Isahluko 21
Ingabe Konke Lokhu Kuxhaswa Kanjani Ngokwezimali?
KUSOBALA ukuthi umsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova udinga imali. Ukwakha amaHholo OMbuso, amaHholo OMhlangano, amahhovisi egatsha, amafektri, namakhaya aseBethel kudinga imali, futhi kuye kudingeke eyengeziwe ukuze lezizakhiwo zinakekelwe. Kudaleka izindleko nalapho kukhishwa futhi kusakazwa izincwadi zokutadisha iBhayibheli. Ingabe konke lokhu kuxhaswa kanjani ngokwezimali?
Ukuqagela okungelona iqiniso ngokuqondene nalokhu kuye kwasakazwa abantu abamelene nomsebenzi woFakazi BakaJehova. Kodwa ukuhlolwa kobufakazi kusekela impendulo oFakazi ngokwabo abayinikezayo. Iyiphi? Umsebenzi omkhulu wenziwa izisebenzi zokuzithandela, ezingalindele futhi ezingafisi ukubuyiselwa imali ngezinkonzo ezizenzayo, futhi izindleko zenhlangano zikhokhelwa ngeminikelo yokuzithandela.
“Kungenwa Mahhala. Akukho Nkongozelo”
Ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) yesibili, emuva ngo-August 1879, uMfoweth’ uRussell wathi: “Sikholelwa ukuthi, i-‘Zion’s Watch Tower’ isekelwa uJEHOVA, futhi njengoba lokhu kunjalo ayisoze incenge futhi inxuse abantu ukuba bayisekele. Uma Lowo othi: ‘Lonke igolide nesiliva lezintaba lingelami,’ ehluleka ukulungiselela imali edingekile, siyoqonda ukuthi kuyobe sekuyisikhathi sokuyeka ukuyinyathelisa.” Ngokuvumelana nalokho, akukho kucelwa kwezimali okwenziwa ezincwadini zoFakazi BakaJehova.
Lokho okwenzeka ngezincwadi zabo kunjalo nangemihlangano yabo. Akukho kufunwa kwezimali okushukumisa umzwelo emabandleni abo noma emihlanganweni yabo emikhulu. Awadluliswa amapuleti enkongozelo; akuhanjiswa zimvulophu okumelwe kufakwe imali kuzo; akukho zincwadi zokucela imali ezithunyelwa emalungwini amabandla. Amabandla awalokothi aphendukele ekugembuleni noma komaziqokele ukuze andise imali. Emuva ngo-1894, lapho i-Watch Tower Society ithumela izikhulumi ezijikelezayo, yakhipha lesisaziso ukuze kuzuze wonke umuntu: “Makuqondwe zisuka nje ukuthi leNhlangano ayigunyazi futhi ayivumeli inkongozelo nanoma okunye ukushunyayelwa kwezimali.”
Ngakho, kusukela ekuqaleni kakhulu komlando wabo wosuku lwanamuhla, amapheshana nezinye izimemo ezinyathelisiwe eziya emphakathini ziwumemela emihlanganweni yoFakazi BakaJehova zazinesiqubulo esithi “Kungenwa Mahhala. Akukho Nkongozelo.”
Kusukela ngo-1914, abaFundi BeBhayibheli babeqasha izinkundla kanye namanye amahholo futhi bememela umphakathi kulezizindawo ukuba uzobona i-“Photo-Drama of Creation.” Lena kwakuyinkulumo enezingxenye ezine, ithatha amahora ayisishiyagalombili sekukonke, ingama-slide nezithombe ezinyakazayo ezidlala ngesikhathi esisodwa nomsindo. Phakathi nonyaka wokuqala uwodwa, izigidi zabantu zayibona eNyakatho Melika, eYurophu, e-Australia, naseNew Zealand. Nakuba abanye abanikazi bezinkundla babefuna imali yezihlalo ezigcinwe ngokukhethekile, abaFundi BeBhayibheli abazange neze bacele imali yokungena. Futhi akuzange kuthathwe inkongozelo.
Kamuva, iminyaka engaphezu kwengu-30, i-Watch Tower Society yayisebenzisa isiteshi somsakazo i-WBBR eDolobheni laseNew York. OFakazi BakaJehova babesebenzisa nezinkonzo zezinye iziteshi eziningi ukuze basakaze izinhlelo zemfundo yeBhayibheli. Kodwa abazange nakanye basebenzise ukusakaza okunjalo ukuze bacele imali.
