Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe uFaro okuEksodusi wafa lapho impi yaseGibithe ibhujiswa oLwandle oluBomvu?
Yebo, wafa, nakuba incwadi kaEksodusi ingalisho ngokuqondile leloqiniso. Ithi:
“AbaseGibithe baxosha [amaIsrayeli], bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle, namahashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahashi bakhe . . . Wayesethi uJehova kuMose: Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahashi babo. UMose wayeselula isandla sakhe . . . Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.”—Eksodusi 14:23-28.
Lomlando ukhuluma ngabamahhashi nempi, kodwa awusho ngokuqondile ukuthi uFaro wafa. Ngisho nengoma yokunqoba yamaIsrayeli ayisho, lapho ethi: “Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse elwandle; izinduna zakhe ezikhethiweyo zaminza eLwandle oluBomvu.”—Eksodusi 15:4.
Nokho, amaHubo 136:1-15 abonisa ukuthi uFaro wabhujiswa. Lapho sifunda ngokunikeza kwabantu ukubonga ‘kowalishaya iGibithe, namazibulo alo, owamkhipha uIsrayeli phakathi kwabo, ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, owahlukanisa kabili uLwandle oluBomvu, owawelisa uIsrayeli phakathi kwalo, owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle oluBomvu.’
Ngakho incwadi yamaHubo iphelelisa uEksodusi futhi ibonisa ukuthi uFaro oqhoshayo, owacindezela amaIsrayeli, wafa oLwandle oluBomvu.