Ukuthembela Ngokuphelele KuJehova Kusenza Siqiniseke
“UJehova ngokwakhe uyozwa lapho ngimbiza.”—IHU. 4:3.
1, 2. (a) Isiphi isimo esiyingozi uDavide abhekana naso? (b) Imaphi amahubo esizoxoxa ngawo?
INKOSI UDAVIDE isibuse kwa-Israyeli isikhathi esithile, kodwa manje ibhekene nesimo esiyingozi. Indodana yayo enobuqili u-Absalomu iye yenza ukuba kumenyezelwe ukuthi iyinkosi, futhi uDavide usephoqeleke ukuba abaleke eJerusalema. Usehlamukwe nawumngane wakhe omkhulu, futhi manje, ekanye nabathembekile abambalwa, uhamba elila futhi engafake zicathulo phezulu eNtabeni Yeminqumo. Kamuva uShimeyi oyilungu lomndeni weNkosi uSawule ujikijela uDavide ngamatshe nangothuli futhi amqalekise.—2 Sam. 15:30, 31; 16:5-14.
2 Ingabe lolu sizi luyokwenza uDavide ehlele eShiyoli enosizi futhi ehlazekile? Cha, ngoba uthembela kuJehova. Lokhu kubonakala kuyiHubo 3, elabhalwa uDavide ngokuphathelene nokubaleka kwakhe. Wabhala neHubo 4. Womabili la mahubo asiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uyayizwa futhi uyayiphendula imithandazo. (IHu. 3:4; 4:3) Asiqinisekisa ngokuthi uJehova uhlale enezinceku zakhe ezithembekile ebusuku nasemini, azibusise ngokuzisekela nangokuthula nomuzwa wokulondeka. (IHu. 3:5; 4:8) Ngakho-ke, ake sicabangele la mahubo futhi sibone indlela asenza ngayo ukuba siqiniseke futhi sithembele kuNkulunkulu.
Lapho ‘Abaningi Besivukela’
3. Njengoba kuboniswa kuyiHubo 3:1, 2, isiphi isimo uDavide ayebhekene naso?
3 Kufika isithunywa, sithi: “Inhliziyo yabantu bakwa-Israyeli isilandela u-Absalomu.” (2 Sam. 15:13) Ezibuza ukuthi u-Absalomu ukwaze kanjani ukwenza abantu abaningi kangaka ukuba bamsekele, uDavide uthi: “O Jehova, kungani bebe baningi abaphikisana nami? Kungani abaningi bengivukela? Abaningi bathi ngomphefumulo wami: ‘Ayikho insindiso azoyithola kuNkulunkulu.’” (IHu. 3:1, 2) Ama-Israyeli amaningi acabanga ukuthi uJehova ngeke amkhulule uDavide enhlekeleleni azoyilethelwa u-Absalomu nezincelebana zakhe.
4, 5. (a) Yini uDavide ayeqiniseka ngayo? (b) Asho ukuthini amazwi athi “Lowo ophakamisa ikhanda lami”?
4 Kodwa uDavide akesabi, uyaqiniseka ngoba ethembele ngokuphelele kuNkulunkulu. Uyahlabelela: “Noma kunjalo, wena Jehova uyisihlangu nxazonke zami, uyinkazimulo yami futhi uyiLowo ophakamisa ikhanda lami.” (IHu. 3:3) UDavide uyaqiniseka ukuthi uJehova uyomvikela njengoba nje isihlangu sivikela isosha. Yebo, le nkosi esikhulile iyabaleka, ikhanda layo limboziwe futhi ibheke phansi ngenxa yokululazeka. Kodwa oPhezukonke uzosishintsha isimo sikaDavide sibe esenkazimulo. UJehova uzomenza akwazi ukuma aqonde, aphakamise ikhanda lakhe njengasekuqaleni. UDavide uthandaza kuNkulunkulu eqiniseka ngokuthi uzomphendula. Ingabe nawe umethemba ngaleyo ndlela uJehova?
