‘Singajabula Izinsuku Zethu Zonke’
“Sisuthise ngomusa wakho, kusesekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.”—IHubo 90:14.
1. UJehova ukubonisa kanjani ukuthi ufuna abantu bakhe bajabule?
UJEHOVA UNKULUNKULU ufuna ukuba abantu bakhe bajabule. Uyazi ukuthi injabulo eqotho ibalulekile ebukhoneni obanelisayo nobuphilile. (IzAga 17:22) Ngakho-ke, njengoNkulunkulu onomusa wothando, uJehova ulungiselele isiqondiso esiyokhulisa imizwa ejabulisayo uma sisetshenziswa ekuphileni.
2. Kungani amaKristu aqotho kumelwe aqiniseke ngokuthandazela injabulo?
2 Bebhekene nokucindezela kokuphila esimisweni sezinto esingamesabi uNkulunkulu, oFakazi BakaJehova, njengamaKristu aqotho, bangathandazela injabulo. Iyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu, futhi lowomoya uwunikeza abantu bakhe abathembekile abazinikezele abawucelayo. (Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) Bangase basho ngokufanele amazwi afana nalawa, ashiwo ngomthandazo umprofethi kaNkulunkulu uMose: “Sisuthise ngomusa wakho, kusesekuseni, ukuze sithokoze, sijabule izinsuku zethu zonke.” (IHubo 90:14) Labo abathemba kuJehova bangaqiniseka ukuthi uyophendula izicelo ezinjalo eziqotho.—1 Johane 5:13-15.
3. Ukuze “sijabule izinsuku zethu zonke,” iziphi izici ezimbili eziyisisekelo okumelwe ziqashelwe?
3 Kodwa, ngaphandle komthandazo izici ezimbili ezingokwesisekelo kumelwe zikhunjulwe ukuze si“jabule izinsuku zethu zonke.” Lezi zaqokonyiswa lapho abantu bakaNkulunkulu bezikhathi zasendulo betshelwa ukuthi isiqalekiso sasiyobehlela uma benga“lalelanga izwi likaJehova . . . ukuba bagcine imiyalo yakhe,” futhi uma be“ngamkhonzanga uJehova . . . ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo.” (Duteronomi 28:45-47) Ngakho-ke, ukuze sijabule kukho konke ukuphila kwethu, kumelwe (1) silalele uJehova (2) futhi simkhonze ngokujabula.
4. (a) Yini uJehova ayilungiselelayo ukuze abantu bakhe bamkhonze ngenhliziyo ejabulayo? (b) Iziphi izisho ezihlakaniphile ezingase zicatshangelwe, okuphumela kukuphi?
4 UJehova ulungiselela kokubili isisusa nosizo abantu bakhe abakudingayo ukuze bamkhonze ngenhliziyo ejabulayo. Futhi, ngomusa ulungiselela ukuqondisa okunokwethenjwa okuqhubekisa injabulo. Ngokwesibonelo, qaphela indlela izisho ezinengqondo ezithathwe emavesini athile encwadi yeBhayibheli yezAga ezingaveza ngayo ukujabula okujulile. Ngempela, uma sisebenzisa ekuphileni iseluleko esinjalo singasenza “sijabule izinsuku zethu zonke.”
Injabulo Emkhayeni
5. (a) Yini uJehova ayilindele kubazali? (b) Ngokuqondene nokulalela, imuphi umphumela abantwana abangaba nawo emkhayeni?
5 Ukuze kutholakale futhi kuhlakulelwe injabulo yomkhaya, kudingekile ukulalela uNkulunkulu, ukuzwela eselulekweni esitholakala eZwini lakhe. Ngokwesibonelo, uJehova ulindela abazali ukuba benze okusemandleni abo ekuqeqesheni abantwana babo. Ubaba kufanele ahole kulokhu, kodwa umama kumelwe ahlanganyele kukho ngenkuthalo. (IzAga 22:6; 31:1) Futhi kuthiwani ngabantwana? Yebo, umntwana ‘oklolodela uyise nodelela ukulalela unina’ ngokuqinisekile akayikuqhubeka kahle futhi uyoletha usizi, hhayi injabulo, kubazali bakhe. (IzAga 30:17; 17:21) Ngakolunye uhlangothi, amadodana namadodakazi ahlakaniphile amukela ngokulalela iseluleko esinikezwa abazali abesaba uNkulunkulu futhi abaphila ngokuvumelana nezimiso ezingokomBhalo aletha injabulo nodumo emkhayeni.—IzAga 10:1; 15:20; 23:15, 16.
