‘Ukuphendula Ngendlela Eqondileyo’
ENTSHUMAYELWENI yaseNtabeni, uJesu wabhekisela ‘eMthethweni nakubaProfethi.’ Ingxenye yesithathu yemiBhalo YesiHeberu kwakuyimiBhalo, eyayihlanganisa izincwadi ezisankondlo, njengamaHubo nezAga. (Mathewu 7:12; Luka 24:44) Nalezi futhi zaziqukethe ukuhlakanipha kukaNkulunkulu.
Ngokwesibonelo, izaga zaxwayisa abahluleli kwaIsrayeli wasendulo: “Oshoyo komubi ukuthi: ‘Ulungile,’ abantu bayakumenyanya, nezizwe ziyakumgxeka. Kodwa kwabamsolayo kuyakuba-mnandi, kufike phezu kwabo isibusiso esihle. Ophendula ngendlela eqondileyo uyokwanga izindebe.”—IzAga 24:24-26, NW.
Uma umahluleli ayevumela ukucindezela kokufumbathisa noma kokukhetha izihlobo futhi athi omubi ulungile, abanye babeyombona engasifanelekele isikhundla sakhe. Phela, ngisho namalungu ‘ezizwe’ zabeZizwe ayeyozwa ngobubi obunjalo ekwahluleleni ayeyomeyisa! Ngakolunye uhlangothi, uma umahluleli emsola ngesibindi umuntu omubi futhi ephendula ngendlela eqondileyo endabeni ayisingethe, wayeyozuza inhlonipho nothando lwabantu. Abantu ngokuvamile babeyoshukumiseleka ukuba bamfisele “isibusiso esihle.” Njengoba isaga siqhubeka sikubeka: “Ophendula ngendlela eqondileyo uyokwanga izindebe.”
Ukwanga okunjalo kwakubonisa ukuhloniphana—phakathi komeluleki nalabo abamukela ukusola kwakhe okuqinisileyo. Mhlawumbe naye ngokwakhe lowo osolwayo wayengasabela kahle futhi abonise uthando ngomahluleli. IzAga 28:23 zithi: “Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.” Ngakho-ke labo abakhonza njengabadala bamabandla namuhla kumelwe bagweme ukuvumela ubungane noma ubuhlobo bomkhaya ukuba buhlanekezele izahlulelo zabo. Ngokunikeza iseluleko esidingekayo ngendlela eqinisileyo, abadala bayozuza inhlonipho yebandla.