Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ukuchuma Kungaluvivinya Ukholo Lwakho
    INqabayokulinda—1993 | Julayi 15
    • Ekugcineni lapho eqaphela ukuthi ukucabanga kwakhe kwakungalungile, u-Asafa wathi: “Uma bengithé, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho. Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba-luhlupho emehlweni ami, ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo. Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe-yincithakalo. Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo. Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.”—IHubo 73:15-20.

  • Ukuchuma Kungaluvivinya Ukholo Lwakho
    INqabayokulinda—1993 | Julayi 15
    • U-Asafa waqaphela ukuthi uNkulunkulu wayebeké ababi “ezindaweni ezibushelezi.” Ngenxa yokuba ukuphila kwabo kugxile ezintweni ezibonakalayo, basengozini yokuthola ukuwa bengazelele. Ekugcineni, ukufa kuyobahlasela lapho sebegugile, futhi inzuzo yabo abayithole ngezindlela ezingafanelekile ngeke ibanikeze ukuphila okuhlala isikhathi eside. (IHubo 49:6-12) Ukuchuma kwabo kuyofana nephupho elidlula ngokushesha. Ubulungisa bungase bubafice ngisho nangaphambi kokuba bafinyelele ukuguga njengoba bevuna lokho abakuhlwanyelayo. (Galathiya 6:7) Njengoba beye bafulathela okuwukuphela kwaKhe ongabasiza, basala bengenalo usizo ngokuphelele, bengenathemba. Lapho uJehova emelana nabo, uyobheka “umfanekiso” wabo—ubukhazikhazi babo nesikhundla—ngokunengwa.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela