“UJehova Ungumalusi Wami”
“UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.”—IHUBO 23:1.
1, 2. Zaziyini ezinye zezinto ezafezwa uDavide, futhi waqamba amahubo amangaki?
CABANGA ngalesenzakalo: Amabutho amaFilisti amelene nempi yamaIsrayeli. UGoliyati, isiqhwaga esingumFilisti, uyakloloda. Insizwa, ehlome ngendwayimane namatshe kuphela iyagijima iyomhlangabeza. Itshe eliphonswe ngokunembile libhoboza ikhanda lesiqhwaga lisibulale. Yayingubani lensizwa? UDavide, umalusi owazuza lokunqoba okumangalisayo ngosizo lukaJehova uNkulunkulu.—1 Samuweli, isahluko 17.
2 Ngokuhamba kwesikhathi lensizwa yaba inkosi yakwaIsrayeli, ibusa iminyaka engama-40. Yayiyigagu lokubetha ihabhu futhi yaqamba izinkondlo eziningi ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu. UDavide wabhala futhi amahubo amahle angaphezu kwama-70 awumthombo wesikhuthazo nesiqondiso esikhulu kubantu bakaJehova namuhla. Elaziwa kakhulu lalawa iHubo 23. Kungani ungavuli iBhayibheli lakho futhi ulandele njengoba siqalisa isifundo salelihubo ivesi ngevesi?
UJehova, Umalusi Onothando
3. (a) Kukuziphi izehlakalo lapho uDavide abeka ukuphila kwakhe engozini ukuze avikele izimvu zakhe? (b) UJehova unguMalusi wethu ngamuphi umqondo?
3 “UJehova ungumalusi wami.” (IHubo 23:1) Njengomalusi ongumakadebona, uDavide wayeyazi indlela yokuhola, yokuklabisa, neyokuvikela izimvu. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi wavikela izimvu zakhe ngesibindi ebhubesini kanti ngesinye ebheleni. (1 Samuweli 17:34-36) Izimvu zikaDavide zazimethemba ngokuphelele umalusi wazo. Kodwa kuJehova, yena ngokwakhe wayeyimvu. Njengoba uDavide ayezizwa elondekile ekunakekeleni kukaNkulunkulu kothando, wayengathi: “UJehova ungumalusi wami.” Ingabe nawe uyawujabulela lomuzwa wokulondeka ngaphansi kukaMalusi oMkhulu, uJehova uNkulunkulu? Ngokuqinisekile uyahola, ondle, futhi avikele abakhulekeli bakhe abanjengezimvu namuhla. Ngaphezu kwalokho, njengabadala abamisiwe emabandleni oFakazi BakaJehova, abelusi abangaphansi abathembekile, nabanothando banakekela izimvu ngentshiseko.—1 Petru 5:1-4.
4. Isimo sethu namuhla sifana kanjani naleso samaIsrayeli ehlane?
4 “Angiyikuswela.” Cabangisisa ngalamazwi. Ngenxa yokunakekela kukaJehova kothando, ingabe awunawo umuzwa oduduzayo wokuthula nokwethemba? Ingabe uyakukhumbula lokho okwenzeka kumaIsrayeli lapho ezula ehlane iminyaka engama-40? Ingani, uNkulunkulu wawalungiselela zonke izidingo zawo eziyisisekelo! Kungokufanayo nanamuhla. Izinceku zikaJehova ezithembekile azisweli lutho. Eziningi zingawananela amazwi aphefumlelwe kaDavide: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.” (IHubo 37:25) Namuhla, kulungiselelwa insada yokudla okungokomoya ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 4:4; 24:45-47) Ngaphezu kwemihlangano eminingana isonto ngalinye, sineBhayibheli, omagazini INqabayokulinda nePhaphama!, nezinye izincwadi eziningi. Ngisho nasemazweni lapho umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova uvinjelwe khona, ukudla okungokomoya kwamukelwa njalo. Izimvu zikaJehova azisweli lutho!
