Jabulela Ukuphila Ngokwesaba UJehova
“Mesabeni uJehova, nina bangcwele bakhe, ngoba akukho ukuntula kulabo abamesabayo.”—IHUBO 34:9.
1, 2. (a) Iziphi izindlela ezingefani eLobukholwa eliye lakubheka ngazo ukwesaba uNkulunkulu? (b) Imiphi imibuzo esizoyihlola manje?
ABEFUNDISI beLobukholwa abafundisa abantu ukuthi kumelwe besabe uNkulunkulu bavame ukusekela lokhu emfundisweni engekho emiBhalweni yokuthi uNkulunkulu ujezisa izoni phakade esihogweni somlilo. Imfundiso enjalo iphambene nalokho iBhayibheli elikufundisayo ngoJehova njengoNkulunkulu wothando nobulungisa. (Genesise 3:19; Duteronomi 32:4; Roma 6:23; 1 Johane 4:8) Abanye abefundisi beLobukholwa benza okuhlukile. Abalokothi bakhulume ngokwesaba uNkulunkulu. Kunalokho, bafundisa ukuthi uNkulunkulu uvumela noma yini futhi cishe wamukela noma ubani kungakhathaliseki ukuthi uphila ukuphila okunjani. Nalokho iBhayibheli alikufundisi.—Galathiya 5:19-21.
2 Eqinisweni, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sesabe uNkulunkulu. (IsAmbulo 14:7) Lelo qiniso liphakamisa imibuzo. Kungani uNkulunkulu onothando efuna ukuba simesabe? UNkulunkulu ufuna ukwesaba okunjani? Ukwesaba uNkulunkulu kungasizuzisa kanjani? Sizocabangela le mibuzo njengoba siqhubeka nengxoxo yethu yeHubo 34.
Okwenza Sesabe UNkulunkulu
3. (a) Uwubheka kanjani umyalo wokwesaba uNkulunkulu? (b) Kungani abantu abesaba uJehova bejabula?
3 UJehova uyakufanelekela ukwesatshwa njengoba enguMdali noMbusi Wendawo Yonke. (1 Petru 2:17) Nokho, ukwesaba okunjalo akukhona ukuthuthumela ngokweqile kokwesaba unkulunkulu ononya. Kuwukuthuthumela okubangelwa inhlonipho ejulile ngalokho uJehova ayikho. Futhi kuwukwesaba ukumdumaza. Ukwesaba uNkulunkulu kuhle futhi kuyakha, akucindezeli noma kwesabise. UJehova, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ ufuna ukuba indalo yakhe engabantu ijabulele ukuphila. (1 Thimothewu 1:11) Nokho, ukuze senze kanjalo kudingeka siphile ngokuvumelana nalokho okufunwa uNkulunkulu. Kwabaningi, lokho kusho ukushintsha indlela yabo yokuphila. Bonke abenza izinguquko ezidingekayo bajabulela ukugcwaliseka kwamazwi omhubi uDavide: “O nina bantu, nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; iyajabula indoda enamandla ephephela kuye. Mesabeni uJehova, nina bangcwele bakhe, ngoba akukho ukuntula kulabo abamesabayo.” (IHubo 34:8, 9) Ngenxa yokuthi banobuhlobo obuhle noNkulunkulu, bonke abesaba uJehova abantuli lutho olubaluleke ngempela.
4. UDavide noJesu banikeza ziphi iziqinisekiso?
4 Phawula ukuthi ngokusebenzisa inkulumo ethi ‘abangcwele’ osukwini lwakhe, uDavide wayewahlonipha amadoda akhe. Ayeyingxenye yesizwe sikaNkulunkulu esingcwele. Ayebeka nokuphila kwawo engozini ukuze alandele uDavide. Nakuba babebalekela iNkosi uSawule, uDavide wayeqiniseka ukuthi uJehova wayeyoqhubeka ezanelisa izidingo zabo eziyisisekelo. UDavide wabhala: “Amabhongo engonyama anomhlwenga abé nokuncane kakhulu futhi alamba; kodwa labo abafuna uJehova, ngeke bantule lutho oluhle.” (IHubo 34:10) UJesu wanikeza abalandeli bakhe isiqinisekiso esithi asifane.—Mathewu 6:33.