5 Ngamazwi athi “Lowo ophakamisa ikhanda lami,” uDavide uyaqaphela ukuthi usizo uzoluthola kuJehova. I-Today’s English Version ifundeka kanje: “Kodwa wena, O NKOSI, uhlale uyisihlangu sami engozini; unginika ukunqoba futhi ubuyisela isibindi sami.” Ngokuphathelene nenkulumo ethi “Lowo ophakamisa ikhanda lami,” enye incwadi ithi: “Lapho uNkulunkulu ephakamisa . . . ‘ikhanda’ lomuntu, umenza abe nethemba nokuqiniseka.” Njengoba eye waphoqeleka ukuba asuke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uDavide unesizathu sokudangala. Nokho, ‘ukuphakanyiswa kwekhanda lakhe’ kuzovuselela isibindi, ukuqiniseka nokuthembela kwakhe ngokuphelele kuNkulunkulu.
‘UJehova Uzophendula!’
6. Kungani uDavide athi impendulo yomthandazo wakhe yayizovela entabeni kaJehova engcwele?
6 Ethembele kuJehova futhi eqiniseka ngokugcwele, uDavide uyaqhubeka: “Ngizombiza uJehova ngezwi lami, futhi uzongiphendula esentabeni yakhe engcwele.” (IHu. 3:4) Umphongolo wesivumelwano omelela ukuba khona kukaNkulunkulu ubusuyiswe eNtabeni iZiyoni ngokwesiqondiso sikaDavide. (Funda eyesi-2 Samuweli 15:23-25.) Ngakho, kuyafaneleka ukuba uDavide athi impendulo yomthandazo wakhe yayivela entabeni kaJehova engcwele.
7. Yini eyenza uDavide engesabi?
7 Eqiniseka ukuthi ukuthandaza kuNkulunkulu akusoze kwaba ize, uDavide akabe esasaba. Kunalokho, uyahlabelela: “Mina-ke, ngizocambalala ukuze ngilale; ngokuqinisekile ngizophaphama, ngoba uJehova uyaqhubeka engisekela.” (IHu. 3:5) Ngisho nasebusuku, lapho inkulu khona ingozi yokuhlaselwa ngokuzumayo, uDavide akesabi ukulala. Uyaqiniseka ukuthi uzophaphama, ngoba izinto ezamehlela esikhathini esidlule zimenze waqiniseka ngokuphelele ukuthi angathembela kuNkulunkulu ukuthi ngeke ahluleke ukumsekela. Singaba nokuqiniseka okufanayo uma sinamathela ‘ezindleleni zikaJehova’ futhi singalokothi sisuke kuye.—Funda eyesi-2 Samuweli 22:21, 22.
8. IHubo 27:1-4 libonisa kanjani ukuthi uDavide wayethembele kuNkulunkulu?
8 Ukuqiniseka kukaDavide nokuthembela kwakhe ngokuphelele kuNkulunkulu kubonakala nakwelinye lamahubo akhe elinala mazwi aphefumulelwe: “UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngizokwesaba bani? UJehova uyisiphephelo sokuphila kwami. Ngizoba nengebhe ngobani? . . . Nakuba ikamu lingagxumeka amatende ngokumelene nami, inhliziyo yami ngeke yesabe. . . . Yinye into engiyicelé kuJehova—iyilokho engiyokufuna, ukuba ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuphila kwami, ukuze ngibone ubuhle bukaJehova futhi ngibuke ithempeli lakhe ngokwazisa.” (IHu. 27:1-4) Uma nawe uzizwa ngale ndlela futhi izimo zakho zikuvumela, uyoba khona njalo emihlanganweni nabanye abakhulekeli bakaJehova.—Heb. 10:23-25.
9, 10. Naphezu kwamazwi eHubo 3:6, 7, kungani ungase uthi uDavide wayengenawo umoya wokuziphindiselela?
9 Nakuba uDavide ebhekene nozungu luka-Absalomu nokungathembeki kwabaningi, uyahlabelela: “Ngeke ngizesabe izinkulungwane eziyishumi zabantu ezizihlelele ukulwa nami nxazonke. O Jehova, vuka! Ngisindise, Nkulunkulu wami! Ngoba kuyomelwe uzishaye emhlathini zonke izitha zami. Amazinyo ababi kuyomelwe uwaphule.”—IHu. 3:6, 7.
10 UDavide akanawo umoya wokuziphindiselela. Uma kwakudingeka izitha zakhe ‘zishaywe emhlathini,’ nguNkulunkulu owayeyokwenza lokho. INkosi uDavide yayizibhalele ikhophi yoMthetho futhi yayazi ukuthi kuwo uJehova uthi: “Impindiselo ingeyami.” (Dut. 17:14, 15, 18; 32:35) NguNkulunkulu futhi ‘ozophula amazinyo ababi.’ Ukubephula amazinyo kusho ukubenza bangabi namandla okulimaza. UJehova uyazi ukuthi bangobani labo bantu ababi ngoba “ubona lokho inhliziyo eyikho.” (1 Sam. 16:7) Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngokuthi uNkulunkulu usinika ukholo namandla okumelana nomuntu omubi kunabo bonke, uSathane, lowo maduzane ozophonswa kwalasha njengengonyama ebhongayo kodwa engenamazinyo efanelwe ukubhujiswa nje kwaphela!—1 Pet. 5:8, 9; IsAm. 20:1, 2, 7-10.
“Insindiso IngekaJehova”
11. Kungani kufanele sithandazele esikholwa nabo?
11 UDavide uyaqaphela ukuthi uJehova kuphela ongamlethela ukukhululwa ayekudinga ngokuphuthumayo. Kodwa umhubi akacabangi ngaye kuphela. Kuthiwani ngesizwe sisonke uJehova ayezikhethele sona? Kuyafaneleka ukuba uDavide aphethe ihubo lakhe eliphefumulelwe ngala mazwi: “Insindiso ingekaJehova. Isibusiso sakho siphezu kwabantu bakho.” (IHu. 3:8) Yiqiniso, uDavide unezinkinga ezinkulu, kodwa ubakhumbula bonke abantu bakaJehova futhi uyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyobabusisa. Akufanele yini nathi sibakhumbule esikholwa nabo? Masibakhumbule emithandazweni yethu, sicele uJehova ukuba abanike umoya wakhe ongcwele ukuze baqunge isibindi futhi bamemezele izindaba ezinhle ngokuqiniseka.—Efe. 6:17-20.
12, 13. Kwenzekani ku-Absalomu, futhi uDavide wasabela kanjani?
12 Ukuphila kuka-Absalomu kuphela ngendlela ehlazisayo—isixwayiso kubo bonke abahlukumeza abanye, ikakhulukazi labo abahlukumeza abagcotshiweyo bakaNkulunkulu, njengoDavide. (Funda izAga 3:31-35.) Kuba khona impi, futhi amabutho ka-Absalomu ayanqotshwa. U-Absalomu uyabaleka egibele umnyuzi futhi izinwele zakhe ezinhle zibambeka embaxeni yegatsha eliphansi lomuthi omkhulu. Uyalenga—usaphila yena kodwa akakwazi ukuzitakula—kuze kufike uJowabe ambulale ngokumbhokoda enhliziyweni ngezingcula ezintathu.—2 Sam. 18:6-17.
13 Ingabe uDavide uyajabula lapho ezwa okwehlele indodana yakhe? Cha. Kunalokho, uyehla uyenyuka, ekhala: “Ndodana yami Absalomu, ndodana yami, ndodana yami Absalomu! O ukube bekufe mina, mina, esikhundleni sakho, Absalomu ndodana yami, ndodana yami!” (2 Sam. 18:24-33) UDavide wanqandwa amazwi kaJowabe kuphela ukuba angagajwa ukudabuka. Yeka isiphetho esibuhlungu ngo-Absalomu, osifiso sakhe sokuvelela sobuhlanya samenza walwa noyise omzalayo—ogcotshiweyo kaJehova—futhi wazilethela inhlekelele!—2 Sam. 19:1-8; IzAga 12:21; 24:21, 22.
UDavide Uphinde Abonise Ukuthembela KuJehova
14. Yini engase ishiwo ngokulotshwa kweHubo 4?
14 NjengeHubo lesithathu, iHubo lesine liwumthandazo oqotho kaDavide onikeza ubufakazi bokuthembela kwakhe kuJehova ngokuphelele. (IHu. 3:4; 4:3) Mhlawumbe uDavide waloba le ngoma ukuze azwakalise ukubonga kuNkulunkulu ngempumuzo ayithola ngemva kokwehluleka kwecebo lika-Absalomu lokumketula. Noma kungenzeka ukuthi waliloba ecabanga ngabahlabeleli abangamaLevi. Kunoma ikuphi, ukuzindla ngalo kungaqinisa ukuthembela kwethu kuJehova.