6, 7. (a) Isiphi iseluleko esinikezwa kuzAga 23:22-25, futhi uyini umphumela uma silandelwa? (b) Iseluleko soku‘thenga iqiniso nokungalithengisi’ sisho ukuthini?
6 Abazali abesaba uNkulunkulu abakhulisa abantwana babo ngendlela ebashukumisela ukuba balandele inkambo yokulunga banesizathu senjabulo yeqiniso. Ngokuqondene nalokhu siyatshelwa emiBhalweni: “Lalela uyihlo owakuzalayo, ungamdeleli unyoko lapho esemdala. Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo, nokuhlakanipha, nokulaywa, nokuqonda. Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba, nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye. Mabathokoze uyihlo nonyoko, ethabe owakubelethayo.”—IzAga 23:22-25.
7 Umntwana ohlakaniphile uyogcina umyalo ongokomoya kayise ongumKristu futhi ngeke angakunaki okushiwo unina owesaba uNkulunkulu, ngisho noma ngabe usegugile. Kanti, umuntu omdala onomthwalo wemfanelo usengafunda okuthile kubazali bakhe asebegugile. Iseluleko ‘sokuthenga iqiniso nokungalithengisi’ ngokusobala sisho ukunamathela ezimisweni eziyiqiniso njengesiqondiso ekuphileni. Umntwana othanda ukulunga akayikuyeka iqiniso ngenxa yezinjabulo, imicebo noma udumo. Futhi ngokuqinisekile umkhaya omalungu awo onke anamathele kuJehova uyoba nenjabulo engapheliyo.—Duteronomi 10:20, 21.
Ukulondoloza Injabulo Naphezu Kwabenzi Bobubi
8, 9. Njengoba kuboniswe kuzAga 2:10-14, ukusebenzisa ulwazi lokwesaba uNkulunkulu kungasivikela kanjani kubenzi bokubi?
8 Ukulalela iseluleko sikaJehova kusisiza ukuba silondoloze injabulo ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, ngokusebenzisa ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu, singavikeleka kubenzi bobubi. ImiBhalo ithi: “Ngokuba ukuhlakanipha kuyangena enhliziyweni yakho, ukwazi kube-mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine, ukuze wophulwe endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo, abashiya imikhondo yobuqotho, ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama; abathokoza ngokwenza okubi, bajabulele ukuphambana kobubi.”—IzAga 2:10-14.
9 Ukuvumela kukaJehova kukulabo abathanda ukuhlakanipha kweqiniso futhi abavumela izinhliziyo zabo zithonywe yikho. Ngokuhlakanipha bagwema ukuhlangana nanoma ubani ‘okhuluma izinto eziphambeneyo,’ okungukuthi, izinto eziphambene nokuyiqiniso nokulungile. Ikhono lokucabanga okufanele nokuqonda okuyiqiniso kunikeza isivikelo ngokumelene nalabo abaphika ukuhlakanipha kwaphezulu, abajabulela izenzo ezimbi futhi abafuna ukonakalisa abanye.—Qhathanisa nezAga 4:16.
10. Ukuphambeka komuntu omubi kumbamba kanjani?
10 Umenzi wobubi angase ‘ajabule ekwenzeni okubi,’ kodwa ubani onenjabulo yeqiniso? Esinye isaga siyaphendula: “Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe, kepha olungileyo uyenanela, athokoze.” (IzAga 29:6) Yebo, ukuphambeka komuntu omubi kuyambamba. Esinye isono siholela kwesinye, futhi omaye bangase bamehlele ngokungalindelekile. Ngokwesibonelo, angase acebe ukwenza okubi komunye, kodwa kube usezigwaza ngowakhe. KuIsrayeli wasendulo, ufakazi wamanga wayengase afune ukubulala umuntu ongenacala ngokufakaza amanga ngaye. Kodwa owenza icebo wayebulawa uma icebo lakhe lembuleka.—Duteronomi 19:16-21.
11. Kungani umuntu othambekele ekulungeni ‘engajabula’?
11 Yeka ukuthi singcono kanjani isabelo solungileyo! Akacebi okubi ngomakhelwane wakhe noma enze isono. Ngakho-ke, ugwema ukubanjwa yisiphambeko futhi akakhathazwa izinhlupho ezihambisana nobubi noma isijeziso esiwumphumela wokutholakala kwamacebo omubi. Ngakho umuntu othambekele ekulungeni “uyenanela, athokoze.” Ngoba, akakhathazwa unembeza onecala. Futhi, ujabulela umusa kaNkulunkulu, “ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova, kepha abaqotho bayisifuba sakhe.”—IzAga 3:32.
Kumelwe Ujabule Uma Isitha Sehlelwa Yishwa?
12. UmKristu kumelwe asabele kanjani uma isitha sehlelwa yishwa? Ngani?
12 Kodwa, umKristu kumelwe asabele kanjani uma kwenzeka isitha sehlelwa yishwa? Esinye isaga sithi, “ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso.” Ngani? “Funa uJehova akubone, kube-kubi emehlweni akhe, asuseintukuthelo yakhe kuso.” (IzAga 24:17, 18) Lokhu kunqabela lokho okungase kubizwe ngokuthi injabulo yenzondo uma isitha sihlangabezana nenhlekelele ethile. Njengoba kukubi ukufisela isitha ingozi ngenxa nje yobugovu, umuntu ojatshuliswa yilokho uyoziphendulela kuJehova ngesono sakhe. Ngokwalokho, uNkulunkulu angafunda inhliziyo futhi azi uma sijabula ngasekusithekeni ngengozi eyehlela omunye. Ngakho, lowomoya omubi, nakuba ufihlekile kwabanye abantu, usobala kuJehova, othi: “Ngeyami impindiselo nembuyiselo.” (Duteronomi 32:35; Heberu 10:30) Ngakho-ke, uNkulunkulu angajezisa abanobugovu ngendlela ethile.—Qhathanisa nezAga 17:5.
13. Iyini incazelo yezAga 11:10?
13 Ngakolunye uhlangothi, siyatshelwa: “Nxa abalungileyo behlezi kahle, umuzi uyathokoza; lapho ababi bebhubha, kukhona ukwenanela.” (IzAga 11:10) Lokhu kufanele kuqondwe kanjani? Yebo, abantu abalungile ngokuvamile bayathandwa futhi benza omakhelwane babo bajabule. Kodwa akekho othanda “ababi.” Umuntu ononya uzilethela ubandlululo. (IzAga 11:17) Ngokungaphezulu, uma ababi befa abalilelwa abantu ngokuvamile, futhi ngokuqinisekile akuyikuba bikho ukudabuka uma uJehova ebhubhisa labenzi bobubi. Kunalokho, kuyoba nenjabulo ngoba bayobe sebechithiwe. Ingabe siziphatha ngendlela eyenezela injabulo noma ‘ukuthokoza’ kwabanye?
Inhliziyo Ejabulayo Iyisibusiso
14. Njengoba sekuxoxiwe, ukulalela uJehova kusenza kanjani “sijabule izinsuku zethu zonke”?
14 Ukulalela uJehova kusenza “sijabule izinsuku zethu zonke.” Njengoba kuphawuliwe kakade, uma iseluleko saphezulu sisetshenziswa ekuphileni ubuhlobo bomzali nomntwana buyajabulisa. Ukwamukela ukuqondisa kukaJehova kusivikela emathonyeni amabi abenzi bobubi futhi kusenza sijabule. Futhi, ukunamathela emiyalweni kaJehova kusivikela ekuthuthukiseni isimo esingaqondile mayelana nanoma yimaphi amashwa ababi, futhi kanjalo siyokwazi ukuba nenjabulo njalo. Yebo, ngokulalela uJehova uNkulunkulu siyoba nenhliziyo ejabulayo. Lokhu ngokwakho kuyisibusiso.
15. Kunokuvumela “ukukhathazeka” kubangele izinhliziyo zethu ‘zithotshiswe’ ngokudabuka, kumelwe senzeni, futhi ngani?
15 Inkosi uSolomoni yathi: “Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube-buhle, kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.” (IzAga 15:13) Ngempela, imizwa yenjabulo nokudabuka ibonakala ebusweni bomuntu. Yebo, kunokukhathazeka okuningi ekuphileni futhi lokhu kungasenza sidabuke kakhulu. “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,” kusho esinye isaga, “kepha izwi elihle liyayithokozisa.” (IzAga 12:25) Ngakho kunokuvumela “ukukhathazeka” kubangele izinhliziyo zethu ukuba ‘zithotshiswe’ ukudabuka, yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kangakanani ukusondela kuJehova ngokuzindla ngaleyonqolobane yezinto ezinhle, iZwi lakhe eliphefumlelwe! Ngokuqinisekile, lokhu kungabuyisa injabulo ekudabukeni okungokuphambene nenhliziyo elungileyo.
16. (a) Izindaba ezinhle ‘ziwenza kanjani amathambo anone’? (b) Nakuba ‘inhliziyo eyenamile iyikhambi elihle,’ kumelwe sizibheke kanjani izinganekwane zansuku zonke?
16 USolomoni wathi futhi: “Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.” (IzAga 15:30) Izindaba ezinhle “ziyanonisa amathambo,” okungukuthi, ziwagcwalisa ngomnkantsha. Kanjalo umzimba wonke uyavuseleleka, futhi inhliziyo egcwele injabulo iyabonakala lapho amehlo ekhanya kakhulu. Kanti ukucindezeleka kwengqondo, noma ‘umoya ochoboziwe,’ unomphumela omubi ngokwenyama, “inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle.” (IzAga 17:22) Ngokusobala, nokho, inhliziyo akumelwe ngaso sonke isikhathi iyekelelwe ezinganekwaneni ezingenangqondo, ngoba uSolomoni ‘wathi kohlekayo: Ngubuhlanya; nangentokozo: Yenzani na?’ (UmShumayeli 2:2) Nokho, umuntu ngokuqinisekile uyazuza ngenhliziyo ejabulela ukwenza intando kaNkulunkulu.
17, 18. (a) Kungani umngane othembekile engafaniswa ‘namafutha nempepho eyenza inhliziyo ithokoze’? (b) UJesu Kristu uye waba kanjani wuMngane wasezulwini okhuluma aqonde? (c) Imuphi umbuzo womuntu siqu ophakanyiswayo?
17 Sikhomba kokuthile okunye okuphumela enjabulweni, esinye isaga sithi: “Amafutha nempepho kuyathokozisa inhliziyo; bunjalo ubumnandi bomuntu ngokululeka ngenhliziyo.” (IzAga 27:9) Njengoba amafutha ethambisa futhi nempepho ijabulisa ngenxa yephunga layo elimnandi, umngane othembekile oweluleka ngenjongo yokuba wusizo wenza inhliziyo yowelulekwayo ijabule. Kunobumnandi ebunganini obunjalo, ngoba labo abakhuluma ngendlela enomusa bangasizana ukuba bathuthuke, ukuba benze izilungiso futhi baziqinise ezicini zokuphila lapho bebuthakathaka khona. Ngempela, ukuba nomngane omuhle ocabangayo futhi akhulume ngokuqondile kungaba yimbangela yenjabulo.
18 UJesu Kristu okhazinyulisiwe uwuMngane wasezulwini osho okuqondile oqondisa isigijimi emabandleni ayisikhombisa ashiwo kusAmbulo, isahluko sesibili nesesithathu. Ukuncoma kwanikezwa lapho kudingekile, kodwa ngokufanayo neseluleko. Ngokwesibonelo, ibandla lase-Efesu lalingasenawo umuzwa wothando lobuKristu ngoJehova elalinawo ekuqaleni kwalo. Kodwa uJesu wafuna ukuvuselela lolothando. (IsAmbulo 2:1-7) Noma imuphi umKristu wase-Efesu owayecabangela ngomthandazo iseluleko salowoMngane wasezulwini futhi ethatha imithetho eqondisayo wayengaqhubeka ekhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo. Ingabe ngokwakho uyabona lapho udinga khona ukuthatha izinyathelo ezithile ezelaphayo ukuze ubonakalise uthando kuNkulunkulu ngenkonzo ethuthukisiwe kuJehova?
