Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ubani Ongakhulula Labo Abakhalela Usizo?
    INqabayokulinda—2010 | Agasti 15
    • 14, 15. Sazi kanjani ukuthi uJesu uyayiqonda imizwa yabantu nokuthi ‘uyokhulula ompofu okhalela usizo’?

      14 Abantu abanesono basesimweni esidabukisayo futhi baludinga kakhulu usizo. Kodwa likhona ithemba ngathi. (Funda iHubo 72:12-14.) UJesu, uSolomoni Omkhulu, unozwela ngathi ngoba uyakuqonda ukungapheleli kwethu. Ngaphezu kwalokho, uJesu wahlupheka ngenxa yokulunga futhi uNkulunkulu wamvumela ukuba abhekane nobunzima yedwa. Phela uJesu wahlupheka kakhulu ngokomzwelo kangangokuthi “izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini”! (Luka 22:44) Kamuva, lapho esesigxotsheni sokuhlushwa, wamemeza: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” (Math. 27:45, 46) Naphezu kwakho konke ahlupheka ngakho nayo yonke imizamo kaSathane yokumenza afulathele uJehova, uJesu wathembeka kuJehova uNkulunkulu.

  • Ubani Ongakhulula Labo Abakhalela Usizo?
    INqabayokulinda—2010 | Agasti 15
    • 16. Kungani uSolomoni akwazi ukuzwelana nezikhonzi zakhe?

      16 Akungabazeki ukuthi uSolomoni ‘wamhawukela ophansi nompofu’ ngoba wayehlakaniphile futhi enokuqonda. Ngaphandle kwalokho, wabhekana nezenzakalo ezibuhlungu ekuphileni kwakhe. Umfowabo u-Amnoni wadlwengula udadewabo uThamari futhi omunye umfowabo, u-Absalomu, wayala ukuba u-Amnoni abulawe ngenxa yalesi senzo. (2 Sam. 13:1, 14, 28, 29) U-Absalomu wazama ukuketula uDavide esihlalweni kodwa akazange aphumelele futhi wabulawa uJowabe. (2 Sam. 15:10, 14; 18:9, 14) Kamuva, umfowabo kaSolomoni u-Adoniya wazama ukuthatha ubukhosi. Ukube waphumelela, nakanjani uSolomoni wayeyobulawa. (1 AmaKh. 1:5) Ukuthi uSolomoni wayekuqonda ukuhlupheka kwabantu kubonakala kulokho akusho emthandazweni wokunikezelwa kwethempeli likaJehova. Ngokuphathelene nezikhonzi zayo, le nkosi yathandaza: “Yilowo nalowo uyayazi inhlupho yakhe nobuhlungu bakhe . . . [Wena Jehova] uthethelele futhi unike ngamunye ngokuvumelana nazo zonke izindlela zakhe.”—2 IziKr. 6:29, 30.

      17, 18. Ibuphi ubuhlungu ezinye izinceku zikaNkulunkulu okuye kwadingeka ukuba zibhekane nabo, futhi yini eye yazisiza ukuba zibukhuthazelele?

      17 ‘Ubuhlungu bethu’ bungase bubangelwe izinto ezithile ezake zenzeka ekuphileni kwethu. UMary,a uFakazi KaJehova owevile eminyakeni engu-30, uyabhala: “Nginezizathu eziningi zokujabula, kodwa okwenzeka kimi esikhathini esidlule kungenza ngibe namahloni futhi ngizenyanye. Ngifikelwa umunyu ngize ngikhale kube sengathi lokhu kusanda kwenzeka. Izinkumbulo ezigxilile zisangenza ngigajwe imizwa yecala nokuzizwa ngingelutho.”

      18 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi zike zizizwe kanjalo, kodwa yini engazinika amandla adingekayo ukuze zikhuthazele? UMary uthi: “Abangane beqiniso nomkhaya ongokomoya bangilethela injabulo. Ngizama nokugxila ezithembisweni zikaJehova zekusasa futhi ngiyaqiniseka ukuthi ukukhalela kwami usizo kuyophenduka izinyembezi zenjabulo.” (IHu. 126:5) Kudingeka sibeke ithemba lethu elungiselelweni likaNkulunkulu alenza ngeNdodana yakhe, uMbusi wakhe ammisile. Kwabikezelwa lokhu ngaye: “Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni, igazi labo liyoba yigugu emehlweni ayo.” (IHu. 72:13, 14) Yeka ukuthi kusiqinisa kanjani lokhu!

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela