Dumisa Igama LikaJehova Elingcwele!
“Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube-phakade.”—IHUBO 145:21.
1, 2. (a) USathane uye wakubekela inselele ngayiphi indlela ukubusa kukaNkulunkulu? (b) Yimiphi imibuzo ephakamayo ngokuqondene neHubo 145:11-21?
NGOKUNGANGABAZEKI uJehova unguMbusi Wendawo Yonke. Kodwa uSathane uye wakubekela inselele ukulunga nokufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu. (Genesise 2:16, 17; 3:1-5) UDeveli futhi uye wabenza bangabazeka ubuqotho bazo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezulwini nasemhlabeni. (Jobe 1:6-11; 2:1-5; Luka 22:31) Ngakho uJehova uye wavumela isikhathi sokuba zonke izidalwa ezihlakaniphile zibone izithelo ezimbi zokuhlubuka ukubusa kwakhe futhi zibonise ukuthi zimiphi kulezimpikiswano.
2 IHubo 145 liyasisiza ukuba sikumelele ngokuqinile ukubusa kukaNkulunkulu. Kanjani? Yini uDavide ayishoyo ngobukhosi bukaJehova? Futhi uNkulunkulu ubaphatha kanjani labo ababumelelayo? Izimpendulo eziwusizo zivela kumaHubo 145:11-21.
Khuluma Ngobukhosi BukaJehova
3. Uma sibuthanda ubukhosi bukaJehova, yini esiyoyenza?
3 UDavide wayebukhathalela kakhulu ubukhosi bukaJehova, wathi: “Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma, bashumayele ngamandla akho ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.” (IHubo 145:11, 12) Abantu bakhuluma ngezinto ezibathakazelisayo. Ngakho indoda ikhuluma ngomkhaya wayo, ngekhaya layo, nangezivuno zayo. UJesu wathi: “Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo.” (Luka 6:45) Uma ukubusa kukaNkulunkulu kuthandeka ezinhliziyweni zethu, siyothandazela ukuba uMbuso wakhe uze, futhi siyotshela abanye ngokwahlulela ngokulunga nangokuthula okuyoba khona ngaphansi kokubusa kwawo. Siyodumisa uJehova ‘njengeNkosi yaphakade,’ futhi siyokhuluma ngokubonakaliswa kobukhosi bakhe ngoMbuso wobuMesiya ophethwe iNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu. (IsAmbulo 15:3, NW; Isaya 9:6, 7) Yeka ilungelo okuyilo ukukhuluma ngenkazimulo yasezulwini yobukhosi bukaJehova, ngokushesha ezobonakaliswa ebuhleni bepharadesi lasemhlabeni eligcwele izidalwa ezijabule ngokuphelele!—Luka 23:43.
4. Yisiphi isikhathi esikhuluma ngaso “ngamandla” kaJehova, futhi sisekelwa kanjani emsebenzini onjalo?
4 Ukwazisa kuyosishukumisela futhi ukuba sikhulume “ngamandla” kaJehova. Nakuba ‘emkhulu ngamandla,’ akalokothi awasebenzise kabi. (Jobe 37:23) Wasebenzisa amandla akhe ekudaleni umhlaba nesintu futhi uyowasebenzisa ekubhubhiseni ababi. Sinethuba lokukhuluma ngamandla kakhulu lapho simemezela izindaba ezinhle. Ingabe asibongi yini ngokuthi loMthombo ophakeme wamandla usinika amandla okwenza lomsebenzi? (Isaya 40:29-31) Yebo, njengoFakazi BakaJehova, amandla nomoya kaNkulunkulu kuyasisekela enkonzweni engcwele. Kungalendlela kuphela isigijimi soMbuso esimenyezelwa ngayo ngempumelelo emangalisayo emhlabeni wonke.—IHubo 28:7, 8; Zakariya 4:6.
5. Njengoba abantu abaningi bengazazi “izenzo zamandla” zikaJehova, yini okufanele siyenze?
5 Kudingeka ukuba sazise amadodana abantu “izenzo” zikaJehova “zamandla,” njengoba nje namaIsrayeli atshela abantwana bawo ngendlela uNkulunkulu awakhulula ngayo ebugqilini baseGibithe. (Eksodusi 13:14-16) Abantu bakha amatshe ezikhumbuzo zabantu abazenzo zabo bazicabangela njengezivelele, kodwa bangaki abazi ngezenzo zikaNkulunkulu zamandla? Njengoba esinye isazi sasho: “Baqopha ethusini izenzo zamaqhawe abo, kodwa izenzo ezikhazimulayo zikaJehova zibhalwa esihlabathini, futhi isikhathi siyazisusa enkumbulweni yamanje.” Lezozenzo azisuswa ngempela, nakuba abantu abaningi bengazazi. Ngakho emsebenzini wethu wendlu ngendlu, lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya, nangezinye izikhathi, masikhulume ngentshiseko ngezenzo zikaNkulunkulu zamandla.
6. (a) Kukusiphi isenzakalo eminyakeni eminingi edlule lapho umoya wentshiseko esiyenza ngawo inkonzo yethu waboniswa khona kahle? (b) Empeleni, yini eyashiwo ngo-1922 ngokumemezela uMbuso?
6 Nathi, ngentshiseko kufanele siyenze yaziwe inkazimulo yobukhosi bukaNkulunkulu. Ukushisekela inkonzo enjalo yoMbuso ngokuqinisekile kwabonakala lapho, ngo-1922, uJ. F. Rutherford, owayengumongameli weWatch Tower Society, ekhuluma nababekhona emhlanganweni eCedar Point, eOhio, futhi ethi: “Kusukela ngo-1914 iNkosi yenkazimulo iye yaqala ukubusa . . . uMbuso wezulu useduze; iNkosi iyabusa; umbuso kaSathane uyawa; izigidi eziphilayo manje azisoze zafa. Ingabe uyakukholelwa lokho? . . . Khona-ke phindelani enkundleni, O nina madodana kaNkulunkulu oPhezukonke! Hlomani izikhali zenu! Yibani ngabasangulukile, phaphamani, khuthalani, yibani nesibindi. Yibani ngofakazi beNkosi abathembekile nabeqiniso. Qhubekani ekulweni kuze kube yilapho yonke iminonjana yeBabiloni isibhujisiwe. Memezelani isigijimi kude nakabanzi. Izwe kumelwe lazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu nokuthi uJesu Kristu uyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. Lolu usuku olukhulu kunazo zonke. Bhekani, iNkosi iyabusa! Ningamanxusa ayo okumemezela. Ngakho-ke memezelani, memezelani, memezelani, iNkosi nombuso wayo.”
7. Kufanele sizizwe kanjani ngomsebenzi wethu njengabamemezeli boMbuso?
7 Yeka injabulo okuyiyo ‘ukuzindla ngegama likaNkulunkulu,’ ukutshela abanye ngokubusa kwakhe, nokumemezela uMbuso wobuMesiya weNdodana yakhe ethandekayo! (Malaki 3:16) Njengabamemezeli nabameleli boMbuso, siyalazisa ilungelo lethu lokumemezela izindaba ezinhle nokuphendulela izinhliziyo zabanye kuNkulunkulu, kuKristu, naseMbusweni. Kufanele sibe nesifiso esikhulu sokutshela abanye ngobuhle obukhazimulayo bobukhosi bukaJehova.—Qhathanisa noJeremiya 20:9.
8. (a) Ukubusa kukaJehova kumelelwa yini namuhla? (b) Kungani kungase kushiwo ukuthi uNkulunkulu uyabusa “ezizukulwaneni ngezizukulwane”?
