Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ukubusa ‘KweNkosi Yokuthula’ Phakathi Kwezitha
    Ukulondeka (ws)
    • 4-6. (a) IHubo 2 ngokufanayo likubonisa kanjani ukuthi uJesu wayengenakulindela ukuphendulwa kwezwe ngaphambi kokuqala ukubusa kwakhe ‘njengeNkosi yokuthula’? (b) IHubo 2:7 lagcwaliseka ngasiphi isikhathi?

      4 Khona-ke, ngokusobala, uJesu Kristu, njengeNdodana kaDavide, wayengeke aqale ukubusa ngemva kokuphendulwa kwezwe. Kunalokho, wayeyoqala ukubusa phakathi kwezitha okwakuyothi ngempi ekugcineni uJehova uNkulunkulu azenze isenabelo sezinyawo zeNdodana yakhe esesihlalweni sobukhosi. Ngamazwi alandelayo, iHubo 2 ngokufanayo likhomba ukuqala kokubusa kwakhe ‘njengeNkosi yokuthula’ phakathi kwezitha:

      5 “Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na? Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe [uKristu wakhe] ngokuthi: Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo, zisuke kithina. Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela. Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi: Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.

  • Ukubusa ‘KweNkosi Yokuthula’ Phakathi Kwezitha
    Ukulondeka (ws)
    • 7. Abaphostoli bakaJesu Kristu babhekisela kanjani kumaHubo 2 ngemva kosuku lwePentekoste?

      7 NgokwezEnzo 4:24-27, abaphostoli bakaJesu Kristu babhekisela kulelihubo lesibili ngemva kosuku lwePentekoste, lika-33 C.E.: “Baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na? Amakhosi omhlaba aqhelile, nababusi bayihlanganyele iNkosi noGcotshiweyo wayo. Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwaIsrayeli bayihlanganyela kulomuzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo.”

      Ukugcwaliseka Okukhulu KweHubo 2

      8. (a) Ukugcwaliseka kokuqala kweHubo 2:1, 2 kwenzeka nini? (b) Ukugcwaliseka kweHubo 2 bekuqhubeka kusukela nini?

      8 Lawomazwi angokwesiprofetho eHubo 2:1, 2 agcwaliseka okokuqala ngonyaka ka-33 wekhulu lokuqala leminyaka. Lokhu kwakuqondene nomuntu uJesu Kristu emhlabeni. Wayegcotshwe ngomoya ongcwele kaJehova ngesikhathi sokubhapathizwa kwakhe nguJohane uMbhapathizi. Kodwa ukugcwaliseka okukhulu kweHubo 2 bekwenzeka kusukela ekupheleni kwezikhathi ezimisiwe zabezizwe ngonyaka ka-1914. (Luka 21:24) Kuye kwaqinisekiswa ngokwanele ukuthi “izikhathi zabezizwe,” ezaqala ekubhujisweni kokuqala komuzi waseJerusalema ngo-607 B.C.E., zaphela ngonyaka ka-1914.a Ngalesosikhathi izizwe zalelizwe, kanye nalezo zeLobukholwa zakhalelwa yinsimbi yokufa.

      9. Yini eyenzeka ekubhujisweni kokuqala kweJerusalema ngokuqondene noMbuso kaNkulunkulu njengoba wawumelelwe uhlu lobukhosi lweNkosi uDavide?

      9 Lapho abaseBabiloni bebhubhisa iJerusalema okokuqala, uMbuso kaJehova uNkulunkulu esizweni sakwaIsrayeli, njengoba wawumelelwe uhlu lobukhosi lweNkosi uDavide, waphela. Kusukela lapho, amaJuda emvelo awazange abe nayo inkosi ohlwini lwendlu yobukhosi kaDavide. Kodwa uMbuso kaNkulunkulu oPhezukonke ezandleni zomzukulu kaDavide, lowo uJehova enza naye isivumelwano soMbuso ophakade ngohlu lwakhe, wawungeke uhlale ungasebenzi emhlabeni phakade.

      10, 11. (a) Wathini uNkulunkulu ngomprofethi wakhe uHezekeli ngokuqondene nesihlalo sobukhosi sikaDavide? (b) Ubani owaba ‘nemfanelo’ esihlalweni sobukhosi sikaDavide? (c) Sathini isixuku samaJuda lapho uJesu eziletha njengendlalifa engokomthetho?

      10 Ngaphambi nje kokubhujiswa kweJerusalema lasendulo kokuqala, uJehova wabangela umprofethi wakhe uHezekeli ukuba abhekise lamazwi enkosini yalo: “Wena-sikhulu sakwaIsrayeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Susa isigqoko, wethule umqhele; lokhu akuyikuba-yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo. Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba-khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.”—Hezekeli 21:25-27.

      11 Lowo “omfanelo ingeyakhe” wafika enguJesu Kristu, futhi uhlu lwakhe lozalo kusukela kuDavide lulotshwe kuMathewu 1:1-16 nakuLuka 3:23-31. Ngokuvamile wayebizwa ngokuthi “iNdodana kaDavide.” Ngosuku angena ngalo ngokunqoba eJerusalema, egibele imbongolo ekugcwalisekeni kwesiprofetho, isixuku samaJuda esijabulayo esasihamba naye nabaphostoli bakhe sakhamuluka ngenjabulo: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”—Mathewu 21:9.

      “INdodana KaDavide” Iyabusa Ezulwini

      12. Lapho iZikhathi Zabezizwe ziphela ngo-1914, kukuphi lapho uJesu Kristu, njengendlalifa kaDavide yaphakade, abekwa khona esihlalweni sobukhosi?

      12 Iminyaka eyizi-2 520 yokuba abeZizwe banyathelele phansi uMbuso kaNkulunkulu owawuphethwe yindlu kaDavide yaphela ngo-1914. Khona-ke kwafika isikhathi ngoJesu Kristu, “iNdodana kaDavide,” sokuba abekwe esihlalweni sobukhosi, hhayi lapha esihlalweni sobukhosi sasemhlabeni, kodwa emazulwini aphakeme ngakwesokunene sikaJehova uNkulunkulu!—Daniyeli 7:9, 10, 13, 14.

      13. (a) Unyaka ka-1914 wakhonjwa kusukela nini njengokwakuyophela ngawo iZikhathi Zabezizwe, futhi obani? (b) Sasiyini isimo sengqondo sezizwe zomhlaba ‘ngaseNdodaneni kaDavide’ esanda kubekwa esihlalweni sobukhosi?

      13 Kusukela ngo-1876 labo ababezihlanganise neWatch Tower Bible and Tract Society bakhomba phambili kulolosuku olubalulekile. Kodwa izizwe zomhlaba, ngisho nalezo zeLobukholwa, zenqaba ukuluqaphela njengesikhathi sokuba imibuso yazo yasemhlabeni ziyinike “iNdodana kaDavide” esanda kubekwa esihlalweni sobukhosi. Azizange zivume ukuthi yayinelungelo elinikwe uNkulunkulu lokubusa phezu kwawo wonke umhlaba, oyisenabelo sezinyawo zikaJehova uNkulunkulu. (Mathewu 5:35) Zabonisa ukwenqaba kwazo ngokuphelele iNkosi enelungelo ngokulwa impi yezwe yokuqala.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela