Ukutadisha Kuyazuzisa
WAKE wababuka abantu bekhetha izithelo? Abaningi babheka umbala nobukhulu besithelo ukuze babone ukuthi sivuthiwe yini. Abanye bayasinuka isithelo. Abanye bayasithinta, baze basitoboze nokusitoboza. Kanti abanye bayasikala, baphathe esisodwa ngapha nesisodwa ngapha ukuze bathole ukuthi yisiphi esinamanzi amaningi. Basuke becabangani laba bantu? Bahlaziya imininingwane, bahlola umehluko, bakhumbula ukukhetha abake bakwenza ngaphambili futhi baqhathanisa lokho abakubonayo manje nalokho asebekwazi kakade. Balindelwe umvuzo wokunambitheka okumnandi ngoba bayanakisisa njengoba bekhetha.
Yiqiniso, izinzuzo zokutadisha iZwi likaNkulunkulu zinkulu nakakhulu. Uma ukulitadisha kunendawo ebalulekile ekuphileni kwethu, ukholo lwethu luqina nakakhulu, uthando lwethu lujule, inkonzo yethu ithele ngokwengeziwe, nezinqumo esizenzayo zinikeze ubufakazi obukhulu bokuthi sinokuqonda nokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu. Mayelana nalezi zinzuzo, IzAga 3:15 zithi: “Konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.” Uyazithola yini lezi zinzuzo? Indlela otadisha ngayo iyona eshoyo.—Kol. 1:9, 10.
Kuyini ukutadisha? Kungaphezu kokufunda okukha phezulu. Kuhilela ukusebenzisa amakhono akho engqondo lapho ufunda indaba ethile futhi uyifunda isikhathi eside. Kuhlanganisa ukukuhlaziya okufundayo, ukuqhathanise nalokho osukwazi kakade, nokuqaphela izizathu zalokho okushiwoyo. Lapho utadisha, cabanga ngokujulile nganoma imiphi imiqondo eveziwe okungenzeka uyayiqabuka. Cabanga nangokuthi wena ungasisebenzisa kanjani ngokugcwele leso seluleko esingokomBhalo. NjengoFakazi KaJehova, uyofuna nokucabanga ngamathuba okusebenzisa lokho kwaziswa ukuze usize abanye. Ngokusobala, ukutadisha kuhlanganisa nokuzindla.
Ukuba Sesimweni Esihle Sengqondo
Lapho ulungiselela ukutadisha, ubeka izinto ezifana neBhayibheli, noma iyiphi incwadi ofuna ukuyisebenzisa, ipeni lomsizi noma ipeni likayinki mhlawumbe kanye nencwadi ozobhala kuyo. Kodwa ingabe uyayilungisa yini nenhliziyo yakho? IBhayibheli lisitshela ukuthi u-Ezra “[“wayelungise,” NW] inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.” (Ezra 7:10) Kuhlanganisani ukulungisa inhliziyo okunjalo?
Umthandazo usenza sikwazi ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngesimo sengqondo esifanele. Sifuna ukuba izinhliziyo zethu, izibilini zethu, zamukele isiqondiso uJehova asinikeza sona. Lapho uqala ukutadisha, nxusa uJehova ukuba akusize ngomoya wakhe. (Luka 11:13) Mcele akusize ukuba uqonde incazelo yalokho ozokutadisha, indlela okuhlobana ngayo nenjongo yakhe, indlela okungakusiza ngayo ukuba uhlukanise phakathi kokuhle nokubi, indlela yokusebenzisa izimiso zakhe ekuphileni kwakho, nokuthi okufundayo kubuthinta kanjani ubuhlobo bakho naye. (IzAga 9:10) Njengoba utadisha ‘qhubeka ucela kuNkulunkulu’ ukuhlakanipha. (Jak. 1:5) Njengoba ufuna usizo lukaJehova ukuze ususe imicabango eyiphutha noma izifiso ezilimazayo, zihlole ngobuqotho usebenzisa lokho okufundayo. ‘Hubela njalo uJehova ngokubonga’ ngezinto azembulayo. (IHu. 147:7) Lesi simo sokukhuleka lapho utadisha siholela ekusondelaneni noJehova, ngoba sisenza sikwazi ukusabela lapho ekhuluma nathi ngeZwi lakhe.—IHu. 145:18.
Ukusabela okunjalo kuhlukanisa abantu bakaJehova kwabanye abafundi. Kulabo abangenako ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, kuvamile ukuba into ebhalwe phansi ingatshazwe noma ibekelwe inselele. Kodwa isimo sethu sengqondo asinjalo. Siyamethemba uJehova. (IzAga 3:5-7) Uma singakuqondi okuthile, asigabadeli siphethe ngokuthi kumelwe ukuba kuyiphutha. Ngesikhathi sithungatha futhi simba sifuna izimpendulo, silindela uJehova. (Mika 7:7) Njengo-Ezra, sinomgomo wokwenza lokho esikufundayo nokufundisa ngakho. Sinalokhu kuthambekela kwenhliziyo, siba sesimweni sokuthola imivuzo ecebile ekutadisheni kwethu.
Indlela Yokutadisha
Kunokumane uqale ngesigaba sokuqala ufunde uze ufike ekugcineni, qala ngokubhekabheka sonke isihloko noma isahluko. Qala ngokuhlaziya indlela isihloko esibekwe ngayo. Iyona ndaba ozobe uyitadisha. Ngemva kwalokho, phawula indlela izihlokwana ezihlobana ngayo nesihloko esikhulu. Hlola noma imiphi imifanekiso, amashadi, noma amabhokisi ahambisana nesihloko. Zibuze: ‘Njengoba sengisibhekile, yini engilindele ukuyifunda? Kuzongisiza ngani mina?’ Lokhu kwenza ukutadisha kwakho kube nenjongo.
Manje thola amaqiniso. Izahluko ezifundwayo ze-Nqabayokulinda nezinye izincwadi zinemibuzo. Njengoba ufunda isigaba ngasinye, kuyazuzisa ukudwebela izimpendulo. Ngisho noma ingekho imibuzo, ungawadwebela amaphuzu abalulekile ofuna ukuwakhumbula. Uma kukusha okufundayo, chitha isikhathi esithé xaxa ukufunda ukuze uqiniseke ukuthi uyakuqonda. Qaphela imifanekiso noma izindlela ongabonisana ngazo nabanye eziyokusiza enkonzweni yasensimini noma ongase uzisebenzise enkulumweni yakho elandelayo. Cabanga ngabantu abathile abalukholo lwabo lungase luqine uma ubaxoxela lokho okutadishayo. Dwebela amaphuzu ofuna ukuwasebenzisa bese uwabukeza lapho uqeda ukutadisha.
Njengoba ucabangela ukwaziswa, bheka imibhalo ekhonjiwe. Hlaziya ukuthi umbhalo ngamunye uhlobana kanjani nokusesigabeni.
Ungase uhlangane namaphuzu ongawaqondi ngokushesha noma ongase uthande ukuwahlolisisa ngokwengeziwe. Kunokuwavumela akususe endabeni, yenza uphawu lokuthi uzobuye uwacabangele ngokwengeziwe kamuva. Ngokuvamile amaphuzu acaca ngokwengeziwe njengoba uqhubeka ufunda. Uma kungenjalo, ungenza ucwaningo olwengeziwe. Yiziphi izinto okungadingeka ubuyele kuzo? Mhlawumbe kunombhalo ocashuniwe ongawuqondi kahle. Noma ungase ungasheshe ubone ukuthi usebenza kanjani kule ndaba edingidwayo. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi uyaliqonda iphuzu elithile elisendabeni oyifundayo kodwa hhayi ngokwanele ukuba ungalichazela omunye umuntu. Kunokuba umane ukushalazele lokhu, kungaba kuhle ukukucwaninga lapho usuqedile ukutadisha.
Lapho umphostoli uPawulu ebhalela amaKristu angamaHeberu incwadi eningilizayo, wathi ukuma phakathi nayo, wathi: “Nanti iphuzu eliyinhloko.” (Heb. 8:1) Ingabe nawe uyazikhumbuza lokho njalo? Cabanga ukuthi kungani uPawulu enza kanjalo. Ezahlukweni ezandulele zencwadi yakhe ephefumulelwe, wayesebonisile kakade ukuthi uKristu njengomPristi Ophakeme kaNkulunkulu wayesengenile ezulwini uqobo lwalo. (Heb. 4:14–5:10; 6:20) Nokho, ngokuqokomisa nokugcizelela lelo phuzu elisemqoka ekuqaleni kwesahluko 8, uPawulu wayelungiselela izingqondo zabafundi bencwadi yakhe ukuba zicabange ngokujulile ngokuthi lihlobana kanjani nokuphila kwabo. Waphawula ukuthi uKristu wayevele phambi kukaNkulunkulu ngenxa yabo futhi wabavulela indlela yokungena “endaweni engcwele” yasezulwini. (Heb. 9:24; 10:19-22) Ukuqiniseka kwethemba labo kwakuyosiza kubashukumisele ekubeni basebenzise iseluleko esengeziwe le ncwadi eyayisiphethe ngokuqondene nokholo, ukukhuthazela kanye nokuziphatha kobuKristu. Ngokufanayo, lapho sitadisha, ukugxila emaphuzwini ayinhloko kuyosisiza ukuba siqonde indlela okuthuthukiswa ngayo umongo wendaba futhi kuyogxilisa ezingqondweni zethu izizathu ezizwakalayo zokwenza ngokuvumelana nawo.
Isifundo sakho siqu siyokushukumisela yini esenzweni? Lona ngumbuzo obalulekile. Lapho ufunda okuthile, zibuze: ‘Lokhu kumelwe kukuthonye kanjani ukucabanga kwami nemigomo yami ekuphileni? Ngingakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa ekuxazululeni inkinga, ekwenzeni isinqumo, noma ekufinyeleleni umgomo? Ngingakusebenzisa kanjani emkhayeni wami, enkonzweni yasensimini, ebandleni?’ Cabangela le mibuzo ngomthandazo, ucabange ngezimo ezingokoqobo ongasebenzisa kuzo ulwazi lwakho.
Ngemva kokuqeda isahluko noma isihloko, zinike isikhathi sokubukeza kafushane. Bona ukuthi ungawakhumbula yini amaphuzu asemqoka kanye namanye asekelayo. Lesi sinyathelo siyokusiza ukuba ugcine engqondweni ukwaziswa ongakusebenzisa esikhathini esizayo.
Ongakutadisha
Njengabantu bakaJehova, sinokuningi kokukutadisha. Kodwa kumelwe siqalephi? Senza kahle ngokulitadisha nsuku zonke itekisi nokukhulunyelwa kwalo encwadini ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Masonto onke, siya emihlanganweni yebandla, futhi ukutadisha esikwenza lapho silungiselela le mihlangano kuyosizuzisa kakhulu. Ngaphezu kwalokhu, abanye baye basisebenzisa kahle isikhathi ngokutadisha izincwadi ezithile zobuKristu ezazibhalwe ngaphambi kokuba bafunde iqiniso. Abanye baye bakhetha amavesi athile ekufundeni kwabo iBhayibheli kwamasonto onke futhi bawatadisha ngokujulile lawo mavesi.
Kuthiwani uma izimo zakho zingakuvumeli ukuba ukutadishe ngokucophelela konke ukwaziswa okuzocatshangelwa emihlanganweni yamasonto onke? Gwema ugibe lokufunda usujaha ukuze nje uqede, noma okubi nakakhulu, gwema ugibe lokungatadishi nhlobo ngoba uthi ngeke ukwazi ukuqeda. Kunalokho, thola ukuthi kungakanani ongakutadisha, bese uyakutadishisisa. Kwenze masonto onke. Ngokuhamba kwesikhathi, zama ukwenaba uhlanganise neminye imihlangano.
