Lokho Ukuzithoba KukaJehova Okukushoyo Kithi
UDAVIDE wayeyindoda ekwazi kahle ukuhlupheka. Waphathwa kabi yiNkosi uSawule, umukhwe wakhe onomona. USawule wazama kathathu ukubulala uDavide ngomkhonto futhi kwaphela iminyaka emzingela engaphezi, okwamphoqa ukuba abe ngumbaleki. (1 Samuweli 18:11; 19:10; 26:20) Nokho, uJehova waba naye uDavide. UJehova akagcinanga ngokumsindisa kuSawule nje kuphela kodwa wamsindisa nakwezinye izitha zakhe. Ngakho-ke, singaqonda ukuthi kungani uDavide asho la mazwi engomeni yakhe: “UJehova uyidwala lami nesiphephelo sami noMenzi wendlela yami yokuphunyuka. . . . [Wena Jehova] uyonginika isihlangu sakho sensindiso, futhi ngukuthobeka kwakho okungenza ngibe mkhulu.” (2 Samuweli 22:2, 36) UDavide wafinyelela izinga elithile lobukhulu kwa-Israyeli. Pho, kwakuhileleke kanjani ukuzithoba kukaJehova?
Lapho imiBhalo ikhuluma ngokuzithoba kukaJehova, ayisho nakancane ukuthi ulinganiselwe ngandlela thize noma ukuthi kunabanye abantu azithoba kubo. Kunalokho, le mfanelo enhle ibonisa ukuthi unobubele obujulile ngabantu abazikhandla ngobuqotho ukuba bamukeleke kuye nokuthi ubabonisa isihe abantu abanjalo. KuyiHubo 113:6, 7, siyafunda: “[UJehova] uyazehlisa ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, aphakamise ophansi othulini.” ‘Ukuzehlisa’ kwakhe kusho ukuthi ‘uyagoba ukuze abone’ noma ‘uyazithoba ukuze abone.’ (Today’s English Version; IBhayibheli lesiZulu elivamile) Ngakho uJehova ngokwakhe ‘wagoba,’ noma ‘wazithoba’ esezulwini ukuze anake uDavide, umuntu ongaphelele kodwa othobekile owayefisa ukukhonza uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, uDavide uyasiqinisekisa: “UJehova uphakeme, nokho uyambona othobekile.” (IHubo 138:6) UJehova wabekezelela uDavide wambonisa nesihe nobubele, futhi lokhu kufanele kukhuthaze bonke abantu abafuna ukwenza intando kaNkulunkulu.
Nakuba uJehova njengoMbusi enesikhundla esiphakeme kunazo zonke endaweni yonke, uzimisele ukusebenzelana nomuntu ngamunye kithi. Lokhu kusinikeza isiqiniseko sokuthi singathembela kuye ukuthi uyosinikeza usizo olungapheli ngisho nasezimweni ezinzima kunazo zonke. Asikho isizathu sokuba sesabe ukuthi uyosikhohlwa. Maqondana nabantu bakhe bakwa-Israyeli wamandulo, kushiwo kufanele ukuthi uJehova uyilowo ‘owabakhumbula ngesikhathi besesimweni esiphansi: ngoba umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini.’—IHubo 136:23.
Njengoba siyizinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla, singase sihlupheke njengoDavide. Kungenzeka ukuthi labo abangamazi uNkulunkulu bayasigcona, noma mhlawumbe sishikashikana nempilo ebuthakathaka noma siye sashonelwa isihlobo. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nasiphi isimo, uma izinhliziyo zethu ziqotho, singakhuleka kuJehova, sinxuse isihe sakhe. UJehova ‘uyogoba’ ukuze asinake futhi alalele imikhuleko yethu. Umhubi ophefumulelwe wabhala: “Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.” (IHubo 34:15) Inhliziyo yakho ayithinteki yini lapho ucabanga ngale mfanelo kaJehova yokuthobeka emenza athandeke?
[Izithombe ekhasini 30]
Njengoba nje ayilalela imithandazo kaDavide, uJehova uzimisele ukulalela imithandazo yethu namuhla