Ingabe Uyasihlonipha Isithunzi Sabo?
ABANTU bomdabu base-Afrika baqoqelwa ndawonye njengezilwane futhi balayishwa endaweni engcole nenuka ngendlela eyesabekayo, bathunyelwa emaZweni AseMelika ngomkhumbi njengemithwalo. Okungenani ingxenye yabo kwakulindeleke ukuba ife ngisho nangaphambi kokuba ifike lapho yayiyiswa khona. Amalungu emikhaya ayehlukaniswa ngonya, engasayophinde abonane. Ukuhweba ngezigqila kwakungesinye sezenzakalo ezimbi kakhulu zokuphatha komuntu abanye abantu aphila nabo ngonya. Ezinye izenzakalo zenzeka lapho abanqobi abanamandla bebusa ngonya abantu bezwe elinqotshiwe abangenakuzivikela.
Ukwehlisa umuntu isithunzi kungaba nonya kakhulu kunokumshaya. Kuyawonakalisa umoya womuntu. Nakuba ubugqila sebaqedwa emazweni amaningi, ukwehliswa kwabantu isithunzi kuyaqhubeka, mhlawumbe ngezinye izindlela ezicashe kakhulu.
Ngakolunye uhlangothi, amaKristu eqiniso alwela ukulalela umyalo kaJesu Kristu ‘wokuthanda omakhelwane bawo njengoba ezithanda wona.’ Ngakho, ayazibuza, ‘Ingabe ngiyasihlonipha isithunzi sabanye?’—Luka 10:27.
Ukubonakaliswa Kwesithunzi
Isithunzi, ngokwesichaza-mazwi, imfanelo noma isimo sokuba obalulekile, onikwa udumo noma owaziswayo. Yeka incazelo efanelekayo yesimo soMbusi Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu! Empeleni, ngokuphindaphindiwe imiBhalo ihlobanisa isithunzi noJehova kanye nobubusi bakhe. UMose, u-Isaya, uHezekeli, uDaniyeli, umphostoli uJohane nabanye baba nelungelo lokuboniswa imibono ephefumulelwe yoPhezukonke negceke lakhe lasezulwini, futhi lokho abakuchaza kwakubonisa ngokungaguquguquki ubukhulu nesithunzi esesabekayo. (Eksodusi 24:9-11; Isaya 6:1; Hezekeli 1:26-28; Daniyeli 7:9; IsAmbulo 4:1-3) Emthandazweni wayo wokudumisa, iNkosi uDavide yathi: “Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, [nesithunzi, NW], ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho.” (1 IziKronike 29:11) Ngempela, akekho ofanelwe udumo nokwaziswa ukudlula uJehova uNkulunkulu ngokwakhe.
Ngokudala umuntu ngomfanekiso wakhe futhi amfuze, uJehova wafaka kubantu isilinganiso esithile sokubaluleka, ukuzihlonipha nesithunzi. (Genesise 1:26) Ngakho-ke, lapho sisebenzelana nabanye, kudingeka sinike umuntu ngamunye udumo nenhlonipho emfanele. Lapho senza kanjalo, empeleni, siqaphela uMthombo wesithunzi somuntu, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 8:4-9.
Isithunzi Ebuhlotsheni Bomkhaya
Ephefumulelwe, umphostoli uPetru, owayeyindoda eshadile, weluleka amadoda angamaKristu ukuba anike omkawo ‘udumo njengezitsha ezibuthakathaka kakhudlwana.’ (1 Petru 3:7; Mathewu 8:14) Umphostoli uPawulu weluleka: “Ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efesu 5:33) Ngakho-ke, emshadweni, ukudumisa nokuhlonipha isithunzi somngane womshado kuyimfuneko engokweBhayibheli. Kungaboniswa kanjani lokhu?
Njengoba amanzi evuselela isitshalo esikhulayo, inkulumo emnene nezenzo zomusa phakathi kwendoda nenkosikazi, lapho benabantu noma bebodwa, kungavuselela ubuhlobo babo obuseduze. Ngokuphambene, amazwi okhahlo, ayinhlamba noma endelelo, okubhinqa ajivazayo, njengoba evame ukuzwakala emidlalweni ye-TV, ayabhidliza. Angadala imizwa elimazayo yokuba ngongento yalutho, ukucindezeleka nentukuthelo; kungadala ngisho namanxeba angokomzwelo angelapheki kalula.
Ukuhlonipha isithunzi sabanye kusho nokubamukela njengoba benjalo, ungazami ukubenza bafanelane nemibono ethile ecatshangwe kusengaphambili noma ubaqhathanise ngokungafanele nabanye. Lokhu kubaluleke kakhulu phakathi kwamadoda nomkawo. Lapho ukukhulumisana namazwi kuphuma ngokukhululekile futhi kungekho owesaba ukugxekwa noma ukuthethiswa, kuyoba nokusondelana okwengeziwe. Lapho umuntu ekwazi ukuba nguye emshadweni, khona-ke ikhaya liba isiphephelo sangempela kuleli lizwe elinonya nelingenamusa.
Izingane zingaphansi komyalo ongokomBhalo wokuhlonipha nokulalela abazali bazo. Kanti, abazali abahlakaniphile nabanothando bayobe benza kahle uma beqaphela isithunzi sezingane zabo. Ukutusa okufudumele ngokuziphatha okuhle, kanye nokuyala ngesineke lapho kudingekile, kuyasiza ‘ekuqondiseni umqondo kukaJehova.’ Ukuzigxeka njalo, uzithethise, futhi uzibize ngamagama ajivazayo njengokuthi “silima” noma “siphukuphuku” kuzomane kuzicasule.—Efesu 6:4.
Omunye umdala ongumKristu nongubaba, okhulisa amadodana amathathu namadodakazi amathathu, uthi: “EHholo LoMbuso, sasikunikeza buthule ngangokunokwenzeka ukuyala okudingekayo. Ngokuvamile kwakwanele ukuqhweba kancane noma unikeze isixwayiso esiqinile ngokugqolozela emehlweni. Uma kudingeka ukuyala okuqine kakhudlwana, sasikwenza ngasese ekhaya hhayi phakathi kwezinye izingane. Manje njengoba izingane sezikhulile, ukuyala sekuhilela ukunikeza ngamunye iseluleko sothando nesihlakaniphile esivela eZwini likaNkulunkulu ngokwezidingo zakhe. Sizama ukuzigcina ziyimfihlo lezi zinto zomuntu siqu, ngaleyo ndlela sibonise ukuhlonipha ilungelo lengane ngayinye lokuba nokuthile okwaziwa yiyo yodwa nesithunzi.”
Akumelwe sishaywe indiva isidingo sokuba nemikhuba emihle enkulumweni nasezenzweni emkhayeni. Ukujwayelana akufanele kwenze amazwi anjengokuthi “ngiyacela,” “ngiyabonga,” “uxolo,” nokuthi “ngiyaxolisa” angasetshenziswa. Imikhuba emihle ibalulekile kokubili ekulondolozeni isithunzi sakho siqu nasekuhlonipheni esabanye.
Ebandleni LobuKristu
UJesu wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.” (Mathewu 11:28) Abacindezelwe, abacindezelekile, ngisho nezingane ezincane, bonke babedonseleka kuJesu ngokungenakugwemeka. Babedelelwa abefundisi nabaholi bangaleso sikhathi ababezikhukhumeza futhi bezibona belungile. Kodwa kuJesu bathola othile owabanika isithunzi esibafanele.
Silingisa uJesu, nathi sifuna ukuba umthombo wokuqabuleka kulabo esikholwa nabo. Lokhu kusho ukufuna amathuba okubakha ngenkulumo nangezenzo zethu. Kuyafaneleka njalo ukuvama ukuhlanganisa amazwi omusa aqotho nakhayo engxoxweni yethu. (Roma 1:11, 12; 1 Thesalonika 5:11) Sibonisa ukuthi siyayicabangela imizwa yabanye ngokuqaphela esikushoyo kanye nendlela esikusho ngayo. (Kolose 4:6) Ukugqoka nokuzilungisa okufanele emihlanganweni yobuKristu nakho kubonisa inhlonipho ejulile ngesithunzi sikaNkulunkulu wethu, ukukhulekelwa kwakhe, nangabakhulekeli esikanye nabo.
UJesu wahlonipha isithunzi sabantu ngisho nalapho ebakhonza. Akazange aziphakamise ngokwehlisa isithunzi sabanye noma ngokubajivaza. Lapho indoda enochoko iza kuye izocela ukuphulukiswa, uJesu akazange ayixoshe athi ingcolile futhi ayiyinto yalutho, futhi akazange abukise ngokuzenza anakwe. Kunalokho, lapho le ndoda enochoko incenga uJesu ithi, “Nkosi, uma nje ufuna, ungangenza ngihlanzeke,” wayihlonipha ngokuthi, “Ngiyafuna.” (Luka 5:12, 13) Yeka ukuthi kuhle kanjani ngathi ukuba singabasizi nje kuphela labo abadinga usizo kodwa sibaqinisekise nangokuthi abawona umthwalo kodwa bayadingeka futhi bayathandwa! Ezweni abantu abanamahloni, abacindezelekile nabakhubazekile ngokuvamile abanakwa, bayaxwaywa noma bajivazwe. Kodwa kufanele bathole ubudlelwane bangempela nokwamukelwa lapho bephakathi kwabafowabo nodadewabo abangamaKristu. Kumelwe sifeze ingxenye yethu ekuthuthukiseni lo moya.
UJesu wathanda abafundi bakhe ‘njengabakhe siqu’ futhi “wabathanda kwaze kwaba sekupheleni” naphezu kokushiyeka kwabo nobuntu babo obungafani. (Johane 13:1) Kubo wabona izinhliziyo ezihlanzekile nokuzinikela komphefumulo wonke kuYise. Ngokufanayo, kufanele singalokothi sidlinzele esikanye nabo ngokuthi banezisusa ezimbi ngenxa nje yokuthi kungenzeka abenzi izinto ngendlela yethu noma ngenxa yokuthi imikhuba yabo nobuntu babo kungenzeka kuyasicasula. Ukuhlonipha isithunzi sabafowethu kuyosishukumisela ekubeni sibathande futhi sibamukele njengoba benjalo, sethemba ukuthi nabo bayamthanda uJehova futhi bamkhonza ngezisusa ezihlanzekile.—1 Petru 4:8-10.
Abadala, ikakhulukazi, kufanele baqaphele ukuthi ababangeli ukuba labo abaphathiswe bona bakhathazeke ngokungadingekile. (1 Petru 5:2, 3) Lapho behlangana nelungu lebandla eliwele esonweni, kungakuhle ngabadala ukuba bathambise amazwi abo ngomusa nokucabangela futhi bagweme ukubuza imibuzo ebangela amahloni ngokungadingekile. (Galathiya 6:1) Ngisho noma kufanele basole noma bayale, bayoqhubeka behlonipha isithunzi nokuzihlonipha okufanele komenzi wobubi.—1 Thimothewu 5:1, 2.
Ukulondoloza Ukuzihlonipha
Njengoba sadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu futhi samfuza, kufanele sizibonise ngangokunokwenzeka, izimfanelo ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu—kuhlanganise nesithunzi sakhe—ekuphileni kwethu kwansuku zonke. (Genesise 1:26) Ngokufanayo, umyalo ‘wokuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena’ usikisela isidingo sokuba nesilinganiso esilinganiselwe sokuzihlonipha. (Mathewu 22:39) Iqiniso liwukuthi uma sifuna abanye basihloniphe futhi basenze sibe nesithunzi, kumelwe sibonise ukuthi siyakufanelekela lokho.
Isici esibalulekile ekulondolozeni ukuzihlonipha siwukulondoloza unembeza ohlanzekile. Unembeza ongcolile neminjunju yomuzwa wecala kungaholela kalula emizweni yokuba ongento yalutho, ukhungatheke futhi ucindezeleke. Ngakho, uma umuntu eye wenza isono esikhulu, kufanele athathe izinyathelo zokuphenduka ngokushesha futhi afune usizo olungokomoya kubadala ukuze ajabulele “izinkathi zokuqabuleka . . . [ezivela] ebusweni bukaJehova.” Lokhu kuqabuleka kuhlanganisa nokubuyiselwa kokuzihlonipha.—IzEnzo 3:19.
Nokho kungcono kakhulu ukwenza umzamo oqhubekayo wokuvikela unembeza wethu oqeqeshwe iBhayibheli, singavumeli lutho ukuba luwungcolise noma luwenze buthaka. Ukuzithiba kuzo zonke izici zokuphila kwethu kwansuku zonke—ekudleni, ekuphuzeni, ebhizinisini, ekuzijabuliseni, ekusebenzelaneni nabobulili obuhlukile—kuyosisiza ukuba sihlale sinonembeza ohlanzekile futhi kusenze sibonakalise inkazimulo nesithunzi sikaNkulunkulu ekuphileni kwethu.—1 Korinte 10:31.
Kuthiwani uma umuzwa wecala obangelwe amaphutha ethu ungasuki? Noma kuthiwani uma izinkumbulo zokuxhashazwa esiye sabhekana nakho ziqhubeka zisibangela ubuhlungu? Lokho kungalimaza ukuzihlonipha futhi kulethe ukucindezeleka okukhulu. Yeka ukuthi amazwi eNkosi uDavide akumaHubo 34:18 aduduza kanjani: “UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo”! UJehova ukulungele futhi uzimisele ukusekela izinceku zakhe lapho kudingeka zibhekane nokucindezeleka nemizwa yokuba ongento yalutho. Ukumnxusa kanye nokufuna usizo kulabo abafanelekayo ngokomoya, njengabazali abangamaKristu, abadala nabanye abavuthiwe ebandleni, kuyindlela yokubuyisela ukuzihlonipha.—Jakobe 5:13-15.
Ngakolunye uhlangothi, kudingeka siqaphele singaphambanisi ukuzihlonipha nokuzikhukhumeza. ImiBhalo iseluleka ukuba ‘singazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba sikucabange; kodwa sicabange ukuze sibe nengqondo ehluzekile, yilowo nalowo njengoba uNkulunkulu emabele isilinganiso esithile sokholo.’ (Roma 12:3) Nakuba kufaneleka ukuhlakulela ukuzihlonipha, asifuni ukugcizelela ngokweqile ukubaluleka kwethu noma siphambanise isithunzi sobuntu nemizamo yobugovu neyeqisayo eyenziwa abanye ukuze babonakale bebahle kwabanye.
Yebo, ukuhlonipha isithunzi somunye umuntu kuyimfuneko yobuKristu. Amalungu omkhaya wethu namaKristu esikanye nawo bonke kufanele sibahloniphe, sibanike udumo futhi sibazise. UJehova unike ngamunye wethu isilinganiso esithile sesithunzi nodumo okufanele sikuqaphele futhi sikulondoloze. Kodwa ngaphezu kwakho konke, kumelwe sihlakulele ukusihlonipha ngokujulile isithunzi esizidlula zonke nobukhulu bukaBaba wethu osezulwini, uJehova uNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 31]
Intsha ingabonisa labo abakhubazekile inhlonipho