‘Yakha Indlu Yakho’
UJehova uyaqaphela ukuthi izinhloko zemikhaya kumelwe zisebenze kanzima ukuze zinakekele abathandekayo bazo. IzAga 24:27 zithi: “Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini.” Noma kunjalo, izidingo zomkhaya wakho ezingokomoya ngeke zinganakwa. Ngakho-ke, ivesi liyaqhubeka: “Wakhe ngasemuva indlu yakho.” Izinhloko zemikhaya zingakwenza kanjani lokhu? IzAga 24:3 zithi: ‘[Umkhaya] uyakhiwa ngokuhlakanipha, uqiniswe ngokuqonda.’
Ukuqonda kungawuzuzisa kanjani umkhaya wakho? Ukuqonda yikhono lokubheka ngalé kwalokho okubonakala kusobala. Kungashiwo kufanele ukuthi isifundo somkhaya esiphumelelayo siqala ngokutadisha umkhaya wakho ngokwawo. Amalungu omkhaya wakho athuthuka kanjani ngokomoya? Lalelisisa lapho uxoxa nawo. Ingabe kukhona umoya wokukhononda noma wokucasuka? Ingabe ukuphishekela izinto ezibonakalayo yiyona nto eza kuqala? Uma usenkonzweni yasensimini nabantwana bakho, ingabe bakuthola kulula ukuzethula phambi kontanga yabo ngokuthi bangoFakazi BakaJehova? Bayasijabulela yini isimiso sakho sokufunda nokutadisha iBhayibheli njengomkhaya? Ingabe ngempela benza indlela kaJehova ibe indlela yabo yokuphila? Ukuba ngoqaphelisisayo kuyoveza lokho wena njengenhloko yomkhaya okudingeka ukwenze ukuze wakhe izimfanelo ezingokomoya elungwini ngalinye lomkhaya.
Bheka izihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ezikhuluma ngezidingo ezikhethekile. Yibe usutshela umkhaya wakho kusenesikhathi ukuthi yini ezobe itadishwa ukuze bakwazi ukufunda lokho kwaziswa. Makuheleze umoya wothando phakathi nesifundo. Ngaphandle kokushaya noma kokuphoxa ilungu lomkhaya, gcizelela ukubaluleka kokwaziswa eniphezu kwakho, ukwenze kusebenze ngokuqondile emkhayeni wakho. Gcina ilungu ngalinye lihlanganyela. Siza ngamunye ukuba abone ukuthi iZwi likaJehova ‘liphelele’ ekumnikeni noma yini ayidingayo ekuphileni.—IHu. 19:7.
Ukuthola Imivuzo
Abantu abaqaphelayo kodwa abangaziqondi izinto ezingokomoya bangayitadisha yonke indawo, izenzakalo zezwe ngisho nabo ngokwabo, kodwa bahluleke ukuqonda incazelo yalokho abakubonayo. Ngakolunye uhlangothi, ngosizo lomoya kaNkulunkulu, abantu abalitadisha njalo iZwi likaNkulunkulu babona imisebenzi kaNkulunkulu kulezi zinto, ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kanye nokwambuleka kwenjongo kaNkulunkulu yokubusisa isintu esilalelayo.—Marku 13:4-29; Roma 1:20; IsAm. 12:12.
Nakuba lokhu kumangalisa kakhulu, akumelwe kusenze siqhoshe. Kunalokho, ukuhlola iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke kusisiza ukuba sihlale sithobekile. (Dut. 17:18-20) Kusivikela ‘nasemandleni okukhohlisa esono’ ngoba uma iZwi likaNkulunkulu liphila ezinhliziyweni zethu, ukukhanga kwesono ngeke kukunqobe ukuzimisela kwethu ukumelana naso. (Heb. 2:1; 3:13; Kol. 3:5-10) Ngakho, ‘siyohamba ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele njengoba siqhubeka sithela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle.’ (Kol. 1:10) Yileyo injongo yethu yokutadisha iZwi likaNkulunkulu futhi ukuyifinyelela kungumvuzo omkhulu.