UJehova ‘Uyinqaba Yethu Ngezikhathi Zokucindezeleka’
“Insindiso yabalungileyo ivela kuJehova; uyinqaba yabo ngesikhathi sokucindezeleka.”—IHUBO 37:39.
1, 2. (a) UJesu wabathandazela wathini abafundi bakhe? (b) Iyini intando kaNkulunkulu mayelana nabantu bakhe?
UJEHOVA unawo wonke amandla. Unamandla okuvikela abakhulekeli bakhe abathembekile nganoma iyiphi indlela athanda ngayo. Angabahlukanisa nezwe ngisho nangokwenyama abantu bakhe, ababeke endaweni ephephile futhi enokuthula. Nokho, ekhuluma ngabafundi bakhe, uJesu wathandaza kuYise wasezulwini wathi: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi.”—Johane 17:15.
2 UJehova uye wakhetha ‘ukungasikhiphi ezweni.’ Kunalokho, kuyintando yakhe ukuba siphile phakathi kwabantu baleli zwe ukuze simemezele isigijimi sakhe sethemba nenduduzo kwabanye. (Roma 10:13-15) Kodwa, njengoba uJesu asikisela emthandazweni wakhe, ngokuphila kuleli zwe, sichayeka ‘komubi.’ Isintu esingalaleli nebandla lomoya ababi kubangela ubuhlungu obukhulu nosizi, futhi amaKristu awagomekile ekucindezelekeni.—1 Petru 5:9.
3. Imaphi amaqiniso okumelwe ngisho nabakhulekeli abathembekile bakaJehova babhekane nawo, kodwa iyiphi induduzo esiyithola eZwini likaNkulunkulu?
3 Lapho umuntu esekuhluphekeni okunjalo, kungokwemvelo ukuba ngezinye izikhathi adangale. (IzAga 24:10) IBhayibheli lilandisa ngabantu abaningi abathembekile abacindezeleka. Umhubi uthi: “Ziningi izinhlekelele zolungileyo, kodwa uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” (IHubo 34:19) Yebo, izinto ezimbi zenzeka ngisho ‘nakolungileyo.’ Njengomhubi uDavide, ngezinye izikhathi singaze ‘sibe ndikindiki imbala futhi sichotshozwe kuze kwedlulele.’ (IHubo 38:8) Nokho, kuyaduduza ukwazi ukuthi “uJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”—IHubo 34:18; 94:19.
4, 5. (a) Ngokuvumelana nezAga 18:10, yini okumelwe siyenze ukuze sithole isivikelo sikaNkulunkulu? (b) Iziphi izinyathelo eziqondile esingazithatha ukuze sithole usizo lukaNkulunkulu?
4 Ngokuvumelana nomthandazo kaJesu, uJehova usiqaphile ngempela. ‘Uyinqaba yethu ngesikhathi sokucindezeleka.’ (IHubo 37:39) Incwadi yezAga isebenzisa inkulumo ethi ayifane lapho ithi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. Olungileyo ugijimela kuwo athole isivikelo.” (IzAga 18:10) Lo mBhalo uveza iqiniso eliyisisekelo mayelana nendlela uJehova azikhathalela ngayo izidalwa zakhe ngesisa. UNkulunkulu ubavikela ngokukhethekile abalungileyo abamfuna ngenkuthalo, njengokungathi bagijimela embhoshongweni oqinile bayokhosela kuwo.
5 Lapho sibhekene nezinkinga ezicindezelayo, singagijimela kanjani kuJehova ukuze sivikeleke? Ake sihlole izinyathelo ezintathu ezibalulekile esingazithatha ukuze sithole usizo lukaJehova. Okokuqala, kumelwe siphendukele kuBaba wethu osezulwini ngomthandazo. Okwesibili, kufanele senze ngokuvumelana nomoya wakhe ongcwele. Okwesithathu, kumelwe sizithobe elungiselelweni likaJehova ngokufuna ukuzihlanganisa namanye amaKristu angadambisa ukucindezeleka kwethu.
Amandla Omthandazo
6. AmaKristu eqiniso awubheka kanjani umthandazo?
6 Abanye ochwepheshe bezempilo batusa umthandazo ekwelapheni ukucindezeleka. Kungenzeka kuyiqiniso ukuthi ukuba nesikhashana esinokuthula lapho umuntu engazindla sakuthandaza kungase kunciphise ukucindezeleka. Kodwa nemisindo ethile yemvelo, noma ngisho nokubhucungwa umhlane, kungaba nomphumela ofanayo. AmaKristu eqiniso awawululazi umthandazo ngokuwubheka njengekhambi nje lokuzizwa ujabule. Umthandazo siwubheka njengokukhuluma noMdali ngenhlonipho. Umthandazo uhilela ukuzinikela nokuthembela kwethu kuNkulunkulu. Yebo, umthandazo uyingxenye yokukhulekela kwethu.
