UJehova UnguMalusi Wethu
“UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho.”—IHUBO 23:1.
1-3. Kungani kungamangalisi ukuthi uDavide wafanisa uJehova nomalusi?
UMA ubungacelwa ukuba uchaze indlela uJehova anakekela ngayo abantu bakhe, ubungathini? Isiphi isifaniso obungasisebenzisa ekuchazeni isisa azinakekela ngaso izinceku zakhe ezithembekile? Eminyakeni engaphezu kwengu-3 000 edlule, inkosi engumhubi uDavide yaloba incazelo enhle ngoJehova isebenzisa isifaniso eyasisusela emsebenzini eyawenza ngesikhathi isencane.
2 UDavide wayengumalusi ngesikhathi esewumfana, ngakho wayenolwazi ngokunakekela izimvu. Wayazi kahle ukuthi uma izimvu zingenamnakekeli ziduka kalula futhi zibe izisulu zabaphangi noma zezilwane zasendle. (1 Samuweli 17:34-36) Uma zingenaye umalusi onakekelayo, zingase zingawatholi amadlelo bese zilamba. Lapho uDavide eseguga, akungabazeki ukuthi ukucabanga ngamahora amaningi awachitha ehola, evikela futhi eklabisa izimvu kwakumlethela injabulo.
3 Akumangalisi ukuthi lapho uDavide ephefumulelwa ukuba achaze indlela uJehova abanaka ngayo abantu bakhe, wacabanga ngomsebenzi kamalusi. IHubo 23, elalotshwa uDavide, liqala ngala mazwi: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho.” Ake sihlaziye ukuthi kungani le nkulumo ifaneleka. Kamuva sizocabangela iHubo 23 ukuze sibone izindlela uJehova anakekela ngazo abakhulekeli bakhe njengomalusi enakekela izimvu zakhe.—1 Petru 2:25.
Isifaniso Esifanelekayo
4, 5. IBhayibheli lizichaza kanjani izici zezimvu?
4 UJehova ubizwa ngeziqu eziningi emiBhalweni, kodwa isiqu esithi “uMalusi” siphakathi kweziveza isisa esijulile. (IHubo 80:1) Ukuze sikuqonde kangcono ukuthi kungani kufaneleka ukuba uJehova abizwe ngelithi uMalusi, kuyosisiza ukwazi izinto ezimbili: okokuqala, imvelo yezimvu, okwesibili imisebenzi nezimfanelo zikamalusi omuhle.
5 IBhayibheli livame ukubhekisela ezicini zezimvu, lizichaza njengezilwane ezisheshayo ukuzwa uma umalusi wazo enothando (2 Samuweli 12:3), izilwane ezingenalo ulaka (Isaya 53:7), futhi ezingakwazi ukuzivikela. (Mika 5:8) Omunye umlobi owafuya izimvu iminyaka eminingana waphawula: “Izimvu azikwazi ukuzinakekela njengoba nje abanye becabanga ukuthi zingazinakekela. Zidinga ukuba uhlale njalo uzibhekile nokuba ucophelele ekuzinakekeleni ngaphezu kwanoma iziphi ezinye izilwane ezifuywayo.” Ukuze ziqhubeke ziphila, lezi zilwane ezingakwazi ukuzisiza zidinga umalusi onakekelayo.—Hezekeli 34:5.
6. Esinye isichaza-mazwi seBhayibheli siluchaza kanjani usuku lukamalusi wasendulo?
6 Lwaluba njani usuku lukamalusi wasendulo? Esinye isichaza-mazwi seBhayibheli siyachaza: “Ekuseni kakhulu wayekhipha umhlambi esibayeni, ahambe phambi kwawo awuyise endaweni lapho uzoklaba khona. Wayehlala lapho awugade usuku lonke, eqaphe ukuba kungabikho mvu edukayo, futhi uma kwenzeka enye inhlanhlathe enganakile, wayeyifuna impela aze ayithole abese eyibuyisa. . . . Wayebuya nazo kusihlwa azibuyisele esibayeni sazo, azibale njengoba zidlula ngaphansi kwenduku emnyango ukuze aqiniseke ukuthi ziphelele zonke. . . . Ngokuvamile kwakudingeka ukuba aqaphe umhlambi ebusuku ukuze ungahlaselwa izilwane zasendle noma ungebiwa amasela awucathamela ngobuqili.”a
7. Kungani umalusi ngezinye izikhathi kwakudingeka abe nesineke nesisa esengeziwe?
7 Zaziba khona izikhathi lapho izimvu, ikakhulukazi izimvukazi ezimithi namawundlu, zazidinga khona isineke nesisa esengeziwe. (Genesise 33:13) Enye incwadi echaza iBhayibheli ithi: “Iwundlu lemvu ngokuvamile lalizalelwa kude le emaqeleni ezintaba. Umalusi wayengawasusi amehlo kunina phakathi nalowo mzuzu ayedinga usizo kakhulu ngawo abese elicosha iwundlu aliyise esibayeni. Wayengase alithwale izinsuku ezimbalwa lize likwazi ukuhamba, aligone noma alifake emphecweni olengayo wesiphuku sakhe.” (Isaya 40:10, 11) Ngokusobala, umalusi omuhle kwakudingeka abe nezikhwepha aphinde abe nesisa.
8. UDavide unikeza ziphi izizathu zokuqiniseka ngoJehova?
8 “UJehova unguMalusi wami”—akuyona yini incazelo efanelekayo yokuchaza uBaba wethu wasezulwini? Njengoba sihlola iHubo 23, sizobona indlela uNkulunkulu asinakekela ngayo njengomalusi onezikhwepha futhi onesisa. Evesini 1, uDavide uzwakalisa ukuqiniseka ukuthi uNkulunkulu wayeyolungiselela zonke izinto ezazidingwa izimvu zaKhe ukuze ‘zingantuli lutho.’ Emavesini alandelayo, uDavide ubala izizathu ezintathu ezimenza aqiniseke: UJehova uhola, avikele futhi aklabise izimvu zakhe. Ake sizihlaziye lezi zizathu ngasinye ngasinye.
‘Uyangihola’
9. Imuphi umfanekiso wokuthula uDavide awunikezayo, futhi izimvu zingafika kanjani kuleyo ndawo?
9 Okokuqala, uJehova uyabahola abantu bakhe. UDavide uyabhala: “Ungilalisa emadlelweni anotshani; ungihola ngasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele. Uqabula umphefumulo wami. Ungihola emikhondweni yokulunga ngenxa yegama lakhe.” (IHubo 23:2, 3) Umhlambi obuthise ngokuthula emadlelweni avundile—uDavide lapha uveza umfanekiso wokwaneliseka, ukuqabuleka nokulondeka. Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘amadlelo’ lingasho “indawo enhle.” Cishe izimvu azikwazi ukuzifunela indawo ezoziqabula ezingabuthisa kuyo ngokuthula. Ngumalusi wazo okufanele aziholele kuleyo “ndawo enhle.”
10. UNkulunkulu ukubonisa kanjani ukusethemba?
10 UJehova usihola kanjani namuhla? Enye indlela asihola ngayo ingokusibekela isibonelo. IZwi lakhe lisikhuthaza ukuba ‘sibe abalingisi bakhe.’ (Efesu 5:1) Lawo magama ashiwo kukhulunywa ngobubele, ukuthethelela nothando. (Efesu 4:32; 5:2) Ngempela, uJehova usibekela isibonelo esihle kunazo zonke ekuboniseni lezo zimfanelo ezithandekayo. Ingabe kunengqondo ukuba asicele ukuba simlingise? Kunengqondo. Leso seluleko esiphefumulelwe empeleni siyisibonakaliso esimangalisayo sokusethemba kwakhe. Kanjani? Senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, okusho ukuthi singakwazi ukuba nezimfanelo ezinhle zobuntu sikwazi nokuqonda izinto ezingokomoya. (Genesise 1:26) Ngakho, uJehova uyazi ukuthi naphezu kokungapheleli kwethu, singakwazi ukuhlakulela izimfanelo ayisibonelo sazo. Ake ucabange nje—uNkulunkulu wethu onothando uyasethemba ukuthi singafana naye. Uma silandela isibonelo sakhe, kuyoba njengokungathi usiholela ‘endaweni enhle yokuphumula.’ Kuleli zwe elinobudlova, ‘siyohlala ngokulondeka,’ sinokuthula okutholakala ngokwazi ukuthi siyamukeleka phambi kukaNkulunkulu.—IHubo 4:8; 29:11.