15. Kungani singathandaza ngokuqiniseka kuJehova egameni leNdodana yakhe?
15 UDavide uphinde abonise ukuthembela okuphelele kuNkulunkulu nokuqiniseka ngamandla omthandazo. Uyahlabelela: “Lapho ngibiza, ngiphendule, Nkulunkulu wami olungile. Kumelwe ungenzele indawo ebanzi ekucindezelekeni. Ngibonise umusa uzwe umthandazo wami.” (IHu. 4:1) Singaba nokuqiniseka okufanayo uma senza ukulunga. Siqaphela ukuthi uJehova, ‘uNkulunkulu olungile,’ uyababusisa abantu bakhe abalungile, singathandaza kuye ngokuqiniseka egameni leNdodana yakhe sinokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu. (Joh. 3:16, 36) Yeka ukuthi lokhu kusinika ukuthula okungakanani!
16. Yini okungenzeka yadumaza uDavide?
16 Ngezinye izikhathi, singase sibhekane nesimo esidumazayo esisenza singaqiniseki. Kungenzeka ukuthi lokhu kwenzeka okwesikhashana kuDavide ngoba uyahlabelela: “Nina madodana abantu, kuyoze kube nini inkazimulo yami ihlanjalazwa, kuyilapho niqhubeka nithanda izinto eziyize, kuyilapho niqhubeka nifuna ukuthola amanga?” (IHu. 4:2) Kusobala ukuthi inkulumo ethi ‘amadodana abantu’ ibhekisela esintwini ngomqondo ongathandeki. Izitha zikaDavide ‘zazithanda izinto eziyize.’ I-New International Version ilibeka ngale ndlela leli vesi: “Kuyoze kube nini nithanda utalagu futhi nifuna onkulunkulu bamanga?” Ngisho noma sidumazeka ngenxa yalokho okwenziwa abanye, masiqhubeke sithandaza ngobuqotho futhi sibonise ukuthi sethembele ngokuphelele kowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.
17. Chaza indlela esingase senze ngayo ngokuvumelana neHubo 4:3.
17 Ukuthembela kukaDavide kuNkulunkulu kucacile kula mazwi: “Ngakho yazini ukuthi uJehova ngokuqinisekile uyomenza ahluke oqotho wakhe; uJehova ngokwakhe uyozwa lapho ngimbiza.” (IHu. 4:3) Sidinga isibindi nokuthembela ngokuphelele kuJehova ukuze sihlale siqotho kuye. Ngokwesibonelo, umkhaya wamaKristu uyazidinga lezi zimfanelo lapho isihlobo esingaphenduki sisuswa ekuhlanganyeleni. UNkulunkulu uyababusisa labo abaqotho kuye nasezindleleni zakhe. Ubuqotho nokuthembela kuJehova ngokuphelele kona kwenza abantu bakhe bajabule.—IHu. 84:11, 12.
18. Ngokuvumelana neHubo 4:4, yini okufanele siyenze uma othile eye wakhuluma kabi nathi noma wasiphatha kabi?
18 Siyokwenzenjani lapho othile esho noma enza izinto ezisicasulayo? Singahlale sijabule uma senza lokho okushiwo uDavide: “Thukuthelani, kodwa ningoni. Khulumani ngenhliziyo, phezu kombhede wenu, kodwa nithule.” (IHu. 4:4) Uma othile eye wakhuluma kabi nathi noma wasiphatha kabi, masingoni ngokuziphindiselela. (Roma 12:17-19) Singakhuluma ngezinhliziyo sisemibhedeni yethu. Uma sithandaza ngendaba, singase siyibone ngenye indlela futhi sishukumiseleke ukuba sithethelele ngothando. (1 Pet. 4:8) Ngokuphathelene nale ndaba, kuhle ukuphawula iseluleko somphostoli uPawulu okubonakala sengathi sisekelwe kumaHubo 4:4: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo.”—Efe. 4:26, 27.
