Intsha Iyabuza . . .
Umama Nobaba Abafundile—Ngingabahlonipha Kanjani?
UTHOMAS EDISON waziwa emhlabeni jikelele njengomsunguli wegilobhu kagesi. UHenry Ford ngokufanayo waziwa emhlabeni wonke ngokwethula kwakhe amasu okukhiqiza ngemishini kwezokwakha. Kodwa ingabe bewazi ukuthi bobabili uHenry Ford noThomas Edison babenemfundo encane yasesikoleni?
Abaphostoli uPetru noJohane babeyizinsika zebandla lobuKristu lokuqala. Babeyizikhulumi ezinesibindi neziqephuzayo zeqiniso. Kodwa, kwakuthiwa “bangabantu abangafundile, bayimifunda nje” lapho kuziwa emfundweni yezwe.—IzEnzo 4:13.
Yebo, kuwo wonke umlando kuye kwaba khona abesilisa nabesifazane abaye bafeza izinto ezinkulu naphezu kokuba benemfundo encane yasesikoleni. Futhi akekho umuntu onengqondo ongababhekela phansi ngenxa yalokho. Khona-ke, ngokusobala, kunokubaluleka okukhulu kulokho umuntu akwazi ukukwenza nesithunzi sakhe kunemfundo yasesikoleni.
Lokhu akusho ukuthi imfundo yasesikoleni ayibalulekile noma ukuthi ukungafundi, ukungakwazi ukufunda nokubhala, akusona isithiyo. Emazweni amaningi, umuntu ongenaso isitifiketi sasesikoleni esiphakeme uba nobunzima obukhulu ekutholeni umsebenzi. Umuntu ongakwazi ukufunda akanakukwazi ukuvula inqolobane enkulu yolwazi oluhluthulelwe ezincwadini nakomagazini. Umuntu ongakwazi ukubhala angase azizwe enamahloni lapho ecelwa ukuba asayine igama lakhe noma agcwalise ifomu.
Khona-ke, kuthiwani uma abazali bomuntu siqu bengafundile? EAfrika nakwezinye izingxenye zamazwe asathuthuka, akukhona okungavamile ngentsha efundile ukuba ibe nabazali abangakwazi ukufunda noma ukubhala. Futhi ngisho nasemazweni athuthukile, enye intsha inezinzuzo zemfundo abazali bayo abangazange bazijabulele. Noma kunjalo, uma lokhu kunjalo endabeni yakho, uzizwa kanjani ngabazali bakho? Ingabe unamahloni ngokuntula kwabo imfundo? Noma, okubi ngisho nangaphezulu, ingabe ngezinye izikhathi uba nomuzwa wokuthi abazi lutho futhi inhlonipho ayibafanele?
Isizathu Sokuba Inhlonipho Ifaneleke
Uma imizwa enjalo ephambene ikuhlasela ngezikhathi ezithile, kungase kukusize ukuba ucabangele iqiniso lokuthi uNkulunkulu ufuna ukuba ubahloniphe abazali bakho. Abase-Efesu 6:2, 3 bayayala: “Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: ukuze kube-kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.” Esinye isichazamazwi sichaza ukubonisa ukwazisa ‘njengokuphatha ngenhlonipho.’ Futhi, phawula ukuthi amathemba okuphila kwakho kwesikhathi esizayo axhomeke ekuhlonipheni kwakho abazali bakho. Ukungabahloniphi kuyefana nokungahloniphi uNkulunkulu.
Empeleni, uyabakweleta abazali bakho ngokukunikeza ukuphila. Ngendlela engcono kakhulu abangakwenza ngayo, bakulungiselela ukudla, izingubo, nendawo yokuhlala—umsebenzi onzima kakhulu emazweni amaningi asathuthuka—futhi akungabazeki ukuthi bazoqhubeka benza kanjalo eminyakeni eminingi ezayo. Asikho isigqebhezana semali esingabekwa esikhathini sabazali bakho, ukunakekela kothando, nesiqondiso sothando. Ingabe kumelwe babhekelwe phansi ngenxa nje yokuthi bantula izinzuzo ezithile zemfundo? Befundile noma bengafundile, bangabazali bakho.
Futhi, khumbula ukuthi abazali bakho abaye bakhokhela noma iyiphi imfundo yasesikoleni oye wayithola, ezikhathini eziningi bezidela kakhulu bona ngokwabo. Ingabe lokho akumelwe kukushukumisele ukuba ubonise ukwazisa?
Imfundo Abazali Abanayo
Ngempela, abazali bakho ngokunokwenzeka bafunde kakhulu kunawe. Ukufunda kwasesikoleni kuyasinikeza isisekelo esibanzi umuntu akhela kuso kukho konke ukuphila kwakhe. Kodwa akukufundisi konke odinga ukukwazi ekuphileni.
Isisho esivamile sesiGhana sithi: “Umuntu omdala wake waba umntwana, kodwa umntwana akakaze abe umuntu omdala.” Abazali bakho banokuthile ongeke ukuthole encwadini: okuhlangenwe nakho ekuphileni. Ingabe wake wasebenza, wakhokha izindleko, wanakekela abantwana abancane, noma wanakekela ikhaya? Abazali bakho kakade sebeneminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho kulezindaba.
IBhayibheli liyaqhubeka kumaHeberu 5:14 libonisa ukuthi amandla omuntu okuqonda ‘aqeqeshelwa ukwahlukanisa okulungile nokungalungile,’ hhayi nje ngokufunda nangokutadisha, kodwa ‘ngokuwasebenzisa’! Ngaleyondlela abazali bakho basesimweni sokukunikeza isiqondiso sokuziphatha, ukukubonisa ukuthi yiziphi izinto ezibalulekile. Lokhu kunjalo ikakhulukazi uma abazali bakho besaba uNkulunkulu.
