UJehova Waba ‘Umenzi Wendlela Yokuphunyuka’ Ezikhathini ZeBhayibheli
“O Nkulunkulu, thatha isinyathelo ngokushesha ngenxa yami. Ulusizo lwami noMenzi wendlela yami yokuphunyuka.”—IHU. 70:5.
1, 2. (a) Abakhulekeli bakaNkulunkulu balucela nini usizo kuye? (b) Imuphi umbuzo ophakamayo, futhi singayitholaphi impendulo?
BESEHOLIDINI, abazali abathile babikelwa ukuthi indodakazi yabo eshadile eneminyaka engu-23 ivele yanyamalala. Kusolakala sengathi ibulewe. Baqoqa izimpahla zabo masinyane baphindele ekhaya, futhi endleleni balokhu benxusa uJehova ukuba abasize. UFakazi oneminyaka engu-20 utshelwa ukuthi unesifo esiyogcina simgoge ngokuphelele. Uthandaza kuJehova ngaso leso sikhathi. Umama ongayedwa ofunana nomsebenzi akanayo imali eyanele yokuthenga ukudla kwakhe nokwendodakazi yakhe eneminyaka engu-12. Uthandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni. Yebo, lapho bebhekene novivinyo noma izinkinga ezinkulu, ngokulindelekile abakhulekeli bakaNkulunkulu baphendukela kuye ukuze abasize. Wake walucela yini usizo kuJehova lapho usesimweni esikhungathekisayo?
2 Lokhu kuphakamisa umbuzo obalulekile: Ingabe singamlindela ngempela uJehova ukuba aphendule imithandazo yethu yokucela usizo? Impendulo eqinisa ukholo itholakala kuyiHubo 70. Leli hubo elishukumisayo lalotshwa uDavide, umkhulekeli oqotho kaJehova owabhekana nezimo ezinzima nezinselele eziningi ekuphileni kwakhe. Lo mhubi ophefumulelwe washukumiseleka ukuba athi ngoJehova: “O Nkulunkulu, . . . ulusizo lwami noMenzi wendlela yami yokuphunyuka.” (IHu. 70:5) Ukuhlola iHubo 70 kungasisiza sibone ukuthi kungani nathi singaphendukela kuJehova ezikhathini zobunzima futhi sethembe ngokugcwele ukuthi uyoba ‘uMenzi wendlela yethu yokuphunyuka.’
‘UnguMenzi Wendlela Yokuphunyuka’
3. (a) IHubo 70 linasiphi isicelo esiphuthumayo sosizo? (b) UDavide uzwakalisa kuphi ukuqiniseka kuyiHubo 70?
3 KuyiHubo 70 uDavide uqala futhi aphethe ngokucela uNkulunkulu ukuba amsize ngokushesha. (Funda iHubo 70:1-5.) UDavide unxusa uJehova ukuba ‘asheshe’ nokuba ‘athathe isinyathelo sokumkhulula ngokushesha.’ Emavesini 2-4, uDavide wenza izicelo ezinhlanu, ngasinye siqala ngelithi “kwangathi” bese esho isifiso sakhe. Izifiso zakhe zokuqala ezintathu ziphathelene nalabo abazama ukumbulala. UDavide unxusa uJehova ukuba anqobe lezi zitha zakhe futhi azihlaze ngenxa yobubi bazo. Izicelo ezimbili ezilandelayo, ezisevesini 4 ziphathelene nabantu bakaNkulunkulu. UDavide uthandazela ukuba labo abafuna uJehova bashukumiseleke ukuba bajabule futhi bamdumise. Lapho ephetha ihubo lakhe, uthi kuJehova: “Ulusizo lwami noMenzi wendlela yami yokuphunyuka.” Phawula ukuthi uDavide akathi, “Kwangathi ungaba usizo lwami,” ngokungathi usenza esinye isicelo. Kunalokho, uthi “Ulusizo lwami,” ezwakalisa ukuqiniseka kwakhe. UDavide akangabazi ukuthi uNkulunkulu uzomsiza.
4, 5. Sifundani ngoDavide kuyiHubo 70, futhi yini esingaqiniseka ngayo?
4 IHubo 70 libonisani ngoDavide? Lapho ebhekene nezitha ezizimisele ukumbulala, wakhetha ukungazibambeli yena mathupha. Kunalokho, wayethembela kuJehova ukuthi wayeyozijezisa lezo zitha ngesikhathi nangendlela yaKhe. (1 Sam. 26:10) UDavide waqhubeka eqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova uyabasiza futhi abakhulule labo abamfunayo. (Heb. 11:6) Wayekholelwa ukuthi abakhulekeli beqiniso abanjalo banezizathu ezizwakalayo zokujabula nokudumisa uJehova ngokutshela abanye ngobukhulu bakhe.—IHu. 5:11; 35:27.
5 NjengoDavide, nathi singaqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova unguMsizi wethu ‘noMenzi wendlela yethu yokuphunyuka.’ Ngakho, lapho sisebunzimeni noma sizizwa sidinga usizo masinyane, kuyafaneleka ukuthandaza kuJehova simcele ukuba asisize ngokushesha. (IHu. 71:12) Nokho, uJehova angayiphendula kanjani imithandazo yethu yokucela usizo? Ngaphambi kokuba sixoxe ngendlela uJehova angasisiza ngayo, ake sihlole izindlela ezintathu enzela ngazo uDavide indlela yokuphunyuka, emsiza ezikhathini ayedinga ngazo usizo ngokuphuthumayo.
Wakhululwa Kubaphikisi
6. Yini eyasiza uDavide ukuba azi ukuthi uJehova wenzela abalungileyo indlela yokuphunyuka?
6 Ngokwalokho ayekufunde ezincwadini zeBhayibheli eziphefumulelwe ezazikhona ngaleso sikhathi, uDavide wayazi ukuthi abalungile bangathembela kuJehova ukuba abasize. Lapho uJehova ebhubhisa abantu abangamesabi ngoZamcolo, walondoloza uNowa nomkhaya wakhe owesaba uNkulunkulu. (Gen. 7:23) Lapho uJehova enisa umlilo nesibabule phezu kwezakhamuzi ezikhohlakele zaseSodoma naseGomora, wasindisa uLoti olungileyo namadodakazi akhe amabili. (Gen. 19:12-26) Lapho ebhubhisa uFaro oqhoshayo namabutho akhe oLwandle Olubomvu, wabaphephisa abantu baKhe, ngaleyo ndlela ebavikela ekubulaweni ngesihluku. (Eks. 14:19-28) Ngakho, akumangalisi ukuthi kwelinye ihubo uDavide wadumisa uJehova wathi “unguNkulunkulu wezenzo zokusindisa.”—IHu. 68:20.
7-9. (a) Isiphi isizathu uDavide ayenaso sokuthembela emandleni kaNkulunkulu okusindisa? (b) UDavide wadumisa bani ngokukhululwa kwakhe?
7 Kwayena uDavide wayenesakhe isizathu sokuthembela ngokuphelele emandleni kaJehova okusindisa. Wayezibonele mathupha ukuthi “izingalo” zikaJehova “ezihlala kuze kube nini nanini” zingabakhulula labo abamkhonzayo. (Dut. 33:27) UJehova wayemsindise izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ezandleni ‘zezitha ezithukuthele.’ (IHu. 18:17-19, 48) Cabanga ngalesi sibonelo.
8 Lapho abesifazane bakwa-Israyeli beqala ukudumisa uDavide ngobuqhawe bakhe, iNkosi uSawule yaba nomona kakhulu kangangokuthi kabili yaciba uDavide ngomkhonto wayo. (1 Sam. 18:6-9) Zombili izikhathi wasinda ngokulambisa. Ingabe lokhu kwenzeka ngenxa yekhono nokushesha kwakhe njengeqhawe elingumakadebona? Lutho. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi “uJehova wayenaye.” (Funda eyoku-1 Samuweli 18:11-14.) Kamuva, lapho iqhinga likaSawule lokuba uDavide abulawe amaFilisti libhuntsha, “uSawule wabona futhi wazi ukuthi uJehova wayenoDavide.”—1 Sam. 18:17-28.
9 UDavide wadumisa bani ngokukhululwa kwakhe? Umbhalo ongenhla weHubo 18 uthi uDavide “washo kuJehova amazwi ale ngoma ngosuku uJehova ayemkhululé ngalo . . . esandleni sikaSawule.” Eveza imizwa yakhe ngengoma, uDavide wathi: “UJehova uyidwala lami nesiphephelo sami noMenzi wendlela yami yokuphunyuka. UNkulunkulu wami uyidwala lami. Ngizophephela kuye.” (IHu. 18:2) Akusiqinisi yini ukholo ukwazi ukuthi uJehova uyakwazi ukukhulula abantu bakhe?—IHu. 35:10.
Wasekelwa Okhukhweni Lokugula
10, 11. Yini esisiza ukuba sithole isikhathi sokugula kukaDavide okukhulunywa ngakho kuyiHubo 41?
10 IHubo 41 libonisa ukuthi iNkosi uDavide yake yagula yabangwa nezibi. Kwaphela isikhathi esithile kwembulwa kwembeswa, kangangokuthi ezinye izitha zayo zacabanga ukuthi ngeke ‘iphinde ivuke.’ (Amavesi 7, 8) Kwakunini lapho uDavide agula khona wabangwa nezibi? Izimo okukhulunywa ngazo kuleli hubo kungenzeka zihlobene nesikhathi esicindezela kakhulu ekuphileni kukaDavide, lapho indodana yakhe u-Absalomu izama ukuthatha isihlalo sobukhosi.—2 Sam. 15:6, 13, 14.
11 Ngokwesibonelo, uDavide ukhuluma ngokuhlanyukwa umngane wakhe ayemethemba, ayevame ukudla isinkwa naye. (Ivesi 9) Lokhu kungasikhumbuza isenzakalo esithile ekuphileni kukaDavide. Ngesikhathi sokuvukela kuka-Absalomu, umeluleki kaDavide ayemethemba, u-Ahithofeli, waba imbuka wazihlanganisa no-Absalomu ekuvukeleni inkosi. (2 Sam. 15:31; 16:15) Cabanga nje ngale nkosi ebuthaka esokhukhweni, engenamandla okuvuka, kodwa eyaziyo ukuthi izungezwe abantu abayibophele uzungu nabafisa ukuyibona ifile ukuze bafeze amasu abo amabi.—Ivesi 5.
12, 13. (a) Ikuphi ukuqiniseka uDavide akuzwakalisa? (b) Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu wamqinisa kanjani uDavide?
12 UDavide wathembela ‘kuMenzi wendlela yokuphunyuka’ ngaso sonke isikhathi. Ngokuphathelene nomkhulekeli kaJehova oqotho, ohlushwa impilo, uDavide wathi: “Ngosuku lwenhlekelele uJehova uyomenzela indlela yokuphunyuka. UJehova uqobo uyomsekela okhukhweni lokugula; ngokuqinisekile wonke umbhede wakhe uyowushintsha phakathi nokugula kwakhe.” (IHu. 41:1, 3) Nalapha futhi, phawula ukuqiniseka kukaDavide njengoba kuboniswa amazwi athi “UJehova uqobo uyo-.” UDavide wayeqiniseka ukuthi uJehova wayeyomenzela indlela yokuphunyuka. Kanjani?
13 UDavide akazange alindele ukuba uJehova enze isimangaliso futhi amphulukise. Kunalokho, wayeqiniseka ukuthi uJehova ‘wayeyomsekela’—okungukuthi, wayeyomphasa amnike amandla ngesikhathi elele okhukhweni. Wayeludinga ngempela lolo sizo. Ngaphezu kokugula okwakumenze waba buthaka, wayezungezwe izitha ezazikhuluma izinto ezimbi ngaye. (Amavesi 5, 6) Kungenzeka ukuthi uJehova waqinisa uDavide ngokumkhumbuza izinto eziduduzayo. UDavide wathi: “Ungisekele ngenxa yobuqotho bami.” (Ivesi 12) Kungenzeka nokuthi uDavide wathola amandla ngokucabanga ngeqiniso lokuthi naphezu kwesimo sakhe esibuthaka nezinto ezimbi ezazishiwo izitha zakhe, uJehova wayembheka njengomuntu oqotho. Ekugcineni, uDavide walulama ekuguleni kwakhe. Akusikhuthazi yini ukwazi ukuthi uJehova angabasekela abagulayo?—2 Kor. 1:3.
Wanikwa Izinto Ayezidinga
14, 15. Kunini lapho uDavide namadoda ayenaye bazithola khona beswele, futhi iluphi usizo abaluthola?
14 Lapho uDavide eba inkosi yakwa-Israyeli, ukudla neziphuzo zakhe kwakungokwekhethelo, ekwazi ngisho nokumema abanye abantu abaningi ukuba bazodla naye. (2 Sam. 9:10) Nokho, wayazi nokuthi kunjani ukuswela. Lapho indodana yakhe u-Absalomu ivukela futhi izama ukumketula esihlalweni sobukhosi, uDavide kanye nabanye abasekeli bakhe abaqotho babaleka eJerusalema baya ezweni lakwaGileyadi, elisempumalanga yoMfula iJordani. (2 Sam. 17:22, 24) Njengoba baphoqeleka ukuba baphile njengababaleki, uDavide namadoda ayenaye bazithola sebeswele okokudla nokokuphuza, futhi bekhathele beyingcuba. Nokho, babeyozitholaphi izinto abazidingayo kuleyo ndawo eyihlane?
15 Ekugcineni, uDavide namadoda ayenaye bafika emzini waseMahanayimi. Lapho, bahlangatshezwa amadoda amathathu anesibindi—uShobi, uMakiri noBharizilayi. Ayezimisele ukufaka ukuphila kwawo engozini ukuze asize inkosi emiswe uNkulunkulu, ngoba ukube u-Absalomu wayegcine ephumelele ukuqhwaga ubukhosi, nakanjani wayeyojezisa kanzima noma ubani owayesekele uDavide. Ziqaphela usizi lukaDavide namadoda ayenaye, lezi zikhonzi ezintathu eziqotho zaletha izinto ezazidingeka ngempela ezihlanganisa imibhede, ukolweni, ibhali, okusanhlamvu okugazingiwe, ubhontshisi, udali, uju, ibhotela nezimvu. (Funda eyesi-2 Samuweli 17:27-29.) Kumelwe ukuba ubuqotho obumangalisayo nesandla esivulekile sala madoda amathathu kwayithinta inhliziyo kaDavide. Wayengakukhohlwa kanjani nje ngempela lokho ayemenzele khona?
16. Ubani ngempela owanika uDavide namadoda ayenaye izinto ababezidinga?
16 Nokho, ngubani ngempela owanika uDavide namadoda ayenaye abakudingayo? UDavide wayeqiniseka ukuthi uJehova uyabanakekela abantu bakhe. Ngokuqinisekile, uJehova angashukumisa ezinye izinceku zakhe ukuba zisize umkhulekeli ezikanye naye oswele. Lapho ezindla ngalokho okwenzeka ezweni lakwaGileyadi, akungabazeki ukuthi uDavide wabona ukuthi umusa walawo madoda amathathu wawuyisibonakaliso sokunakekela kukaJehova kothando. Esezofa, uDavide wabhala: “Ngangiyinsizwa, manje ngikhulile, nokho angizange ngimbone olungileyo [kuhlanganise naye uDavide] eshiywe ngokuphelele, noma inzalo yakhe iphanza isinkwa.” (IHu. 37:25) Akusiduduzi yini ukwazi ukuthi uJehova uhlale ezinakekela izidingo zezinceku zakhe?—IzAga 10:3.
‘UJehova Uyayazi Indlela Yokukhulula Abantu’
17. Yini uJehova aye wayibonisa kaninginingi?
17 UDavide uyisibonelo esisodwa nje sabakhulekeli abaningi uJehova abenzela indlela yokuphunyuka ezikhathini zeBhayibheli. Kusukela esikhathini sikaDavide, uNkulunkulu uye wabonisa kaninginingi ukuba iqiniso kwamazwi omphostoli uPetru: “UJehova uyayazi indlela yokukhulula ekulingweni abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.” (2 Pet. 2:9) Cabangela ezinye izibonelo ezimbili.
18. UJehova wabakhulula kanjani abantu bakhe osukwini lukaHezekiya?
18 Ngesikhathi ibutho elinamandla lase-Asiriya livimbezela uJuda futhi lisongela iJerusalema ngekhulu lesi-8 B.C.E., iNkosi uHezekiya yathandaza: “Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise . . . ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova, unguNkulunkulu wena wedwa.” (Isaya 37:20) UHezekiya wayekhathazeke kakhulu ngegama nangedumela likaNkulunkulu. UJehova wawuphendula lowo mthandazo osuka enhliziyweni. Ngobusuku obubodwa nje, ingelosi eyodwa yabulala abase-Asiriya abangu-185 000, yakhulula izinceku zikaJehova ezithembekile.—Isaya 37:32, 36.
19. AmaKristu ekhulu lokuqala asinda enhlekeleleni ngokulalela siphi isixwayiso?
19 Ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wanikeza isixwayiso esiyisiprofetho esasiyozuzisa abafundi bakhe eJudiya. (Funda uLuka 21:20-22.) Kwadlula amashumi eminyaka, kodwa ngo-66 C.E., ukuvukela kwamaJuda kwenza ukuba amabutho amaRoma ahlasele iJerusalema. Amabutho ayeholwa uCestius Gallus aphumelela ukubhodloza ingxenye yodonga lwethempeli; abe esehoxa kungazelelwe. Eqaphela ukuthi lokhu kwakuyithuba lokuphunyuka ekubhujisweni uJesu ayekubikezele, amaKristu athembekile abalekela ezintabeni. Amabutho amaRoma abuya ngo-70 C.E. Kulokhu awazange ahoxe futhi iJerusalema labhujiswa ngokuphelele. AmaKristu ayelalele isixwayiso sikaJesu asinda kuleyo nhlekelele enyantisayo.—Luka 19:41-44.
20. Kungani singathembela kuJehova ‘njengoMenzi wendlela yethu yokuphunyuka’?
20 Kuqinisa ukholo ukuzindla ngobufakazi bokuthi uJehova uyabasiza abantu bakhe. Lokho akwenza esikhathini esidlule kusinika isizathu sokumethemba. Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izinselele okungenzeka sibhekene nazo manje noma esisazobhekana nazo, nathi singathembela ngokuphelele kuJehova ‘njengoMenzi wendlela yethu yokuphunyuka.’ Nokho, uJehova angasenzela kanjani thina indlela yokuphunyuka? Kodwa kuthiwani ngabantu okukhulunywe ngabo ekuqaleni kwalesi sihloko? Izimpendulo sizozithola esihlokweni esilandelayo.
Uyakhumbula?
• IHubo 70 lisinikeza isizathu sokuqiniseka ngani?
• UDavide wasekelwa kanjani ngesikhathi egula?
• Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJehova angabakhulula abantu bakhe kubaphikisi?
[Isithombe ekhasini 6]
UJehova wawuphendula umthandazo kaHezekiya