Ingabe Ikhaya Lakho Liyindawo Yokuphumula Nokuthula?
“UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.”—RUTHE 1:9.
1. Yibaphi abesifazane abathathu abathatha uhambo lokuya kwaJuda eminyakeni eyizi-3 000 edlule?
EMINYAKENI engaba yizi-3 000 edlule, abesifazane abathathu bathatha uhambo oluyingozi. Babeyodabula ezifundeni ngokuvamile ezazigcwele amasela namadoda ayeyizidlova ngenxa yobumpofu. Laba besifazane bathatha indlela eyayinqamula ezweni lakwaMowabi elimagqumagquma. Omdala kunabo kwakungumfelokazi uNawomi, owayephokophelele ukufika eBetlehema ezweni lakubo elithandekayo, lakwaJuda. Eceleni kwakhe kwakunabafelokazi ababili abasebasha, u0rpa noRuthe, amaMowabikazi ayengabafazi bamadodana kaNawomi ayengasekho oKiliyoni noMahaloni. Lalela!
2. UNawomi wayebafiselani o-Orpa noRuthe?
2 “Hambani,” kusho uNawomi, “nibuyele, kube-yilowo nalowo endlini kanina; uJehova makanenzele umusa, njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi.” Futhi yini enye uNawomi ayeyifisa? Wathi: “UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube-yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” (Ruthe 1:8, 9) Yebo, uNawomi wakhuthaza omakoti bakwakhe ukuba babuyele kubantu bakubo, enethemba lokuthi phakathi kwabantu bakubo uNkulunkulu wayeyonika owesifazane ngamunye osemusha ukuphumula nenduduzo ewumphumela wokuba nendoda enhle nekhaya.
3. Yikuphi ukuma okwathathwa uRuthe, futhi kwaba namuphi umphumela ekugcineni?
3 UOrpa wamuka, kodwa hhayi uRuthe othembekile. Enqaba ukushiya uninazala, uRuthe wazimisela: “Abantu bakho bayakuba-ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe-nguNkulunkulu wami.” Waba yini umphumela ekugcineni? Phela, uRuthe wathola ikhaya lokuphumula nokuthula noBowazi futhi wanikezwa “umvuzo opheleleyo”! Waba ukhokhokazi weNkosi uDavide noweNkosi yakhe engenakuqhathaniswa namuntu, uJesu Kristu.—Ruthe 1:16; 2:12; 4:13-22; IHubo 110:1; Mathewu 1:1-6.
4. Yimuphi umbuzo oshukumisa ingqondo ophakanyiswayo?
4 UNawomi wayefisa ukuba uJehova anikeze umakoti wakhe ngamunye isipho somshado olondekile nekhaya elinokuphumula nokuthula. Ngokuqinisekile, uNkulunkulu ufuna ukuba ukuphila kwasekhaya kwezinceku zakhe kube noxolo. Khona-ke, uma ungufakazi kaJehova, ingabe ikhaya lakho liyindawo yokuphumula nokuthula?
Ukukhetha Umlingane Ofanele
5. Uma ungumKristu ongashadile ucabangela isibopho somshado, yisiphi isinyathelo sokuqala esiyoletha ukuphila kwasekhaya okunokuthula?
5 Uma ungumKristu ongashadile ocabangela isibopho somshado, ngokungangabazeki unethemba lokuphila kwasekhaya okunoxolo. Isinyathelo sokuqala kulokhu sicaciswe umphostoli uPawulu, owabhala: “Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube-seNkosini.”—1 Korinte 7:39.
6. (a) Kusho ukuthini ‘ukwendela eNkosini kuphela’? (b) Yimiphi imibuzo okufanele icatshangelwe othile ofuna umngane womshado? (c) Kungani umuntu kufanele akhethe umngane womshado obhapathiziwe ngomthandazo?
6 ‘Ukwendela eNkosini kuphela’ kusho ukungenela isibopho somshado nomuntu okholwa naye kuphela. Kodwa umKristu akufanele angenele umshado ngokubhuduzela, ngisho nanomuntu ozinikezele kuJehova. Ingabe lomuntu ngempela ‘ufuna ukulunga nokuthobeka’? (Zefaniya 2:3) Ingabe ukhonza uNkulunkulu ngenhliziyo yonke? Ingabe lomuntu ukhuluma ngokuvela enhliziyweni egcwele amazwi othando okudumisa uJehova? Ingabe inkonzo yasensimini iyingxenye evamile neyinhloko yokuphila kwalomuntu? Ingabe unazo izimfanelo ezidingekile zenkonzo nezomshado wobuKristu? Yebo, ngisho nomngane womshado obhapathiziwe kufanele akhethwe ngokuhlakanipha, nangomthandazo. Ngezinga okungenzeka ngalo, qiniseka ukuthi okholwa naye unezimfanelo ezinhle ezingokomoya. Ukuhlangana okunjalo kuvimbela ukucindezeleka okuphazamisa ukuthula nobuhlungu benhliziyo obutholakala ngokuvamile emikhayeni ehlukene ngokwenkolo.
7. Yini edingekayo ukuze kube nenjabulo enkulu emshadweni?
7 Kungahlangatshezwana nezidingo ezingokomzwelo futhi kuhlanganyelwe izinto ezingokomoya emshadweni wamaKristu amabili azinikezele. Lokhu kuphumela ebuhlotsheni babantu obuseduze ngangokunokwenzeka. Ngokuqinisekile amadoda nabesifazane abangamaKristu bafuna ubuhlobo obuseduze nabangane babo bomshado. Abantu badalwa benesifiso sokukhulekela, futhi siba nenjabulo enkulu kunazo zonke uma sithatha izinyathelo ezifanele zokwanelisa isidingo sethu esingokomoya. (Mathewu 5:3) Siqaphela lokhu, ngokuqinisekile ngeke sifune ukungamlaleli uJehova ngokushada nomuntu ongakholwayo futhi kanjalo siziphuce lobunye obungokomoya obunezela emshadweni. (Duteronomi 7:3, 4) Yebo, ukuze uthole injabulo enkulu kunazo zonke emshadweni, qiniseka ukuthi uNkulunkulu usemshadweni wakho. Intambo’ enjalo engokomfanekiso “emicu-mithathu ayisheshi ukugqashuka.” (UmShumayeli 4:12) Ngempela, ukuba noJehova uNkulunkulu emshadweni wenu kuyowenza uqine futhi kuyosiza ekwenzeni ikhaya lenu libe indawo yokuphumula nokuthula.
Iseluleko Esithuthukisa Ukuthula Kwasekhaya
8. KumaKristu ashadile, yisiphi iseluleko esiphawuleka ngokukhethekile?
8 Phakathi kwamaKristu aseshadile kakade, yini edingekayo ukuze abe nekhaya lokuphumula nokuthula? Yebo, kudingeka izinto eziningi, kodwa okuphawuleka ngokukhethekile iseluleko sikaPawulu esikwabase-Efesu 5:21-33. Yiqiniso, indoda noma umfazi angazama ukusebenzisa lawomazwi ukuze aqokomise ukushiyeka komngane wakhe womshado. Kodwa yeka ukuthi kungcono kanjani ukugxilisa ukunakekela eselulekweni esitholakala lapho ukuze usisebenzise ngokomuntu siqu!
9. Yisiphi iseluleko uPawulu asinikeza amadoda angamaKristu?
9 Uma uyindoda engumKristu, ukusebenzisa ngokomuntu siqu iseluleko sikaPawulu kuyosiza ekwenzeni ikhaya lakho libe yindawo yokuphumula nokuthula. Umphostoli uyanxusa: “Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo.” UPawulu futhi wathi: “Amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; . . . Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena.” Indoda ‘kufanele ithande umkayo njengoba izithanda’—njengokungathi umkayo uyiyo. Yeka ukuthi kufaneleke kanjani, njengoba ‘laba ababili sebenyamanye’!—Genesise 2:24.
10. Sinombono weyoku-1 Thimothewu 5:8, yimuphi umthwalo wemfanelo indoda engumKristu enawo?
10 Indoda ethanda umkayo njengoba izithanda yona iyohola ezindabeni ezingokomoya. Inomthwalo wemfanelo ngesimo esikhona emkhayeni wayo futhi ngokufanelekile ayinakuvumela izinto zizenzakalele. Cha, kumelwe izinakekele kahle izithakazelo zezinto ezibonakalayo nezingokomoya zomkhaya wayo wonke. “Kepha-ke,” kusho uPawulu, “uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.”—1 Thimothewu 5:8.
11. Yisiphi iseluleko uPawulu asinikeza abafazi abangamaKristu?
11 Umfazi ongumKristu angenza okuningi ukuba enze ikhaya libe indawo yokuphumula nokuthula. Ngabafazi, uPawulu unikeza leseluleko esiphefumlelwe: “Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba. Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke. . . . Umfazi [kufanele abe nenhlonipho ejulile ngendoda] yakhe.” (Efesu 5:22-24, 33, qhathanisa neNW.) ‘Lenhlonipho ejulile’ inengxenye ekwenzeni ikhaya libe yindawo yokuphumula nokuthula. Ngokuqinisekile, ihluké kakhulu esimweni sabafazi abaningi bezwe abanomoya wokuzibusa, wokubekela abayeni babo inselele ophazamisa futhi uchithe khaya.
12. Amadoda nabafazi abangamaKristu kufanele baziphathe kanjani?
12 Amadoda nabafazi abangamaKristu badinga ukuziphatha ngezindlela ezithuthukisa uthando nenhlonipho. Indoda kufanele ibe ngecabangelayo, enothando, evuthiwe ngokomoya. Futhi umfazi kufanele abe owesaba uNkulunkulu, onobambiswano, nothandekayo. Kulula ukubona indlela isimo sengqondo esinjalo esingenza ngayo ikhaya libe yindawo yokuphumula nokuthula.
Ningalokothi ‘Ninike USathane Indawo’
13. Yisiphi iseluleko uPawulu asinikezayo kwabase-Efesu 4:26, 27?
13 Njengoba abantu bengaphelele, kungase kube nzima ukulondoloza ikhaya elinokuthula. Ngokwesibonelo, ukucindezela okuvela ngaphandle kungaholela ekucindezelekeni okungaphuca ikhaya ukuthula. Kodwa ukusebenzisa iseluleko sikaPawulu esikwabase-Efesu 4:26, 27 kungaba nengxenye ekuthuleni kwamakhaya ethu. UPawulu wabhala: “Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.” Ngisho nalapho indoda noma umfazi ethukuthela ngokufanele ngezinye izikhathi, akekho kubona okufanele avumele lesisimo sokuthukuthela sibe yisono ngokuhlala esesimweni sokucunuka futhi afukamele inzondo. Singalokothi sivumele umphazamisi wokuthula, uSathane uDeveli, aphuce imikhaya yethu yamaKristu ukuthula!—1 Petru 5:8.
14. Uma inkinga ethile iye yadala ukuphazamiseka okuthile, yini esikiselwayo ukuze kubuyiselwe ukuthula kwasekhaya?
14 Yebo, ukuze kube nokuthula ekhaya, umngane womshado ngamunye kumelwe asebenzise iseluleko seBhayibheli. Uma inkinga ethile idala ukuphazamiseka okuthile, ukuthandazela umoya kaNkulunkulu ndawonye kungaholela ekubonakalisweni kwezithelo zawo nasekubuyiselweni kokuthula kwasekhaya. (Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) Yebo, ngisho naphansi kwezimo ezinzima kakhulu, lenkambo iyosiza ekwenzeni ikhaya libe indawo yokuphumula nokuthula.
Indima Yabantwana Ekuthuleni Komkhaya
15. Abantwana bangasiza kanjani ekuthuthukiseni ukuthula komkhaya?
15 Abancane, nabo futhi, bangasiza ekuthuthukiseni ukuthula komkhaya. Kanjani? Ngokubonisa umoya wokulalela nowokubambisana. Umoya onjalo uxhomeke kakhulu emfundweni engokomBhalo abayitholayo nangendlela umzali ongumKristu agcwalisa ngayo indima yakhe siqu njengomfundisi. Ingxenye yalokhu kuqeqesha okubalulekile iwukubeka isibonelo esihle njengabazali. Njengoba izAga 22:6 zibeka izindaba ngokufanelekile: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.” Ngokuqeqesha okuhle nesibonelo esihle sabazali, ngokuvamile abantwana abayikuphambuka endleleni efanele. Yebo, kodwa okuningi kuxhomeke ohlotsheni nasezingeni lokuqeqesha, kanye nasenhliziyweni yomntwana.
16. Yisiphi isibonelo mayelana nokuqeqesha umntwana esinaso endabeni kaThimothewu?
16 Qala ukuqeqesha abantwana bakho ngokomoya lapho besebancane kakhulu. Lokho kwenziwa endabeni kaThimothewu, ngoba uPawulu wamnxusa: “Yima kulokho okufundile [nowashukunyiselwa ukuba ukukholelwe], wazi ukuthi ukufundé kobani, nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.” (2 Thimothewu 3:14, 15, qhathanisa neNW.) Yebo, uThimothewu ‘washukunyiselwa ukuba akholelwe’ amaqiniso angokomBhalo. Lapha kusetshenziswe igama lesiGreki elisho “ukushukunyiswa ngokuqinile ngento; ukuqinisekiswa” ngokuthile. (New Thayer’s Greek-English Lexicon, ikhasi 514) Lokho ‘kushukumisa okuqinile’ kwakusho umzamo omkhulu kunina kaThimothewu, uEvnike, noninakhulu, uLowisi abangamaKristu. Baphumelela ekudluliseleni ‘ukholo olungenakuzenzisa’ kuThimothewu, ngisho nakuba ngokusobala uyise ayengakholwa. (2 Thimothewu 1:5) Ingabe usebenzela ukuthuthukisa ukholo olunjalo kubantwana bakho?
17. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi umuntu angafundiswa kusukela ebuntwaneni?
17 UThimothewu wafundiswa imiBhalo kusukela ebuntwaneni. Ngakho-ke, ungalokothi ulibukele phansi ikhono lomntwana lokufunda. IThe New York Times yabika ukuthi ngokusho kokunye ukuhlola, “ezingxenyeni ezithile zobuchopho babantwana kunezinhlangano zamasynapse—izindawo lapho amangqamuzana obuchopho anjengamagatsha omuthi ehlangana khona eziningi ngokuphindwe kabili kunakubantu abadala.” Ngisho nabantwana abasebancane kakhulu bangafunda okuthile ngezinto ezinhle nezimbi, ezijabulisayo noma ezizwisa ubuhlungu. Encwadini yakhe iThe Brain, uRichard M. Restak, M.D., uthi: “Kuzo zonke izinto eziphilayo, izinkumbulo zingagcinwa ebuchosheni kuye ngokubaluleka kwazo ekuphileni. Isilwane ‘sikhumbula’ isilwane esiyingozi kuso futhi sibaleka ngokushesha ngesibonakaliso sokuqala sokuza kwesitha saso. Izinkumbulo futhi zibekwa ngokulandelana kuye ngobukhulu bokuhlangenwe nakho okungokomzwelo. Njengabantwana, asidingi ukutshelwa ngokuphindaphindiwe ukuthi singabeki izandla zethu phezu kwesitofu esishisayo.” Yebo, kusenokuningi okusazofundwa ngemisebenzi yobuchopho, kodwa umntwana angafunda ngokuhlangenwe nakho. Ngokwesibonelo, ngisho nalapho esemncane kakhulu, umntwana angafunda ukuhlala athule emihlanganweni yobuKristu.
18. Yisiphi iseluleko uPawulu asinikeza abantwana nabazali kweyabase-Efesu 6:1-4?
18 Njengoba abantwana bekhula, bangaqhubeka bengenisa imfundo engokomoya. Phakathi kwezinye izinto, bangafunda ukuthi uNkulunkulu ulindele ukuba balalele abazali babo. Lokhu kudinga ukuqeqesha komzali okuqinile kodwa okunothando, ngoba uPawulu wabhala: “Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalo wokuqala onesithembiso: ukuze kube-kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni. Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:1-4) Abantwana abalalelayo banengxenye enkulu ekwenzeni ikhaya libe yindawo yokuphumula nokuthula.
