Thanda Ukulunga Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho
“Ukuthandile ukulunga.”—IHU. 45:7.
1. Yini eyosisiza ukuba sihambe “emikhondweni yokulunga”?
UJEHOVA uhola abantu bakhe “emikhondweni yokulunga” ngeZwi lakhe nangomoya wakhe ongcwele. (IHu. 23:3) Nokho, njengoba singaphelele sithambekele ekuchezukeni kuleyo ndlela. Kudingeka umzamo oqotho ukubuyela endleleni yokulunga. Yini eyosisiza ukuba siphumelele? NjengoJesu, kumelwe sithande ukwenza okulungile.—Funda amaHubo 45:7.
2. Iyini ‘imikhondo yokulunga’?
2 Iyini ‘imikhondo yokulunga’? Umkhondo uyindlela encane noma umzila okuhanjwa kuwo ngezinyawo. Le ‘mikhondo’ inqunywa indinganiso kaJehova yokulunga. NgesiHebheru nangesiGreki, elithi ‘ukulunga’ libhekisela entweni “eqondile,” lisikisela ukunamathela ngokuqinile ezimisweni zokuziphatha. Njengoba uJehova ‘eyindawo yokuhlala yokulunga,’ abakhulekeli bakhe bayakujabulela ukumlindela ukuba abanqumele indlela eqondile yokuziphatha okufanele bahambe ngayo.—Jer. 50:7.
3. Singakufunda kanjani okwengeziwe ngokulunga kukaNkulunkulu?
3 Siyomjabulisa ngokugcwele uNkulunkulu kuphela uma sikulwela ngayo yonke inhliziyo yethu ukuphila ngezindinganiso zakhe zokulunga. (Dut. 32:4) Lokhu kuqala ngokufunda konke esingakufunda ngoJehova uNkulunkulu eZwini lakhe, iBhayibheli. Lapho sifunda okwengeziwe ngaye, sisondela kuye usuku nosuku, uthando lwethu ngokulunga kwakhe luyokhula. (Jak. 4:8) Kumelwe sivume nokuqondiswa iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lapho kudingeka senze izinqumo ezibalulekile ekuphileni.
Funa Ukulunga KukaNkulunkulu
4. Yini ehilelekile ekufuneni ukulunga kukaNkulunkulu?
4 Funda uMathewu 6:33. Ukufuna ukulunga kukaNkulunkulu kuhilela okungaphezu kokusebenzisa isikhathi sethu ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. Ukuze inkonzo yethu engcwele yamukeleke kuJehova, ukuziphatha kwethu kwansuku zonke kumelwe kuvumelane nezindinganiso zakhe eziphakeme. Yini bonke abafuna ukulunga kukaJehova okudingeka bayenze? Kumelwe “[bagqoke] ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.”—Efe. 4:24.
5. Yini eyosisiza ukuba sinqobe ukudangala?
5 Njengoba silwela ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga, ngezinye izikhathi singase sidangaliswe ukungapheleli kwethu. Yini engasisiza ukuba sinqobe ukudangala okuthena amandla futhi sifunde ukuthanda nokwenza ukulunga? (IzAga 24:10) Kumelwe sithandaze njalo kuJehova “ngezinhliziyo eziqotho ngesiqinisekiso esigcwele sokholo.” (Heb. 10:19-22) Kungakhathaliseki ukuthi singamaKristu agcotshiwe noma sinethemba lasemhlabeni, sibonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu Kristu nakulokho azosenzela khona njengomPristi wethu omkhulu Ophakeme. (Roma 5:8; Heb. 4:14-16) Ukuthi igazi likaJesu elachitheka linamandla kangakanani kwaboniswa kumagazini wokuqala ngqa wesiNgisi we-Nqabayokulinda. (1 Joh. 1:6, 7) Kwesinye isihloko sawo wathi: “Kuyiqiniso elaziwayo ukuthi [lapho] into ebomvu klebhu noma okwegazi ibhekwe ngengilazi ebomvu ekukhanyeni, leyo nto ibonakala imhlophe; ngakho, nakuba izono zethu zingase zibe bomvu klebhu noma njengegazi, lapho uNkulunkulu ezibheka ngegazi likaKristu, zibonakala zimhlophe.” (July 1879, k. 6) Yeka ukuthi uJehova usenzele ilungiselelo elimangalisa kangakanani ngomhlatshelo wesihlengo seNdodana yakhe ayithandayo!—Isaya 1:18.
Hlola Izembatho Zakho Zempi Ezingokomoya
6. Kungani kubaluleke kakhulu ukuba sihlole izembatho zethu zempi ezingokomoya?
6 Kudingeka sisigqoke njalo “isivikelo sesifuba sokulunga,” ngoba siyingxenye ebaluleke kakhulu yezembatho zethu ezingokomoya ezivela kuNkulunkulu. (Efe. 6:11, 14) Kungakhathaliseki ukuthi sisanda kuzinikezela kuJehova noma sesinamashumi eminyaka simkhonza, kubaluleke kakhulu ukuba sihlole izembatho zethu zempi ezingokomoya nsuku zonke. Ngani? Ngoba uDeveli namademoni akhe baphonswe lapha emhlabeni. (IsAm. 12:7-12) USathane uthukuthele futhi uyazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane. Ngakho, uye waqinisa amangwevu akhe ekuhlaseleni abantu bakaNkulunkulu. Ingabe siyakuqaphela ukubaluleka kokugqoka “isivikelo sesifuba sokulunga”?
7. Siyoziphatha kanjani uma sisiqaphela isidingo sokugqoka “isivikelo sesifuba sokulunga”?
7 Isivikelo sesifuba sivikela inhliziyo engokoqobo. Ngenxa yokuthi asiphelele, inhliziyo yethu engokomfanekiso ithambekele ekukhohliseni nasekwenzeni ngokuphelelwa yithemba. (Jer. 17:9) Njengoba inhliziyo yethu ithambekele ekwenzeni okubi, kubalulekile ukuba siyiqeqeshe futhi siyikhuze. (Gen. 8:21) Uma sisiqaphela isidingo ‘sesivikelo sesifuba sokulunga,’ ngeke sisikhumule okwesikhashana ngokukhetha ukuzijabulisa uNkulunkulu akuzondayo; futhi ngeke sizivumele ukuba siphuphe ngokuhlanganyela ekwenzeni okubi. Ngeke sichithe isikhathi sethu esiningi esiyigugu sibukela ithelevishini. Kunalokho, siyoqhubeka silwela ukwenza okujabulisa uJehova. Ngisho noma singakhubeka okwesikhashana siwele ekucabangeni okungokwenyama okungalungile, ngosizo lukaJehova siyovuka sizicoshe.—Funda izAga 24:16.
8. Kungani sidinga “isihlangu esikhulu sokholo”?
8 Enye ingxenye yezembatho zethu ezingokomoya “isihlangu esikhulu sokholo.” Sisenza sikwazi “ukucima yonke imicibisholo evuthayo yomubi.” (Efe. 6:16) Ukholo nokuthanda uJehova ngenhliziyo yonke kusisiza ukuba senze ukulunga futhi sihlale sisendleleni eholela ekuphileni okuphakade. Lapho sifunda ukuthanda uJehova ngokwengeziwe, siyokwazisa ngokwengeziwe ukulunga kwakhe. Kodwa kuthiwani ngonembeza wethu? Usisiza kanjani emizamweni yethu yokuthanda ukulunga?
Londoloza Unembeza Omuhle
9. Sizuza kanjani ngokulondoloza unembeza omuhle?
9 Lapho sibhapathizwa, sacela uJehova ukuba asinike ‘unembeza omuhle.’ (1 Pet. 3:21) Ngenxa yokuthi sibonisa ukholo esihlengweni, igazi likaJesu lemboza izono zethu bese siba nokuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu. Nokho, ukuze siqhubeke sinalokho kuma, kudingeka silondoloze unembeza omuhle. Uma ngezinye izikhathi unembeza wethu usisola futhi usixwayisa, kufanele sijabule ngokuthi usebenza kahle. Ukusidla kwawo kubonisa ukuthi awushile ngokuphathelene nezindlela zikaJehova zokulunga. (1 Thim. 4:2) Kodwa unembeza ungafeza enye indima kulabo abafuna ukuthanda ukulunga.
10, 11. (a) Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi kungani kufanele silalele unembeza wethu oqeqeshwe ngeBhayibheli. (b) Kungani ukuthanda ukulunga kungasilethela injabulo enkulu?