5. Kungani izimvu zikaJehova namuhla zinokuthula futhi zithokomele, futhi namuphi umphumela?
5 “Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza.” (IHubo 23:2) Kwakunamadlelo aluhlaza amakhulu azungeza imizi eminingi kwaIsrayeli wasendulo. Njengoba umalusi onothando ngalesosikhathi owayehola izimvu zakhe aziyise emadlelweni amahle nalondekile, kanjalo uJehova uyazinakekela izimvu zakhe namuhla. Umhubi uthi: “Thina singabantu bedlelo lakhe.” (IHubo 79:13; 95:7) Izimvu ezingokoqobo ziphila kahle uma zanelisiwe futhi ziyakwazi ukuphumula ngesikhathi sokushisa kwelanga. Izimvu zikaJehova namuhla zinokuthula futhi zithokomele ngoba zethemba abelusi abavuthiwe—ababonisi abaqeqeshiwe emabandleni nasezifundeni. Ngenxa yalokho, imihlambi engokomoya iyanda. Abantu abaningi ababephathwa kabi ngaphambili ngabelusi bamanga beBabiloni Elikhulu manje bajabule kakhulu futhi banelisiwe njengezimvu zikaJehova.
6. UJehova ‘usiyisa’ kanjani ‘ngasemanzini okuphumula’?
6 “Uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.” KwaIsrayeli umalusi kwakudingeka aqondise umhlambi wakhe esizibeni noma emfudlaneni ukuze uthole amanzi. Kodwa ngokuvamile kwakunzima ukuthola amanzi ngesikhathi sesomiso. Namuhla, uJehova ‘usiyisa ngasemanzini okuphumula’ ngokusilungiselela amanzi eqiniso angamathantala. (Qhathanisa noHezekeli 34:13, 14.) Futhi umprofethi uIsaya unikeza lesimemo esihehayo: “We nina nonke enomileyo, wozani emanzini.” (Isaya 55:1) Ngokuphuza lamanzi angokomoya, izimvu zithola isivikelo ezahlulelweni ezivuthayo eziyokwehlela labo ‘abangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli.’—2 Thesalonika 1:8; IsAmbulo 7:16, 17.
7. Kunini lapho ukuvuselelwa okungokomoya okuvela kuJehova kuwusizo khona ngokukhethekile, futhi kungaphansi kwaziphi izimo lapho imiBhalo yeBhayibheli ebanjwe ngekhanda ingazibonakalisa inenzuzo ephakeme khona?
7 “Uvuselela umphefumulo wami.” (IHubo 23:3, NW) Uma sikhathele, sisenkathazweni, sidangele, noma sibhekene nokuphikiswa okungathi sína, uJehova uyasivuselela ngeZwi lakhe. Ngakho, kuhle ngamaKristu ukuba akwenze umkhuba ukufunda ingxenye yeBhayibheli nsuku zonke. Ingabe uyakwenza lokhu? Abanye bakuthola kuwusizo ukubamba ngekhanda imiBhalo ethile, njengoEksodusi 34:6, 7 noma IzAga 3:5, 6. Kungani lokhu kuyinzuzo? Phela, uma kungavela isimo esibucayi futhi ungenalo iBhayibheli eduze, amaphuzu angokomBhalo aduduzayo angakuqinisa ngokushesha. Abazalwane abaningi abagqunywa emajele noma emakamu asejele ngenxa yokuzimela ngokuqinile izimiso zokulunga baye bavuselelwa kakhulu futhi baqiniswa ukukhumbula imiBhalo ababeyibambe ngekhanda. Yebo, iZwi likaNkulunkulu lingenza ‘inhliziyo ijabule’ futhi lenze ‘amehlo akhanye’!—IHubo 19:7-10.
8. Ingabe kulula yini ukulandela ‘izindlela zokulunga,’ kodwa ukwenza kanjalo kuholelaphi?
8 “Uyangihola ezindleleni zokulunga.” Kunzima ukulandela imikhondo yokulunga, kodwa iholela ekuphileni. Njengoba uJesu asho: “Isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni.” (Mathewu 7:14) Umphostoli uPawulu waveza umqondo ofanayo ngokutshela abafundi eListra, eIkoniyu, naseAntiyokiya: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” Futhi uPawulu ngokuqinisekile wayekwazi lokho ayekhuluma ngakho. Ngaphambidlana nje kwalokho, wayekhandwe ngamatshe eListra futhi washiywa kucatshangwa ukuthi ufile!—IzEnzo 14:19-22.
9. (a) UNkulunkulu ‘usihola’ kanjani “ezindleleni zokulunga”? (b) IHubo 19:14 lingaba usizo ngayiphi indlela? (c) Yimiphi imiBhalo engasisiza ukuba sigweme izihibe zobulili obungemthetho?
9 UJehova ‘usihola ezindleleni zokulunga’ ngokusiqondisa nangokusifundisa ngeZwi lakhe nangenhlangano. Kodwa abantu abaningi balandela indlela enkulu nebanzi “eyisa ekubhujisweni.” (Mathewu 7:13) Ukungcola okungokobulili okudlangile nobhadane olubhebhetheka ngokushesha lwengculaza kugcizelela isidingo ngamaKristu sokugwema abangane ababi. (1 Korinte 15:33) Kumelwe futhi sinakekele ukuba sivimbele imiqondo yethu ukuba inganhlanhlatheli emizileni engcolile. (IHubo 19:14) Ukuze sikufeze lokho, ngaso sonke isikhathi masisebenzise iseluleko esihle esinikezwa iZwi likaNkulunkulu ngokuqondene nobulili nokuthi singazigwema kanjani izihibe eziningi zokuziphatha okubi.—1 Korinte 7:2-5; Efesu 5:5; 1 Thesalonika 4:3-8.
10. (a) Yimuphi umthwalo wemfanelo oFakazi BakaJehova abanawo ngokuphathelene negama laphezulu? (b) Kungani abantu bezwe ngokuvamile besigxeka? (c) UJehova uyosisiza ngaphansi kwaziphi izimo?
10 “Ngenxa yegama lakhe.” OFakazi BakaJehova banomthwalo wemfanelo onzima wokukhazimulisa igama likaNkulunkulu nokungalethi isihlamba kulo. (Mathewu 6:9; Eksodusi 6:3; Hezekeli 38:23) Abantu abaningi bezwe bayashesha ukukhomba abantu bakaJehova ngomunwe. Uma lokhu kwenziwa ngenxa yokumela kwethu izimiso ezinjalo zeBhayibheli ezinjengokungathathi-hlangothi noma ubungcwele begazi, unembeza wethu umhlophe. Kodwa uma lokhu kwenzeka ngenxa yokona kwethu, besiyobe sihlazisa uJehova. (Isaya 2:4; IzEnzo 15:28, 29; 1 Petru 4:15, 16) Ngakho kwangathi singakuzonda okubi. (IHubo 97:10) Uma kudingeka sibhekane nokushushiswa, uJehova ngaso sonke isikhathi uyosisiza futhi asivikele ngenxa yegama lakhe.
UJehova Uvikela Izimvu Zakhe
11. Yini eshiwo “isigodi sethunzi lokufa,” futhi lokhu kungasikhumbuzani ngokuqondene noJesu?
11 “Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi.” (IHubo 23:4) Inguqulo kaIsaac Leeser ifundeka kanje: “Yebo, noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angiyikwesaba okubi.” Lokho kungasikhumbuza ngezihosha ezishonayo, noma izigodi, ezewuka ezintabeni zaseJudiya ngasentshonalanga yoLwandle Olufile. Isigodi, noma isihosha lapho izilwane ezidla inyama ziqamekela emathunzini ziyindawo eyingozi ngezimvu. UDavide wadabula ezigodini eziningi eziyingozi ekuphileni kwakhe, ejamelene nokufa. Kodwa njengoba uNkulunkulu ayemhola, wayenethemba futhi akazange avumele ukwesaba okungalawuleki. Kufanele sibe nokuthembela okunjalo kuJehova. Lokhu kubhekisela ‘ethunzini lokufa’ kungasikhumbuza futhi ngesiprofetho sikaIsaya: “Abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela.” UMathewu wabhekisela kulesiprofetho futhi wasisebenzisa kuJesu Kristu, ethi: “Isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.” Kanjani? Ngomkhankaso omkhulu wokushumayela owenziwa uJesu.—Isaya 9:2; Mathewu 4:13-16.