19. Yini engaqinisa ubuhlobo bomzali nomntwana?
19 Kodwa yini engaqinisa lobuhlobo phakathi komzali nomntwana? Ukufunda iBhayibheli nezincwadi zobuKristu ndawonye ngokuqinisekile kungasiza ekwenzeni lokhu. Izincwadi ezifana neNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi Ukulalela UMfundisi oMkhulu ziwusizo ngokukhethekile ekusizeni abasebasha. Lapho nifunda iBhayibheli nangezinye izikhathi, gcizelela uthando ngoNkulunkulu. Lapho nidla, yisho amazwi adumisa uJehova uNkulunkulu njengoMlungiseleli Omkhulu. Uma uhamba nabantabakho, batshele ukuthi izimangaliso zendalo zenziwe uNkulunkulu—izitshalo, izimbali, imithi, izintaba, imifudlana, amachibi nokuphila kwezilwane. Lapho nihlanganyela enkonzweni yasensimini, bamba amathuba okukhuluma ngothando lukaNkulunkulu. Nsuku zonke, siza umntanakho ukuba akhulise uthando ngoJehova njengomuntu. Yiqiniso, ukuze ufinyelele inhliziyo yomntanakho, uthando olunjalo kumelwe lube senhliziyweni yakho.—Duteronomi 6:4-7.
20. Sibaluleke kangakanani isiyalo esifanelekile?
20 Ungalokothi ukhohlwe ukuthi isiyalo siyadingeka. Uma sinikezwa futhi samukelwa ngokufanele, ‘siyabathelela isithelo esihle sokulunga.’ (Heberu 12:11) Futhi abantwana abazithoba ngokunengqondo esiyalweni sabazali baletha injabulo yomkhaya nodumo futhi baphakamise igama elihle lomkhaya. (IzAga 10:1; 13:1; 23:24, 25) Ngempela, ngokufeza izindima zabo ezingokomBhalo, abazali nabantwana bangenza ikhaya labo libe yindawo yokuphumula nokuthula.
Londolozani Ikhaya Lokuphumula Nokuthula
21. NgokwezAga 24:3, 4, ikhaya lingalondolozwa kanjani njengendawo yokuphumula nokuthula?
21 Ikhaya lingalondolozwa kanjani njengendawo yokuphumula nokuthula? Isaga sithi: “Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda. Amakamelo agcwaliswa ngokwazi, ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.” (IzAga 24:3, 4) Ngolwazi nomsebenzi womkhaya okhuthele, ikhaya lingagcwaliswa ngezinto ezinhle ezibonakalayo. Kodwa indlu ingakhiwa futhi iqiniswe esisekelweni esiqinile kuphela uma amalungu ayo ebonisa ukuqonda futhi esebenzisa ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu, elusebenzisa kahle ulwazi olungokomBhalo. Yebo, ukuhlakanipha kuyawakha umkhaya futhi kwenze ukuphila kwawo okuphumelelayo njengeqembu kube nokwenzeka.
22. Ukusebenzisa izimfundiso zikaNkulunkulu kuyoba namuphi umphumela?
22 Ukusebenzisa izimfundiso zikaNkulunkulu emkhayeni kuyophumela ekuthuleni, ngoba amaIsrayeli atshelwa: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo. Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle.” (Isaya 48:17, 18) Ngakho-ke, sengathi wonke amadoda, abafazi, nabantwana abesaba uNkulunkulu bangasebenzisa ukuhlakanipha kwaphezulu. Khona-ke amakhaya ethu ayoba izindawo zokuphumula nokuthula ngaso sonke isikhathi.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Ukuze kube nokuphila kwasekhaya okunokuthula, yikuphi ukukhetha okufanele kwenziwe umKristu ongashadile ocabangela isibopho somshado?
◻ Ngokwabase-Efesu 5:21-33, yini okumelwe amadoda nabafazi bayenze ukuze bazuze ukuthula kwasekhaya?
◻ Ukusebenzisa iseluleko esikwabase-Efesu 4:26, 27 kungasiza kanjani ekwenzeni ikhaya libe indawo yokuthula?
◻ Abantwana banganikela ngayiphi indlela ekuthuleni komkhaya?
◻ Singawalondoloza kanjani amakhaya ethu njengezindawo zokuphumula nokuthula?
[Isithombe ekhasini 17]
Amadoda nabafazi abangamaKristu badinga ukwenza ngezindlela ezithuthukisa uthando nenhlonipho
[Isithombe ekhasini 18]
UThimothewu wafundiswa amaqiniso kaNkulunkulu kusukela ebuntwaneni. Ingabe usiza abantwana bakho ukuba bakhule olwazini nasothandweni ngoJehova?