Ukujabula “Emsebenzini Ongcwele”
19. Kungani wonke umuntu ozinikezele kuJehova kumelwe ahlanganyele njalo “izindaba ezinhle” nabanye?
19 Omunye umbuzo: Ingabe ngenhliziyo yonke, njalo nje nangokujabula “umatasa emsebenzini ongcwele wezindaba ezinhle zikaNkulunkulu?” (Roma 15:16, NW) Awukho omunye umsebenzi namuhla emhlabeni odlula lona. Phela, uyimbangela eyinhloko yokuba khona kwebandla lobuKristu! (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ngakho wonke umuntu ozinikezele kuJehova kumelwe ahlanganyele “izindaba ezinhle” nabanye njalo nje. Futhi abamemezeli bombuso abakhuthele ngokuvamile banokuningi okuhlangenwe nakho okuvuzayo nezibusiso enkonzweni kaJehova zokubashukumisela ukuba ‘bathokoze.’—IHubo 90:14; Malaki 3:10.
20. Ngokuvamile, abamemezeli bebandla abashisekayo benemithwalo yemfanelo engokomBhalo esindayo baye bayandisa kanjani injabulo yabo enkonzweni kaJehova?
20 Abamemezeli bebandla abashisekayo benemithwalo yemfanelo esindayo engokomBhalo ngokuvamile bandisa injabulo yabo ngokuthuthukisa uhlobo lwenkonzo yabo kuJehova. Futhi, eminye imikhaya yobuKristu iye yathola ukweneliseka ngokoqobo ekukhonzeni lapho indingeko yabamemezeli bombuso inkulu khona. Abanye baye bajabulela umsebenzi wokufakaza isikhathi esigcwele phakathi nezinyanga ezithile zonyaka, kulapho abanye basakwazi ukuhlanganyela njalo njalo enkonzweni yesikhathi esigcwele. UJehova uyajatshuliswa enjalo imizamo eqotho neyenhliziyo yonke.—Marku 12:29, 30.
21. Abaphothule eWatchtower School of Gilead banasiphi isizathu sokujabula?
21 Amadoda nabesifazane abaningi abangamaKristu baye baphothula eWatchtower Bible School of Gilead, futhi bayajabula ngokusebenzisa amandla abo bekhonza uJehova ezingxenyeni ezihlukene zomhlaba. Bayajabula ngokuba yizikhonzi zesikhathi esigcwele ezingasiza abaningi ukuba bafunde ngoJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe ezimangalisayo. Ngokwesibonelo, ngemva kokuchitha iminyaka engaphezu kwamashumi amabili njengesithunywa sevangeli endaweni eshisayo eNtshonalanga Afrika, omunye wabo wabhala:“Ingabe ngizizwa kuyisikhathi sokuyekela nokudedela abancane bangene? Phinde, ukubona izibusiso nokukhula kwenhlangano kaJehova kungenza ngizizwe njengoba kwenza uKalebi ngemva kokuba elondolozwe cishe iminyaka engamashumi amane nanhlanu, nokugogobala ehlane ukuya eZweni leSithembiso. Owathi: ‘Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengamandla ami ngalesosikhathi anjalo amandla ami manje.’ (Joshuwa 14:11) Kungakhathaliseki iziphazamiso nobunzima, leminyaka yamuva ibe ukuqeqeshwa okumangalisayo nokulungiselelwa kwesikhathi esizayo.”