Ngokuthakazelisayo, ukuthi abazali bakho bayakudlula ngokuhlangenwe nakho akunciphi ngisho nalapho usukhule ngokwanele ukuba unakekele ikhaya ngokwakho! IzAga 23:22 zithi: “Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala.” Lesiseluleko sasingaqondisiwe kubantwana kodwa kubantu abadala abanabazali asebekhulile. Yebo, ngisho nalapho umuntu esemdala, kuwukuhlakanipha ukulalela abazali bakhe, ehlonipha ukuhlakanipha abaye bakuthola ngokuba nokuhlangenwe nakho. Abazali bangase babe abangafundile, kodwa lokho akusho ukuthi iseluleko sabo asibalulekile.
Abangafundile Kodwa Abaphumelelayo
Okuhlangenwe nakho kwangempela kwentsha ekhuliswe abazali abangafundile kulibonisa kahle iqiniso losekukhulunywe ngakho. UKwabena, osemusha waseGhana, ngomama wakhe ongafundile uthi: “Wayengumeluleki oqinile. Ngimthanda ngisho nangokwengeziwe, ngenxa yokwazisa ukungibonisa kwakhe izinto ezibalulekile ukuze ngisizakale. Odadewethu abadala bangamakhosikazi aphumelelayo emizi, futhi umama uthola ingxenye ebalulekile yodumo ngenxa yalokhu.”
Ngakolunye uhlangothi, uReginald, wakhuliswa umkhulu wakhe naye owayengafundile. UReginald uyakhumbula: “Iziqondiso zakhe zazivuthiwe futhi ngizithola zikhathi zonke, zinikela ekubeni kwami okwaziyo ukuthwala imithwalo yemfanelo engathi sína ngisemncane.”
UKwasi ungomunye osemusha waseGhana unina ongazange abe nenzuzo ngemfundo yasesikoleni. Ingabe lokhu kwamenza wadeleleka endodaneni yakhe? Cha. UKwasi uyakhumbula: “Ngaso sonke isikhathi ngiye ngamazisa umama ngenxa yekhono lakhe lengqondo elingavamile. Wayengumthengisi, futhi phakathi neminyaka yami yokuqala esikoleni esiphakeme, noma nini lapho ayefuna ukwenza izibalo ezithile, ngangisebenzisa ipeni nephepha. Yena wayebala ngekhanda. Ngokuvamile kwakunguye owayethola izimpendulo eziqondile kuqala!”
Yiba Wusizo Kubazali Bakho!
Yiqiniso, ukufunda kuyakunikeza izinzuzo ezithile. Kodwa lokhu akusona isizathu sokuba uphathe abazali bakho ngendlela ebehlisa isithunzi. Njengomuntu osemusha, uJesu Kristu wayebadlula ngento eyodwa abazali bakhe. Wayephelele. Noma kunjalo, ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi “wabathobela.”—Luka 2:51.
Uma ubheka lokhu, ingabe usuye wacabanga ngendlela ongasebenzisa ngayo amakhono akho ngendlela yokuba kusizakale abazali bakho? Ngokwesibonelo, bangase bakwazise ukubafundela kwakho izincwadi zabo ezifika ngeposi, iphephandaba, iBhayibheli, nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Noma bangase bazuze ngokubabhalela kwakho izincwadi nokubagcwalisela amafomu.
Khumbula, lapho uJehova uNkulunkulu esiza abantu bakhe, ‘ubapha bonke ngobuhle engajakadi.’ (Jakobe 1:5) Ngamanye amazwi, akasenzi neze sizizwe siyiziwula ngokuba siye sadinga usizo lwakhe. Ngakho sebenzelana nabazali bakho ngendlela yentobeko neyomusa, futhi ngokunokwenzeka ngokwengeziwe bayolwamukela usizo lwakho.
Njengoba amakhono okufunda nokubhala ewusizo kangaka ebandleni lobuKristu, ungaze ngisho unikeze abazali bakho isikhuthazo sentobeko sokuba basizakale ngezinhlelo ezihlukahlukene zokufunda ezingase zitholakale. Ngokuthakazelisayo, emazweni amaningi lapho ukungafundi kuyinto evamile khona, iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova ngokuvamile lisetshenziswa njengesikhungo sokufunda. Mhlawumbe izwi lomusa lesikhuthazo elivela kuwe liyoba yikho kuphela abakudingayo ukuba bashukunyiselwe ukuba basebenzise uhlelo lokufunda olunikezwa khona.
Kwamanye amazwe aseAfrika, abantwana bayalinda kuze kube sekufeni kwabazali babo bese “bebahlonipha okokugcina” ngokubathengela ibhokisi lomngcwabo elibizayo. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukubonisa abazali bakho inhlonipho ejulile manje lapho besaphila! Ungalokothi ube namahloni ngokuthi abatholanga amathuba athile ngesikhathi besebancane. Banezimfanelo ezisivala kakhulu isikhala sokuntula kwabo imfundo yezwe. Ngaso sonke isikhathi bahloniphe, kokubili ngezwi nangesenzo. ‘Lungela ukulalela,’ ngisho nalapho ungavumelani nabo khona. (Jakobe 3:17) Yazise imfudumalo, uthando, nokuhlakanipha, abazali bakho abanakho, okuyizimfanelo ezisho okungaphezulu kakhulu kunekhono lokufunda nokubhala.
[Isithombe ekhasini 15]
Abazali bangaba imithombo ecebile yeseluleko ngisho nalapho bentula amakhono okufunda nokubhala