11. Lapho ehola izimvu zakhe, yini uJehova ayicabangelayo, futhi lokhu kubonakala kanjani kulokho akucelayo kithi?
11 Lapho esihola, uJehova ubonisa isisa nesineke. Umalusi uyakucabangela ukulinganiselwa kwezimvu zakhe, ngakho uzihola “ngokwejubane lemfuyo.” (Genesise 33:14) Ngokufanayo noJehova uhola izimvu zakhe “ngokwejubane” lazo. Uyawacabangela amakhono nezimo zethu. Empeleni, uvumelanisa ijubane lakhe nelethu, akalokothi acele okungaphezu kwalokho esingakwenza. Akucelayo ukuba simkhonze ngomphefumulo wonke. (Kolose 3:23) Kodwa kuthiwani uma usugugile futhi ungasakwazi ukwenza izinto owawuvame ukuzenza ngaphambili? Noma kuthiwani uma unesifo esibucayi esikulinganiselayo? Bulapho-ke ubuhle bemfuneko yokukhonza ngomphefumulo wonke. Abekho abantu ababili abafana ncamashi. Ukukhonza ngomphefumulo wonke kusho ukusebenzisa zonke izikhwepha namandla akho enkonzweni kaNkulunkulu ngezinga eliphelele wena ongenza ngalo. Naphezu kobuthakathaka bomzimba obungalinganisela ijubane lethu, uJehova uyakwazisa ukumkhulekela kwethu ngenhliziyo yonke.—Marku 12:29, 30.
12. Isiphi isibonelo eMthethweni KaMose esibonisa ukuthi uJehova uhola izimvu zakhe “ngokwejubane” lazo?
12 Ukuze ubone ukuthi uJehova uhola izimvu zakhe “ngokwejubane” lazo, cabangela lokho okushiwo ngeminye yeminikelo yecala eMthethweni KaMose. UJehova wayefuna iminikelo emihle eshukunyiswe izinhliziyo ezigcwele ukubonga. Ngesikhathi esifanayo, le minikelo yayihlukaniswa ngokwamandla omuntu onikelayo. UMthetho wathi: ‘Uma umuntu engenawo amandla anele emvu, khona-ke kumelwe alethe amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.’ Kuthiwani uma engakwazi ngisho nokuletha amajuba amabili? Uma kunjalo wayengaletha ‘ufulawa ocolekile.’ (Levitikusi 5:7, 11) Lokhu kubonisa ukuthi uNkulunkulu wayengafuni okungaphezu kwamandla omuntu onikelayo. Njengoba uNkulunkulu engaguquki, singaduduzeka ngokwazi ukuthi akalokothi acele okungaphezu kwamandla ethu; kunalokho, ujabulela ukwamukela lokho okusemandleni ethu. (Malaki 3:6) Yeka ukuthi kujabulisa kangakanani ukuholwa uMalusi onjena onokuqonda!
“Angesabi Lutho Olubi, Ngoba Wena Unami”
13. KumaHubo 23:4, uDavide ukhuluma kanjani noNkulunkulu njengomuntu asondelene naye, futhi kungani kungamangalisi lokhu?
13 UDavide unikeza isizathu sesibili sokuqiniseka kwakhe: UJehova uyazivikela izimvu zakhe. Siyafunda: “Ngisho noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi, ngoba wena unami; induku yakho nodondolo lwakho yikho okungiduduzayo.” (IHubo 23:4) UDavide manje ukhuluma noJehova njengalapho ekhuluma nomuntu asondelene naye, esebenzisa isabizwana esithi, “wena.” Akumangalisi lokhu, ngoba uDavide uchaza indlela uNkulunkulu amsiza ngayo ukuba akhuthazele ebunzimeni. UDavide wayesedlule ezigodini ezimnyama eziningi—izikhathi lapho ukuphila kwakhe imbala kwakusengcupheni. Kodwa akazange avumele ukwesaba kumgabhe, ngoba waqaphela ukuthi uNkulunkulu—‘ngenduku yakhe nangodondolo lwakhe’ okwakuhlale kumi ngomumo—wayenaye. Ukuqaphela ukuthi wayevikelekile kwamduduza uDavide futhi akungabazeki ukuthi kwamsondeza nakakhulu kuJehova.b
14. Isiphi isiqiniseko iBhayibheli elisinikeza sona mayelana nokuvikelwa uJehova, kodwa lokhu akusho ukuthini?
14 UJehova uzivikela kanjani izimvu zakhe namuhla? IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi akukho mphikisi—kungaba idemoni noma umuntu—oyoke aphumelele ekuqothuleni izimvu zikaNkulunkulu emhlabeni. UJehova akasoze akuvumela lokho. (Isaya 54:17; 2 Petru 2:9) Nokho, lokhu akusho ukuthi uMalusi wethu uyosivikela kuzo zonke izinto ezimbi. Sibhekana nobunzima obehlela abantu bonke, siphinde sibhekane nokuphikiswa okwehlela wonke amaKristu eqiniso. (2 Thimothewu 3:12; Jakobe 1:2) Kunezikhathi lapho nathi kungase kube njengokungathi ‘sihamba esigodini sethunzi elimnyama.’ Ngokwesibonelo, ukuphila kwethu kungase kube sengcupheni ngenxa yoshushiso noma impilo ebucayi. Noma kungenzeka kube othile esimthandayo okuphila kwakhe kuba sengcupheni, mhlawumbe aze afe nokufa. Phakathi nalezo zikhathi ezibonakala zimnyama kakhulu, uMalusi wethu unathi, futhi uyosilonda. Kanjani?
15, 16. (a) UJehova usisiza ngaziphi izindlela ukuba sisingathe izithiyo esingase sibhekane nazo? (b) Landisa okuhlangenwe nakho ukuze ubonise indlela uJehova asisiza ngayo ezikhathini zobunzima.
15 UJehova akasethembisi ukuthi uyongenela ngokuyisimangaliso asivikele.c Kodwa singaqiniseka ngalokhu: UJehova uyosisiza ukuba sichushe kunoma iziphi izithiyo esingase sibhekane nazo. Angasinika ukuhlakanipha kokubhekana “nokulingwa okuhlukahlukene.” (Jakobe 1:2-5) Umalusi akasebenzisi induku noma udondolo lwakhe ukuze axoshe izilwane eziyingozi kuphela kodwa ukusebenzisela nokugqula izimvu azibuyisele endleleni efanele. UJehova angasibuyisa mhlawumbe ngokusebenzisa omunye umkhulekeli ukuze sisebenzise iseluleko esisekelwe eBhayibhelini esingasiguqula kakhulu isimo sethu. Ngaphezu kwalokho uJehova angasinika amandla okukhuthazela. (Filipi 4:13) Ngomoya wakhe ongcwele, angasihlomisa ‘ngamandla angaphezu kwavamile.’ (2 Korinte 4:7) Umoya kaNkulunkulu ungasisiza ukuba sikhuthazelele noma iluphi uvivinyo uSathane angase asilethele lona. (1 Korinte 10:13) Akududuzi yini ukwazi ukuthi uJehova uhlale ekulungele ukusisiza?
16 Yebo, kungakhathaliseki ukuthi isiphi isigodi esimnyama esizithola sikuso, asikho isidingo sokuhamba sodwa kuso. UMalusi wethu ukanye nathi, esisiza ngezindlela okungenzeka singaziqondi ngokugcwele ekuqaleni. Cabanga ngokuhlangenwe nakho komdala ongumKristu okwahlonzwa ukuthi wayenesimila esiyingozi ebuchosheni. “Kumelwe ngivume ukuthi ekuqaleni ngazithola sengizibuza ukuthi kungebe yini ukuthi uJehova ungithukuthelele, ngizibuza ngisho nokuthi uyangithanda yini. Kodwa ngazimisela ukungasuki kuJehova. Esikhundleni salokho, ngamtshela konke ukukhathazeka kwami. UJehova wangisiza, ngokuvamile engiduduza ngabafowethu nodadewethu. Abaningi bangicobelela imibono enokuqonda bethathela kulokho okwakwenzeke kubo lapho bebhekene nezifo ezimbi. Amazwi abo ayebonisa ukubuqonda ubunjalo besimo angikhumbuza ukuthi isimo esinje asiqali ngami. Usizo lwabo olungokoqobo, kuhlanganise nokungazisa ngomusa ukuthi bazimisele ukungisiza, okwakungithinta inhliziyo, kwangiqinisekisa ukuthi uJehova wayengangithukuthelele. Yiqiniso, kumelwe ngiqhubeke ngilwa nesifo sami, futhi angazi ukuthi isiphetho siyoba yini. Kodwa ngiyaqiniseka ukuthi uJehova unami nokuthi uyoqhubeka engisiza phakathi nalesi sikhathi esinzima.”
“Uhlela Phambi Kwami Itafula”
17. UDavide umchaza kanjani uJehova kumaHubo 23:5, futhi kungani lokhu kungangqubuzani nomfanekiso kamalusi?
17 UDavide manje unikeza isizathu sesithathu sokumethemba kwakhe uMalusi wakhe: UJehova uyazondla izimvu zakhe futhi uzinika insada. Uyabhala: “Uhlela phambi kwami itafula phambi kwalabo abanobutha kimi. Ugcobé ikhanda lami ngamafutha; indebe yami igcwele pháma.” (IHubo 23:5) Kuleli vesi, uDavide uchaza uMalusi wakhe njengomuntu onesandla ezivakashini zakhe ozihlinzeka ngensada yokudla neziphuzo. Le mifanekiso emibili—umalusi onakekelayo nomuntu onesandla ezivakashini zakhe—ayingqubuzani. Kakade, umalusi omuhle kumelwe azi ukuthi angatholakalaphi amadlelo avundile namanzi anele ukuze umhlambi wakhe ‘ungantuli lutho.’—IHubo 23:1, 2.