8 Kufanele sishukunyiselwe ukuba simemezele uMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko enkulu, ngoba uDavide ngokulandelayo wathi: “Umbuso wakho ungumbuso kuze kube-phakade; ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.” (IHubo 145:13) Njengoba ukuzindla komhubi ngobukhosi bukaJehova kwakuqhubeka, wayeka ukusebenzisa isabizwana esithi “wakhe” wasebenzisa esithi “wakho,” ebhekisa amazwi akhe omthandazo ngokuqondile kuNkulunkulu. Yiqiniso, ukubusa kukaJehova njengoba kumelelwe eMbusweni wobuMesiya akuyithathi indawo yobukhosi bukaNkulunkulu baphakade. Eqinisweni, lapho isintu esilalelayo sesilethwe ekupheleleni, uKristu uyodlulisela uMbuso kuYise. (1 Korinte 15:24-28) Ngakho uNkulunkulu uyabusa “ezizukulwaneni ngezizukulwane.” UJehova wayeyiNkosi lapho uAdamu edalwa futhi uyobusa phezu kwabantu abalungile phakade.
9. KumaHubo 145, yini engashiwo ngevesi eliqala ngohlamvu lwesiHeberu oluthi nun?
9 Kulelihubo elinezinhlamvu zokuzikhumbuza, umbhalo weMasora awulifaki ivesi eliqala ngohlamvu lwesiHeberu oluthi nun. Kodwa ngokuvumelana neSeptuagint yesiGreki, iPeshitta, yesiSiriya, neVulgate yesiLatin, omunye umbhalo wesandla wesiHeberu ufundeka kanje: “UJehova uthembekile kuwo wonke amazwi akhe, futhi unomusa ngothando [noma, “uthembekile”] kuyo yonke imisebenzi yakhe.” (New World Translation of the Holy Scriptures—With References, umbhalo waphansi) UNkulunkulu uzigcwalisa zonke izithembiso zakhe futhi uthembekile, unothando, nomusa kubo bonke abazisa ubuhle bakhe.—Joshuwa 23:14.
Ukusekela KukaJehova Akuphuthi Nanini
10. UNkulunkulu ‘usisekela’ kanjani?
10 INkosi yaPhakade ayilokothi ikushaye indiva ukuhlupheka kwezinceku zayo. Kanjalo, uDavide wayengathi “UJehova uyaphasa bonke abawayo, abavuse bonke abathotshisiweyo.” (IHubo 145:14) Kusukela ezinsukwini zika-Abela, uJehova uye wabasekela abakhulekeli baKhe. Ukuba sashiywa ukuba sizibonele, sasiyowa izikhathi eziningi sisindwa imithwalo yethu. Asinawo amandla anele okuthwala zonke izinsizi zokuphila noshushiso olusehlelayo njengabantu bakaNkulunkulu, kodwa uJehova uyasisekela. Uhlobo lwesenzo sesiHeberu olusetshenziswe lapha lubonisa ukuthi uNkulunkulu uyaqhubeka ‘esiphasa.’ Kungase kuphawulwe ukuthi uJohane uMbhapathizi neNdodana kaNkulunkulu ngokwakhe basiza ekuvuseni izoni ezaziwile ngokokuziphatha. Lapho labantu bephenduka futhi beba izinceku zikaJehova, bajabulela isibusiso esimangalisayo sokusekelwa kwaphezulu.—Mathewu 21:28-32; Marku 2:15-17.
11. UJehova ‘ubavusa’ kanjani ‘bonke abathotshisiwe’?
11 Kuyaduduza ukwazi ukuthi ‘uJehova uyabavusa bonke abathotshiswe’ ukuvivinywa okuhlukahlukene. Uyabathokozisa abadangele abaphakathi kwethu, aduduze abalusizi, futhi asisize ukuba sikhulume izwi lakhe ngesibindi lapho sishushiswa. (IzEnzo 4:29-31) Akalokothi avumele imithwalo yethu isicindezele uma nje samukela usizo lwakhe. (IHubo 55:22) Ngakho, ‘njengendodakazi ka-Abrahama’ ‘eyayiqhothile’ kodwa yelashwa emzimbeni uJesu, kufanele ‘simdumise uNkulunkulu’ lapho ngothando esivusa ngokomoya. (Luka 13:10-17) Abagcotshiwe ababethotshiswe ebugqilini baseBabiloni babonga lapho uNkulunkulu ebavusa ngo-1919, futhi ebelokhu evusa “ezinye izimvu” ezinokwazisa kusukela ngo-1935.—Johane 10:16.
