-
“Yibani Ngabalingisi BakaNkulunkulu” Ekusebenziseni Kwenu AmandlaSondela KuJehova
-
-
10. (a) UNkulunkulu ubanikeze liphi igunya abazali? (b) Lisho ukuthini igama elithi “isiyalo,” futhi kufanele sinikezwe kanjani? (Bheka nombhalo waphansi.)
10 Abazali nabo banegunya abalinikwe uNkulunkulu. IBhayibheli liyayala: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngokubaqeqesha nangesiyalo sikaJehova.” (Efesu 6:4) Igama elithi “isiyalo” eBhayibhelini lingasho “ukukhulisa, ukuqeqesha, ukufundisa.” Izingane ziyasidinga isiyalo; zenza kahle ngaphansi kweziqondiso nemingcele ecacile. IBhayibheli lisihlobanisa nothando isiyalo esinjalo noma ukufundisa. (IzAga 13:24) Ngakho-ke, “induku yesiyalo” akufanele neze ihlukumeze—kungaba ngokomzwelo noma emzimbeni.a (IzAga 22:15; 29:15) Isiyalo esiqinile noma esinesihluku nesingenaluthando sibonisa ukusebenzisa kabi igunya lobuzali futhi singawuphula umoya wengane. (Kolose 3:21) Ngakolunye uhlangothi, isiyalo esinokulinganisela esinikezwa kahle sitshela izingane ukuthi abazali bazo bayazithanda futhi bayalukhathalela uhlobo lwabantu eziba yilo.
-
-
“Yibani Ngabalingisi BakaNkulunkulu” Ekusebenziseni Kwenu AmandlaSondela KuJehova
-
-
a Ezikhathini zeBhayibheli, igama lesiHebheru elisho “induku” lalibhekisela oswazini noma odondolweni, njengalolo umalusi ayelusa ngalo izimvu zakhe. (IHubo 23:4) Ngokufanayo, “induku” eyigunya lobuzali isho isiqondiso sothando, hhayi isijeziso sokhahlo noma sonya.
-