5. (a) Abalandeli bakaJesu abaningi babenesizinda esinjani? (b) Isiphi iseluleko uJesu asinikeza mayelana nokwesaba?
5 Abaningi ezilalelini zikaJesu babengamaJuda azihluphekelayo, aphansi. Ngakho, uJesu ‘wafikelwa isihawu ngabo, ngoba babephundlekile futhi behlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ (Mathewu 9:36) Ingabe abantu abanjalo abaphansi babeyoba nesibindi sokulandela uJesu? Ukuze benze kanjalo, kwakuzodingeka bahlakulele ukwesaba uJehova, hhayi abantu. UJesu wathi: “Ningabesabi labo ababulala umzimba kuthi ngemva kwalokhu bangakwazi ukwenza lutho olungaphezu kwalokho. Kodwa ngizonibonisa ukuthi ubani okumelwe nimesabe: Yesabani lowo onegunya lokuphonsa eGehena ngemva kokubulala. Yebo, ngiyanitshela, yesabani Yena. Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo? Nokho akukho nowodwa kubo olibalekayo phambi kukaNkulunkulu. Kodwa ngisho nezinwele zamakhanda enu zibaliwe zonke. Ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.”—Luka 12:4-7.
6. (a) Imaphi amazwi kaJesu aye aqinisa amaKristu? (b) Kungani uJesu eyisibonelo esihle kunazo zonke sokubonisa ukwesaba uNkulunkulu?
6 Lapho abantu abesaba uJehova becindezelwa izitha zabo ukuba bayeke ukukhonza uNkulunkulu, bangase bakhumbule iseluleko sikaJesu: “Wonke umuntu ovuma ukuthi umunye nami phambi kwabantu, iNdodana yomuntu nayo iyovuma ukuthi imunye naye phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu. Kodwa lowo ongiphikayo phambi kwabantu uyophikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.” (Luka 12:8, 9) Lawo mazwi aye aqinisa amaKristu, ikakhulukazi emazweni lapho ukukhulekela kweqiniso kuvinjelwe khona. AmaKristu anjalo ayaqhubeka edumisa uJehova ngobuhlakani emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni yasobala. (IzEnzo 5:29) UJesu uyisibonelo esihle kunazo zonke sokubonisa ‘ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu.’ (Hebheru 5:7) Likhuluma ngaye, iZwi eliyisiprofetho labikezela: “Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, umoya . . . wokwesaba uJehova; futhi uyojabula ngokwesaba uJehova.” (Isaya 11:2, 3) Ngakho uJesu ukufanelekela kahle ukusifundisa izinzuzo zokwesaba uNkulunkulu.
7. (a) AmaKristu asabela kanjani ngempela esimemweni esithi asifane naleso esakhishwa uDavide? (b) Abazali bangasilandela kanjani isibonelo esihle sikaDavide?
7 Empeleni, bonke abalandela isibonelo sikaJesu futhi abalalela izimfundiso zakhe basabela esimemweni esithi asifane naleso esakhishwa uDavide: “Wozani, nina madodana, ngilaleleni; ngizonifundisa ukumesaba uJehova.” (IHubo 34:11) Kwakufaneleka ukuba uDavide abize amadoda akhe ngokuthi ‘amadodana’ ngoba ayembheka njengomholi wawo. Yena-ke uDavide wayesiza abalandeli bakhe ngokomoya ukuze babe munye futhi bajabulele umusa kaNkulunkulu. Yeka isibonelo esihle asibekela abazali abangamaKristu! UJehova ubanike igunya ngokuqondene namadodana namadodakazi abo ukuba ‘baqhubeke bewakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’ (Efesu 6:4) Ngokuxoxa nabantwana babo ngezinto ezingokomoya nsuku zonke nangokubaqhubela isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke, abazali basiza abantwana babo ukuba bajabulele ukuphila ngokwesaba uJehova.—Duteronomi 6:6, 7.