22. Iyini inkonzo yaseBethel, futhi omunye owesifazane owayenaleli lungelo wathini?
22 Elinye ilungelo elijabulisayo, elivulekele labo abafanelekayo, liwukukhonza eBethel. Leli lihilela umsebenzi ngokuqondile ohlangene nokunyatheliswa kwezincwadi zeBhayibheli nokuthuthukiswa kwezithakazelo zombuso. Kanjalo labo abanelungelo bakhonza njengengxenye yamalungu eWatch Tower Society eBethel yaseNew York State, noma nemikhaya enjalo ezindaweni zamahhovisi egatsha emhlabeni kabanzi. Omunye wesifazane, owaqala inkonzo yakhe yesikhathi esigcwele eSwitzerland ngoJanuary 1924 futhi manje okhonza njengelungu lomkhaya waseBethel eFederal Republic of Germany, wabhala: “Ngifisa ukubonga uJehova ngakho konke ukulunga kwakhe kimi, ngokungivumela ukuba ngichithe ukuphila okujabulisayo nokucebile okugcwele amathuba amangalisayo enkonzweni yakhe.” Yebo, uyajabula enkonzweni kaJehova.
23. Ungakufakazela kanjani ngokomBhalo ukuthi labo ababeka inkonzo kaNkulunkulu kuqala ekuphileni banesizathu sokujabula?
23 Ngempela, labo abaye babeka inkonzo kaNkulunkulu kuqala ekuphileni ngaso sonke isikhathi baye baba nesizathu sokujabula. Kuyiqiniso, ukuphila kwabo akubanga ngokukhululeke ngokuphelele ezinkingeni ezivamile kubantu. Kodwa uJehova uye wabasekela phakathi nokuvivinywa kwabo. (1 Korinte 10:13; 2 Korinte 4:8, 9) Baye baqhubeka kahle ngoba ‘injabulo kaJehova iyinqaba yabo.’ (Nehemiya 8:10) Cabanga: UMose ‘wakhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu’ futhi wabusiswa ngamalungelo amahle. (Heberu 11:23-29) URuthe umMowabikazi washiya abantu bakubo nonkulunkulu bakubo, wakhetha ukukhonza uJehova, futhi wavuzwa ngokuba ukhokhokazi kaJesu Kristu. (Ruthe 1:14-17; 4:13-17; Mathewu 1:1, 5) Ngenxa yokukhathalela inkolo yeqiniso nokuba khona kwabo njalo ethempelini, bobabili uSimeyoni ohloniphekayo osemdala nothembekile uAna owayesekhulile baba nenjabulo yokubona umntwana uJesu lapho.—Luka 2:25-38.
24. ‘Singajabula izinsuku zethu zonke’ ngokwasiphi isisekelo?
24 Ngakho singaqiniseka ukuthi amalungelo amahle nezibusiso ayoba ngawethu uma sibeka ukukhonza uJehova nenkonzo kuqala ekuphileni. (Mathewu 6:33) Futhi ngisho noma ubunzima kuhlangatshezwana nabo lapho senza lokhu, siyazi ukuthi uJehova ‘wenza konke kusebenzelane kube ngokuhle, kulabo abathanda uNkulunkulu.’ (Roma 8:28) Ngakho-ke, kwangathi singanquma ukulalela uBaba wethu osezulwini futhi simkhonze ngenhliziyo ejabulayo. Ngokuqinisekile, uma sinothando oluphelele ngoJehova, sinezizathu ezizwakalayo zoku‘thokoza futhi sijabule izinsuku zethu zonke.’—IHubo 90:14.
Ungakhumbula?
□ Ukuze “sijabule izinsuku zethu zonke,” iziphi izici ezimbili eziyisisekelo okumelwe zikhunjulwe?
□ Yini abazali nabantwana okumelwe bayenze ukuze kube nenjabulo emkhayeni?
□ AmaKristu angayigcina kanjani injabulo naphezu kwezenzo zabenzi bobubi?
□ Inhliziyo ejabulayo iyisibusiso kanjani?
□ Imaphi amanye amalungelo ajabulisayo enkonzweni kaJehova, futhi yini okumelwe sizimisele ukuyenza?
[Isithombe ekhasini 17]
Ukuze bathole injabulo yomkhaya ehlala njalo, abazali nabantwana kumelwe balandele iseluleko esitholakala eZwini likaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 19]
Ukujabha kungathathelwa indawo yinjabulo uma ngokwethembeka senza intando kaJehova
[Isithombe ekhasini 20]
Izinceku zikaJehova ezithembekile zakudala nezamanje ziye zaba nesizathu sokujabula phakathi nazo zonke ‘izinsuku zazo’