Khona-ke, itholakala kanjani iminikelo yokuxhasa umsebenzi wabo ngokwezimali?
Usekelwa Ngeminikelo Yokuzithandela
IBhayibheli linikeza isibonelo. Ngaphansi koMthetho kaMose, kwakuneminikelo ethile eyayingeyokuzithandela. Eminye abantu babenesibopho sokuyinikela. Ukunikela okweshumi, noma ingxenye yeshumi, kwakuyimfuneko. (Eks. 25:2; 30:11-16; Num. 15:17-21; 18:25-32) Kodwa iBhayibheli libonisa futhi ukuthi uKristu wawugcwalisa uMthetho, nokuthi uNkulunkulu wawuphelisa; ngakho amaKristu awaboshiwe imithetho yawo. Awakukhokhi okweshumi, futhi awekho ngaphansi kwesibopho sokunikela nganoma yimuphi omunye umnikelo wesilinganiso esibaluliwe noma ngesikhathi esithile.—Math. 5:17; Roma 7:6; Kol. 2:13, 14.
Kunalokho, akhuthazwa ukuba ahlakulele umoya wokupha elingisa isibonelo esihle kakhulu esibekwa uJehova uqobo neNdodana yakhe, uJesu Kristu. (2 Kor. 8:7, 9; 9:8-15; 1 Joh. 3:16-18) Ngakho, ekhuluma ngokupha, umphostoli uPawulu wabhalela ibandla lobuKristu eKorinte: “Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi-ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.” Lapho baziswa ngokuswela, lokhu kwakuba ‘uvivinyo lobuqotho bothando lwabo,’ njengoba uPawulu achaza. Wathi futhi: “Uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.”—2 Kor. 8:8, 12; 9:7.
Uma kucatshangelwa lokhu, kuyathakazelisa okwashiwo uTertullian ngemihlangano eyayiqhutshwa abantu ababezama ukuqhuba ubuKristu osukwini lwakhe (cishe ngo-155–ngemva kuka-220 C.E.). Wabhala: “Ngisho nakuba kunohlobo oluthile lwebhokisi lemali, alilona elemali ekhokhwa uma kungenwa, njengokungathi inkolo iyinto yezentengiselwano. Wonke umuntu kanye ngenyanga uletha uhlamvu olulinganiselwe—noma nanoma yinini lapho efisa, futhi uma nje efisa, futhi uma engase akwazi; ngoba akukho muntu ophoqiwe; kungumnikelo wokuzithandela.” (Apology, XXXIX, 5) Nokho, phakathi namakhulu eminyaka kusukela ngalesosikhathi amasonto eLobukholwa aye angenela zonke izimiso zokwandisa imali ezingase zicatshangwe ukuze axhase imisebenzi yawo ngezimali.
UCharles Taze Russell wenqaba ukulingisa amasonto. Wabhala: “Sibona ukuthi imali eqoqwa ngezindlela ezihlukahlukene zokucela ngegama leNkosi yethu iyayicasula, ayiyamukeli, futhi ayilethi isibusiso sayo kwabanikelayo noma emsebenzini owenziwayo.”
Kunokuzama ukuthenga ubuso balabo abacebile, uMfoweth’ uRussell wakusho ngokucacile, ngokuvumelana nemiBhalo, ukuthi iningi labantu beNkosi lalizoba mpofu ezintweni zalelizwe kodwa licebe okholweni. (Math. 19:23, 24; 1 Kor. 1:26-29; Jak. 2:5) Esikhundleni sokugcizelela ukudingeka kwemali ukuze kusakazwe iqiniso leBhayibheli, wagxilisa ukunakekela ekubalulekeni kokuhlakulela umoya wothando, isifiso sokupha, kanye nesifiso sokusiza abanye, ikakhulukazi ngokuhlanganyela nabo iqiniso. Kulabo ababenekhono lokwenza imali futhi ababesikisela ukuthi ngokuzinikela kwabo ngokuyinhloko ezindabeni zebhizinisi babeyoba nokuningi ababengakunikela ngokwezimali, wathi kwakuyoba ngcono ukulinganisela umsebenzi onjalo bese bezinikela bona uqobo kanye nesikhathi sabo ekusakazeni iqiniso. Leso kuseyisimo iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova enaso.a
Ngokuvamile, abantu banikela ngamalini? Abakwenzayo kuyisinqumo somuntu siqu. Nokho, endabeni yokupha, kufanele kuphawulwe ukuthi oFakazi BakaJehova abacabangi nje ngezinto ezibonakalayo. Emihlanganweni yabo yesigodi ka-1985-86, baxoxa ngesihloko esithi “Ukudumisa UJehova Ngezinto Zethu Eziyigugu.” (IzAga 3:9, NW) Kwagcizelelwa ukuthi lezizinto eziyigugu zazingahlanganisi izinto ezibonakalayo kuphela, kodwa zazihlanganisa namandla angokomzimba, angokwengqondo, nangokomoya.
Emuva ngo-1904, uMfoweth’ uRussell waveza ukuthi umuntu ozinikezele ngokugcwele kuNkulunkulu “kakade usenikele ngakho konke anakho eNkosini.” Ngakho, manje kufanele “azibheke njengomiswe iNkosi ukuba abe umphathi wesikhathi sakhe siqu, ithonya, imali, nokunye, futhi ngamunye kufanele afune ukusebenzisa lamakhono ngokusemandleni akhe, kukhazinyuliswe iNkosi.” Wanezela ukuthi, eqondiswa ukuhlakanipha kwaphezulu, “njengoba uthando lwakhe nentshiseko ngeNkosi kukhula nsuku zonke ngolwazi lweQiniso nangokuthola umoya walo, uyozithola enikela ngokwengeziwe ngesikhathi, ngethonya, nangezinto ezinjalo anazo, ukuze kwenziwe inkonzo yeQiniso.”—Studies in the Scriptures, “The New Creation,” kk. 344-5.
Phakathi naleyominyaka yokuqala, i-Watch Tower Society yayinalokho eyayikubiza ngokuthi i-Tower Tract Fund. Kwakuyini? Imininingwane elandelayo ethakazelisayo yayibhalwe ngemuva kwamaphepha ngezinye izikhathi ayesetshenziswa uMfoweth’ uRussell: “Lesisikhwama singeseminikelo yokuzithandela yalabo abaye bondliwa futhi baqiniswa ‘yinyama ngesikhathi esifanele’ izincwadi ezingenhla [i-Watch Tower Society ezenza zitholakale], njengamathuluzi kaNkulunkulu, eziyinikeza abangcwele abazinikezele, emhlabeni wonke.
“Lesisikhwama ngaso sonke isikhathi sisetshenziselwa ukuthumela, ngesihle, izinkulungwane zamakhophi e-ZION’S WATCH TOWER and OLD THEOLOGY TRACTS abafanele kakhulu abafundi abasha. Siyasiza nasekusakazeni izinhlelo eziboshwe ngephepha zochungechunge lwe-DAWN, ngokusiza labo ababelwe ukuba bazisakaze—ama-colporteur nabanye. Sibuye sibe ‘isikhwama sabampofu’ okwenzeka ngaso ukuba noma yibaphi kubantwana beNkosi, okuthi ngenxa yokukhula, noma ukugula, noma ngesinye isizathu, bahluleke ukwenza isikhokhelo se-NQABAYOKULINDA basithunyelelwe ngesihle, uma bethumela incwadi noma ikhadi ekuqaleni konyaka ngamunye, elichaza isifiso sabo nokuhluleka kwabo.
“Akukho muntu oke acelwe ukuba anikele kulesikhwama: yonke iminikelo kumelwe ibe ngeyokuzithandela. Sikhumbuza abafundi bethu ngamazwi omPhostoli (1 Kor. 16:1, 2) bese sibaqinisekisa ukuthi labo abakwaziyo ukunikela futhi abanikelayo ukuze basakaze iqiniso ngokuqinisekile bayothola umvuzo wezipho ezingokomoya.”
Umsebenzi wembulunga yonke woFakazi BakaJehova ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu uyaqhubeka usekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Ngaphezu koFakazi ngokwabo, abantu abaningi abathakazelayo abanokwazisa bakubheka njengelungelo ukusekela lomsebenzi wobuKristu ngeminikelo yabo yokuzithandela.
Ukuxhasa Ngokwezimali Izindawo Zabo Zokuhlangana
Ibandla ngalinye loFakazi BakaJehova linamabhokisi omnikelo afanelekayo lapho abantu bengafaka khona noma yimiphi iminikelo abafisa ukuyifaka—lapho befisa ukwenza kanjalo futhi bengase bakwazi. Kwenziwa ngasese ukuze abanye bangakuqapheli lokho omunye umuntu angase akwenze. Kuphakathi kwakhe noNkulunkulu.
Akukho maholo okumelwe akhokhwe, kodwa kubiza imali ukunakekela indawo yokuhlangana. Ukuze kuhlangatshezwane nalesosidingo, amalungu ebandla kumelwe aziswe. Nokho, eminyakeni engaphezu kwengu-70 edlule, INqabayokulinda yakucacisa ukuthi iminikelo, akufanele icelwe noma kunxuswe ngayo—kufanele nje kushiwo amaqiniso ngokucacile nangobuqotho. Ngokuvumelana nalombono, imihlangano yebandla ayihlanganisi izingxoxo zasikhathi sonke eziphathelene nezimali.
Nokho, ngezinye izikhathi kuba nezidingo ezikhethekile. Kungenzeka kwenziwa amalungiselelo okuvuselela noma okukhulisa iHholo LoMbuso noma mhlawumbe ukwakha elisha. Ukuze kuqinisekiswe ukuthi ingakanani imali ezotholakala, abadala bangase bacele labo abasebandleni ukuba babhale eziqeshaneni zamaphepha ukuthi bona ngabanye bacabanga ukuthi bangakwazi ukunikela ngokungakanani kulomsebenzi, noma uma kungenzeka, abangakwenza kutholakale iminyaka ethile. Ngaphezu kwalokho, abadala bangase bacele abantu ngabanye noma imikhaya ukuba ibhale emaphepheni lokho enomuzwa wokuthi izokwazi ukunikela ngakho masonto onke noma nyanga zonke, uma uJehova eyibusisile. Awabhalwa amagama. Lawa akuwona amaphepha ezithembiso, kodwa anikeza isisekelo sokuhlela ngokuhlakanipha.—Luka 14:28-30.
ETarma, eLiberia, ibandla lathola imali elaliyidinga ngendlela ethe ukuhluka. Abanye ebandleni batshalela uFakazi othile irayisi ensimini yakhe kuyilapho yena enikela ngesikhathi esingangonyaka egawula imithi futhi esaha ngesandla amapulangwe, konke okwakuthengiswa ukuze kutholakale imali yomsebenzi wabo wokwakha. EParamaribo, eSuriname, nakuba izinto zokwakha kwakudingeka zithengwe, ibandla akuzange kudingeke libe nemali yokuthenga indawo, ngoba uFakazi othile wayenikele ngendawo yakhe ukuze kwakhiwe iHholo LoMbuso wayesecela nje ukuba indlu yakhe yakhiwe ngemuva egcekeni. Amanani amba eqolo ezindawo zokwakha eTokyo, eJapane, akwenza kwaba nzima ukuba amabandla alapho athole izindawo ayengakha kuzo amaHholo OMbuso. Ukuze isize ekuxazululeni lenkinga, imikhaya eminingana yanikela ngezindawo eyayakhe kuzo imizi yayo. Yamane yacela ukuba ngemva kokuba sekwakhiwe iHholo LoMbuso elisha endaweni yomuzi wayo, yakhelwe indawo yokuhlala phezulu.
Njengoba amabandla ayekhula futhi ehlukaniswa, labo ababesendaweni ethile ngokuvamile babezama ukusizana ukuze balungiselele amaHholo OMbuso afanelekayo. Naphezu kwalowomoya wokupha, kunokunye okwakusadingeka. Imali yezakhiwo nezindleko zokwakha kwakhuphuka, futhi amabandla ngamanye ngokuvamile akuthola kunzima ukuhlangabezana nazo. Kwakungenziwani?
EMihlanganweni Yesigodi ‘Yobunye BoMbuso’ ngo-1983, iNdikimba Ebusayo yahlela ilungiselelo elalidinga ukuba kusetshenziswe isimiso esivezwe kweyesi-2 Korinte 8:14, 15, esikhuthaza ukuba inala yalabo abanakho iqede ukuswela kwabanye ukuze “kube-khona ukulingana.” Ngakho labo abanokuncane ngeke baswele baze baphazamiseke emizamweni yabo yokukhonza uJehova.
Ibandla ngalinye lamenywa ukuba lihlele ukuba kube nebhokisi eliphawulwe ukuthi “Iminikelo Yesikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso.” Konke okufakwa kulelobhokisi kwakuyosetshenziselwa leyonjongo kuphela. Ngakho imali enikelwe ezweni lonke yayiyosetshenziselwa ukuqeda ukuswela kwamabandla awadinga kakhulu amaHholo OMbuso kodwa engenakulihlelela ngenxa yemibandela ebekwa amabhange ezindawo. Ngemva kokuhlola ngokucophelela ukuze kuqinisekwe ukuthi kukuphi lapho kwakunesidingo esiphuthuma ngempela, iNhlangano yaqala ukubolekisa ngaleyomali emabandleni ayedinga ukwakha noma ukuthola amaHholo OMbuso amasha. Njengoba kwakutholakala iminikelo eyengeziwe futhi imali ebolekiswayo ibuyiswa (emazweni okwenziwayo kuwo lokho), kwakusengasizwa amabandla engeziwe.
