Izikhumbuzo Neziyalezo ZikaNkulunkulu WeSimiso Esisha
“Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.”—IHUBO 119:168.
1. Kungaziphi izindlela izikhumbuzo ezenza ngazo abantu bakaJehova bajabule?
ISIMISO esisha sokulunga sikaNkulunkulu siseduze! OFakazi BakaJehova, abathanda umthetho wakhe wokulunga, badinga ukuthola izikhumbuzo ezivela eZwini lakhe nangenhlangano yakhe ngezikhathi ezibalulekile. Ngenxa yokuthi bagcina izikhumbuzo ezinjalo zaphezulu, bayajabula. Izikhumbuzo ezinjalo zibashukumisela ukuba bamfune, kuphumele enjabulweni. Inguqulo yesiNgisi yegama lesiHeberu elithi ‘edothʹ yokuthi “izikhumbuzo” esikhundleni sokuthi “ubufakazi” ([martyriʹa,] ngokweSeptuagint Version yesiGreki) inamandla futhi inenjongo ngokwengeziwe. Ibonisa ukuthi uJehova, njengoba kudingeka ngezinye izikhathi, usikhumbuza umthetho wakhe, iziyalezo zakhe, izimiso zakhe, imiyalo yakhe neziqondiso zakhe. Kanjalo usenza singazikhohlwa ngokuphelele. Uma singacunulwa izikhumbuzo ezinjalo, siyajabula ngenxa yokuzigcina.
2. Isiphi isisekelo umbhali weHubo 119 ayenaso sokuba aqokomise izikhumbuzo eziningi kangaka?
2 Uma abhala okungenani ngekhulu lesihlanu ngaphambi kwesiKhathi sethu Esivamile, umhubi wayenayo yonke imibhalo yesiHeberu kusukela kuGenesise kuya kuMalaki. Incwadi yesihlanu ibizwa ngokuthi uDuteronomi (iSeptuagint Version yesiGreki, njengoba sibone ngenhla), okuyigama elisho “uMthetho Wesibili.” Ngokusobala okuqukethwe yilencwadi kwakucatshangelwa ngokwengxenye enkulu, njengencazelo yoMthetho (wesivumelwano) uJehova ayesenze noIsrayeli ngomprofethi uMose njengomlamuleli. Ngakho uDuteronomi kumelwe aqukathe izikhumbuzo, kodwa zonke ezinye izincwadi zeBhayibheli ngokufanayo zinezikhumbuzo zikaNkulunkulu kithi.
3. (a) Izingcaphuno ezithathwe emiBhalweni YesiHeberu zisikhumbuzani? (b) Injabulo yethu ingaba nkulu kanjani kunaleyo eyajatshulelwa umhubi?
3 Amakhulu ezingcaphuno ezithathwe emiBhalweni yesiHeberu ezisemiBhalweni YamaKristu YesiGreki zisebenza njengezikhumbuzo hhayi nje zalokho uJehova akufundisa abantu bakhe ngaphansi koMthetho kodwa futhi nezinjongo zaKhe ezikhazimulayo maqondana nebandla lobuKristu nesintu esihlengiwe. Abafundi namuhla bakaJesu Kristu, uMose oMkhulu, banezikhumbuzo eziningi ezivela kuJehova uNkulunkulu, kunalezo umhubi ayenazo, futhi kumelwe babe nenjabulo enkulu kunomhubi ngokuzigcina ngokwethembeka. Ekuhloleni izikhumbuzo zaKhe ngokutadisha iBhayibheli, bafuna uJehova ngempela ngayo yonke inhliziyo yabo.
4. Kunokuba sicasulwe izikhumbuzo zikaNkulunkulu, yimuphi umbono oqondile wokulingiswa ofana nowomhubi?
4 Lokho okusinikeza iseluleko esihle futhi kusigcine singahlanganyeli kokubekelwe ababi kungokuthile okumelwe kwaziswe. Umhubi wazizwa ngaleyondlela ngezikhumbuzo zikaNkulunkulu. (IHubo 119:24, 119, 167) OFakazi BakaJehova banamuhla ngokufanayo abacasulwa ukuthi uNkulunkulu ubona kukuhle ukubakhumbuza ngezinto eziphathelene nomthetho wakhe ngesifundo sabo seBhayibheli noma ngenhlangano yakhe. Ngokwethembeka bakhetha ukunamathela ezikhumbuzweni zakhe. “Ngibambelele [ezikhumbuzweni, NW] zakho. Ungangijabhisi Jehova.”—IHubo 119:31.