19. AmaHubo 4:5 angasisiza kanjani ngokuphathelene nemihlatshelo yethu engokomoya?
19 Egcizelela isidingo sokuthembela kuNkulunkulu, uDavide uyahlabelela: “Hlabani imihlatshelo yokulunga, nithembele kuJehova.” (IHu. 4:5) Imihlatshelo ama-Israyeli ayeyinikela yayinenani kuphela uma abantu beyenza ngezisusa ezifanele. (Isaya 1:11-17) Ukuze imihlatshelo yethu engokomoya yamukeleke kuNkulunkulu, nathi kumelwe sibe nezisusa ezifanele futhi sithembele kuye ngokuphelele.—Funda izAga 3:5, 6; amaHebheru 13:15, 16.
20. ‘Ukukhanya kobuso bukaJehova’ kuwuphawu lwani?
20 UDavide uyaqhubeka: “Kukhona abaningi abathi: ‘Ngubani oyosibonisa okuhle?’ O Jehova, phakamisela kithi ukukhanya kobuso bakho.” (IHu. 4:6) ‘Ukukhanya kobuso bukaJehova’ kuwuphawu lokwamukelwa uNkulunkulu. (IHu. 89:15) Ngakho, lapho uDavide ethandaza ethi: “Phakamisela kithi ukukhanya kobuso bakho,” usho ukuthi ‘sibonise umusa.’ Ngenxa yokuthi sithembela kuJehova, sithola umusa wakhe nenjabulo enkulu njengoba senza intando yakhe ngokuqiniseka.
21. Yini esiqinisekiswa ngayo uma sihlanganyela ngokugcwele emsebenzini wanamuhla wokuvuna okungokomoya?
21 Ebheke phambili enjabulweni enikezwa uNkulunkulu edlula eyangesikhathi sokuvuna, uDavide uhlabelelela uJehova: “Ngokuqinisekile uyofaka enhliziyweni yami injabulo enkulu kuneyangesikhathi lapho okusanhlamvu kwabo newayini labo elisha kuchichima.” (IHu. 4:7) Singaqiniseka ngokuthi siyoba nenjabulo esuka enhliziyweni uma sihlanganyela ngokugcwele emsebenzini wanamuhla wokuvuna okungokomoya. (Luka 10:2) Siholwa ‘isizwe esinabantu abaningi’ sabagcotshiweyo, siyajabula manje njengoba inani ‘lezisebenzi zokuvuna’ lilokhu landa. (Isaya 9:3) Ingabe unengxenye egculisa ngempela kulokhu kuvuna okujabulisayo?
Qhubeka Ngokuqiniseka Enkonzweni KaNkulunkulu Wethembele Ngokuphelele Kuye
22. Ngokuvumelana neHubo 4:8, kwakuwahambela kanjani ama-Israyeli lapho egcina uMthetho kaNkulunkulu?
22 UDavide uphetha leli hubo ngala mazwi: “Ngiyocambalala ngilale ngokuthula, ngoba wena wedwa, Jehova, ungenza ngihlale ngokulondeka.” (IHu. 4:8) Lapho ama-Israyeli egcina uMthetho kaJehova, ayeba nokuthula naye futhi azizwe elondekile. Ngokwesibonelo, “uJuda no-Israyeli bahlala ngokulondeka” ngesikhathi kubusa uSolomoni. (1 AmaKh. 4:25) Labo abathembela kuNkulunkulu babejabulela ukuthula ngisho nalapho babezondwa izizwe ezingomakhelwane. NjengoDavide, silala ngokuthula ngoba uNkulunkulu usenza sizizwe silondekile.
23. Siyotholani uma sithembela ngokuphelele kuNkulunkulu?
23 Masiqhubeke ngokuqiniseka enkonzweni kaJehova. Kwangathi futhi singathandaza ngokholo, ngaleyo ndlela sibe ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.’ (Fil. 4:6, 7) Yeka ukuthi lokho kusilethela ukuthula okungakanani! Ngempela, singabhekana nekusasa ngokuqiniseka uma sihlale sithembela ngokuphelele kuJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• Iziphi izinkinga uDavide abhekana nazo ngenxa ka-Absalomu?
• IHubo 3 lisinikeza kanjani ukuqiniseka?
• IHubo 4 lingakuqinisa ngaziphi izindlela ukuthembela kwethu kuJehova?
• Singazuza kanjani ngokuthembela ngokuphelele kuNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 29]
Ngisho nalapho engumbaleki ngenxa ka-Absalomu, uDavide wayeqiniseka ngoJehova
[Izithombe ekhasini 32]
Ingabe uthembele kuJehova ngokuphelele?