Ukuthenga Injabulo Ngaphandle Kwemali
UBULEWE ukoma ngemva kokuhamba ibanga elide phansi kwelanga elishisa kakhulu lasenkabazwe, ufika emzaneni omncane. Ujatshuliswa ukubona uphawu olumemezela ukuthi iziphuzo ezibandayo ziyatholakala. Kodwa bese uqaphela ukuthi awunamali yokukhokhela lokhu okuqabulayo.
Njengoba ebona isimo sakho, umninisitolo uthi, ‘Woza, uthenge isiphuzo?—asibizi lutho.’ Ngokushesha, uba nomuzwa ojulile wokwazisa ngesipho saloluhlobo. Nokho uyabuza, ‘Kungenzeka kanjani lokho? Ngingathenga kanjani ngaphandle kwemali?’
Ukuthenga Ngaphandle Kwemali
Nakuba lokhu kubonakala kuwumcabango nje, bobabili uKarel noJulian, abashiwo ekhasini lesi-3, baba nokuhlangenwe nakho okunjalo. Babeye bakholelwa ukuthi imali iyobalethela injabulo. Kodwa njengoba uKarel echaza: “Isifundo seBhayibheli sawushintsha umbono wami ngemali. Sanginikeza ithemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi, okuthile okubiza ngaphezu kwanoma yini engathengwa yimali.” Owayengusozimali ochumayo uJulian uyalandisa: “Ngangithuthukela ekufinyeleleni umgomo wami lapho ngifunda iqiniso elivela eBhayibhelini.”
Ngokufanayo, owayephethe isitolo esikhulu sokudla uKiyoshi Tomomitsu waseJapane wayevame ukubeka umsebenzi wakhe kuqala, kuyilapho ukunakekela umkhaya wakhe kwakumane nje “kuza kamuva.” Wayecabanga ngalendlela: “Ngangicabanga ukuthi ngingenza umkhaya wami ujabule ngokuwunikeza izinto ezibonakalayo ezanele ikusasa lawo.” Lapho ebuzwa ukuthi yini eyashintsha umbono wakhe ngemali nangezinto ezibonakalayo, uKiyoshi uyaphendula: “ImiBhalo evela eBhayibhelini, njengezAga 23:23, ezithi, ‘Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo.’”
‘Kodwa,’ ungabuza, ‘ngingalithenga kanjani “iqiniso”?’
Okufunwa Injabulo
Iyofuna esinye sesikhathi sakho. Umphostoli uPawulu ongumKristu uyeluleka: “Nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.” (Efesu 5:15-17) OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayojabulela ukuhlela ukuba bakhulume nawe ngamaqiniso avela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngesikhathi esikuvumelayo, futhi lokhu akukhokhelwa ngisho nendibilishi.
Ingabe uzizwa umanqikanqika ‘ukuba uhileleke’? Uma uzizwa kanjalo, khona-ke zuza isibindi emazwini kaJesu: “Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.” Eqondisa ukunakekela kwezilaleli zakhe endleleni ezazingazuza ngayo injabulo, uJesu wathi: “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.” (Mathewu 5:3, 6) Lohulumeni wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu, uwukuphela kwegunya “elingakuyisa enjabulweni.”
Khona-ke, iyiphi indima okumelwe ifezwe imali ekuphileni kwakho? Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli linikeza iziqondiso eziwusizo kulokhu.
Ukusetshenziswa Ngokuhlakanipha Kwemali Manje
“Dumisa uJehova ngempahla yakho,” kweluleka iZwi likaNkulunkulu. (IzAga 3:9) Ngokomphumela, labo ababheka kuNkulunkulu ukuze bathole injabulo yeqiniso basebenzisa imali yabo ngendlela emthokozisayo. Balwela ukunakekela izidingo ezibonakalayo zemikhaya yabo ngokwanelisayo. (1 Thimothewu 5:8) Banakekela ngobuqotho abanye abahlobene nabo ngokholo. Futhi benza neminikelo yokuzithandela ukuze basekele umsebenzi wokulungiselela ukwaziswa okwakhayo ngokomoya ngesimo samaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, njengalomagazini.
Ngokwazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyosusa imibuso ethanda izinto ezibonakalayo, enobugovu ngokwezomnotho emphakathini wesintu, bayakugwema ukuphambukiswa ukuba bachithe imali ezinhlanganweni okwaziwayo ukuthi zizohluleka. (Daniyeli 2:44) ‘Benokudla nezambatho,’ baneliswa indlela yokuphila enakekela izinto eziza kuqala ekuphileni.—1 Thimothewu 6:8.
Injabulo Manje—Into Engokoqobo
“Enye yezinto zokuqala engayiqaphela lapho ngihlangana noFakazi BakaJehova,” kulandisa uSue waseNgilandi, “kwakuyindlela labo abaphila ngezimiso zeBhayibheli, abamatasa ngokuphelele ekukhulekeleni kwabo, ababebonakala ngayo benezinto ababezidinga.” Umyeni wakhe, uJohn, waphawula okufanayo. Uyachaza:
“Kungenxa yokwazi amaqiniso eBhayibheli kuphela okungenza ngibone okwenzekayo kubantu abaningi. Abakusebenzelayo kuncike ngokuphelele emalini. iBhayibheli langisiza ukuba ngazi ukuthi injabulo ayizi ngaleyondlela. Manje ngiyaqaphela ukuthi injabulo iwumphumela wokwenzela abanye izinto nokuthi akuyona okumelwe ibe umgomo.”
UJohn noSue bangababili nje phakathi kwabangaphezu kwezigidi ezintathu zoFakazi BakaJehova abaqinisekisa ukuba yiqiniso kwesithembiso sikaJesu sokuthi lapho kufunwa kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, zonke izidingo ezibonakalayo ‘ziyakwenezelwa nina.’—Mathewu 6:33.
Ingabe ufuna amanzi eqiniso aqeda ukoma? Kungakhathaliseki ukuthi ucebile noma umpofu, injabulo ingaba eyakho ngokulalela ubizo lukaNkulunkulu olungokwesiprofetho: “We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, . . . ngaphandle kwemali, . . . kungabizwa-lutho.” (Isaya 55:1) Lesimemo sisasebenza namanje. Sisebenzise ngokugcwele lapho usengakwenza.
[Izithombe ekhasini 24]
Injabulo ivela ekusebenziseni imali ukuze sinakekele imikhaya yethu nokusiza abanye