12. ‘Amehlo abo bonke’ amlindela kanjani uJehova?
12 UJehova akabadumazi abantu bakhe, njengoba uDavide ngokulandelayo akucacisa ngokuthi: “Amehlo abo bonke alind[el]a wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso. Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” (IHubo 145:15, 16) Kunjengokungathi amehlo azo zonke izidalwa eziphilayo abheke ngethemba kuMbusi Wendawo yonke. Izingelosi zibheka kuNkulunkulu ukuze zithole ukuphila okuqhubekayo. Futhi njengoba umntwana ebheka kumzali ukuze athole izinto azidingayo, nathi sibheka kuBaba wethu wasezulwini. Empeleni, abantu nezilwane ngokufanayo bondliwa nguye. Akekho omunye onganelisa izidingo zabo. UNkulunkulu ubanikeza “ukudla ngesikhathi esiyiso,” okungukuthi, lapho kudingeka.
13. Yiziphi izindlela uJehova ‘avula ngazo isandla sakhe futhi asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo’?
13 UNkulunkulu ‘uvula isandla sakhe futhi asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.’ (IHubo 104:10-28) Yiqiniso, ezinye izilwane ziyafa ngenxa yokuntuleka kokudla. Abantu abaningi bayalamba ngenxa yokuba izisulu zobugovu, zokucindezelwa, nokusetshenziswa kabi kwemikhiqizo. Ngaphezu kwalokho, uJesu wabikezela ukuthi “indlala” yayiyoba isici ‘sesibonakaliso’ sokuba khona kwakhe kulezinsuku zokugcina. (Mathewu 24:3, 7) Kodwa akukho nokukodwa kwalokhu okwenzeka ngoba uJehova encishana noma engakwazi ukulungiselela. Cabanga ngezigidi zezinkulungwane ezondliwayo! Ngaphezu kwalokho, lelihubo linikeza isiqinisekiso sokuthi ngaphansi kokubusa koMbuso, lapho ‘umuntu engasabusi omunye kube ukulimala kwakhe,’ uNkulunkulu uyokwanelisa izidingo zethu ezingokwenyama nezingokomoya. (UmShumayeli 8:9; Isaya 25:6) Ngisho nanamuhla, akudingeki ukuba sikulambele ukudla okungokomoya, ngoba uNkulunkulu ulungiselela inala yakho ngesikhathi esifanele ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47; 1 Petru 2:2) Ngenkulumo engokomoya, oFakazi BakaJehova bangabantu abondliwa kangcono kakhulu emhlabeni wonke. Ingabe ubonisa ukwazisa okujulile ngenala enjalo?
UJehova Uvikela Abamthandayo
14. Kungani uDavide ayengathi “uJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke”?
14 Ubuwula bethu ‘bungachitha indlela yethu’ futhi busilethele ubunzima, kodwa akufanele neze sibeke uNkulunkulu icala ngalobubunzima. (IzAga 19:3) UDavide uyabonisa ukuthi kungani lapho ethi: “UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.” (IHubo 145:17) Ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu wenza ngendlela eqotho, elungile, nenomusa. Umusa wakhe ubonakala ikakhulukazi elungiselelweni lakhe lensindiso ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu. (IzEnzo 2:21; 4:8-12) UJehova futhi “ulungile emisebenzini yakhe yonke,” uhlala ethembekile, enothando, futhi engakhethi. Khona-ke, ‘njengabalingisi bakaNkulunkulu’ masibe qotho, sibe ngabalungile, sibe nomusa, singakhethi, futhi sethembeke.—Efesu 5:1, 2; Duteronomi 32:4; IHubo 7:10; 25:8; Isaya 49:7; IzEnzo 10:34, 35.
15. Siye ‘sambiza kanjani uJehova ngeqiniso,’ futhi uye waba yini umphumela wokwenza kwethu kanjalo?
15 Njengoba uNkulunkulu elungile futhi ethembekile, sisondela kuye. Ngaphezu kwalokho, uDavide uyasiqinisekisa: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso.” (IHubo 145:18) Lapho sibhapathizwa njengamakholwa azinikezele, sabiza egameni likaJehova. (IzEnzo 8:12; 18:8; Roma 10:10-15) Njengoba sasondela kanjalo kuNkulunkulu, naye usondela kithi. (Jakobe 4:8) ‘Simbiza ngeqiniso’ ngoba senza kanjalo ngendlela okuyiyona, ngoJesu Kristu. Futhi uJehova uyohlala eseduze uma simkhulekela “ngomoya nangeqiniso,” sibonisa ‘ukholo ngokungazensisi,’ futhi ‘sikhuthazele sengathi siyambona ongabonwayo.’ (Johane 4:23, 24; 1 Thimothewu 1:5; Heberu 11:27) Khona-ke ngeke sithandazele ize noma sibhekane nezwe likaSathane sodwa, kodwa siyoqhubeka sijabulela usizo nesiqondiso saphezulu. (IHubo 65:2; 1 Johane 5:19) Yeka ukuthi lokhu kusho ukulondeka okungakanani!
16. Kungani uJehova ‘esuthisa ukufisa kwabamesabayo’ futhi kanjani?
16 Futhi, sinokulondeka kweqiniso ngenxa yezinye izinto uJehova asenzela zona. UDavide wathi: “Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.” (IHubo 145:19) UJehova ‘usuthisa ukufisa kwethu’ ngoba simhlonipha ngokujulile uNkulunkulu futhi sinokwesaba okunempilo kokumjabhisa. (IzAga 1:7) Izinhliziyo zethu ezilalelayo ziye zasishukumisela ukuba sizinikezele kuJehova, futhi isimo sethu sengqondo siwukuthi, “Intando yakho mayenzeke.” Njengoba kuyintando yakhe ukuba simemezele isigijimi soMbuso, wanelisa isifiso sethu sokwenza lowomsebenzi. (Mathewu 6:10; Marku 13:10) UNkulunkulu ‘usuthisa ukufisa kwethu’ ngoba asithandazi ngobugovu kodwa sicela izinto ezivumelana nentando yakhe. Usinika lokho okuvumelana nentando yakhe futhi okusizuzisayo.—1 Johane 3:21, 22; 5:14, 15; qhathanisa noMathewu 26:36-44.
17. Kungani singaqiniseka ngokuthi ‘ukukhalela kwethu usizo’ kuyozwiwa uNkulunkulu?
17 NjengoFakazi BakaJehova abathembekile, singase siqiniseke futhi ngokuthi ‘ukukhalela kwethu [usizo, NW]’ ngeke kungazwiwa. UNkulunkulu wakhulula uDavide enhlekeleleni futhi wasindisa uJesu, wamvusa ngisho nokumvusa kwabafileyo. Lapho kuhlasela isitha, ikakhulukazi lapho kuhlasela uGogi, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyosikhulula. (Hezekeli 38:1–39:16) Eqinisweni, phakathi nanoma yisiphi isikhathi esinzima, njengoDavide singathandaza ngokuqiniseka: “Yiba-nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngiyahlupheka; . . . Ngikuzwile ukuhleba kwabaningi ngokwesabisayo nxazonke; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami. Kepha mina ngithemba wena-Jehova; ngithi: UnguNkulunkulu wami.”—IHubo 31:9-14.