Indlela Yokubonisa Ukwesaba UNkulunkulu
8, 9. (a) Yini eyenza ukuphila ngokwesaba uNkulunkulu kukhange kangaka? (b) Ukulonda ulimi lwethu kuhilelani?
8 Njengoba kuphawulwe ekuqaleni, ukwesaba uJehova akusiphuci injabulo. UDavide wabuza: “Yimuphi umuntu ojabulayo ngokuphila, othanda izinsuku ezanele ukuze abone okuhle?” (IHubo 34:12) Ngokusobala, ukwesaba uJehova kuyisihluthulelo sokujabulela ukuphila isikhathi eside nokubona okuhle. Nokho, kulula ukuthi: “Ngiyamesaba uNkulunkulu.” Kodwa kungenye into ukukubonisa ngokuziphatha kwethu. Ngakho, uDavide uqhubeka achaze izindlela esingabonisa ngazo ukwesaba uNkulunkulu.
9 “Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso.” (IHubo 34:13) Umphostoli uPetru waphefumulelwa ukuba acaphune le ngxenye yeHubo 34 ngemva kokuba eluleke amaKristu ukuba aphathane ngothando lobuzalwane. (1 Petru 3:8-12) Ukulonda ulimi lwethu kokubi kusho ukugwema ukusakaza inhlebo elimazayo. Kunalokho, ngaso sonke isikhathi siyolwela ukuba abakhayo lapho sikhuluma nabanye. Ngaphezu kwalokho, siyolwela ukuba nesibindi sikhulume iqiniso.—Efesu 4:25, 29, 31; Jakobe 5:16.
10. (a) Chaza ukuthi kusho ukuthini ukufulathela okubi. (b) Yini ehilelekile ekwenzeni okuhle?
10 “Fulathela okubi, wenze okuhle; funa ukuthola ukuthula, ukuphishekele.” (IHubo 34:14) Siyazigwema izinto uNkulunkulu azilahlayo, njengokuziphatha kabi ngokobulili, izithombe ezingcolile, ukweba, ukusebenzelana nemimoya, ubudlova, ukudakwa nokusebenzisa kabi izidakamizwa. Siyakwenqaba nokuzijabulisa okubonisa lezi zinto ezinengekayo. (Efesu 5:10-12) Kunalokho sisebenzisa isikhathi sethu ekwenzeni okuhle. Okuhle kakhulu kunakho konke esingase sikwenze ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi, sisize abanye ukuba bazuze insindiso. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ukwenza okuhle kuhlanganisa nokulungiselela imihlangano yobuKristu nokuba khona kuyo, ukunikelela umsebenzi womhlaba wonke, ukunakekela iHholo lethu LoMbuso nokukhathalela izidingo zamaKristu adinga usizo.
11. (a) UDavide wakwenza kanjani lokho ayekukholelwa ngokuqondene nokuthula? (b) Ungenzani ukuze ‘uphishekele ukuthula’ ebandleni?
11 UDavide wasibekela isibonelo esihle sokuphishekela ukuthula. Kabili waba nethuba lokubulala uSawule. Kuzo zombili izikhathi, wakugwema ukuba nobudlova futhi kamuva wakhuluma nenkosi ngenhlonipho, enesifiso sokubuyisela ukuthula. (1 Samuweli 24:8-11; 26:17-20) Kungenziwani namuhla lapho kuba nesimo esisongela ukuthula kwebandla? Kufanele ‘sifune ukuthola ukuthula, sikuphishekele.’ Ngakho, uma sibona sengathi ubuhlobo bethu nomunye esikholwa naye bulimele, silalela iseluleko sikaJesu: “Okokuqala yenza ukuthula nomfowenu.” Sibe sesiqhubeka nezinye izici zokukhulekela kweqiniso.—Mathewu 5:23, 24; Efesu 4:26.
Ukwesaba UNkulunkulu Kuletha Imivuzo Ecebile
12, 13. (a) Iziphi izinzuzo abantu abesaba uNkulunkulu abazijabulelayo kwamanje? (b) Imuphi umvuzo omkhulu abakhulekeli abathembekile abazowuthola maduzane?