12. (a) Izinceku zikaJehova ziye zazivumelanisa kanjani noshushiso emazweni amaningi, kwaba namuphi umphumela? (b) UPetru wawakhuthaza kanjani amaKristu okuqala ayeshushiswa?
12 UDavide ‘wayengesabi okubi.’ Kungokufanayo nangezinceku zikaJehova namuhla, ngisho noma zingathandeki kulelizwe elibi elibuswa uSathane. (1 Johane 5:19) Abantu abaningi bazizonda ngokoqobo, futhi zishushiswa ngonya kwamanye amazwe. Kodwa kulamazwe ziqhubeka zishumayela izindaba ezinhle zoMbuso, nakuba zingakwenzi obala njengoba bezingenza ngokuvamile. Ziyazi ukuthi uJehova unazo futhi uyozivikela. (IHubo 27:1) Ukuthuthuka okuhle kuyenzeka emazweni amaningi lapho umsebenzi woMbuso kumelwe wenziwe ngomshoshaphansi. Emazweni anjalo, oFakazi BakaJehova bananela amazwi alelihubo: “UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” (IHubo 118:6) LaboFakazi basesimweni esifana naleso samaKristu akuqala umphostoli uPetru awabhalela lamazwi akhuthazayo: “Noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki.”—1 Petru 3:14.
13. (a) Yiluphi ushintsho oluthakazelisayo oluvela kumaHubo 23:4, futhi ngani? (b) AmaKristu angakunqoba kanjani ukwesaba kwawo?
13 “Ngokuba wena unami.” Siza uqaphele isici esithakazelisa kakhulu kulamazwi. Umhubi ophefumlelwe uye washintsha kusukela ekubeni okhuluma ngoJehova waba okhuluna naye. Esikhundleni sokukhuluma ngoJehova ngokuthi “yena,” uDavide manje usebenzisa isabizwana esithi “wena.” Ngani? Ngoba simsondeza kakhulu. Ingozi isisondeza eduze kukaBaba wethu onothando, uJehova. Ngakho-ke sijabulela ubuhlobo obuseduze kakhulu naye. Ngomthandazo nangokunxusa, singambiza ukuba asivikele, kanjalo sinqobe ukwesaba kwethu.—Qhathanisa noZefaniya 3:12.
14. (a) Yimaphi amathuluzi ayesetshenziswa abelusi osukwini lukaDavide, futhi babewasebenzisa kanjani? (b) Abelusi abangamaKristu bawuvikela kanjani umhlambi namuhla?
14 “Intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.” Igama lesiHeberu elithi sheʹvet, elihunyushwe ngokuthi “intonga,” lingachaza ingwegwe kamalusi. Kokubili intonga nodondolo kungasetshenziselwa ukuvikela nokumelela noma ukubonisa igunya. Eqinisweni, lamathuluzi ayeyoba usizo olukhulu ekuphebezeni izilwane eziyingozi ezinjengezimpisi nezinyoka. Ingwegwe kamalusi ingasetshenziswa futhi ekuqhubeleni imvu ohlangothini olufanele noma ngisho nokubuyisa imvu edukela endaweni eyingozi kakhulu lapho ingase iwe noma ilimale khona. Namuhla, uJehova ulungiselela abelusi abathembekile, abadala emabandleni, abavikela umhlambi ezilwaneni ezingokomoya eziyingozi njengezihlubuki. Noma abadala kungase kudingeke ukuba baluleke labo ababa ngabadebeselayo ekubeni khona emihlanganweni noma abaphambukayo ekuziphatheni kobuKristu.
Idili Elicebile Phakathi Kwezitha
15. (a) Yiluphi ushintsho lomfanekiso olunengqondo olwenzekayo kumaHubo 23:5? (b) Yimaphi amaqiniso abonisa ukuthi abantu bakaJehova bondliwa kahle ngokomoya, ngokuphambene nobani?