5. (a) Izikhumbuzo ezivela eZwini likaNkulunkulu nasenhlanganweni yakhe zifeza yiphi injongo? (b) Singakubonisa kanjani ukuqaphela okuphakeme izikhumbuzo zikaJehova njengomhubi?
5 UNkulunkulu akanikezi izikhumbuzo zakhe ukuze adumaze oFakazi bakhe, kodwa ngazo ubalondoloza enkambweni eyihlazo. Bafuna akuba inhliziyo yabo incike ezintweni eziyinzuzo ngempela ngaso sonke isikhathi esizayo; ngakho bahlanganyela nomhubi ekuthandazeni ngokuthi: “Thobisela inhliziyo yami [ezikhumbuzweni, NW] zakho, kungabi-sekuhaheni.” (IHubo 119:36) Akumangalisi ukuthi asifuni ukulahlekelwa izinto ezinenzuzo ehlala njalo ngokuyekelela isifundo seBhayibheli noma ukuhlanganyela njalo nabantu bakaJehova abazinikezele. (IHubo 119:111) Uthando ngoNkulunkulu wabo ngawo wonke umphefumulo wabo lubashukumisela kulenkambo. Ngisho nakuba kungase kusho ukuyalwa okuqinile ngabo, oFakazi BakaJehova bayajabula ngokuthi uJehova ubahola ngendlela yezikhumbuzo zakhe, ukuze bangaduki futhi bangalahleki phakade: “Ngithokoza ngendlela [yezikhumbuzo] zakho njengemfuyo.”—IHubo 119:14.
6. OFakazi BakaJehova baye bazimisela kanjani ukuba babe qotho phambi kukaNkulunkulu?
6 Nakuba beye bagxekwa kabi futhi baze badelwa ngabaningi ngenxa yokuba beye benza amaphutha, oFakazi BakaJehova baye bathembeka phambi kukaNkulunkulu wabo. Bafuna ukuhamba endleleni incwadi yakhe yezikhumbuzo ebakhombisa yona. Umlando wabo wanamuhla ubonisa ukuthi baye benza njengomhubi wasendulo: “Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondise izinyawo zami [ezikhumbuzweni zakho].” (IHubo 119:59) Kungokwenza lokhu kuphela lapho bengathandaza kuNkulunkulu ukuba abagcine bephilile ukuze baqhubeke benza umsebenzi wakhe awumisile naphezu kwezitha zabo ezomele igazi. (IHubo 119:88) Bevuma ukuthi bayizinceku zikaNkulunkulu ngenxa yokuzinikezela kwabo kuye ngoKristu nokuthi badinga ukuthola umbono ofanele ngalokho aye wakubhala eZwini lakhe elilotshiwe, bathi: “Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi [izikhumbuzo zakho].”—IHubo 119:125.
7. Ziyini izizathu zabo zokubonga, futhi yini abaye bayithandazela?
7 Izinto uNkulunkulu aye wazembula eZwini lakhe kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe I ngo-1918 ziyajabulisa kangangokuba bafuna ukwenza lokho lezizambulo ezibabonisa khona. (IHubo 119:129) Kuye kwafaneleka ngokuphelele ngoJehova ukuba asiqaphelise izikhumbuzo zakhe futhi azibeke kithi njengemiyalo. Siyajabula ukuvuma lokhu ngokomfanekiso ngamazwi omhubi: “Uyalezile [izikhumbuzo zakho] ngokulunga nokuthembeka kwakho okukhulu.” (IHubo 119:138) Siyabonga ngoNkulunkulu othembeke kanjena!
8. Kungayiphi indlela ukuphila okuphakade kuxhomeke ekuqondeni nasekugcineni izikhumbuzo zikaNkulunkulu?
8 Namuhla oFakazi BakaJehova bakuqonda kahle ukuthi ukuzuza kwabo ukuphila okuphakade esimisweni sezinto esisha sokulunga sikaNkulunkulu kuxhomeke ekuqondeni kwabo lokho akuletha ekunakekeleni kwabo nasekukulaleleni ngokuhlakanipha. (IHubo 119:144) Ezweni elinonya kuye kwadingeka ukuba bathandaze kowaphezulu uMuzwi womkhuleko ukuze abasindise ezimweni ezisongelayo kakhulu, ikakhulukazi kulezinsuku lapho zonke izizwe zihlanganiselwa “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHarmagedoni. (IsAmbulo 16:13-16) Ufaneleke kakhulu umthandazo othi: “Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina [izikhumbuzo zakho].”—IHubo 119:146.