7. Kusho ukuthini ukuthandaza ngokuqiniseka, futhi imithandazo enjalo isisiza kanjani ukuba sibhekane nokucindezeleka?
7 Imithandazo yethu kumelwe ihambisane nomuzwa wokuqiniseka, noma ukwethembela kuJehova. Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) UJehova, oPhezukonke, uNkulunkulu weqiniso nokuwukuphela kwakhe onguMninimandla onke, empeleni uyinaka ngokukhethekile imithandazo eqotho yabakhulekeli bakhe. Ukwazi nje ukuthi uNkulunkulu wethu onothando uyasizwa lapho simxoxela ngezinkathazo nezinkinga zethu kuyaduduza.—Filipi 4:6.
8. Kungani amaKristu athembekile kungafanele nanini azenyeze noma azizwe engafaneleki lapho ethandaza kuJehova?
8 AmaKristu athembekile akufanele nanini azenyeze, azizwe engafaneleki, noma angaqiniseki lapho ethandaza kuJehova. Yiqiniso, lapho sidunyazwe yizenzo zethu noma sikhungethwe izinkinga, singase singathandisisi njalo ukuthandaza kuJehova. Ezimweni ezinjalo kuhle sikhumbule ukuthi uJehova “ubonisa isihawu kwabahluphekileyo bakhe” nokuthi ‘uyabaduduza labo abadangele.’ (Isaya 49:13; 2 Korinte 7:6) Kungezikhathi zosizi nokucindezeleka lapho kudingeka khona ngokukhethekile ukuba siphendukele kuBaba wethu osezulwini ngokuqiniseka, njengenqaba yethu.
9. Ukholo lufeza yiphi indima lapho sithandaza kuNkulunkulu?
9 Ukuze sizuze ngokugcwele elungelweni lomthandazo, kumelwe sibe nokholo lwangempela. IBhayibheli lithi “lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Hebheru 11:6) Ukholo lungaphezu nje kokukholelwa ukuthi uNkulunkulu “ukhona.” Ukholo lweqiniso luhilela ukukholelwa ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu uyakwazi futhi uyafuna ukuvuza inkambo yethu yokuphila kokumlalela. “Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo.” (1 Petru 3:12) Ukuqaphela njalo ukuthi uJehova usikhathalela ngothando kwenza imithandazo yethu ibe nenjongo.
10. Kumelwe ibe njani imithandazo yethu ukuze uJehova asisekele ngokomoya?
10 UJehova uyayilalela imithandazo yethu lapho siyenza ngenhliziyo ephelele. Umhubi wabhala: “Ngibizé ngenhliziyo yami yonke. O Jehova, ngiphendule.” (IHubo 119:145) Ngokungafani nemithandazo esamilolozelo yezinkolo eziningi, imithandazo yethu ayiyona inqubo engenanjongo noma eyokugcina icala. Lapho sithandaza kuJehova ‘ngenhliziyo yethu yonke,’ amazwi ethu aba nengqondo nenjongo. Ngemva kwemithandazo eqotho enjalo, siqala ukuzwa impumuzo elethwa ukuphonsa ‘umthwalo wethu phezu kukaJehova.’ Njengoba iBhayibheli lithembisa, ‘yena uyosisekela.’—IHubo 55:22; 1 Petru 5:6, 7.
Umoya KaNkulunkulu Ungumsizi Wethu
11. Iyiphi enye yezindlela uJehova asiphendula ngazo lapho ‘siqhubeka sicela’ usizo lwakhe?
11 UJehova akayena nje uMuzwi wemithandazo kodwa futhi unguMphenduli wayo. (IHubo 65:2) UDavide wabhala: “Ngizokubiza ngosuku lokucindezeleka kwami, ngoba wena uzongiphendula.” (IHubo 86:7) Ngokuvumelana nalokho, uJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba ‘baqhubeke becela’ usizo lukaJehova ngoba ‘uBaba osezulwini uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye.’ (Luka 11:9-13) Yebo, amandla kaNkulunkulu asebenzayo angumsizi, noma umduduzi, wabantu bakhe.—Johane 14:16.
12. Umoya kaNkulunkulu ungasisiza kanjani lapho izinkinga zibonakala zingaphezu kwamandla ethu?
12 Ngisho nalapho sibhekene nokuhlupheka, umoya kaNkulunkulu ungasinika “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Korinte 4:7) Umphostoli uPawulu, owakhuthazelela izimo eziningi ezicindezelayo, washo ngokuqiniseka: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) Ngokufanayo, amaKristu amaningi namuhla aye azizwa evuseleleka ngokomoya nangokomzwelo ngemva kokunxusa. Ngokuvamile, ngemva kokuba sithole usizo lomoya kaNkulunkulu izinkinga ezicindezelayo azibe zisabonakala zingaphezu kwamandla ethu. Ngenxa yala mandla avela kuNkulunkulu, singasho njengomphostoli: “Sicindezelwe ngazo zonke izindlela, kodwa asiminyene kangangokuthi asikwazi nokunyakaza; sisambathekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma; siyashushiswa, kodwa asishiywa dengwane; siphonswa phansi, kodwa asibhubhi.”—2 Korinte 4:8, 9.
13, 14. (a) UJehova uye waba kanjani inqaba yethu ngeZwi lakhe elilotshiwe? (b) Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kuye kwakusiza kanjani wena siqu?
13 Umoya ongcwele futhi uye waphefumulela iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe futhi walilondoloza ukuze sizuze. UJehova uye waba kanjani inqaba yethu ezikhathini zokucindezeleka ngokusebenzisa iZwi lakhe? Enye yezindlela ingokusinika ukuhlakanipha okusebenzayo nekhono lokucabanga. (IzAga 3:21-24) IBhayibheli liqeqesha amakhono ethu engqondo lithuthukise namandla ethu okucabanga. (Roma 12:1) Ngokulifunda nokulitadisha njalo iZwi likaNkulunkulu, futhi silisebenzise, ‘amandla ethu okuqonda angaqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Kungenzeka uye wazibonela indlela izimiso zeBhayibheli ezikusize ngayo ukuba wenze izinqumo ezihlakaniphile lapho ubhekene nezinkinga. IBhayibheli lisinika ukuhlakanipha okungasisiza sithole amakhambi asebenzayo ezinkinga ezicindezelayo.—IzAga 1:4.
14 IZwi likaNkulunkulu lisinika omunye futhi umthombo wamandla—ithemba lensindiso. (Roma 15:4) IBhayibheli lisitshela ukuthi izinto ezimbi ngeke ziqhubeke unomphela. Noma iluphi usizi esibhekana nalo lungolwesikhashana. (2 Korinte 4:16-18) ‘Sinethemba lokuphila okuphakade lokho uNkulunkulu ongenakuqamba amanga, akuthembisa ngaphambi kwezikhathi ezimi njalo.’ (Thithu 1:2) Uma sijabula kulelo themba, futhi silibona njalo ikusasa eligqamile uJehova alithembisayo, singakhuthazela osizini.—Roma 12:12; 1 Thesalonika 1:3.
Ibandla—Ukubonakaliswa Kothando LukaNkulunkulu
15. AmaKristu angaba kanjani isibusiso komunye nomunye?
15 Elinye ilungiselelo elivela kuJehova elingasisiza ezikhathini zokucindezeleka ubudlelwane esibujabulela ebandleni lobuKristu. IBhayibheli lithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) IZwi likaNkulunkulu likhuthaza bonke ebandleni ukuba babonisane udumo futhi bathandane. (Roma 12:10) Umphostoli uPawulu wabhala: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.” (1 Korinte 10:24) Ukuba nesimo sengqondo esinjalo kungasisiza sigxile ezidingweni zabanye kunasekuhluphekeni kwethu. Lapho sizidela ukuze sisize abanye, asigcini ngokusiza bona kodwa futhi nathi sithola injabulo nokwaneliseka okuthile okwenza imithwalo yethu ithwaleke kangconywana.—IzEnzo 20:35.
16. UmKristu ngamunye angaba kanjani okhuthazayo?
16 Amadoda nabesifazane abavuthiwe ngokomoya bangafeza indima ebalulekile ekuqiniseni abanye. Ukuze benze kanjalo, bazenza bangeneke futhi batholakale. (2 Korinte 6:11-13) Ibandla liyabusiseka ngempela lapho wonke umuntu ezinika isikhathi sokutusa abancane, sokwakha abasanda kukholwa, nesokukhuthaza abacindezelekile. (Roma 15:7) Uthando lobuzalwane luyosisiza futhi ukuba sigweme umoya wokusolana. Akufanele sisheshe siphethe ngokuthi izinkinga zomuntu ziwuphawu lokuba buthakathaka kwakhe ngokomoya. UPawulu uwanxusa kufanele amaKristu ukuba ‘akhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) IBhayibheli libonisa ukuthi ngisho namaKristu athembekile ayabhekana nokucindezeleka.—IzEnzo 14:15.
