Buyisela Inhliziyo Yakho KuJehova
Ingabe wakhuliswa abazali abangoFakazi BakaJehova? Nokho, manje ingabe awusakhuthele ngendlela yeqiniso njengakuqala? Uma kunjalo, ukwaziswa okulandelayo kumelwe kube ngokuthakazelisa kakhulu kuwe.
IMIZWA eminingi elwisanayo yehla yenyuka enhliziyweni yosemusha. Ngokwesibonelo, ungase ufune inkululeko eyengeziwe. Usengozini yezitayela zokuphila ezibonakala zijabulisa kodwa ezingase zingqubuzane nalokho owakufundiswa. Ngezinye izikhathi imiqondo eyafundwa ebuntwaneni ayinakwa. Mhlawumbe lokho kuye kwenzeka kuwe, ngisho noma abazali bakho beyizinceku zikaJehova uNkulunkulu.
Lapha nalaphaya, intsha iyahlehla ebandleni lobuKristu. Uma lokho kuye kwenzeka kuwe, akungabazeki uyazikhumbula ezinye zezinto owazifunda ngoJehova. Ngesinye isikhathi kungenzeka wake wazizwa useduze noNkulunkulu futhi uthandaza njalo kuye. Ngokungangabazeki, uJehova wakunakekela njengoba ayenza kubantu bakhe basendulo, amaIsrayeli. Eqhathanisa isizwe nomntwana omncane, uJehova wathi: “Nokho mina ngamcathulisa uEfrayimi (okungukuthi, amaIsrayeli); ngabaphatha ngezingalo zami, kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa. Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando.”—Hoseya 11:3, 4.
Yeka ukuthi kuyithinta kanjani inhliziyo! Umntwana omncane osacathulayo osizwa ukuba ahambe ngezintambo ezibanjwe umzali onothando! Ngokubambelela kuzo, umntwana angasekeleka futhi agweme ukuwa. Manje, ingabe ukukhathalela kukaJehova ngawe kwakungekhona okozwela ngokufanayo? Ngokuqinisekile uthando lwakhe lwalusobala ekunakekeleni owakwemukela kubazali bakho abesaba uNkulunkulu noma kwabanye eHholo LoMbuso. Ingabe ukunakekela okunjalo akunakufaniswa nokuholwa kwakho “ngamagoda othando”? Ngokusobala, abazali bakho nabadala bebandla bafisa ukukusiza ukuba ugweme ukuzilimaza ngokomzwelo, ngokomzimba nangokomoya. Bafuna ukuba uhlale endleleni yeqiniso.—Qhathanisa no-3 Johane 2-4.
Manje konke lokhu kungase kubonakale kuyinkumbulo nje. Uma ubheka emuva, ungase ucabange ngezizathu eziningana zokuthi kungani wahlehla endleleni yeqiniso.
Inhliziyo Ezulayo
Kungani abaningi bamaIsrayeli asendulo bahlehla ekukhulekeleni kweqiniso? Kungoba “inhliziyo yabo yayingabambeleli” kuJehova. (IHubo 78:37) Ezinye izifiso zingaminyanisa uthando ngoNkulunkulu. NgokukaJesu Kristu, iminako yalelizwe, amandla emicebo “nezinjabulo zalokhu kuphila” kungacinanisa izwi likaNkulunkulu elake latshalwa enhliziyweni.—Luka 8:14; Marku 4:19.
“Izinjabulo zokuphila” zenziwe ukuba zihehe ngabangane basesikoleni, nabezokukhangisa nezokuzijabulisa. Ngokwesibonelo, omunye osemusha, abazali bakhe babemfundise iZwi likaNkulunkulu ebuntwaneni, wahlehla endleleni yeqiniso lapho eba neshumi nesishiyagalolunye. “Ngafuna ukuzwa ukuthi ukuphila kwakunani futhi ngenze ezinye zezinto enye intsha eyayizenze zabonakala zijabulisa,” evuma. “Ngakho ngathuthela efulethini lami futhi ngaqala ukuphola ngihamba imicimbi eminingi ukuze ngizithokozise nje. Ngokushesha ngayeka ukuya emihlanganweni yebandla. Akubanga yisikhathi eside ngafulathela ukuziphatha okuhle kweBhayibheli.”
