Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ingabe Usukulungele Ukubhapathizwa?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • 5. Nqoba izinto ezingase zikuvimbele ukuba ubhapathizwe

      Owesifazane ufaka iBhayibheli esikhwameni njengoba unina emthethisa.

      Lapho sinquma ukuzinikezela kuJehova futhi sibhapathizwa, sonke sibhekana nezinkinga. Ukuze ubone isibonelo salokhu, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

      IVIDIYO: Uthando NgoJehova Lunqoba Izithiyo (5:22)

      • Kule vidiyo, yiziphi izinkinga uNarangerel okwadingeka azinqobe ukuze akhonze uJehova?

      • Ukuthanda kwakhe uJehova kwamsiza kanjani ukuba anqobe lezo zinkinga?

      Fundani izAga 29:25 neyesi-2 Thimothewu 1:7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Yini esinika isibindi sokunqoba izinkinga?

  • Ungakwazi Ukukhuthazela Lapho Ushushiswa
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • Kudingeka simethembe nakakhulu uJehova manje. Kufanele wenze isikhathi sokuthandaza nesokufunda ingxenye ethile yeBhayibheli usuku ngalunye. Yiba khona njalo emihlanganweni yebandla. Lezi zinto zizokunikeza amandla nesibindi ukuze ukwazi ukubhekana nokuphikiswa, ngisho noma uphikiswa abasekhaya. Umphostoli uPawulu, owayevame ukushushiswa, wabhala: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.”​—Hebheru 13:6.

      Isibindi singasithola nangokushumayela njalo. Ukushumayela kusifundisa ukuthembela kuJehova futhi singesabi muntu. (IzAga 29:25) Uma uba nesibindi sokushumayela manje, uyobe ukulungele ukuqhubeka ushumayela ngisho noma ohulumeni bebekela umsebenzi wethu imingcele.​—1 Thesalonika 2:2.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela