Isahluko 20
Umkhaya Wesintu Ojabulayo Ngaphansi KukaBaba Omusha
1. Kungani indaba kababa omusha iyizindaba ezinhle kangaka emkhayeni wesintu?
NGEMVA kweHarmagedoni, sonke isintu silindele ubaba wesibili. Lezo izindaba ezinhle ngempela! Ubaba omusha wenza kube nokwenzeka ukuphila okuphakade ekupheleleni kobuntu epharadesi lomhlaba wonke, ngoba ngokwakhe uBaba womkhaya wesintu akanakufa. Unamandla okunikeza ukuphila okuphelele kubo bonke labo abathatha babe ngabantwana bakhe emhlabeni.
2. Kungani ubaba omusha edingeka?
2 Ubaba omusha uyadingeka ngoba isintu salahlekelwa ubaba waso wokuqala, ubaba onguMdali womuntu. Uhlu lozalo olusuka kuJesu luhlehlele emuva kumuntu wokuqala, uAdamu, luphetha ngokusinikeza loluhlu: “KaKayinani kaEnose kaSeti ka-Adamu kaNkulunkulu.”—Luka 3:37, 38.
3. Kwakukukhulu kangakanani ukulahlekelwa kwaso sonke isintu ubaba onguJehova uNkulunkulu?
3 Ukulahlekelwa kwaso ubaba onguJehova uNkulunkulu kwaba yinto edabukisayo kuso sonke isintu. Inzalo ka-Adamu yazuza njengefa isigwebo sokufa. Lendaba ibekwe ngokucacile kwabaseRoma 5:12: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” Lowo “muntu munye” kwakunguAdamu, futhi ngenxa yesono sakhe sangamabomu, walahlekelwa ubaba onguMdali wakhe, uJehova.
4. Ubani owaba ubaba ka-Adamu nesintu?
4 Ubani-ke owaba ubaba ka-Adamu? Wasiletha ngaphansi kwamuphi ubaba isintu? Kwakuyoba yilowo owamnxenxa ukuba ahlubuke emkhayeni wawo wonke amadodana kaNkulunkulu alalelayo ezulwini nasemhlabeni. Kwakuyilowo owaqamba amanga okuqala, uSathane uDeveli. Lowomphikisi kaJehova wakwenza kanjani lokhu?
5. (a) Isiphi isithunywa uSathane uDeveli asisebenzisa ukuze ayengele umka-Adamu ekungamlalelini uNkulunkulu? (b) Kungani futhi kukanjani uAdamu aba necala ngenkambo yakhe?
5 Kweyesi-2 Korinte 11:3 umphostoli uPawulu uyayidalula lendaba, eloba: “Inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo.” Ngobuqili, uSathane wasebenzisa inyoka e-Edene ukuba adlulisele amanga okuqala kuEva owayengasoli lutho, ngokuyiphutha emangalela uJehova uNkulunkulu ngokuthi unamanga. (Genesise 3:1-7; Johane 8:44) UAdamu akazange amqondise umkakhe. Akazange enqabe ukudla naye futhi akasilungisanga isimo. Isono sakhe sangamabomu senza iNyoka yasizakala. Ibeka icala lapho kumelwe libe khona, eyoku-1 Thimothewu 2:14 ithi: “UAdamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka.”
Lowo Ongubaba Ofanelekayo
6, 7. Luhlobo luni lukababa uJesu azibonisa efanelekele ukuba yilo, futhi isiprofetho seBhayibheli sakubonisa kanjani lokhu?
6 Ngokwenqaba ukukhulekela “unkulunkulu walelizwe,” uJesu wabonisa ukuthi uyiLowo okumelwe abe ubaba wesibili womkhaya wesintu. (2 Korinte 4:4; Mathewu 4:1-11; Luka 4:1-13) Kusukela ekuzalweni kwakhe kobuntu ngo-2 B.C.E., isiprofetho sikaIsaya 9:6 sasebenza kuYe:
7 “Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.” Ngakho “iNkosi yokuthula” inenye ingxenye ebalulekile okumelwe iyifeze ngenxa yesintu—leyo yokuba “uYise ongunaphakade.”
8. Kungani uJesu enziwa wakwazi ukuba “uYise ongunaphakade” wesintu, futhi umphostoli uPawulu wakuqinisekisa kanjani lokhu?
8 INdodana kaNkulunkulu kumelwe ibe “uYise ongunaphakade” walomkhaya wesintu, eyabeka phansi ukuphila kwayo okuphelele kobuntu ngomhlatshelo ngenxa yaso. Kunjengoba nje umphostoli uPawulu eloba: “Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu. Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba-khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga [“sokuhlangulwa,” NW] kwaba-khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke.”—Roma 5:15, 18.
9. UJesu waba kanjani uAdamu wesibili esintwini, kodwa unguBaba wesintu ekuphi?
9 Ngakho, kukhona ukulinganiswa okuphelele kwalezindaba ezibalulekile. Lowo owenza ‘isiphambeko sinye’ kwakungumuntu wokuqala emhlabeni, uAdamu. “Isenzo sinye sokuhlangulwa” senziwa ukuphela komunye umuntu ophelele, uJesu. Lokhu kwamenza waba “uYise ongunaphakade” wenzalo ka-Adamu owaphambuka. Ngalendlela uba uAdamu wesibili emkhayeni wesintu. Umhlatshelo wokuphila kwakhe okuphelele kobuntu nokunikela lelolungelo lokuphila kobuntu kuMahluleli oMkhulu ezulwini kwenza kube nokwenzeka ngaye ukukhonza lapha emhlabeni njengobaba wesintu waphakade. Ngesikhathi evuswa kwabafileyo, wabuyiselwa endaweni yomoya futhi waphakanyiselwa ngakwesokunene sowaMvusayo. Ngakho kuthiwa: “Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala uAdamu waba-ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba-ngumoya ophilisayo.” (1 Korinte 15:45) UBaba omusha wesintu uyosinikeza isiqalo sokuphila esihle ngangokunokwenzeka.
Izidalwa Zokuqala Ezingabantu Eziba Nobaba
10. Obani abayizidalwa zokuqala ezingabantu eziyoba naloYise omusha?
10 “UYise ongunaphakade,” uJesu Kristu iNkosi, uyobonisa ukuthi obani abokuqala ayoba nguyise kubo. Kanjani? Ngokusindisa “osizini olukhulu” ukuphila kwezigidi zabantu abazinikezele abaphilayo manje. ‘Bayisixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’—IsAmbulo 7:9, 14.
11. Iliphi ithuba lasemhlabeni eliphambi kwabanjengezimvu abayosinda “osizini olukhulu”?
11 Alinakufaniswa ithuba lasemhlabeni elibekwe phambi ‘kwesixuku esikhulu’ ngemva ‘kosizi olukhulu.’ Zichazwa njengengxenye ‘yesibonakaliso’ ‘salesiphelo sesimiso sezinto,’ izimbuzi ezingokomfanekiso zomfanekiso kaJesu ziyonqunywa ekuphileni kulomhlaba, okuyosho ukubhujiswa kwaphakade ngazo. Kodwa hhayi “isixuku esikhulu” sabantu abanjengezimvu esenza okuhle ngothando nangokwethembeka ensalini ‘yabafowabo’ bakaKristu abangokomoya abasesemhlabeni. (Mathewu 25:31-46) Ukusindiswa ‘kwezimvu’ ezinjalo zidlulele ngalé ‘kosizi olukhulu’ futhi zingene ekuBuseni Kweminyaka Eyinkulungwane ‘kweNkosi yokuthula’ eyabikezelwa kuyokwenza kube nokwenzeka ngalaba abasindile ukungena ezibusisweni zoMbuso. Bayoba izikhonzi zasemhlabeni ‘zeNkosi yokuthula.’
12. Yimaphi amazwi kaJesu ngovuko abonisa ukuthi ukuphila okungapheli kubekwe phambi kwalabo abangena eMbusweni wasemhlabeni?
12 Ngalesosikhathi amazwi akhulunywa uJesu ngaphambi kokuvusa uLazaru kwabafileyo ayogcwaliseka kulabo abangena eMbusweni wasemhlabeni. Wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade.” (Johane 11:25, 26) Ngenxa yokumlalela kwabo, bayofinyelela ukuphila okuphelele kobuntu emhlabeni weNkosi. Ngisho neselelesi esinozwela esafa eceleni kukaJesu eKalvari siyonikezwa ithuba lokungena ePharadesi. (Luka 23:43) UJesu uyokwenza ngokuvumelana nakho konke lokho igama lakhe elithi “uYise ongunaphakade” elikushoyo.
Ithemba Elijabulisayo Ngabafileyo
13. Yibaphi abantu abaphawulekayo bezikhathi zasendulo uvuko lwabafileyo oluyokwenza kube nokwenzeka ngabo ukuba khona eMbusweni wasemhlabeni?
13 UJesu, umzukulu ovelele ka-Abrahama, wathi lokhokho wakhe, indodana yakhe uIsaka, nomzukulu wakhe uJakobe bayoba khona eMbusweni kaNkulunkulu wasemhlabeni. (Mathewu 22:31, 32) Lokhu kuyokwenziwa kube nokwenzeka ngovuko. Njengoba uJesu asho, bonke abantu abafileyo emathuneni okukhunjulwa bayokuzwa izwi leNdodana kaNkulunkulu baphume. Ngemva kwalokho ikusasa labo liyoxhomeka enkambweni abayithathayo.—Johane 5:28, 29; IsAmbulo 20:12-15.
14. Yini okuyodingeka yenziwe kusengaphambili ngenxa yalabo abayothola uvuko lwasemhlabeni, futhi obani abayohlanganyela kuqala kulamalungiselelo?
14 Kuyodingeka kwenziwe amalungiselelo amakhulu ngalabo besintu abayovuswa ethuneni beze ekuphileni kwasemhlabeni ngaphansi koMbuso ‘kaYise ongunaphakade.’ Lamalungiselelo ayokwenziwa okokuqala abasinde “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHarmagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Ukuthi siyobe sesingakanani isibalo ‘sesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ ‘zeNkosi yokuthula’ ngalesosikhathi asazi, kodwa kuyoba nabanele ukuba kufezwe umsebenzi.
15. Yisiphi isikhundla esikhethekile abaningi abayokhonza kuso ngaphansi kukaBaba wesintu omusha?
15 AmaHubo 45 akhuluma ‘ngaleNkosi yokuthula’ njengeNkosi, futhi njengoba izoba “uYise ongunaphakade” esintwini, lelihubo lithi kuyo: “Amadodana akho ayakuba-sesikhundleni sawoyihlo; uyakuwabeka abe-yizikhulu emhlabeni wonke.” (IHubo 45:16) Kodwa ngisho nangaphambi kokuvuswa ‘kwalaboyihlo’ abathembekile, amalungu esilisa ‘esixuku esikhulu’ sabayosinda eHarmagedoni ayobe esemisiwe ezikhundleni ezinjalo zokuba yizikhulu. Izinkulungwane zalabo abayosinda eHarmagedoni kakade zikhonza njengabadala emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kwezi-49 000, ziqondisa izithakazelo ezingokomoya emabandleni eziwanakekelayo.
16. (a) Ngaphansi kokuqondisa kwezikhulu, abayosinda eHarmagedoni bayokhonza kumuphi umsebenzi? (b) Imiphi imibuzo ephakamayo ngokwezigaba abafileyo abayovuswa ngazo?
16 Ngaphansi kokuqondisa kwezikhulu, abayosinda eHarmagedoni bayokhonza ngokubambisana ngentshiseko. Ukuthi iziphi iziyalezo “izikhulu emhlabeni wonke” eziyozithola zivela ‘eNkosini yokuthula’ yasezulwini kuyobonakala, kube okuhlangenwe nakho okuvusa amadlingozi kubo bonke abakanye nazo abayosinda eHarmagedoni. Cabanga ngazo zonke izingubo okuyodingeka zithungelwe ukugqokisa ngokufanelekile abafileyo abavusiwe! Cabanga ngakho konke ukudla okuyodingeka kulungiselelwe noma kugcinwe! Izindawo zokuhlala nazo kuyodingeka zilungiswe. Yeka isikhathi esijabulisayo okuyoba yiso ngabo bonke abahlanganyela kulomsebenzi wokulungiselela! Obani abayovuswa kuqala? Ingabe bayovuswa ngokuhlehlela emuva kuye ngendlela abaya ngayo emathuneni okukhunjulwa? Ingabe umfel’ ukholo uAbela noEnoke, owathathwa uNkulunkulu, kanye noNowa, uAbrahama, uIsaka, uJakobe, nabo bonke abaprofethi abathembekile, bayovuzwa ngokukhethekile ngokuvuswa kuqala?
17. Ubani oyonquma izigaba abafileyo abayobuyela ngazo ekuphileni emhlabeni, futhi isiphi isiqu esabikezelwa ngokuqondene naye esibonisa amandla akhe okusingatha imithwalo yakhe yemfanelo?
17 “INkosi yokuthula” iyazi futhi iyonquma. Futhi iyobe iyifanelekela ngokugcwele imithwalo yayo yemfanelo njengoBaba omusha wesintu esihlengiwe. Esinye seziqu zakhe ezabikezelwa sithi “uNkulunkulu onamandla.” Lokho kusho ukuthi uyoba uMuntu omkhulu, onamandla. Ukubonakaliswa kobunkulunkulu bakhe kuyoba kukhulu ngoba uyovusa bonke abafileyo abahlengiwe, akhumbule amagama abo nobuntu babo. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 10:42) Ukwazi ngokuphelele ukususa wonke umonakalo uSathane uDeveli aye wawenza phakathi neminyaka eyizi-6 000 edlule yokuba khona komuntu.
18. (a) Savinjelwa kanjani isidingo sokuba uAdamu abe ukhokho kaJesu Kristu? (b) UJesu wenziwa kanjani waba uyise wesibili wenzalo ka-Adamu?
18 UAdamu wokuqala wadlulisela isigwebo sokufa kuyo yonke inzalo yakhe. Ingabe uAdamu waba ukhokho womuntu uJesu Kristu? Cha, uJesu akazange abe nobaba ongumuntu kodwa wazalwa yincasakazi eyakhulelwa ngamandla okuphila uNkulunkulu awadlulisela esuka endaweni yomoya. Ngakho isoni uAdamu asizange sibe ukhokho waleyoNdodana kaNkulunkulu yasemhlabeni. Nokho, uAdamu wesibili uye waba umoya ophilisayo. Enalamandla angasigcwalisa isiprofetho sikaIsaya futhi abe “uYise ongunaphakade” enzalweni yokuqala ka-Adamu, leyo ayihlengayo futhi ayenza eyakhe ngenjongo yokubuyisela ukuphila okuphelele kobuntu emhlabeni oyipharadesi.
19. UJehova uNkulunkulu uyongena kubuphi ubuhlobo obusha ngasohlangeni lwesintu, futhi kanjalo iliphi icebo likaSathane uDeveli ayolinqoba?
19 Ngaleyondlela uYise wasezulwini kaJesu Kristu uyoba uMkhulu wasezulwini womkhaya wesintu obuyiselwe. Ngalesizathu umkhaya wesintu uyongena ebuhlotsheni obusha noMdali wezulu nomhlaba. Akukaze nakancane kube yinto engenzeka ukuba uJehova ahluleke enjongweni yakhe yokuqala. Ngakho uJehova uyobe elinqobile icebo likaSathane uDeveli lonya, lokungamesabi uNkulunkulu. Wonke umkhaya wesintu ohlengiwe uyolazi leliqiniso. Yeka ukuthi kuyoba usuku olumangalisa kanjani lapho uJesu Kristu eba ubaba womkhaya wesintu ukuze ondle isintu ePharadesi elibuyiselwe emhlabeni!
[Izithombe ekhasini 164, 165]
UKristu, esemandleni obukhosi, uba “uYise ongunaphakade” wabo bonke labo abenza abakhe