Umuthi ‘Onamahlamvu Angabuni’
WAKE wayibona indawo evulekile enemithi eluhlaza emide? Cishe uzovuma ukuthi lowo umbukwane omuhle. Uma ubona imithi eminingi emikhulu enamaqabunga aluhlaza, ubungacabanga yini ukuthi kunesomiso kuleyo ndawo? Cha, kunalokho, ubuyokwazi ukuthi kumelwe ukuba kunamanzi amaningi agcina leyo mithi iphila futhi iluhlaza.
Kuyafaneleka ukuthi iBhayibheli lifanisa abantu abaphilayo ngokomoya nemithi emikhulu emide. Ngokwesibonelo, phawula la mavesi amathathu okuqala athakazelisayo eHubo lokuqala:
“Uyajabula umuntu ongazange ahambe ngeseluleko sababi, ongazange ame endleleni yezoni, futhi ongazange ahlale endaweni yabahleka usulu. Kodwa injabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. Ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.”
Ngokufanayo, kuJeremiya 17:7, 8, siyafunda: “Ibusisiwe indoda enamandla ebeka ithemba layo kuJehova, futhi eqholo layo linguJehova. Ngokuqinisekile iyoba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, othumela izimpande zawo ngasemseleni wamanzi; ngeke ibone lapho kufika ukushisa, kodwa empeleni amahlamvu ayo ayokhephuzela. Nangonyaka wesomiso ngeke ikhathazeke, futhi ngeke iyeke ukuthela izithelo.”
Kuyo yomibili le miBhalo, imithi isetshenziswa njengomfanekiso wokubonisa lokho okwenzekayo ngomuntu owenza okulungile, ojabulela imithetho kaNkulunkulu nomethemba ngokuphelele. Lokhu kusenza sibuze, Kungaziphi izindlela umuntu onjalo afana ngazo nomuthi omude, ngomqondo ongokomoya? Ake sihlolisise la mavesi.
“Otshalwe Ngasemifudlaneni Yamanzi”
Imithi okukhulunywa ngayo kuthiwa itshalwe “ngasemifudlaneni yamanzi” noma “ngasemanzini,” hhayi nje ngasemfuleni noma emseleni owodwa. Kusetshenziswe umfanekiso ofanayo naku-Isaya 44:3, 4, lapho uJehova uNkulunkulu ekhuluma khona ngendlela ayeyoyinakekela ngayo insali yamaJuda eyayibuya ekuthunjweni eBhabhiloni. Ngomprofethi u-Isaya, uJehova wathi: “Ngizothululela amanzi kowomileyo, nemifudlana egeleza kahle endaweni eyomile. . . . Ngokuqinisekile bayomila njengokungathi baphakathi kotshani obuluhlaza, njengobhabhulini ngaseziseleni zamanzi.” Lapha, “imifudlana” kanye “nezisele zamanzi” kuthiwa zenza ababusisiwe bakhule njengobhabhulini onamaqabunga aluhlaza.
Ngisho nanamuhla ezindaweni zezolimo, ungazibona izisele zamanzi nemifudlana egeleza isuka emthonjeni omkhulu wamanzi, njengomthombo ojulile, umfula, ichibi noma idamu. Ngokuvamile, ziyingxenye yesimiso sokunisela ngenkasa emasimini. Ngezinye izikhathi lezi zisele zamanzi ziya ensimini yemithi yezithelo. Kwezinye izimo, le mifudlana inisela amasimu ngakolunye uhlangothi kanti ngakolunye inisela izihlahla ezinamaqabunga aluhlaza, mhlawumbe eziwumngcele wendawo.
Imithi etshalwe ngasemifudlaneni enjalo ikhula kanjani? IHubo 1:3 likhuluma ngomuthi “othela isithelo sawo ngenkathi yaso.” Emazweni eBhayibheli, kunemithi yamakhiwane, yamahalananda, yama-apula, neyamasundu neminqumo. Nakuba umkhiwane ungaba mude ube amamitha angu-9 futhi ube namagatsha amade, imithi eminingi yezithelo ayibi mide kakhulu. Kodwa, ingaba namaqabunga aluhlaza futhi ibe nempilo, ithele izithelo eziningi ngesikhathi esifanele.
Ezikhathini zasendulo, imithi emikhulu kabhabhulini yayimila ngasosebeni lwemifula nemifudlana eSiriya nasePalestina. Ngokuvamile eBhayibhelini lapho kukhulunywa ngobhabhulini uhlotshaniswa nemifula noma ‘nezigodi zezifufula.’ (Levitikusi 23:40) Iminyezane, nayo esesigabeni esifanayo nobhabhulini, yayitholakala lapho kunamanzi amaningi khona. (Hezekeli 17:5) Le mithi emikhulu enamaqabunga aluhlaza iwuveza kahle umqondo umhubi noJeremiya ababefuna ukuwudlulisela: Labo abafuna ukulandela umthetho kaNkulunkulu futhi abamethemba ngokuphelele bayohlale bephila ngokomoya, ‘futhi konke abakwenzayo kuyophumelela.’ Ingabe akukhona yini lokho esikufunayo—ukuphumelela ekuphileni?
Ukujabulela Umthetho KaJehova
Namuhla abantu bazama ukuthola impumelelo ngezindlela eziningi. Bangena shí ekuphishekeleni izinto ezingabalethela udumo nengcebo, ngokuvamile ezibonakala ziyize futhi zidumaza. Kodwa yini engaletha ukwaneliseka kwangempela nenjabulo ehlala njalo ekuphileni? Amazwi kaJesu eNtshumayelweni yaseNtabeni anikeza impendulo. Wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Mathewu 5:3) Yiqiniso, injabulo yangempela ayilethwa ukuba nezinto eziningi ezibonakalayo, kodwa ngokuqaphela nokwanelisa isidingo sethu esingokomoya ukuze siphile ngokomoya, njengemithi enamaqabunga aluhlaza ethela izithelo zayo ngesikhathi esifanele. Singachuma kanjani ngokomoya?
Umhubi uthi kunezinto okufanele siqale sizigweme. Wakhuluma “ngeseluleko sababi,” ‘indlela yezoni,’ kanye ‘nendawo yabahleka usulu.’ Ukuze sijabule, kudingeka sigweme labo abahleka usulu noma abangayigqizi qakala imithetho kaNkulunkulu.
Khona-ke kufanele sijabulele umthetho kaJehova. Uma sijabulela okuthile noma umsebenzi othile, sifuna wonke amathuba okuwenza, akunjalo? Ngakho ukujabulela umthetho kaNkulunkulu kusho ukulazisa ngokujulile iZwi lakhe, isifiso sokufunda okwengeziwe ngalo nokuliqonda kangcono.
Ekugcineni, kudingeka silifunde “ngezwi eliphansi imini nobusuku.” Lokho kusho ukufunda iBhayibheli njalo nokuzindla ngalokho esikufundayo. Kufanele sizizwe ngendlela umhubi azizwa ngayo ngeZwi likaNkulunkulu lapho ehlabelela: “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.”—IHubo 119:97.
Yebo, lapho sizuza ulwazi olunembile, siqonda uJehova uNkulunkulu futhi simethemba ngokuphelele yena nezithembiso zakhe, ngokuqinisekile siyophila ngokomoya. Ngokwenza kanjalo, siyoba njengomuntu ojabulayo ochazwe umhubi—“konke akwenzayo kuyophumelela.”