Isahluko 4
UJesu Kristu—Isihluthulelo Solwazi NgoNkulunkulu
1, 2. Izinkolo zezwe ziye zaganga ngayiphi indlela ngesihluthulelo solwazi ngoNkulunkulu?
UMI emnyango, uphuthaza izihluthulelo zakho. Kumakhaza futhi kumnyama, ufuna ukungena endlini—kodwa isihluthulelo asivuli. Kubonakala kuyisona sona, kodwa ingidi ayithí nyaka. Yeka ukuthi kukhungathekisa kanjani! Uyazibuka futhi izihluthulelo zakho. Ingabe usebenzisa okuyisona sona? Ingabe kukhona osilimazile lesi sihluthulelo?
2 Lomfanekiso ukufanelekela kahle lokho ukudideka okungokwenkolo kwalelizwe okukwenzile olwazini ngoNkulunkulu. Eqinisweni, abaningi baye baganga ngesihluthulelo esiluvulayo ukuze siluqonde—uJesu Kristu. Ezinye izinkolo ziye zasisusa lesi sihluthulelo, zimshaya indiva ngokuphelele uJesu. Abanye baye bahlanekezela indima kaJesu, bekhulekela yena njengoNkulunkulu onguMninimandla onke. Kunoma yikuphi, ngeke siluthole ulwazi ngoNkulunkulu uma singamqondi ngokunembile lomuntu oyinhloko, uJesu Kristu.
3. Kungani uJesu engase abizwe ngokuthi isihluthulelo solwazi ngoNkulunkulu?
3 Ungase ukhumbule ukuthi uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ngokusho lokhu, uJesu wayengaqhoshi. ImiBhalo isigcizelela ngokuphindaphindiwe isidingo solwazi olunembile ngoKristu. (Efesu 4:13; Kolose 2:2; 2 Petru 1:8; 2:20) “Bonke abaprofethi bafakaza [ngoJesu Kristu],” kuphawula umphostoli uPetru. (IzEnzo 10:43) Futhi umphostoli uPawulu wabhala: “[KuJesu] kuthukuswé ngokucophelela yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi.” (Kolose 2:3) UPawulu waze wathi zonke izithembiso zikaJehova zigcwaliseka ngenxa kaJesu. (2 Korinte 1:20) Ngakho uJesu Kristu uyiso kanye isihluthulelo solwazi ngoNkulunkulu. Ulwazi lwethu ngoJesu kumelwe lungabi nanoma yikuphi ukuhlanekezelwa kwesimo sakhe nendima yakhe elungiselelweni likaNkulunkulu. Kodwa kungani abalandeli bakaJesu bembheka njengobalulekile ezinjongweni zikaNkulunkulu?
UMESIYA OWAYETHENJISIWE
4, 5. Yimaphi amathemba ayekhona ngoMesiya, futhi abafundi bakaJesu babembheka kanjani?
4 Kusukela ezinsukwini zendoda ethembekile u-Abela, izinceku zikaNkulunkulu zazilindele ngokulangazela iMbewu eyayibikezelwe uJehova uNkulunkulu uqobo. (Genesise 3:15; 4:1-8; Heberu 11:4) Kwakwembuliwe ukuthi iMbewu yayiyofeza injongo kaNkulunkulu njengoMesiya, okusho “oGcotshiweyo.” ‘Yayiyoqeda iziphambeko,’ futhi inkazimulo yoMbuso wayo yabikezelwa encwadini yamahubo. (Daniyeli 9:24-26; IHubo 72:1-20) Ubani owayeyoba uMesiya?
5 Cabanga indlela azizwa ejabule ngayo umJuda osemusha okuthiwa u-Andreya lapho elalele amazwi kaJesu waseNazaretha. U-Andreya waphuthuma kumfowabo uSimoni Petru futhi wathi kuye: “Simtholile uMesiya.” (Johane 1:41) Abafundi bakaJesu babeqiniseka ukuthi wayenguMesiya owayethenjisiwe. (Mathewu 16:16) Futhi amaKristu eqiniso abelokhu ezimisele ukufela inkolelo yawo yokuthi ngempela uJesu wayenguMesiya owayebikezelwe, noma uKristu. Abenabuphi ubufakazi? Ake sicabangele imikhakha emithathu yobufakazi.
UBUFAKAZI BOKUTHI UJESU WAYENGUMESIYA
6. (a) Yiluphi uhlu lozalo olwaluzoveza iMbewu eyayithenjisiwe, futhi sazi kanjani ukuthi uJesu weza ngohlu lozalo lwalowo mndeni? (b) Kungani kwakungenakwenzeka ukuba noma ubani owaphila ngemva kuka-70 C.E. afakazele ukuthi wayenguMesiya?
6 Uhlu lozalo lukaJesu lubeka isisekelo sokuqala sokubona ukuthi wayenguMesiya owayethenjisiwe. UJehova wayetshele inceku yaKhe u-Abrahama ukuthi iMbewu eyayithenjisiwe yayiyovela emndenini wakhe. Indodana ka-Abrahama u-Isaka, indodana ka-Isaka uJakobe, nendodana kaJakobe uJuda ngayinye yathola isithembiso esifanayo. (Genesise 22:18; 26:2-5; 28:12-15; 49:10) Uhlu lozalo lukaMesiya lwalinganiselwa eNkosini uDavide emakhulwini athile eminyaka kamuva lapho itshelwa ukuthi uhlu lomndeni wayo lwaluyoveza Lona. (IHubo 132:11; Isaya 11:1, 10) Ukulandisa kweVangeli likaMathewu nelikaLuka kuqinisekisa ukuthi uJesu weza ngohlu lozalo lwalowomndeni. (Mathewu 1:1-16; Luka 3:23-38) Nakuba uJesu ayenezitha eziningi ezinonya, asikho esalubekela inselele uhlu lozalo lwakhe olwalwaziwa kakhulu. (Mathewu 21:9, 15) Khona-ke, ngokusobala uhlu lozalo lwakhe alunakungatshazwa. Nokho, imibhalo egciniwe yemindeni yamaJuda yacekelwa phansi lapho amaRoma ephanga iJerusalema ngo-70 C.E. Kamuva, akekho owayengafakazela ukuthi unguMesiya owayethenjisiwe.
7. (a) Yimuphi umkhakha wesibili wobufakazi bokuthi uJesu wayenguMesiya? (b) UMika 5:2 wagcwaliseka kanjani ngokuqondene noJesu?
7 Iziprofetho ezigcwalisekile ziwumkhakha wesibili wobufakazi. Iziprofetho eziningi ezisemBhalweni wesiHeberu zichaza izici ezihlukahlukene zenkambo yokuphila kaMesiya. Ekhulwini lesi-8 B.C.E., umprofethi uMika wabikezela ukuthi lombusi omkhulu wayeyozalelwa emzini ophansi waseBetlehema. Kwakunemizi emibili kwa-Israyeli eyayibizwa ngokuthi iBetlehema, kodwa lesi siprofetho sasho ngokuthé ngqo ukuthi yimuphi: IBetlehema-Efratha, lapho iNkosi uDavide yayizalelwe khona. (Mika 5:2) Abazali bakaJesu, uJosefa noMariya, babehlala eNazaretha, eyibanga elingamakhilomitha angu-150 ukusuka enyakatho yeBetlehema. Nokho, ngesikhathi uMariya ekhulelwe, umbusi wamaRoma uKesari Awugustu wayala bonke abantu ukuba bayobhalisa emadolobheni akubo.a Ngakho uJosefa kwadingeka ahambe nomkakhe owayekhulelwe aye eBetlehema, lapho uJesu azalelwa khona.—Luka 2:1-7.
8. (a) Aqala nini “amasonto” angu-69 futhi ngasiphi isenzakalo? (b) Aba isikhathi esingakanani “amasonto” angu-69, futhi kwenzekani ekupheleni kwawo?
8 Ekhulwini lesithupha B.C.E., umprofethi uDaniyeli wabikezela ukuthi “ogcotshiweyo, umbusi” wayeyovela ‘emasontweni’ angu-69 ngemva kokuba kukhishwe umyalo wokuba kubuyiselwe futhi kwakhiwe kabusha iJerusalema. (Daniyeli 9:24, 25) Ngalinye ‘lalamasonto’ laliyiminyaka engu-7 ubude.b Ngokomlando weBhayibheli nowezwe, umyalo wokuba kwakhiwe kabusha iJerusalema wakhishwa ngo-455 B.C.E. (Nehemiya 2:1-8) Ngakho uMesiya wayeyovela eminyakeni engu-483 (u-69 ophindwe ngo-7) ngemva kuka-455 B.C.E. Lokho kusiletha ku-29 C.E., okuyiwo kanye unyaka uJehova agcoba ngawo uJesu ngomoya ongcwele. Kanjalo uJesu waba “uKristu” (okusho “oGcotshiweyo”), noma uMesiya.—Luka 3:15, 16, 21, 22.
9. (a) Lagcwaliseka kanjani iHubo 2:2? (b) Yiziphi ezinye iziprofetho ezagcwaliseka kuJesu? (Bheka ishadi.)
9 Yebo, akubona bonke abantu abamukela uJesu njengoMesiya owayethenjisiwe, futhi imiBhalo yayikubikezele lokhu. Njengoba kulotshwe kumaHubo 2:2, iNkosi uDavide yaphefumulelwa ngokwaphezulu ukuba ibikezele: “Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe.” Lesi siprofetho sasikisela ukuthi abaholi bamazwe angaphezu kwelilodwa babeyohlangana ukuze bahlasele oGcotshiweyo kaJehova, noma uMesiya. Yilokho kanye okwenzeka. Abaholi benkolo bamaJuda, iNkosi uHerode, nombusi wamaRoma uPontiyu Pilatu bonke baba nengxenye ekubulaweni kukaJesu. Abantu ababeyizitha uHerode noPilatu baba abangane abakhulu kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke. (Mathewu 27:1, 2; Luka 23:10-12; IzEnzo 4:25-28) Ukuze uthole obunye ubufakazi bokuthi uJesu wayenguMesiya, siza ubheke ishadi elikulesi sihloko elithi “Iziprofetho Ezivelele Eziphathelene NoMesiya.”
10. Yiziphi izindlela uJehova akufakazela ngazo ukuthi uJesu wayengoGcotshiweyo wakhe owayethenjisiwe?
10 Ubufakazi bukaJehova uNkulunkulu buwumkhakha wesithathu wobufakazi obusekela ukuba kukaJesu uMesiya. UJehova wathumela izingelosi ukuba zazise abantu ukuthi uJesu wayenguMesiya owayethenjisiwe. (Luka 2:10-14) Eqinisweni, phakathi nokuphila kukaJesu kwasemhlabeni, uJehova uqobo wakhuluma esezulwini, ezwakalisa ukumamukela kwakhe uJesu. (Mathewu 3:16, 17; 17:1-5) UJehova uNkulunkulu wanikeza uJesu amandla okwenza izimangaliso. Ngasinye sazo sasingobunye ubufakazi baphezulu bokuthi uJesu wayenguMesiya, ngoba uNkulunkulu wayengasoze anikeze umkhohlisi amandla okwenza izimangaliso. UJehova wabuye wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze aphefumulele ukulandisa kwamaVangeli, ukuze ubufakazi bokuba kukaJesu uMesiya bube ingxenye yeBhayibheli, eliyincwadi ehunyushwe futhi yasakazwa kakhulu emlandweni.—Johane 4:25, 26.
11. Bungakanani ubufakazi obukhona obubonisa ukuthi uJesu wayenguMesiya?
11 Isiyonke, lemikhakha yobufakazi ihlanganisa namaqiniso amaningi abonisa ukuthi uJesu unguMesiya owayethenjisiwe. Khona-ke, ngokusobala amaKristu eqiniso ngokufanelekile aye ambheka ‘njengalowo bonke abaprofethi abafakaza ngaye’ noyisihluthulelo solwazi ngoNkulunkulu. (IzEnzo 10:43) Kodwa kunokwengeziwe esingakufunda ngoJesu Kristu kuneqiniso lokuthi wayenguMesiya. Wayevelaphi? Wayenjani?
UKUPHILA KUKAJESU NGAPHAMBI KOKUBA ABE UMUNTU
12, 13. (a) Sazi kanjani ukuthi uJesu wayephila ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni? (b) Ubani “uLizwi,” futhi wenzani ngaphambi kokuba abe umuntu?
12 Inkambo yokuphila kukaJesu ingahlukaniswa ibe izigaba ezintathu. Esokuqala saqala esikhathini eside ngaphambi kokuba azalwe emhlabeni. UMika 5:2 wathi uMesiya wayekhona ‘kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.’ Futhi uJesu washo ngokucacile ukuthi wayevela “ezindaweni ezingaphezulu,” okusho ukuthi ezulwini. (Johane 8:23; 16:28) Wayesephile isikhathi esingakanani ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni?
13 UJesu wabizwa ngokuthi ‘iNdodana ezelwe yodwa’ kaNkulunkulu ngoba uJehova wamdala ngokuqondile. (Johane 3:16) ‘Njengezibulo layo yonke indalo,’ uJesu wabe esesetshenziswa uNkulunkulu ekudaleni zonke ezinye izinto. (Kolose 1:15; IsAmbulo 3:14) UJohane 1:1 uthi “uLizwi” (uJesu ekuphileni kwakhe ngaphambi kokuba abe umuntu) “ekuqaleni” wayenoNkulunkulu. Ngakho uLizwi wayenoJehova lapho kudalwa “izulu nomhlaba.” UNkulunkulu wayekhuluma noLizwi lapho ethi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu.” (Genesise 1:1, 26) Ngokufanayo, kumelwe ukuba uLizwi ‘wayeyingcweti yomsebenzi’ ethandekayo kaNkulunkulu, echazwe kuzAga 8:22-31 njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu, eyayisebenza eceleni kukaJehova lapho kwenziwa zonke izinto. Ngemva kokuba uJehova emenze waba khona, uLizwi wachitha iminyakanyaka noNkulunkulu ezulwini ngaphambi kokuba abe umuntu emhlabeni.
14. Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “umfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali”?
14 Kungakho nje eyabaseKolose 1:15 ibiza uJesu ngokuthi “umfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali”! Phakathi neminyaka engaziwa ababesondelene ngayo, iNdodana elalelayo yafana nsé noYise, uJehova. Lesi esinye isizathu esenza uJesu abe isihluthulelo solwazi ngoNkulunkulu olunikeza ukuphila. Konke uJesu akwenza ngenkathi elapha emhlabeni yilokho kanye uJehova ayeyokwenza. Khona-ke, ukwazi uJesu kubuye kusho ukwandisa ulwazi lwethu ngoJehova. (Johane 8:28; 14:8-10) Ngakho, ngokusobala, kubalulekile ukufunda okwengeziwe ngoJesu Kristu.
INKAMBO KAJESU YOKUPHILA EMHLABENI
15. Kwenzeka kanjani ukuba uJesu azalwe engumntwana ophelele?
15 Isigaba sesibili senkambo kaJesu yokuphila saba lapha emhlabeni. Wazithoba ngokuzithandela lapho uNkulunkulu edlulisela ukuphila kwakhe kusuka ezulwini kuya esibelethweni sencasakazi ethembekile engumJuda uMariya. Umoya ongcwele kaJehova onamandla, noma amandla asebenzayo, ‘wasibekela’ uMariya, wenza ukuba akhulelwe futhi ekugcineni azale umntwana ophelele. (Luka 1:34, 35) UJesu akazange azuze ukungapheleli njengefa, ngoba ukuphila kwakhe kwakuvela eMthonjeni ophelele. Wakhulela ekhaya eliphansi njengendodana yokutholwa kaJosefa owayengumbazi futhi wayeyizibulo kubantwana abaningana kulowomkhaya.—Isaya 7:14; Mathewu 1:22, 23; Marku 6:3.
16, 17. (a) UJesu wawatholaphi amandla okwenza izimangaliso, futhi yiziphi ezinye zazo? (b) Yiziphi izimfanelo uJesu azibonisa?
16 Ukuzinikela okujulile kukaJesu kuJehova uNkulunkulu kwase kubonakala kakade lapho eneminyaka engu-12 ubudala. (Luka 2:41-49) Lapho esekhulile futhi eqala inkonzo yakhe eneminyaka engu-30 ubudala, uJesu wabuye wabonisa uthando lwakhe olukhulu ngabantu ayekanye nabo. Lapho umoya ongcwele kaNkulunkulu umnika amandla okwenza izimangaliso, ngesihawu waphulukisa abagulayo, abayizinyonga, abagogekile, abayizimpumputhe, abayizimungulu, abanochoko. (Mathewu 8:2-4; 15:30) UJesu wasuthisa izinkulungwane ezazilambile. (Mathewu 15:35-38) Wathulisa isiphepho esasisongela ukuphepha kwabangane bakhe. (Marku 4:37-39) Eqinisweni, waze wavusa nabafileyo. (Johane 11:43, 44) Lezi zimangaliso zingamaqiniso omlando angenakuphikwa. Ngisho nezitha zikaJesu zavuma ukuthi “wenza izibonakaliso eziningi.”—Johane 11:47, 48.
17 UJesu wadabula kulo lonke elakubo, efundisa abantu ngoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:17) Futhi wabeka isibonelo esivelele sokubekezela nokucabangela. Ngisho nalapho abafundi bakhe bemdumaza, ngozwela waphawula: “Yebo, umoya uyalangazelela, kodwa inyama ibuthakathaka.” (Marku 14:37, 38) Kodwa, uJesu wayenesibindi futhi engagwegwesi kulabo ababebukela phansi iqiniso futhi becindezela ababengenakuzisiza. (Mathewu 23:27-33) Ngaphezu kwakho konke, wasilingisa ngokuphelele isibonelo sikaYise sothando. UJesu wayezimisele ngisho nokufa ukuze isintu esingaphelele sibe nethemba lesikhathi esizayo. Kungakho-ke singase sibize uJesu ngokuthi isihluthulelo solwazi ngoNkulunkulu! Yebo, uyisihluthulelo esiphilayo! Kodwa kungani sithi isihluthulelo esiphilayo? Lokhu kusiletha esigabeni sesithathu senkambo yakhe yokuphila.
UJESU NAMUHLA
18. Kufanele sibe namuphi umbono ngoJesu Kristu namuhla?
18 Nakuba iBhayibheli libika ngokufa kukaJesu, useyaphila manje! Eqinisweni, amakhulu abantu ayephila ekhulwini lokuqala C.E. aba ofakazi bokuzibonela beqiniso lokuthi wayevusiwe. (1 Korinte 15:3-8) Njengoba kwakuprofethiwe, ngemva kwalokho wahlala kwesokunene sikaYise futhi walindela ukwamukela amandla obukhosi ezulwini. (IHubo 110:1; Heberu 10:12, 13) Ngakho, kufanele sibe namuphi umbono ngoJesu namuhla? Ingabe kufanele simcabange ewusana olungenakuzisiza olusemkhombeni? Noma eyindoda esosizini ebulawayo? Cha. UyiNkosi enamandla, ebusayo! Futhi maduze nje, uzobonakalisa ukubusa kwakhe phezu komhlaba wethu onezinkinga.
19. Yisiphi isinyathelo uJesu azosithatha maduze nje?
19 KusAmbulo 19:11-15, iNkosi uJesu Kristu ichazwe ngokucacile njengeza inamandla amakhulu izobhubhisa ababi. Yeka ukuthi kumelwe ukuba loMbusi wasezulwini onothando ukulangazelela kanjani ukuqeda ukuhlupheka okukhungethe izigidi namuhla! Futhi ukulangazelela ngendlela efanayo ukusiza labo abalwela ukulingisa isibonelo esiphelele asibeka lapho esemhlabeni. (1 Petru 2:21) Ufuna ukubalondoloza phakathi ‘nempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ esondela ngokushesha, ngokuvamile ebizwa ngokuthi i-Armagedoni, ukuze bakwazi ukuphila kuze kube phakade njengezikhonzi zasemhlabeni zoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.—IsAmbulo 7:9, 14; 16:14, 16.
20. UJesu uyosenzelani isintu phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane?
20 Phakathi nokuBusa KukaJesu kokuthula Kweminyaka Eyinkulungwane okwabikezelwa, uyokwenzela sonke isintu izimangaliso. (Isaya 9:6, 7; 11:1-10; IsAmbulo 20:6) UJesu uyoqeda zonke izifo futhi aphelise nokufa. Uyovusa izinkulungwane zezigidi ukuze nazo zibe nethuba lokuphila kuze kube phakade emhlabeni. (Johane 5:28, 29) Kuzokuhlaba umxhwele ukufunda okwengeziwe ngoMbuso wakhe wobuMesiya esahlukweni esisengaphambili. Qiniseka ngalokhu: Ngeke sikwazi nanokucabanga ukuthi ukuphila kwethu kuyoba kuhle kanjani ngaphansi kokubusa kwalowoMbuso. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba simazi kangcono uJesu Kristu! Yebo, kubalulekile ukuba singalokothi simkhohlwe uJesu, isihluthulelo esiphilayo solwazi ngoNkulunkulu oluholela ekuphileni okumi phakade.
[Imibhalo Yaphansi]
a Lokhu kubhalisa kwakwenza uMbuso waseRoma ukwazi ukubakhokhisa kangcono abantu izintela. Ngakho, engazi u-Awugustu wasiza ekugcwaliseni isiprofetho esasiphathelene nombusi ‘owayeyodlulisa umthelisi embusweni.’ Sona leso siprofetho sabikezela ukuthi ‘isikhulu sesivumelwano,’ noma uMesiya, ‘sasiyobhujiswa’ ezinsukwini zowayeyolandela lombusi esikhundleni. UJesu wabulawa phakathi nokubusa kowalandela u-Awugustu esikhundleni, uTiberiyu.—Daniyeli 11:20-22.
b Ngokuvamile amaJuda asendulo ayecabanga ngamasonto ayiminyaka. Ngokwesibonelo, njengoba nje njalo ngosuku lwesi-7 kwakuba usuku lweSabatha, njalo ngonyaka wesi-7 kwakuba unyaka weSabatha.—Eksodusi 20:8-11; 23:10, 11.
HLOLA ULWAZI LWAKHO
Uhlu lozalo lukaJesu lwakusekela kanjani ukusho kwakhe ukuthi unguMesiya?
Yiziphi ezinye iziprofetho ezaziphathelene noMesiya ezagcwaliseka kuJesu?
UNkulunkulu wakubonisa kanjani ngokuqondile ukuthi uJesu wayengoGcotshiweyo wakhe?
Kungani uJesu eyisihluthulelo esiphilayo solwazi ngoNkulunkulu?
[Ishadi ekhasini 37]
IZIPROFETHO EZIVELELE EZIPHATHELENE NOMESIYA
ISIPROFETHO ISENZAKALO UKUGCWALISEKA
UKUPHILA KWAKHE ESEMNCANE
Isaya 7:14 Uzalwa incasakazi Mathewu 1:18-23
Jeremiya 31:15 Kubulawa abantwana Mathewu 2:16-18
ngemva kokuzalwa kwakhe
INKONZO YAKHE
Isaya 61:1, 2 Ukuthunywa kwakhe Luka 4:18-21
kwakuvela kuNkulunkulu
Isaya 9:1, 2 Inkonzo yenza abantu Mathewu 4:13-16
babona ukukhanya okukhulu
IHubo 69:9 Ushisekela indlu kaJehova Johane 2:13-17
Isaya 53:1 Abakholelwa kuye Johane 12:37, 38
Zakariya 9:9; Ukungena eJerusalema Mathewu 21:1-9
IHubo 118:26 egibele ithole lembongolo;
uhalaliselwa
njengenkosi nanjengoza
egameni likaJehova
UKUKHASHELWA NOKUFA KWAKHE
IHubo 41:9; 109:8 Umphostoli oyedwa akathembeki; IzEnzo 1:15-20
ukhaphela uJesu kamuva
kufakwa omunye
esikhundleni sakhe
Zakariya 11:12 UKhashelwa ngezinhlamvu Mathewu 26:14, 15
ezingu-30 zesiliva
IHubo 22:18 Kwenziwa inkatho Johane 19:23, 24
ngezingubo zakhe
Isaya 53:12 Ubalwa kanye nezoni Mathewu 27:38
IHubo 22:7, 8 Uyethukwa lapho efa Marku 15:29-32
IHubo 69:21 Unikwa uviniga Marku 15:23, 36
Isaya 53:5; yagwazwa Johane 19:34, 37
Isaya 53:9, NW Ungcwatshwa Mathewu 27:57-60
nabacebile
IHubo 16:8-11, Uvuswa ngaphambi IzEnzo 2:25-32;
umbhalo waphansi kokuba abole 13:34-37
we-NW
[Isithombe ekhasini 35]
UNkulunkulu wanikeza uJesu amandla okuphulukisa abagulayo