9. Yikuphi ukuqiniseka esinakho kokuthi izikhumbuzo zaphezulu siyoqhubeka sinazo?
9 Nakuba zonke izikhumbuzo zikaJehova uNkulunkulu ezilotshiwe zabhalwa eminyakeni eyi-1 900 edlule ngokuqedwa kweBhayibheli elinezincwadi ezingama-66, ziyatholakala namuhla futhi ziyoqhubeka zikhona kuze kube phakade. IHubo 119:152, njengoba libhekisela kuNkulunkulu, liyiqiniso: “Kudala ngazile [ngezikhumbuzo zakho] ukuthi uzisekele kuze kube phakade.” Ngenxa yolwazi ngezikhumbuzo ezithile zikaJehova umagazini iZion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence waqala ukunyatheliswa ngoJuly ka-1879. Namuhla, ngemva kweminyaka eyi-105 yokukhishwa kwawo, lomagazini uyaqhubeka usakazwa, futhi ngesilinganiso somhlaba wonke ngezilimi eziyi-102. Ngisho noma izitha zoFakazi BakaJehova zingase zivunyelwe ukuvimbela lomagazini, azinakukwazi neze ukuqeda iBhayibheli eliNgcwele eliqukethe izikhumbuzo zikaJehova ezisesisekelweni esiphakade, noma esingapheliyo.
Ukwenza Iziyalezo ZikaNkulunkulu Wethu
10. Ikuphi ukubaluleka iHubo 119 elikunikeza ‘iziyalezo’” zikaNkulunkulu?
10 Ngemva kokuhalalisa komhubi emavesini akhe amabili okuqala ngenjabulo yalabo abahamba emthethweni kaJehova nabagcina izikhumbuzo zakhe, uqhubeka athi: “Abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela.” (IHubo 119:3, 4) Kulelihubo umhubi usebenzisa igama elithi “iziyalezo” izikhathi ezingama-21, kanjalo ezenza zikhumbuleke.
11. (a) Kungani umhubi ayeqikekela ngokuziphatha kwakhe njengoba kuboniswe kumaHubo 119:168? (b) Imaphi amandla igama elithi “iziyalezo” elinawo?
11 Umhubi usitshela ngendlela azizwa ngayo nokuthi wenzani ngalezo “ziyalezo” zaphezulu. Ngalendlela unjengesibonelo esingasethemba namuhla. Waqaphela ukuthi lenkambo yokuphila uJehova uyibhekile nokuthi kwakumelwe anakekele ngendlela aziphatha ngayo ngaphansi kwesivumelwano soMthetho kaJehova. Ngesizathu esihle wathi: “Ngiyagcina iziyalezo zakho [nezikhumbuzo zakho], ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.” (IHubo 119:168) Izikhumbuzo zivuselela ingqondo, kodwa iziyalezo ziyiziqondiso ezivela komkhulu ziya koyisikhonzi. Zibonisa okumelwe kwenziwe nendlela okumelwe kwenziwe ngayo inceku, isigqila, isisebenzi noma isosha ngendlela yokulalela. Iziyalezo zinamandla kuneziqondiso; futhi igama lesiHeberu elihunyushwe kanjalo, elithi, piqudimʹ, lisho “izabelo zomsebenzi.” Ingabe lezi ziyalezo zaphezulu zabonakala ziwumthwalo noma zinenga kumhubi, ikakhulukazi uma ukuzigcina kubangela umuntu anamekwe icala noma amelelwe kabi? Ake simlalele: “Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho.”—IHubo 119:159, 169.
12, 13. (a) Indinganiso eyabekwa umhubi yazisiza kanjani izinceku zikaNkulunkulu ukuba zikwazi ukukhuthazelela ukulingwa phakathi nangemva kweMpi Yezwe I? (b) Nakuba ‘yanamekwa ngamanga,’ iziyalezo zikabani insali eyazilalela?
12 Yeka indinganiso enhle umhubi ayibekela amaKristu eqiniso ahlanganyela nenhlangano kaJehova ebonakalayo kulelizwe elingenamthetho nelingenaluthando! Ukuphila ngayo kuye kwabonakala kuvuza. Endaweni yawo egcwele izitha zikaNkulunkulu wawo, azizwa njengomhubi, ‘njengomfokazi.’ (IHubo 119:19, 54) Nokho anomuzwa wokuthi akukho lutho olufana nezimiso zikaNkulunkulu ukuze uphile kahle. Asinda kanzima phakathi neMpi Yezwe I ka-1914-1918. Kuleyominyaka eyayigcwele impi izitha zaze zathinta ngisho nezisebenzi zenhlangano kaJehova ebonakalayo ukuze zisheshe zibhubhise abantu bakhe, zaze zabopha ngokungafanele umongameli namanye amadoda anomthwalo wemfanelo omkhulu endlunkulu yeWatch Tower Bible and Tract Society. Okuhlangenwe nakho kwabo kwakunjengalokho iHubo 119:69 elikuchazayo: “Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.” UNkulunkulu oPhezukonke, oPhakeme kunabo kumelwe alalelwe kunabantu abaphansi lapha esenabelweni sezinyawo zikaNkulunkulu.