18. Yini ebonisa ukuthi uJehova unesandla ezivakashini zakhe?
18 Ingabe uMalusi wethu ungumuntu onesandla ezivakashini zakhe? Akungatshazwa! Cabanga nje ngezinga, ngenani nangezinhlobonhlobo zokudla okungokomoya esikujabulelayo manje. Ngesigaba senceku ethembekile neqondayo, uJehova uye wasilungiselela izincwadi eziwusizo nemihlangano esizuzisayo yebandla, imihlangano emikhulu nemincane—yonke eyanelisa izidingo zethu ezingokomoya. (Mathewu 24:45-47) Ngokuqinisekile ukudla okungokomoya akuntuleki. “Inceku ethembekileyo neqondayo” iye yalungiselela izigidi zamaBhayibheli nezincwadi zokutadisha iBhayibheli, futhi manje lezo zincwadi zitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-413. UJehova uye walungiselela lokhu kudla okungokomoya ngezindlela ezihlukahlukene—kusukela ‘obisini,’ oluyizimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo, kuya ‘ekudleni okuqinile,’ okuwukwaziswa okujulile okungokomoya. (Hebheru 5:11-14) Ngenxa yalokho, lapho sibhekene nezinkinga noma izinqumo, ngokuvamile siyakwazi ukuthola lokho kanye esikudingayo. Besiyoba yini ngaphandle kwalokhu kudla okungokomoya? UMalusi wethu ngempela ungumlungiseleli ophana ngaphezu kwabo bonke!—Isaya 25:6; 65:13.
“Ngiyohlala Endlini KaJehova”
19, 20. (a) KumaHubo 23:6, uDavide uveza kuphi ukuqiniseka, futhi singenze njani ukuze nathi siqiniseke njengaye? (b) Kuzoxoxwa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Ngemva kokucabangela izindlela zikaMalusi noMlungiseleli wakhe, uDavide uyaphetha: “Ngokuqinisekile ubuhle nomusa wothando kuyongilandela zonke izinsuku zokuphila kwami; futhi ngiyohlala endlini kaJehova kuze kube sebudeni bezinsuku.” (IHubo 23:6) UDavide ukhuluma amazwi asuka enhliziyweni egcwele ukubonga nokholo—uyabonga lapho ekhumbula isikhathi esidlule futhi unokholo lapho ecabanga ngesikhathi esizayo. Lo muntu owayekade engumalusi ulondekile, azi ukuthi uma nje ehlala esondelene noMalusi wakhe wasezulwini, njengokungathi uhlala endlini yaKhe, uJehova uyomnakekela njalo ngothando.
20 Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngala mazwi amahle alotshwe kumaHubo 23! Ayikho enye incazelo efanelekayo uDavide ayengayisebenzisa ekuchazeni indlela uJehova ahola, avikela futhi ondla ngayo izimvu zakhe. Amazwi kaDavide athinta inhliziyo aye alondolozwa ukuze asiqinisekise ukuthi nathi singabheka uJehova njengoMalusi wethu. Yiqiniso, uma nje sihlala sisondelene noJehova, uyosinakekela njengoMalusi onothando “kuze kube sebudeni bezinsuku,” yebo kuze kube phakade naphakade. Nokho, njengezimvu zakhe, sinomthwalo wemfanelo wokuhamba noMalusi wethu omkhulu uJehova. Ukuthi lokhu kuhilelani kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
b UDavide waqamba amahubo amaningana okudumisa uJehova ngokumkhulula ezingozini.—Ngokwesibonelo, bheka umbhalo ongenhla kumaHubo 18, 34, 56, 57, 59 no-63.
c Bheka isihloko esithi “Ukungenela KukaNkulunkulu—Yini Esingayilindela?” kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 2003.
Usakhumbula?
• Kungani kufaneleka ukuthi uDavide wafanisa uJehova nomalusi?
• UJehova usihola kanjani ngokuqonda?
• UJehova usisiza ngaziphi izindlela ukuba sikhuthazele ebunzimeni?
• Yini ebonisa ukuthi uJehova unesandla ezivakashini zakhe?
[Isithombe ekhasini 18]
Njengomalusi wakwa-Israyeli, uJehova uhola izimvu zakhe