10 Lapho senza okubi, unembeza wethu ungasilahla noma usidle. Omunye osemusha wanhlanhlatha “emikhondweni yokulunga.” Waba umlutha wezithombe zobulili ezingcolile futhi waqala ukubhema insangu. Isazela sasimudla lapho eya emihlanganweni futhi wayezizwa njengomzenzisi lapho ehlanganyela enkonzweni yasensimini, ngakho wayiyeka le misebenzi yobuKristu. Wathi, “Kodwa ngangingazi ukuthi unembeza wami wawuzongidla umshawushile ngezenzo zami.” Wanezela, “Le mpilo yami yobuwula yathatha iminyaka emine.” Wabe eseqala ukucabanga ngokubuyela eqinisweni. Nakuba ayecabanga ukuthi uJehova wayengeke awulalele umthandazo wakhe, noma kunjalo wathandaza wacela intethelelo. Ingakapheli nemizuzu eyishumi, unina wamvakashela futhi wamkhuthaza ukuba aphinde aye emihlanganweni. Waya eHholo LoMbuso futhi wacela umdala othile ukuba amfundele. Ngokuhamba kwesikhathi wabhapathizwa, futhi uyambonga uJehova ngokusindisa ukuphila kwakhe.
11 Siqaphelile yini ukuthi sithola injabulo enkulu lapho senza okulungile? Njengoba sifunda ukuthanda ukulunga futhi siqhubeka sikwenza ngokugcwele, siyothola injabulo eyengeziwe ngokwenza lokho okuthokozisa uBaba wethu osezulwini. Cabanga nje! Luyeza usuku lapho unembeza wabo bonke abantu uyobalethela injabulo kuphela; bayowubonakalisa ngokuphelele umfanekiso kaNkulunkulu. Ngakho-ke, masigxilise ukuthanda ukulunga ekujuleni kwezinhliziyo zethu manje futhi sithokozise uJehova.—IzAga 23:15, 16.
12, 13. Singawuqeqesha kanjani unembeza wethu?
12 Yini esingayenza ukuze siqeqeshe onembeza bethu? Lapho sitadisha imiBhalo nezincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini, kubalulekile ukukhumbula ukuthi “inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.” (IzAga 15:28) Cabangela indlela lokhu okuyinzuzo ngayo lapho sibhekene nezinqumo eziphathelene nomsebenzi. Uma kusobala ukuthi uhlobo oluthile lomsebenzi lungqubuzana nezimfuneko ezingokomBhalo, iningi lethu lisabela ngokushesha esiqondisweni esinikezwa ngesigaba senceku ethembekile neqondayo. Nokho, uma esikutholayo endabeni yomsebenzi kungacacile, kufanele sibheke izimiso zeBhayibheli bese sizicabangela ngomthandazo.a Lokhu kubhekisele ezimisweni ezinjengesokugwema ukulimaza onembeza babanye. (1 Kor. 10:31-33) Kufanele sikhathalele ikakhulu izimiso ezihilela ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Uma uJehova engokoqobo kithi, umbuzo esiyozibuza wona kuqala yilo, ‘Ingabe ukuvuma kwami ukwenza lo msebenzi kuyomdabukisa uJehova noma kumzwise ubuhlungu?’—IHu. 78:40, 41.
13 Lapho silungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda noma iSifundo SeBhayibheli Sebandla, kumelwe sikhumbule ukuthi kudingeka sizindle ngalokho kwaziswa. Ingabe sizithola njalo sidwebela impendulo ngokushesha bese sidlulela esigabeni esilandelayo? Uma senza kanjalo lapho sitadisha, uthando lwethu ngokulunga ngeke lujule nonembeza bethu ngeke babe bukhali. Ukuze sithande ukulunga, kudingeka sitadishe ngenkuthalo futhi sizindle ngalokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe. Azikho izindlela ezinqamulelayo zokufunda ukuthanda ukulunga ngenhliziyo yethu yonke!
Ukulambela Nokomela Ukulunga
14. UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bafuna sizizwe kanjani ngenkonzo yethu engcwele?
14 UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bafuna sijabule lapho senza inkonzo yethu engcwele. Yini eyonezela enjabulweni yethu? Ukuthanda ukulunga! ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wathi: “Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga, ngoba bayosuthiswa.” (Math. 5:6) Asho ukuthini la mazwi kulabo abafisa ukuthanda ukulunga?
15, 16. Kunganeliswa ngaziphi izindlela ukulamba nokoma okungokomoya?