13 Yebo emvuthwandaba weMpi Yezwe I, nalokho okwabonakala kuwukuphumelela ngokumelene nabagcini beziyalezo zikaNkulunkulu, izitha zaba nomuzwa wokuthi zazizobachitha abantu bakhe abalalelayo nabazinikezele. Ngakho laba bathi: “Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho.” (IHubo 119:87) OPhakeme wendawo yonke wavimbela icebo lobugwala lezitha ezaziqhosha.
14. Kungamuphi umqondo insali eyasho ngawo amazwi akumaHubo 119:45?
14 Ngemva kokukhululwa kwabo ngemva kwempi, baba nomuzwa wesidingo sokufuna iziyalezo zikaNkulunkulu kakhulu kunangaphambili ukuze bafunde injongo yakhe ngabo okumelwe bayenze esikhathini sokuthula esasingalindelekile. Basho amazwi eHubo 119:45: “Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.”
Manje Futhi Kuze Kube Sesikhathini Esizayo
15. (a) Imuphi umbono ovezwe kumaHubo 119 abantu bakaNkulunkulu abaye bawuthatha? (b) Baye bagxila kuphi kusukela ngo-1919?
15 Ngokwanda komsebenzi wabo woMbuso kuze kube semaphethelweni omhlaba, nezitha zabo ziye zanda. Kodwa lokhu akubesabisi ukuba bakhohlwe iziyalezo zikaNkulunkulu. Baphikelela ngokuzimisela. (IHubo 119:93, 94) Ngenxa yokungabi izilaleli ezikhohlwayo zeZwi likaNkulunkulu, kuhlanganise neziyalezo zakhe eziqondile, kodwa njengabenzi bomsebenzi wakhe, yini manje abangayisho ngaphandle kokuqhosha, kodwa beletha udumo kuJehova? Yilokhu: “Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.” (IHubo 119:100, 104) Ngakho kusukela ngonyaka ongemva kwempi ka-1919 kuye phambili, baye bangazikhathaza ngamacebo namalungiselelo ezizwe. Baye bamemezela ngokuqhubekayo uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu njengokuyilona kuphela ithemba lesintu, esikhundleni seNhlangano Yezizwe nomlandeli wayo wamanje, iZizwe Ezihlangene. Yeka ‘ukuqonda’ abanakho!
16. Nakuba sicindezelwa ukuba senze okubi, ikuphi esiqiniseka ngakho?
16 Uma iZwi likaNkulunkulu litshela thina esiphila kulesisikhathi seZizwe Ezihlangene ukuba singathandi lelizwe nezinto zalo, lisitshela iziyalezo zaphezulu. Kumelwe sizicabangele njengeziqondile; futhi kunjalo! Sithatha ukuma kwethu ngokweHubo 119:128: “Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.” Ngenxa yokuma kwethu kokungahlehli singase sibhekelwe phansi ngabantu bezwe, kodwa ukusibheka kukaNkulunkulu yikho okubalulekile, futhi ngenxa yalokho asifuni ukukhohlwa iziyalezo zakhe.—IHubo 119:141.
17. Imaphi amathemba angaphambili, futhi isivikelo saphezulu siyotholakala kanjani lapho abaphikisi bevimbezela abantu bakaJehova?
17 Naphezu kokushumayela ngamandla ngoMbuso kaNkulunkulu ngoKristu njengowukuphela kwethemba lezwe lesintu iminyaka engaphezu kwama-60 manje, abadali bamacebo bezindaba zezwe abanandaba. Manje ukushanelwa kwawo wonke umkhaya wesintu ngempi yezikhali zenyukliya kuyasongela. Akukhona lokho kuphela, kodwa inzondo yokumelana nenkolo ikhonkobalisa izinhliziyo zabantu abaningi. Ngemva kokuba zonke izinhlobo zenkolo yamanga sezibhujisiwe, izitha zikaNkulunkulu ziyophendukela koFakazi BakaJehova. Lapho abamelene noMbuso kaNkulunkulu abangakholwa bevimbezela ofakazi bakaJehova abasindile, laba bayodinga usizo lukaNkulunkulu kakhulu kunanoma yinini ngaphambili. Kuyodingeka basibekelwe ngesithunzi esivikelayo sesandla esinamandla, isandla sikaNkulunkulu. Bayoba nesizathu sokunxusa ukuba leso sandla saphezulu sizobasiza, njengoba kushiwo kumaHubo 119:173: “Isandla sakho masibe-lusizo kimi, ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho.” Ngaphansi kwalezozimo ezinzima kakhulu, isandla sikaJehova asiyikuba sifishane emandleni aso kangangokuthi asinakubavikela abagcina iziyalezo zikaNkulunkulu nabamesabayo.—Isaya 50:2.
18. (a) Kungani ukuba komuntu nabangane abafanele kuthintene nokusinda ekupheleni kwalesimiso sezinto? (b) Ngokwazi umphumela ngalabo abesaba uNkulunkulu, yini esiyoqhubeka siyikhathalela?
18 Njengoba sisondela ekupheleni okuyinhlekelele kwalesimiso sezinto esingenamthetho nesingenaluthando okuphela kokwehlukaniswa kwabantu bezizwe, njengalapho umalusi ehlukanisa izimvu zakhe ezimbuzini, sifuna ukutholakala sikanye nobani? Sikanye nabanjengezimbuzi abayonqunywa phakade ekuphileni noma sinabanjengezimvu abathanda uJehova uNkulunkulu? (Mathewu 25:31-46) Kuyaphuthuma ukuba ukhethe uhlangothi oluqondile. Manje yisikhathi sokwenza ukukhetha komhubi: “Ngingumngane nabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.” (IHubo 119:63) Siyazi ukuthi siyoba yini isabelo salabo abesaba uJehova uNkulunkulu, futhi sifuna ukuhlanganyela nabo kulengxenye eyanelisa umphefumulo, kuphumele enjabulweni kaJehova. Ngoba siyamthanda, ngaso sonke isikhathi sikhathalela ngokujulile ukumthokozisa ngokwenza lokho akufuna kithi. Umhubi ukubeka kahle ukuzimisela kwethu, ngokuthi: “Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho.”—IHubo 119:15.
19. Imuphi umsebenzi omangalisayo efezwayo manje?
19 Kusukela ekupheleni kwempi yezwe. eyayingeyokuqala yalolohlobo, ngo-1918, uNkulunkulu oPhezukonke uye wafeza umsebenzi omangalisayo phakathi kwezwe eliphikisayo. Kuwumsebenzi wokuba oFakazi bakhe bashumayele “lelivangeli lombuso . . . ezweni lonke kube-ngubufakazi ezizweni zonke,” ngenxa ‘yokuphela’ okusondelayo kwalesimiso sezinto esinezinkulungwane zeminyaka sikhona. (Mathewu 24:14) Sifuna ukuba nengxenye kanye naye emisebenzini yakhe. Sifuna ukwenza intando yakhe, simcela ukuba asenze senze intando yakhe. Umthandazo wethu oqotho useyilowo weHubo 119:27: “Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.”
20. Imuphi emisebenzini kaNkulunkulu emangalisa kakhulu okusamelwe wenziwe, futhi yini labo abayolondolozwa bephila abayoyisho ngeziyalezo zikaNkulunkulu?
20 Omunye wemisebenzi emangalisa kakhulu kaNkulunkulu, osazokwenziwa, uyoba ukulondoloza ofakazi bakhe abathembekile nabaqotho ekupheleni okuzayo kwalesimiso sezinto bangene oHlelweni Olusha. (2 Petru 3:13) Kuyoba ukulunga ngaye ukubalondoloza badlule bephila kulesimiso sezinto esifayo. Uyowulalela lomthandazo wabo ophefumlelwe: “Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho.” (IHubo 119:40) Makube umthandazo wakho lowo. Khona-ke, ngemva kosizi olukhulu kunoma yiluphi kuwo wonke umlando wezwe nokuba semasangweni esimiso esisha sokulunga ulondekile uyoshukunyiselwa ngobuqotho ukuba uthi: “Angiyikukhohlwa kuze kube-phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo.”—IHubo 119:93.
Usizo Ekukhumbuleni
◻ Iziphi “izikhumbuzo” ezivela kuNkulunkulu ezikhona namuhla?
◻ Ungazuza kanjani ezikhumbuzweni ezivela kuNkulunkulu?
◻ Ziyini “iziyalezo“ zikaJehova?
◻ Kungani kumelwe ufune ukuzigcina?
[Izithombe ekhasini 28]
Izinceku zikaNkulunkulu namuhla ‘zinezikhumbuzo’ eziningi ezingazuza kuzo
[Isithombe ekhasini 30]
Ingabe uye wakhetha ukuba ‘umngane “wezimvu” ezigcina iziyalezo zikaNkulunkulu’?