-
‘Senziwe Ngokumangalisayo’INqabayokulinda—2007 | Juni 15
-
-
Ingqondo Yethu Eyingqayizivele
12. Yini ngokukhethekile eyenza abantu bahluke ezilwaneni?
12 “Ngakho, yeka indlela imicabango yakho eyigugu ngayo kimi! O Nkulunkulu, yeka ukuthi ingqikithi yayo iba ngakanani! Ukube bengingazama ukuyibala, miningi ngisho kunanezinhlayiya zesihlabathi.” (IHubo 139:17, 18a) Nezilwane zenziwe ngokumangalisayo, futhi ezinye zinezinzwa namakhono adlula awabantu. Kodwa uNkulunkulu wanikeza abantu amakhono engqondo awadlula kude awanoma isiphi isilwane. Enye incwadi yesayensi ithi: “Nakuba thina bantu sifana ngezindlela eziningi nezinye izinto eziphilayo, sihlukile kuzo ngekhono lokucabanga nelokusebenzisa ulimi. Sihlukile nangokuba nelukuluku elikhulu lokuzazi: Sakheke kanjani? Senziwa kanjani?” Lena imibuzo noDavide azindla ngayo.
13. (a) UDavide wayengazindla kanjani ngemicabango kaNkulunkulu? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaDavide?
13 Okubaluleke kakhulu, sihlukile ngokuthi sinekhono lokucabanga ngemicabango kaNkulunkulu, ngokungafani nezilwane.c Lesi sipho esikhethekile singenye yezindlela ezibonisa ukuthi senziwe “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” (Genesise 1:27) UDavide wasisebenzisa kahle lesi sipho. Wazindla ngobufakazi bokuba khona kukaNkulunkulu nangezimfanelo ezinhle ezibonakala emhlabeni. UDavide wayenanezincwadi zokuqala zemiBhalo Engcwele uNkulunkulu ayezembule kuzo yena nemisebenzi yakhe. Le miBhalo ephefumulelwe yasiza uDavide ukuba aqonde imicabango, ubuntu nenjongo kaNkulunkulu. Ukuzindla ngemiBhalo, indalo nendlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo naye kwamshukumisela ukuba adumise uMenzi wakhe.
-
-
‘Senziwe Ngokumangalisayo’INqabayokulinda—2007 | Juni 15
-
-
c Amazwi kaDavide akumaHubo 139:18b kubonakala esho ukuthi uma ayechitha usuku lonke ebala imicabango kaNkulunkulu aze azumeke ebusuku, lapho evuka ekuseni kwakuyobe kusasele eminye.
-