15 “Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami.” (IHubo 23:5) Lapha sithola ushintsho lomfanekiso olunengqondo, kusuka kumalusi kuya kumninindlu. Njengomninindlu ophana kakhulu, uJehova ulungiselela insada yokudla okungokomoya ngesigaba ‘senceku’ egcotshiwe. (Mathewu 24:45) Nakuba siphila ezweni elinenzondo, sondliwa ngokufanele. INqabayokulinda ikhishwa ngezilimi ezingaphezu kwekhulu ukuze abantu abaphila ezindaweni ezihlukahlukene njengeNingizimu Afrika, iGreenland, iSolomon Islands, naseNdiya bakwazi ukondliwa ngokomoya. Ngaphandle kwalokho, amabandla angaphezu kwezi-55 000 emhlabeni wonke anezikhulumi zeningi eziqeqeshwe kahle nabafundisi nezindawo ezinhle zemihlangano, kuhlanganise namakhulu amaHholo oMbuso amasha. Kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kwezi-3 000 000 ukuze kusizwe abanjengezimvu. Ngokuphambene, labo abaseBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, bayalamba.—Isaya 65:13.
16. (a) Ngokungafani nowesifazane oyisoni, yini umFarisi othile ahluleka ukuyenzela uJesu? (b) Hlobo luni lwamafutha uJehova alulungiselela izinceku zakhe ezithembekile namuhla?
16 “Ugcoba ikhanda lami ngamafutha.” KwaIsrayeli wasendulo umninindlu ophanayo wayelungiselela amafutha okugcoba amakhanda ezivakashi zakhe. Ngokuthakazelisayo, ngesinye isikhathi uJesu wayeyisivakashi somFarisi ongazange agcobe ikhanda likaJesu ngamafutha noma alungiselele amanzi okugeza izinyawo zakhe. Ngalesosikhathi, owesifazane oyisoni wageza izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe futhi wamgcoba ngamafutha anamakha akhethekile. (Luka 7:36-38, 44-46) Kodwa uJehova ungumninindlu ophana kakhulu! Ulungiselela izinceku zakhe ezithembekileyo “amafutha enjabulo” angokomoya. (Isaya 61:1-3) Yebo, abantu bakaJehova ngokuqinisekile bayajabula namuhla.
17. (a) ‘Indebe echichimayo’ ifanekiselani? (b) UJehova uzilungiselela kanjani izinceku zakhe ‘indebe echichimayo’ namuhla?
17 “Indebe yami iyachichima.” Okunye ukuhumusha kuthi: “Indebe yami iyaphuphuma.” (Moffatt) Lokhu kuchaza inala engokomoya. Nakuba kungaqondiwe ukuphuza ngokweqile, lamazwi asikisela indebe yewayini elihle. Lesiphuzo sinezimfanelo zokwelapha, njengoba kuboniswe iseluleko sikaPawulu kuThimothewu: “Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.” (1 Thimothewu 5:23) Ngomqondo ongokomoya, iwayini futhi lenza izinhliziyo zethu zijabule. (IHubo 104:15) UBaba wethu onothando, uJehova, ulungiselela izinceku zakhe ezithembekile idili elingokomoya lezinto ezinhle, kuhlanganise nendebe yenjabulo ‘echichimayo.’
18. (a) Ukulunga kukaJehova nomusa kujatshulelwa obani, futhi iHubo 103:17, 18 likubonisa kanjani lokhu? (b) Yiliphi ithemba elikhazimulayo elilindele labo abathembekile kuJehova?
18 “Impela okuhle [“ukulunga,” NW] nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami.” (IHubo 23:6) Ukulunga kuyingxenye yesithelo somoya ongcwele kaJehova. (Galathiya 5:22, 23) Ukulunga kukaNkulunkulu nomusa kujatshulelwa yilabo abahamba ngendlela yakhe. (IHubo 103:17, 18) Benokholo oluqinile kuJehova, abantu bakhe bangabhekana nanoma yisiphi isilingo abahlangabezana naso. Ngaso sonke isikhathi bamukela isibusiso sakhe nokunakekela kwakhe kothando. Futhi ukwethembeka kuze kube sekugcineni kuyosho ukuphila okuphakade ezweni elisha. Yeka ithemba elimangalisayo!
19. (a) Kusho ukuthini ‘ukuhlala endlini kaJehova’? (b) Inhlangano kaJehova iye yamisani ukuze ithuthukise ukukhulekela kweqiniso namuhla, futhi kungani izinkulungwane zabantu abazinikezele zikubona kuyilungelo ukukhonza lapho? (c) Obani abanye abazimisele ukukhonza uNkulunkulu phakade?
19 “Ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube-phakade.” Osukwini lukaDavide indawo engcwele kaNkulunkulu yayiyitabernakele, ngoba ithempeli lalingakakhiwa ngalesosikhathi. Nokho, njengoba umhubi ayecabanga ngomninindlu ophanayo, ‘ukuhlala endlini kaJehova’ kwakusho ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu njengesivakashi saKhe. (IHubo 15:1-5) Namuhla, leyondlu ingafaniswa nethempeli likaJehova elingcwele, ilungiselelo lakhe lokukhulekela kweqiniso. INkosi uSolomoni yaba nelungelo lokwakha ithempeli elibonakalayo lokuqala, elalihlotshiswe kakhulu ngegolide futhi elalakhelwe ukudumisa uJehova. Yeka ilungelo elikhulu okwakuyilo ukukhonza lapho! Nakuba ithempeli elinjalo lingasekho manje, uNkulunkulu unenhlangano engcwele yokumdumisa nokuthuthukisa ukukhulekela okuhlanzekile. Njengenye yezindlela zokwenza lokhu, inhlangano kaJehova iye yamisa amaKhaya aseBethel emazweni amaningi. Igama elithi “Bethel” lisho “iNdlu kaNkulunkulu,” futhi izinkulungwane zabantu abazinikezele bakhonza kulezikhungo ezingokwasezulwini. Abanye balamadoda nabesifazane baye bakhonza ngalendlela “kuze kube-phakade,” njengoba besebenzisé ingxenye enkulu yokuphila kwabo besenkonzweni yaseBethel. Izigidi zabanye, abangewona amalungu omkhaya waseBethel, zizimisele ngokufanayo ukukhonza uJehova phakade.
20. (a) Kungani iHubo 23 liyingxenye evelele yemiBhalo, futhi lisisiza ukuba sihlakuleleni? (b) Yimaphi amalungelo alindele izinceku zikaJehova ezithembekile?
20 IHubo lama-23 linjengetshe eliyigugu elinamacashaza amaningi abenyezelayo ekukhanyeni. Liphakamisa igama elikhazimulayo likaBaba wethu wasezulwini onothando, uJehova, futhi lembula indlela aqondisa ngayo, avikela ngayo, naleyo alungiselela ngayo izimvu zakhe. Ngenxa yalokho, abantu bakhe bayajabula, bondliwa ngokufanele ngokomoya, futhi banda ngokushesha ngamanani, ngisho nasemazweni lapho kunokuphikiswa konya. IHubo 23 futhi lisisiza ukuba sihlakulele ubuhlobo obuseduze nobufudumele noMdali wethu. Futhi lapho sibheka isibhakabhaka esinezinkanyezi, njengoba uDavide enza ngokuvamile lapho elinde umhlambi wakhe, siyabonga ngokuthi uMdali walendawo esabekayo usinakekela njengoMalusi onothando. Ngothando, usithembisa futhi ukuphila okuphakade ezweni elisha uma silondoloza ubuqotho bethu kuye. Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani ukuhlangana nezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezivusiwe ezinjengoDavide! Futhi yeka ilungelo okuyilo ukukhonza uJehova, uMalusi oMkhulu, kuze kube-phakade!
Ubungaphendula Kanjani?
◻ UJehova uzibonakalisa kanjani enguMalusi wethu onothando?
◻ Kungaziphi izindlela uNkulunkulu ‘asihola’ ngazo “ezindleleni zokulunga”?
◻ UJehova uzivikela kanjani izimvu zakhe?
◻ UNkulunkulu usilungiselele ngayiphi indlela itafula phakathi kwezitha zethu?