Yebo, akubona bonke abahlehla endleleni yeqiniso abahileleka ekwenzeni okubi. Abanye bavele bangabi nasithakazelo sokukhonza uJehova. Kungenzeka abazange balamukele iqiniso. Mhlawumbe isibonelo esibi sabazali noma ukunganaki kwanezela ekubeni bangalithathi iqiniso ngokungathi sína. Manje izinto ezinjengezinkinga zemikhaya, ukuziphilisa, noma isifiso esinamandla sokuphumelela emsebenzini womuntu siqu kungase kugcwalise inhliziyo yabo.
Kodwa ungajabula yini ngempela uma umlalela ngokulinganisela okuncane uMdali wakho? Ingabe ukulandela izifiso zenhliziyo yakho kuyoholela enjabulweni yeqiniso?
Inhliziyo—”Akukho Okukhohlisa Njengayo”
“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi, ngubani ongayazi na?” (Jeremiya 17:9) Yebo, inhliziyo yakho iyakwazi ukukudukisa—ikulimaze. Lokhu kwenzeka kowesifazane oshiwo ngaphambili. Wavuma: “Ekuqaleni lapho ngangenza noma yini engangiyithanda, kwakujabulisa. Kodwa khona-ke ngemva kwesikhashana, nakuba ngangisenawo wonke umesaso, ngabonakala ngingasenayo nanoma iyiphi injabulo. Okuthile kwabonakala kuswelekile. Injabulo yayingeyokuzikhohlisa nje. Ngaba lusizi.”
Abaningi abaye bahlehla baye bakuvuma ukuthola ‘injabulo yokuzikhohlisa.’ Ngenxa yobuhlungu obungaphakathi nobuze obuwumphumela wokulandela inhliziyo yabo ephambukile manje bayazi ukuthi “akukho okukhohlisa njengayo.”—Today’s English Version.
Uma ubheka ukuphila kwakho siqu, ingabe uzizwa ngendlela efanayo? Ingabe izinto owake wazicabangela njengezijabulisa inhliziyo yakho ngempela ziye zaletha umuzwa wokwaneliseka? Ingabe inkambo yakho yokuphila iye yaletha ukuthula kwengqondo nokuzihlonipha?
Uma ungenakho ukuthula, awunakujabula ngempela. Uma inhliziyo yakho “inobuhlungu,” akukho-hlaya elingayelapha. (IzAga 14:13) Ngokwesibonelo, eseneminyaka eyishumi nesishiyagalombili omunye osemusha wachezuka ezindinganisweni zeBhayibheli ayezifundiswe kukho konke ukuphila kwakhe. Kodwa, lapho elandela “ukuphila kokungabi nandaba kokuzijabulisa,” uyakhumbula: “Ngaqala ukucabanga ngesikhathi esizayo. Kwakungenzekani kimi eminyakeni emihlanu ukuba ngaphikelela enkambweni yami? Ngangingenakukwazi ukuqhubeka ngiziqinisekisa ngokuthi ngangijabula. Ngaphandle kwanoma iliphi ithemba ngazibona nginjengentombazane engajabuli kunawo wonke emhlabeni!”
Ngakho-ke, uma uye washiya indlela yeqiniso ungayithola kanjani futhi injabulo yeqiniso? Umhubi uDavide wanikeza umqondo lapho ecela kuNkulunkulu: “Ngifundise, Jehova indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye yesabe igama lakho.” (IHubo 86:11) UDavide wayazi ukuthi inhliziyo ehlukene ezintweni ezithandayo yayiyingozi enkulu. Ngakho-ke, inhliziyo yakho kumelwe ilungiswe ukuze onke amandla ayo agxiliswe entweni eyodwa—“inkonzo engcwele” kuJehova nenhlonipho yenhliziyo yonke ngoNkulunkulu wethu. (Roma 12:1, 2) Kodwa lesisimo senhliziyo esithandekayo singenziwa kanjani?
Inhliziyo Yakho Ingashintshwa
Okokuqala, kumelwe uqaphele ukuthi inhliziyo—inhliziyo yakho—ingashintshwa. Ngokuqondene nabantu bakhe abangalaleli, uJehova wathi: “Ngiyakubanika inhliziyo ibenye [ebumbene], ngibeke umoya omusha phakathi kwabo, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yabo, ngibanike inhliziyo yenyama ukuba bahambe ngezimiso zami, bagcine izahlulelo zami, bazenze, babe-ngabantu bami [ngempela,] mina ngibe-nguNkulunkulu wabo.” (Hezekeli 11:19, 20) Yeka umusa wothando waphezulu! Futhi ake ucabange nje—izinhliziyo ezilukhuni njengetshe ziba nothando, zizwela kalula, zizimisela ukwamukela imiqondo engokomoya.