18. Sizuza kanjani ekwazini ukuthi uJehova ‘ulondoloza abamthandayo’ kodwa ‘uyobhubhisa ababi’?
18 UJehova uNkulunkulu uhlala ekulungele ukusisiza. Njengoba uDavide esho: “UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo, kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.” (IHubo 145:20) Yebo, uma simthanda uNkulunkulu, uyosibusisa futhi asigcine. (Numeri 6:24-26) ‘Umphindisela kakhulu ozidlayo’ kodwa uyazilondoloza izinceku zakhe ezithobekile, engavumeli ukuba kwenzeke lutho oluyozilimaza phakade. Njengoba uJehova enathi, masibe nesibindi. (IHubo 31:20-24; IzEnzo 11:19-21) ‘Akukho sikhali esenzelwe thina esiyophumelela.’ (Isaya 54:17; IHubo 9:17; 11:4-7) Lokhu kutholwa yilabo ababonakalisa uthando lwabo ngoNkulunkulu njengezinceku zakhe ezithembekile nezizinikezele. Njengeqembu, oFakazi BakaJehova bayodlula ngokuphepha ‘osizini olukhulu’ oluyolethwa phezu kwababi. (IsAmbulo 7:14) Futhi yeka ukuthi kuyoba isibusiso kanjani ‘kwabamthandayo’ ukuxazululwa kwempikiswano enkulu yobukhosi bukaJehova bendawo yonke!
Qhubeka Udumisa Igama LikaJehova Elingcwele
19. Kungani imilomo yethu ikhuluma ‘ngodumo lukaJehova’?
19 UDavide uphetha lelihubo elithinta inhliziyo ngalamazwi: “Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube-phakade.” (IHubo 145:21) NjengoFakazi BakaJehova, siyabazisa ubukhulu, ubuhle, ubukhosi obunomusa, ukusekela okungahluleki, nokunakekela ngokungakhathali kukaNkulunkulu. Ngakho, njengoDavide, imilomo yethu ikhuluma izindumiso zikaNkulunkulu. Sishukunyiselwa ukuba sizinikele kuye ngokukhethekile, simbonge ngezibusiso zakhe eziningi, futhi sidumise “igama” lakhe “elitusekayo.”—1 IziKronike 29:10-13; Eksodusi 20:4-6.
20. Sinombono wephakade, yini manje okufanele sizimisele ukuyenza?
20 Njengoba uJehova esibusisa nsuku zonke, masimdumise njalo, noma sikhulume kahle ngaye. Masishumayele izindaba ezinhle ngentshiseko sidumisa uNkulunkulu, sitshela abanye ukuthi ngokushesha ‘yonke inyama izodumisa igama lakhe elingcwele.’ Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani ukuphila lapho zonke izakhamuzi zomhlaba—yebo, zonke izidalwa ezihlakaniphile endaweni yonke—ziyohuba izindumiso zikaBaba wethu osezulwini! (IHubo 148:1-13) Makadunyiswe uJehova ngokwambula igama lakhe nangokusinika ilungelo lokuba oFakazi bakhe. (IHubo 83:18; Isaya 43:10-12) Kwangathi singaziphatha ngendlela efanele labo abaliphatha ngobungcwele lelogama futhi sithandazele ukungcweliswa kwalo. (Luka 11:2) Masikhonze uNkulunkulu ngokwethembeka, ukuze esimisweni sakhe esisha, amazwi ethu azwakale engomeni yalabo abadumisa igama likaJehova elingcwele phakade.
Ubungathini?
◻ Yini esiyoyenza uma sibuthanda ubukhosi bukaJehova?
◻ Ubukhosi bukaNkulunkulu bumelelwa yini namuhla?
◻ UJehova ‘ubavusa’ kanjani ‘bonke abathotshisiwe’?
◻ Iziphi izindlela uNkulunkulu ‘avula’ ngazo ‘isandla sakhe futhi asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo’?
◻ Singalidumisa kanjani igama likaJehova elingcwele?
[Isithombe ekhasini 17]
Ngo-1922 amazwi athi ‘memezelani iNkosi noMbuso’ ashukumisela abameleli bobukhosi bukaJehova emsebenzini omkhulu ngokwengeziwe