15 Izwe esiphila kulo libuswa omubi. (1 Joh. 5:19) Uma sithatha iphephandaba lanoma iliphi izwe, sithola imibiko yonya nobudlova bezinga elingakaze libonwe. Umuntu olungile uyakhathazeka lapho ecabanga ngendlela abantu asebephelelwe ngayo ubuntu. (UmSh. 8:9) Njengabantu abathanda uJehova, siyazi ukuthi nguye kuphela onganelisa ukulamba nokoma okungokomoya kwabantu abafisa ukufunda ukulunga. Maduze abantu abangamesabi uNkulunkulu bazosuswa, futhi abathanda ukulunga ngeke besabhekana nokucindezeleka okubangelwa abantu abadelela umthetho nezenzo zabo ezimbi. (2 Pet. 2:7, 8) Yeka impumuzo okuyoba yiyo!
16 Njengezinceku zikaJehova nabalandeli bakaJesu Kristu, siyaqaphela ukuthi bonke labo abalambele futhi bomele ukulunga “bayosuthiswa.” Bayokwaneliswa ngokugcwele ngelungiselelo likaNkulunkulu lamazulu amasha nomhlaba omusha ‘okuyohlala kukho ukulunga.’ (2 Pet. 3:13) Ngakho, masingapheli amandla noma simangazwe ukuthi ukucindezela nobudlova kuye kwaqeda ukulunga kuleli zwe likaSathane. (UmSh. 5:8) OPhezukonke, uJehova, ubona konke okwenzekayo futhi maduze uzobakhulula abathandi bokulunga.
Zuza Ngokuthanda Ukulunga
17. Iziphi ezinye zezinzuzo ezitholakala ngokuthanda ukulunga?
17 IHubo 146:8 ligcizelela inzuzo evelele yokuhamba endleleni yokulunga. Umhubi wahlabelela: “UJehova uthanda abalungile.” Ake ucabange nje! UMbusi wendawo yonke uyasithanda ngoba sithanda ukulunga! Ngenxa yokuthi uJehova uyasithanda, siyaqiniseka ngokuthi uyosinakekela njengoba sigcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwethu. (Funda iHubo 37:25; IzAga 10:3.) Ekugcineni, wonke umhlaba uyoba owabathandi bokulunga. (IzAga 13:22) Umvuzo wokwenza ukulunga oyotholwa iningi labantu bakaNkulunkulu uyoba injabulo echichimayo nokuphila okungenasiphelo epharadesi elihle lasemhlabeni. Ngisho namanje, labo abathanda ukulunga kukaNkulunkulu bavuzwa ngokuthula kwangaphakathi okubenza babe nobunye emikhayeni yabo nasemabandleni.—Fil. 4:6, 7.
18. Iziphi izinto okumelwe sizenze njengoba silindele usuku lukaJehova?
18 Njengoba silindele ukufika kosuku olukhulu lukaJehova, kumelwe siqhubeke sifuna ukulunga kwakhe. (Zef. 2:2, 3) Ngakho-ke, masibonise uthando oluqotho ngezindlela zikaJehova uNkulunkulu zokulunga. Lokho kuhlanganisa ukuhlale sigqoke “isivikelo sesifuba sokulunga” ukuze sivikele inhliziyo yethu engokomfanekiso. Kudingeka nokuba silondoloze unembeza omuhle—oyosenza sijabule futhi wenze inhliziyo kaNkulunkulu wethu ijabule.—IzAga 27:11.
19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza, futhi sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 “Amehlo [kaJehova] aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKr. 16:9) Yeka ukuthi lawo mazwi asiduduza kanjani njengoba senza okulungile naphezu kokwanda kokuntengantenga kwezomnotho, ubudlova nobubi kuleli zwe eligcwele izinkathazo! Yiqiniso, izindlela zethu zokulunga zingase ziludide uquqaba lwesintu oluhlukaniswe noNkulunkulu. Kodwa sizuza kakhulu ngokunamathela ekulungeni kukaJehova. (Isaya 48:17; 1 Pet. 4:4) Ngakho, masizimisele ukuqhubeka sithola injabulo ngokuthanda nangokwenza ukulunga ngayo yonke inhliziyo yethu. Nokho, ukuba nenhliziyo ephelele kuhlanganisa nokuzonda ukweqa umthetho. Isihloko esilandelayo sizosibonisa ukuthi lokhu kusho ukuthini.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ngezimiso zeBhayibheli eziphathelene nezinqumo ngomsebenzi, bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1999, amakhasi 28-30.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani kudingeka sisazise isihlengo ukuze sithande ukulunga?
• Kungani kubalulekile ukuba sigqoke “isivikelo sesifuba sokulunga”?
• Singawuqeqesha kanjani unembeza wethu?
[Isithombe ekhasini 26]
Unembeza oqeqeshiwe usisiza ukuba senze izinqumo ezifanele eziphathelene nomsebenzi