Nokho, ingabe uJehova wenza ushintsho olunjalo ngesimangaliso? Noma, nawe ufeza indima ethile kulokhu? Kufanele wenze umzamo wokuhlela enhliziyweni yakho izinto ozikhumbulayo ngoJehova. (IzAga 16:1) Zindla ngalokhu kwaziswa. Nezela kulolulwazi. Wagcina nini ukuthatha iBhayibheli noma incwadi yokutadisha elungiselelwe inhlangano kaJehova? Ngokungangabazeki unazo ezinye zalezincwadi ekhaya kini noma uyazi lapho ungazithola khona. Kungani ungaqali ngobuqotho ukuzifunda? Ukusebenzisa lolulwazi oluqondile lweBhayibheli kungashintsha inhliziyo yakho nenkambo yakho yokuphila.—IzAga 2:10-14.
Ekufundeni iBhayibheli ngokwalo, ungase uthole iHubo 25 ikakhulukazi liduduza. Zindla ngezicelo ezinjengalezi kuJehova “ungazikhumbuli izono zobusha bami” nalesi “ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.” Futhi cabanga ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi “ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo.”—IHubo 25:7, 11, 14.
Nokho, isifundo seBhayibheli esinjalo kumelwe sibe okungaphezu kokwamukela amaqiniso. Sidinga ukuba nesimo esifanayo nesomhubi, owathi: “Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho [Jehova], ukuze ngingoni kuwe.” (IHubo 119:11) Ungali“londa” kanjani izwi likaJehova? Ngemva kokufunda iBhayibheli nezincwadi ezihlobene nalo ze“nceku ethembekileyo neqondayo,” zibuze: Sibaluleke kangakanani lesiseluleko? Ingabe siyongisiza ukuba ngijabulise uJehova futhi ngigweme ubuhlungu benhliziyo obungapheli? Ngingasisebenzisa kanjani? Ingabe lesiseluleko esiwusizo asibonisi ukuthi uBaba wami osezulwini uyakwazi okungilungele?—Mathewu 24:45-47.
Uma ufaka umthetho kaNkulunkulu enhliziyweni yakho, khona-ke izinyathelo zakho ‘aziyikushelela.’ (IHubo 37:31) Nokho, ukuze ulethe inhliziyo yakho kuJehova, ngokuvamile uyodinga usizo lothando lukafakazi kaJehova ovuthiwe. Yebo, ungase udinge ukuba nothile oqalisa nawe ‘kusukela ekuqaleni’ futhi akufundise ‘izinto eziyisisekelo zamazwi angcwele kaNkulunkulu.’ (Heberu 5:12) Abadala bebandla bayojabulela ukukusiza. Kungani ungathintani nabo?
Qaphela Abangane Bakho
Abantu bangase kalula nje ‘bayengele inhliziyo yakho’ kokuhle noma kokubi. (Qhathanisa no-1 AmaKhosi 11:3, 4.) Kungenzeka bekuyithonya lemikhuba exekethile ‘nokukhuluma kakhulu’ kwabangane bakho okwabangela ukuhlehla kwakho eqinisweni. Abantu abanjalo bangase bathi: ‘Mina angitshelwa muntu ukuthi angenzeni! Kungani uzihlupha kangaka?’ Kodwa ingabe bakhululekile ngempela? Kuthiwani ngeminye imikhuba engeyona eyobuKristu okungenzeka ukuba ibagqilazile? (Qhathanisa no-2 Petru 2:18, 19.) Ingabe labantu bayakusiza ukuba wenze izinto ezinobuhle obuyohlala njalo? Qha, bayakuvimbela. Ngakho-ke hlukana nalabo bangane ababi futhi ufune abantu abavuthiwe, labo “abahlakaniphileyo” emehlweni kaNkulunkulu!—IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33.
‘UNkulunkulu Mkhulu Kunenhliziyo Yakho’
Omunye osemusha owayeye wahileleka emikhubeni ephambene nobuKristu eseneshumi nesishiyagalombili wathi: “Isizathu esiyinhloko sokuba kube nzima kangaka ukubuyela eqinisweni sasiwukuthi ngazizwa ngingafaneleki. Ngakholelwa ukuthi konke engangikwenzile kwakukubi kangangokuthi uJehova ngeke angithethelele noma angemukele.” Nakuba inhliziyo yakhe yamsola, kusenesikhathi waqaphela umusa kaNkulunkulu. Kulezizimo, yeka ukuthi ingaduduza kanjani imibhalo enjengo-1 Johane 3:19, 20! Lapho siyafunda: “Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.”