Lelilungiselelo laqala ukusebenza e-United States naseCanada, futhi kusukela ngalesosikhathi liye lasakazekela nasemazweni angaphezu kwangu-30 eYurophu, e-Afrika, eLatin America, naseMpumalanga Ekude. Ngo-1992, emazweni ayisishiyagalombili kuphela kulawa, yayisitholakele kakade imali yokusiza ekwakheni amaHholo OMbuso angu-2 737, asetshenziswa amabandla angu-3 840.
Ngisho nasemazweni lelilungiselelo elalingakasebenzi kuwo, kodwa lapho kunesidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso ayengenakuxhaswa ngokwezimali kuleyondawo, iNdikimba Ebusayo yazama ukwenza amanye amalungiselelo ukuze iqikelele ukuthi usizo luyanikezwa. Ngakho kwaba nokulingana, ukuze labo abanokuncane bangasweli.
Ukunakekela Ukwandiswa Kwendlunkulu Yomhlaba Wonke
Ukuze indlunkulu yomhlaba wonke iqhubeke isebenza kuye kwadinga imali. Ngemva kweMpi Yezwe I, lapho i-Watch Tower Bible and Tract Society ikuthola kuwusizo ukunyathelisa nokuhlanganisa izincwadi zayo siqu, kwenziwa ilungiselelo lokuba imishini edingekayo ithengwe ngamagama abantu abathile—izinceku zikaJehova abakanye nazo. Esikhundleni sokukhokha imali yenzuzo ezinkampanini zangaphandle ngenxa yokunyathelisa izincwadi, iNhlangano yasebenzisa lemali inyanga ngayinye ekunciphiseni izikweletu zemishini. Njengoba izinzuzo zalokhu zazibonakala, imali umphakathi owawuthola ngayo izincwadi yancishiswa yacishe yaba ingxenye yemali yangaphambili. Okwakwenziwa kwakuwukuqhutshekiselwa phambili kokushunyayelwa kwezindaba ezinhle, hhayi ukucebisa i-Watch Tower Society.
Eminyakeni embalwa, kwaba sobala ukuthi kwakudingeka izakhiwo ezinkudlwana endlunkulu yomhlaba wonke ukuze kunakekelwe umsebenzi wembulunga yonke wokushumayela ngoMbuso. Ngokuphindaphindiwe, njengoba inhlangano iye yakhula nomsebenzi wokushumayela wadlondlobala, kuye kwadingeka kunezelwe lezizakhiwo. Kunokuya emabhange kuyofunwa imali eyayidingeka yokwandisa nokwenza amahhovisi namafektri asendlunkulu abe nezinto ezidingekayo futhi kusekelwe izakhiwo eziseNew York nasendaweni ezungezile, iNhlangano iye yachazela abazalwane ngalesidingo. Lokhu akuzange kwenziwe njalo, kodwa kwenziwa izikhathi ezingu-12 enkathini eyiminyaka engu-65.
Akukaze kushunyayelwe izimali. Noma ubani owayefuna ukunikela wamenywa ukuba enze kanjalo. Labo abakhetha ukubolekisa ngemali baqinisekiswa ukuthi uma kuphakama noma yisiphi isidingo esingalindelekile nesiphuthumayo, imali yabo abayibolekisile yayiyokhokhwa lapho nje kwamukelwa isicelo sabo. Ngakho ekusingatheni kwayo izindaba, iNhlangano yazama ukugwema ukubabangela ubunzima abantu namabandla ayeyenze yatholakala ngomusa imali yawo. Ukusekela koFakazi BakaJehova ngeminikelo yabo ngaso sonke isikhathi kuye kwenza iNhlangano yakwazi ukukhokha zonke izimali ezibolekiswayo. Iminikelo enjalo ethunyelwa eNhlanganweni yaziswa kakhulu. Ngezinga okungenzeka ngalo, leminikelo ibongwa ngezincwadi nangamanye amazwi okwazisa.
