengeqembu ukuze bakhe ‘umhlaba omusha okuyohlala kuwo ukulunga.’ Ngokuhamba kwesikhathi, abasinde e-Armagedoni ‘bayobusiswa’ nakakhulu. Bayokwamukela izigidi eziyovuswa. Yeka ithemba elivusa amadlingozi! Ekugcineni, labo ‘abayijabulela kakhulu’ imiyalo kaNkulunkulu bayoya ngokuya bephelela futhi bayijabulele phakade ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—2 Pet. 3:13; Roma 8:21.
Ukusebenzisa Ingcebo Ngokuhlakanipha
9, 10. AmaKristu eqiniso aye ayisebenzisa kanjani ingcebo yawo engokomoya, futhi ukulunga kwawo kuyokuma kanjani kuze kube phakade?
9 “Izinto zenani elikhulu nengcebo kusendlini yakhe; ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade. Ubanekile ebumnyameni njengokukhanya kubantu abaqotho. Unomusa unesihe futhi ulungile.” (IHu. 112:3, 4) Ezikhathini zeBhayibheli, ezinye izinceku zikaNkulunkulu zazicebe kakhulu. Ngomqondo othile, labo abamukelwa uNkulunkulu bayaceba ngempela, nakuba kungashiwo ngomqondo wezinto ezibonakalayo. Iqiniso liwukuthi iningi lalabo abakhetha ukuzithoba kuNkulunkulu kungenzeka limpofu futhi libukelwa phansi, njengoba kwakunjalo osukwini lukaJesu. (Luka 4:18; 7:22; Joh. 7:49) Kodwa kungakhathaliseki ukuthi umuntu uyinkinsela noma udla imbuya ngothi, angaba ocebile ngokomoya.—Math. 6:20; 1 Thim. 6:18, 19; funda uJakobe 2:5.
10 AmaKristu agcotshiwe kanye nabangane bawo abayigodli ingcebo yabo engokomoya. Kunalokho, baye ‘babaneka’ ezweni likaSathane elimnyama, baba “njengokukhanya kubantu abaqotho.” Lokhu bakwenza ngokusiza abanye ukuba nabo bazuze engcebweni engokomoya ewukuhlakanipha nolwazi ngoNkulunkulu. Abaphikisi baye bazama ukumisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso, kodwa bahluleka. Kunokuba ume, isithelo salo msebenzi wokulunga ‘siyoma kuze kube phakade.’ Ngokuqhubeka zingabantu abalungile, izinceku zikaNkulunkulu zingaqiniseka ngokuthi ziyophila kuze kube nini nanini, ‘zime kuze kube phakade.’
11, 12. Abantu bakaNkulunkulu basebenzisa izinto zabo ezibonakalayo ngaziphi ezinye izindlela?
11 Abantu bakaNkulunkulu, abesigaba senceku egcotshiwe kanye ‘nabesixuku esikhulu,’ baye bazibonakalisa benesandla esivulekile. IHubo 112:9 lithi: “Wabile kabanzi; ubaphile abampofu.” AmaKristu eqiniso namuhla avame ukunikela ngezinto zawo ezibonakalayo ukuze asize amanye amaKristu, ngisho nomakhelwane abaswele. Asebenzisa ingcebo yawo ukuze asekele imikhankaso yangezikhathi zezinhlekelele. Njengoba uJesu asho, nalokhu kuwalethela injabulo.—Funda izEnzo 20:35; 2 Korinte 9:7.
12 Ngaphezu kwalokho, cabanga ngezindleko ezihilelekile ekunyathelisweni kwalo magazini ngezilimi ezingu-172, eziningi zazo ezikhulunywa abantu abampofu. Cabanga nangeqiniso lokuthi lo magazini utholakala nangolimi lwezandla lwamazwe ahlukahlukene nange-Braille kulabo abayizimpumputhe.
Unomusa Nobulungisa
13. Obani abayizibonelo ezinhle kunazo zonke zokupha ngomusa, futhi singabalingisa kanjani?
13 “Muhle umuntu onomusa futhi obolekisayo.” (IHu. 112:5) Cishe uye waphawula ukuthi abantu abasiza abanye abavami ukuba nomusa ngaso sonke isikhathi. Abanye bayazikhukhumeza lapho benikela noma banikele ngokungasuki enhliziyweni. Akumnandi ukusizwa umuntu okwenza uzizwe ungelutho noma okwenza uzizwe sengathi uyisicefe noma ungumthwalo. Kodwa yeka indlela okujabulisa ngayo ukusizwa umuntu onomusa. UJehova uyisibonelo esivelele ngoba unguMuphi onomusa nojabulayo. (1 Thim. 1:11; Jak. 1:5, 17) UJesu Kristu wamfuza akangamshiya uYise endabeni yomusa. (Marku 1:40-42) Ngakho, ukuze uNkulunkulu asibheke njengabantu abalungile, kumelwe siphe ngokwenama nangomusa, ikakhulu lapho sisiza omakhelwane bethu ngokomoya enkonzweni yasensimini.
14. Iziphi izindlela ‘esingasekela ngazo izindaba zethu ngobulungisa’?
14 “Usekela izindaba zakhe ngobulungisa.” (IHu. 112:5) Njengoba kwabikezelwa, isigaba senceku ethembekileyo sinakekela izinto zeNkosi ngokuvumelana nobulungisa bukaJehova. (Funda uLuka 12:42-44.) Lokhu kubonakala esiqondisweni esingokomBhalo esinikezwa abadala, labo ngezinye izikhathi okudingeka ukuba basingathe amacala obubi obukhulu ebandleni. Indlela enobulungisa yokwenza izinto ibonakala nasesiqondisweni esisekelwe eBhayibhelini esinikezwa yisigaba senceku sendlela wonke amabandla, amakhaya ezithunywa zevangeli namakhaya aseBethel okufanele asebenze ngayo. Akubona abadala kuphela okulindeleke ukuba babe nobulungisa, kodwa namanye amaKristu kumelwe abubonise lapho esebenzelana wodwa nanabantu abangakholwa, ngisho nasezindabeni zamabhizinisi.—Funda uMika 6:8, 11.
Izibusiso Ezitholwa Abalungileyo
15, 16. (a) Izindaba ezimbi ezenzeka emhlabeni zibathinta kanjani abalungileyo? (b) Izinceku zikaNkulunkulu zizimisele ukuqhubeka zenzani?
15 “Ngoba ngeke nanini antengantengiswe. Olungileyo uyokhunjulwa kuze kube nini nanini. Ngeke esabe ngisho nezindaba ezimbi. Inhliziyo yakhe igxilile, yenziwé yathembela kuJehova. Inhliziyo yakhe ayinakunyakaziswa; ngeke esabe, aze abukele abaphikisana naye.” (IHu. 112:6-8) Akukaze emlandweni kube nezindaba ezimbi eziningi kangaka njengezimpi, ubuphekula, izifo ezintsha nokuvumbuka kwezindala, ubugebengu, ubuphofu nokungcoliswa komhlaba. Labo uNkulunkulu ababheka njengabalungile nabo ziyabathinta lezi zindaba ezimbi, kodwa azibakhwantabalisi. Kunalokho, izinhliziyo zabo ‘zigxilile’ futhi ‘azinakunyakaziswa’ njengoba belindele ikusasa ngokuqiniseka, bazi ukuthi izwe elisha likaNkulunkulu lokulunga liseduze. Uma kugadla inhlekelele, bakwazi kangcono ukubhekana nesimo ngoba bancika kuJehova ukuba abasekele. Akalokothi avumele olungileyo wakhe ‘antengantengiswe’—uyamsiza futhi amnikeze amandla okukhuthazela.—Fil. 4:13.
16 Abalungileyo bakaNkulunkulu kuye kwadingeka babekezelele nenzondo namanga asakazwa abaphikisi, kodwa lokhu kwehlulekile ukuthulisa amaKristu eqiniso, futhi kusazokwehluleka. Izinceku zikaNkulunkulu ziyaqhubeka zigxilile zinganyakaziswa emsebenzini eziwunikwe uJehova—ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza bonke abantu abalalelayo babe abafundi. Akungabazeki ukuthi abalungileyo bazophikiswa nakakhulu njengoba ukuphela kusondela. Ukuzondwa kwabo kuyofinyelela umvuthwandaba lapho uSathane uDeveli, uGogi wakwaMagogi, ebahlasela emhlabeni wonke. Ekugcineni, ‘siyobukela lapho abasiphikisayo’ benqotshwa ngendlela eyihlazo. Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani ukubona igama likaJehova lingcweliswa ngokuphelele!—Hez. 38:18, 22, 23.
“Luyophakanyiswa Ngenkazimulo”
17. Olungileyo ‘uyophakanyiswa kanjani ngenkazimulo’?
17 Yeka indlela okuyoba mnandi ngayo ukudumisa uJehova ngobunye, singasaphikiswa uDeveli nezwe lakhe! Lobu bumnandi buyojatshulelwa phakade yibo bonke abaqhubeka belungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngeke banqotshwe ngokuhlazisayo ngoba uJehova uthembisa nokuthi “uphondo” lolungileyo wakhe “luyophakanyiswa ngenkazimulo.” (IHu. 112:9) Olungileyo kaJehova uyohalalisa ngokunqoba lapho ebona zonke izitha zobukhosi bukaJehova zibhujiswa.
18. Ayogcwaliseka kanjani amazwi aphethayo eHubo 112?
18 “Omubi uyobona ngokuqinisekile akhathazeke. Uyogedla amazinyo akhe empeleni ancibilike. Isifiso sababi siyoshabalala.” (IHu. 112:10) Maduze, bonke abaqhubeka bephikisa abantu bakaNkulunkulu ‘bazoncibilika’ ngenxa yomona nenzondo yabo. Isifiso sabo sokubona umsebenzi wethu umiswa siyoshabalala kanye nabo “osizini olukhulu” oluzayo.—Math. 24:21.
19. Yini esingaqiniseka ngayo?
19 Ingabe uyoba phakathi kwabantu abasindile abayojabulela lokho kunqoba okukhulu? Noma uma kwenzeka ubulawe ukugula noma ukuguga ngaphambi kokubhujiswa kwaleli zwe likaSathane, ingabe uyoba phakathi ‘kwabalungileyo’ abayovuswa? (IzE. 24:15) Kungaba njalo uma uqhubeka ubonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo futhi ulingisa uJehova, njengoba kwenza labo abamelelwa “umuntu” olungileyo ochazwa kumaHubo 112. (Funda eyabase-Efesu 5:1, 2.) UJehova uyoqinisekisa ukuthi abantu abanjalo bahlale ‘bekhunjulwa’ futhi izenzo zabo zokulunga azisoze zilitshalwe. UJehova uyobakhumbula, abathande kuze kube nini nanini.—IHu. 112:3, 6, 9.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuhlobana kwala mahubo kubonakala endleleni ahlelwe ngayo nakulokho akuqukethe. “Umuntu” owesaba uNkulunkulu okukhulunywa ngaye kumaHubo 112 ulingisa izimfanelo zikaNkulunkulu eziqhakambiswe kumaHubo 111, njengoba lokhu ungakubona ngokuqhathanisa iHubo 111:3, 4 neHubo 112:3, 4.
Imibuzo Yokuzindla
• Iziphi izizathu esinazo zokukhamuluka sithi “Haleluya”?
• Isiphi isenzakalo esenzeka namuhla esijabulisa amaKristu eqiniso?
• UJehova uthanda umuphi onjani?
[Isithombe ekhasini 25]
Kumelwe sibonise ukholo egazini likaJesu elachitheka ukuze sihlale singabalungile phambi kukaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 26]
Iminikelo yokuzithandela ingasiza lapho kuvele izinhlekelele nasekusakazweni kwezincwadi zeBhayibheli