Kuyiqiniso, izinhliziyo zethu zingase zisisole. Kodwa uJehova ubona okungaphezu kwezono zethu. Ubona zonke “izimfihlakalo zezinhliziyo.” (IHubo 44:21) Ubukhulu bolwazi lwakhe bumenza akwazi ukuzwa ngozwela imithandazo yethu eqotho yokuthethelelwa. Uma sivuma izono zethu futhi sishintshe inkambo yethu, uNkulunkulu uzimisele ukwesula ngisho nezono ezinkulu ngokwesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaJesu. Iqiniso lokuthi umuntu uzizwa edabukile enhliziyweni libonisa ukuthi akakabi mubi kangangokuba angeke esalulama. Kodwa ngenxa yosizo olungokomoya nokululama, umuntu onjalo udinga futhi ukuthola usizo olungokomBhalo kubadala bebandla. (Isaya 1:18; 1 Johane 2:1, 2; 3:21; Jakobe 5:13-16) Uma uye wahlehla eqinisweni, ingabe uyozithatha izinyathelo ezidingekile zokuba ululame? Sikukhuthaza ukuba wenze kanjalo.
UJehova Uyolungiselela Usizo
Ngakho ‘hola inhliziyo yakho’ kunokuba uyivumele ikudukise. Thuthukisa ukwesaba okufanele uJehova. IBhayibheli lithi, “ngokuba impela umvuzo ukhona, nethemba lakho aliyikunqunywa.” (IzAga 23:17-19) Futhi yeka ithemba eliyigugu—ikusasa elingapheli emhlabeni omusha owenziwe waba muhle njengepharadesi ngokubusa kombuso kaNkulunkulu! Cabanga ngokungasakhathazwa ukuthambekela kwenhliziyo enesono. Futhi, izimo zezwe zibonisa ukuthi manje singene shí ezinsukwini zokugcina nokuthi ngokushesha lelithemba lizogcwaliseka. Ukuzama ukuthola ithemba elinjalo ngokuqinisekile kufanelekile!—Mathewu 24:7-14, 34; 2 Thimothewu 3:1-5; 2 Petru 3:13; Luka 23:43; IsAmbulo 21:3, 4.
Iqiniso lokuthi uJehova usinikeza ikusasa elihle futhi uyasiqinisa ukuba silithole kufanele lisisondeze kuyena. Lobubuhlobo bomuntu siqu buwumvuzo ocebile ngokwabo. Ngemva kokululama kwakhe ngokomoya, owesifazane osemusha oshiwo ekuqaleni wathi: ‘Ngazizwa njengokungathi uJehova unguBaba wami futhi.’ Ubuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu buletha unembeza ohlanzekile, ukuthula kwangaphakathi nokuzihlonipha. Futhi, ngokuphindela kuJehova nasenhlanganweni yakhe, uyojabulela futhi abangane beqiniso.
Yebo, akulula ukushintsha inhliziyo. Kodwa, uJehova uyoyibusisa imizamo yakho. Umoya wakhe uyokusiza ukuba ‘ube namandla kumuntu ongaphakathi.’ (Efesu 3:16) Uyothola ukuthi njengoba uqhubeka emthandazweni nasezifundweni ezingokomoya, uhlanganyela noFakazi BakaJehova futhi uqeqesha inhliziyo yakho, umzabalazo wakho uyoba lula. Inhliziyo iyoqala ukwakha ukulangazelela okuhle. Iyofuna ukubuyela kuJehova.
“Ungesabi, ngokuba mina nginawe;” kusho uJehova. “Ungapheli amandla ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza.” (Isaya 41:10) Ilokho uJehova ayokwenzela labo abamthanda ngempela. Uma uye wahlehla eqinisweni kodwa inhliziyo yakho ikushukumisela ukuba wenze okulungile, uNkulunkulu ‘uyokusiza’ ngomoya wakhe ongcwele nangabantu abanomthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu. Ngenxa yalesisizathu, abadala abamisiwe bayajabula ukukunikeza usizo olungokomoya. (1 Thesalonika 5:12; Heberu 13:7) Sebenzisa usizo lwabo lothando. Kungani ungalufuni zisuka nje?