-
Bonga Ngesipho SokuphilaPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
2. Singambonisa kanjani uJehova ukuthi siyabonga ngesipho sokuphila?
Kusukela esikhathini umama wakho akukhulelwa ngaso, uJehova ubelokhu ebonisa ukuthi uyakukhathalela. UDavide, isikhonzi sikaNkulunkulu, wathandaza wathi: “Amehlo akho angibona ngisho ngisewumbungu.” (IHubo 139:16) Ukuphila kwakho kuyigugu kakhulu kuJehova. (Funda uMathewu 10:29-31.) Kungamzwisa ubuhlungu obukhulu uma umuntu ezibulala yena noma ebulala omunye umuntu ngamabomu.a (Eksodusi 20:13) Kungaphinde kumzwise ubuhlungu uma sifaka ukuphila kwethu engozini ngokungenasidingo, noma uma singazithathi izinyathelo zokuvikela ukuphila kwabanye. Lapho sivikela ukuphila kwethu futhi sihlonipha nokuphila kwabanye, sibonisa ukuthi siyabonga ngesipho sokuphila esimangalisayo.
-
-
Bonga Ngesipho SokuphilaPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
a UJehova ubakhathalela kakhulu abantu abaphukile ezinhliziyweni. (IHubo 34:18) Uyabubona ubuhlungu obungabangela abantu bafune ukuzibulala futhi uyafuna ukusiza. Ukuze ubone ukuthi angamsiza kanjani umuntu alwe nemicabango yokuzibulala, funda isihloko esithi “Angisafuni Ukuphila—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?” esisengxenyeni ethi Hlola Okwengeziwe kulesi sifundo.
-