12 “Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.” (IHubo 34:15) Umbhalo ogciniwe wokusebenzelana kukaNkulunkulu noDavide ubonisa ukuthi lawo mazwi ayiqiniso. Namuhla sithola injabulo ejulile nokuthula kwangaphakathi ngoba siyazi ukuthi uJehova usiqaphile. Siyaqiniseka ukuthi ngaso sonke isikhathi uyosabela ezidingweni zethu, ngisho nalapho singaphansi kokucindezeleka okukhulu. Siyazi ukuthi maduzane bonke abakhulekeli beqiniso bayobhekana nokuhlaselwa uGogi wakwaMagogi okubikezelwe kanye ‘nosuku olwesabekayo lukaJehova.’ (Joweli 2:11, 31; Hezekeli 38:14-18, 21-23) Kungakhathaliseki isimo okuyodingeka sibhekane naso ngaleso sikhathi, amazwi kaDavide ayoba iqiniso: “Bakhala, uJehova wezwa, futhi wabakhulula kuzo zonke izingcindezi zabo.”—IHubo 34:17.
13 Yeka ukuthi kuyothakazelisa kangakanani ngaleso sikhathi ukubona uJehova ephakamisa igama lakhe elikhulu! Izinhliziyo zethu ziyogcwala ukwesaba nenhlonipho ejulile ngaye kunanini ngaphambili, futhi bonke abaphikisi bayobhujiswa ngendlela ehlazisayo. “Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi, ukuze aqede ngisho nokuphathwa kwegama labo kuwo kanye umhlaba.” (IHubo 34:16) Yeka umvuzo ocebile okuyoba yiwo ukubona lokho kukhululwa okukhulu futhi singene ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga!
Izithembiso Ezisisiza Ukuba Sikhuthazele
14. Yini eyosisiza ukuba sikhuthazele naphezu kwezinhlekelele?
14 Njengoba sisalinde leso sikhathi, kudingeka sikhuthazele ukuze siqhubeke silalela uJehova ezweni elonakele nelinenzondo. Ukwesaba uNkulunkulu kuyasiza kakhulu njengoba sihlakulela ukulalela. Ngenxa yezikhathi ezibucayi esiphila kuzo, ezinye izinceku zikaJehova zibhekana nobunzima obukhulu obuzenza zaphuke izinhliziyo futhi zichobozeke emoyeni. Nokho, zingaqiniseka ngokuphelele ukuthi uma zibheka kuJehova, uyozisiza ukuba zikhuthazele. Amazwi kaDavide aqukethe induduzo yangempela: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHubo 34:18) Ayakhuthaza namazwi uDavide aqhubeka wawasho: “Ziningi izinhlekelele zolungileyo, kodwa uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” (IHubo 34:19) Kungakhathaliseki ukuthi sehlelwa izinhlekelele eziningi kangakanani, uJehova unamandla ngokwanele ukuba asikhulule.
15, 16. (a) Iyiphi inhlekelele uDavide ezwa ngayo ngemva nje kokuqamba kwakhe iHubo 34? (b) Yini eyosisiza ukuba sikhuthazelele izinhlupheko?
15 Ngemva nje kokuqamba iHubo 34, uDavide wezwa ngenhlekelele eyayehlele izakhamuzi zaseNobi, lapho uSawule eziqothula nabapristi abaningi. Yeka ukuthi kumelwe ukuba wacindezeleka kangakanani lapho ekhumbula ukuthi ngukuvakashela kwakhe eNobi okwenza uSawule wabavuthela ngolaka! (1 Samuweli 22:13, 18-21) Ngokungangabazeki uDavide waphendukela kuJehova ukuba amsize, futhi ngokuqinisekile waduduzwa ithemba lovuko “lwabalungile” oluyokwenzeka esikhathini esizayo.—IzEnzo 24:15.