17. Imaphi amathuba esinawo okuqinisa izibopho zobuzalwane bobuKristu?
17 Imihlangano yobuKristu iyithuba elikahle kakhulu lokuba siduduzane futhi sikhuthazane. (Hebheru 10:24, 25) Lokhu kukhulumisana okunothando akugcini emihlanganweni yebandla. Kunalokho, abantu bakaNkulunkulu bafuna namathuba okujabulela ubudlelwane obunempilo ezimweni ezikhululekile. Lapho kuvela izimo ezicindezelayo, kuyoba lula ukuba sisizane ngoba kakade sinezibopho eziqinile zobungane. Umphostoli uPawulu wabhala: ‘Akufanele kube khona ukuhlukana emzimbeni, kodwa amalungu awo kufanele anakekelane. Futhi uma ilungu elilodwa lihlupheka, wonke amanye amalungu ahlupheka kanye nalo; noma uma ilungu likhazinyuliswa, wonke amanye amalungu ajabula kanye nalo.’—1 Korinte 12:25, 26.
18. Ikuphi ukuthambekela okufanele sikugweme lapho sizizwa sidangele?
18 Ngezinye izikhathi, singase sizizwe sidangele kakhulu ukuba singajabulela ubudlelwane namanye amaKristu. Kufanele silwe nemizwa enjalo ukuze singazincishi induduzo nosizo esingakuthola kwesikholwa nabo. IBhayibheli liyasixwayisa: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Abafowethu nodadewethu bayindlela kaNkulunkulu yokubonisa ukusikhathalela. Uma siliqaphela lelo lungiselelo lothando, siyothola impumuzo ngezikhathi zokucindezeleka.
Londoloza Isimo Sengqondo Esiqondile
19, 20. ImiBhalo isisiza kanjani ukuba senqabe imicabango edikibalisayo?
19 Lapho kufika ukudangala nokudabuka, kulula ukufukamela imicabango edikibalisayo. Ngokwesibonelo, lapho bebhekene nezinhlupheko, abanye bangase baqale ukungabaza ingokomoya labo siqu, baphethe ngokuthi ukuhlupheka kwabo kubonisa ukuthi uNkulunkulu akajabuli ngabo. Nokho, khumbula ukuthi uJehova akalingi muntu “ngezinto ezimbi.” (Jakobe 1:13) IBhayibheli lithi: “[UNkulunkulu] akazange ngokusuka enhliziyweni yakhe ahluphe noma abangele abantwana babantu usizi.” (IsiLilo 3:33) Kunalokho, uJehova uphatheka kabi kakhulu lapho izinceku zakhe zihlupheka.—Isaya 63:8, 9; Zakariya 2:8.
20 UJehova ‘unguYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Korinte 1:3) Uyasikhathalela, futhi ngesikhathi esifanele uyosiphakamisa. (1 Petru 5:6, 7) Ukukhumbula njalo ukuthi uNkulunkulu uyasithanda kuyosisiza silondoloze isimo sengqondo esiqondile, size sijabule imbala. UJakobe wabhala: “Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bazalwane, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene.” (Jakobe 1:2) Ngani? Uyaphendula: “Ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila uJehova awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.”—Jakobe 1:12.
21. Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izinkinga esibhekana nazo, isiphi isiqinisekiso uNkulunkulu asinika labo abazibonakalisa bethembekile kuye?
21 Njengoba uJesu asixwayisa, ezweni sizoba lusizi. (Johane 16:33) Kodwa iBhayibheli lithembisa ukuthi akukho “[lu]sizi noma ukucindezeleka noma ukushushiswa noma ukulamba noma ukuhamba-ze noma ingozi” okuyosihlukanisa nothando lukaJehova nothando lweNdodana yakhe. (Roma 8:35, 39) Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi noma ikuphi ukucindezeleka esibhekana nakho kungokwesikhashana! Okwamanje, njengoba sisalinde ukuba ukuhlupheka kwabantu kuphele, uBaba wethu onothando, uJehova, usiqaphile. Uma sigijimela kuye ukuze silondeke, uyoba “yindawo ephakeme elondekile yanoma ubani ochotshoziwe, indawo ephakeme elondekile ngezikhathi zokucindezeleka.”—IHubo 9:9.
Sifundeni?
• Yini amaKristu okufanele ayilindele njengoba esaphila kuleli zwe elibi?
• Imithandazo yethu esuka enhliziyweni ingasiqinisa kanjani lapho sibhekene nokuhlupheka?
• Umoya kaNkulunkulu ungumsizi ngayiphi indlela?
• Yini esingayenza ukuze sisizane?
[Isithombe ekhasini 18]
Kumelwe sifune uJehova njengokungathi sigijimela embhoshongweni oqinile
[Izithombe ekhasini 20]
Abavuthiwe ngokomoya basebenzisa wonke amathuba ukuze batuse futhi bakhuthaze abanye