16 Namuhla, ithemba lovuko liyasiqinisa nathi. Siyazi ukuthi akukho lutho izitha zethu ezilwenzayo olungasilimaza phakade. (Mathewu 10:28) UDavide wezwakalisa ukuqiniseka okufanayo ngala mazwi: “Wonke amathambo [olungileyo] uyawaqapha; akukho nelilodwa lawo eliphuliwe.” (IHubo 34:20) Lelo vesi lagcwaliseka ngokoqobo kuJesu. Nakuba uJesu abulawa ngesihluku, alikho nelilodwa ithambo lakhe ‘elachotshozwa.’ (Johane 19:36) Ngomqondo obanzi, iHubo 34:20 lisiqinisekisa ukuthi kungakhathaliseki izinhlupheko amaKristu agcotshiwe nabangane bawo ‘bezinye izimvu’ ababhekana nazo, ngeke bakhubazeke unomphela. Ngomqondo ongokomfanekiso, amathambo abo awasoze achotshozwa.—Johane 10:16.
17. Abantu abaqhubeka bezonda abantu bakaJehova balindelwe iyiphi inhlekelele?
17 Abantu ababi bona bazalelwe inja endlini. Maduze bazovuna ububi ababuhlwanyele. “Inhlekelele iyombulala omubi; nabo kanye abazonda olungileyo bayobhekwa njengabanecala.” (IHubo 34:21) Bonke abaqhubeka bephikisana nabantu bakaNkulunkulu babhekene nenhlekelele embi kunazo zonke. Lapho uJesu Kristu embulwa, “bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.”—2 Thesalonika 1:9.
18. “Isixuku esikhulu” sesikhululiwe ngamuphi umqondo, futhi yini esizoyijabulela esikhathini esizayo?
18 Ihubo likaDavide liphetha ngala mazwi aqinisekisayo: “UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akekho noyedwa kulabo abaphephela kuye oyobhekwa njengonecala.” (IHubo 34:22) Ngasekupheleni kokubusa kwayo kweminyaka engu-40, iNkosi uDavide yathi: “[UNkulunkulu] wakhulula umphefumulo wami kukho konke ukucindezeleka.” (1 AmaKhosi 1:29) NjengoDavide, abantu abesaba uJehova maduzane bazokwazi ukubheka emuva futhi bajabule ngokukhululwa kunoma imuphi umuzwa wecala obangelwa isono nokukhululwa kuzo zonke izinhlupheko zabo. Kakade, amaKristu amaningi agcotshiwe asewutholile umvuzo wawo wasezulwini. “Isixuku esikhulu” esiphuma kuzo zonke izizwe manje sihlanganyela nabaseleyo babafowabo bakaJesu ekukhonzeni uNkulunkulu futhi ngenxa yalokho sijabulela ukuba abahlanzekile phambi kukaJehova. Lokhu kungenxa yokuthi sibonisa ukholo emandleni okuhlenga egazi likaJesu elachitheka. Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane okuzayo, siyothola izinzuzo eziphelele zomhlatshelo wesihlengo kaKristu, zisenze sibe abantu abaphelele.—IsAmbulo 7:9, 14, 17; 21:3-5.
19. Amalungu ‘esixuku esikhulu’ azimisele ukwenzani?
19 Kungani “isixuku esikhulu” sabakhulekeli bakaNkulunkulu siyothola zonke lezi zibusiso? Ngenxa yokuthi sizimisele ukuqhubeka sesaba uJehova, simkhonza ngokwazisa futhi simlalela ngenhlonipho. Ngempela, ukwesaba uJehova kwenza ukuphila kujabulise manje futhi kusisiza ukuba ‘sibambisise ukuphila kwangempela’—ukuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu.—1 Thimothewu 6:12, 18, 19; IsAmbulo 15:3, 4.
Uyakhumbula?
• Kungani kufanele sesabe uNkulunkulu, futhi kusho ukuthini ukumesaba?
• Ukwesaba uNkulunkulu kufanele kukuthonye kanjani ukuziphatha kwethu?
• Imiphi imivuzo etholakala ngokwesaba uNkulunkulu?
• Iziphi izithembiso ezisisiza ukuba sikhuthazele?
[Isithombe ekhasini 26]
Abantu abesaba uJehova basebenzisa ubuhlakani lapho bengaphansi kokuvinjelwa
[Isithombe ekhasini 28]
Ukutshela omakhelwane bethu izindaba ezinhle zoMbuso kungokuhle kakhulu esingabenzela kona