Umsebenzi wenhlangano awugcinwa uqhubeka ngeminikelo yeqembu labantu abanikelayo abacebile. Eminingi yeminikelo ivela kubantu abanokulinganiselwe—abaningi babo, banezinto ezincane kakhulu zalelizwe. Kuhlanganiswe nabantwana abancane abafuna ukuhlanganyela ngalendlela ekusekeleni umsebenzi woMbuso. Izinhliziyo zabo bonke labantu abanikelayo zishukunyiswa ukwazisa ngobuhle bukaJehova nesifiso sokusiza abanye ukuba bafunde ngamalungiselelo akhe omusa.—Qhathanisa noMarku 12:42-44.
Ukuxhasa Ngokwezimali Ukwandiswa Kwezakhiwo Zamagatsha
Njengoba umsebenzi wokushumayela ngoMbuso uye wanda kakhulu ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba, kuye kwadingeka kwandiswe izakhiwo zenhlangano zamagatsha. Lokhu kwenziwa ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo.
Ngakho, ngemva kokubukeza ukutusa okwenziwa igatsha laseJalimane, kwanikezwa iziqondiso ngo-1978 zokuthola indawo efanelekayo bese kwakhiwa isakhiwo esisha ngokuphelele. Ingabe oFakazi baseJalimane babengahlangabezana nezindleko ezazihilelekile? Banikezwa ithuba. Lapho lowomsebenzi usuphelile ngo-1984, eSelters, onqenqemeni olusentshonalanga lweziNtaba iTaunus, ihhovisi legatsha labika: “Amashumi ezinkulungwane oFakazi BakaJehova—abacebile nabampofu, abancane nabadala—banikela ngezigidi zamaRandi ukuze basize ekukhokheleni izakhiwo ezintsha. Ngenxa yokupha kwabo, wonke umsebenzi waqedwa kungazange kudingeke kubolekwe imali ezinhlanganweni zezwe noma kwenziwe izikweletu.” Ngaphezu kwalokho, cishe oyedwa kwabangu-7 boFakazi eFederal Republic of Germany waba nengxenye emsebenzi wokwakha eSelters/Taunus.
Kwamanye amazwe, ezomnotho zendawo noma isimo sezimali soFakazi BakaJehova siye sakwenza kwaba nzima kakhulu, futhi kwaba okungenakwenzeka, ukuba bakhe amahhovisi egatsha adingekayo ukuze baqondise umsebenzi noma amafektri abanganyathelisa kuwo izincwadi zeBhayibheli zolimi lwendawo. OFakazi abakulelozwe baye banikezwa ithuba lokwenza lokho abangase bakwenze. (2 Kor. 8:11, 12) Kodwa ukuntuleka kwemali ezweni akuvunyelwa ukuba kuvimbele ukusakazwa kwesigijimi soMbuso kuleyondawo uma imali edingekayo ikhona kwenye indawo.
Ngakho, nakuba oFakazi bendawo benza konke abangakwenza, engxenyeni enkulu yomhlaba imali eningi edingekayo yezakhiwo zamagatha itholakala eminikelweni eyenziwa oFakazi BakaJehova abakwamanye amazwe. Yilokho okwenzeka lapho kwakhiwa izakhiwo ezinkulu ezaqedwa eNingizimu Afrika ngo-1987, eNigeria ngo-1990, ePhilippines ngo-1991. Kwenzeka okufanayo naseZambia, lapho izindawo ezingase zisetshenziselwe ukunyathelisa zazisakhiwa ngo-1992. Kuye kwenzeka okufanayo nasemisebenzini eminingi emincane, njengaleyo eyaqedwa eNdiya ngo-1985; eChile ngo-1986; eCosta Rica, e-Ecuador, eGuyana, eHaiti, nasePapua New Guinea ngo-1987; eGhana ngo-1988; naseHonduras ngo-1989.
Nokho, kwamanye amazwe abazalwane baye bamangaliswa yilokho abaye bakufeza ezindaweni abakuzo lapho uJehova ebusisa imizamo yabo ebumbene. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kwawo-1980 igatsha laseSpain lalihlela ukuzikhulisa kakhulu izakhiwo zalo. Igatsha lacela iNdikimba Ebusayo ukuba ilinikeze imali eyayidingeka. Kodwa ngenxa yemali enkulu eyayisayikhokhela ezinye izinto ngalesosikhathi, usizo olunjalo lwalungeke lutholakale ngalesosikhathi. Uma benikezwa ithuba, ingabe oFakazi baseSpain, njengoba babehola amaholo aphansi uma kuqhathaniswa, babenganikela ngemali eyanele ukuba kwenziwe umsebenzi onjalo?
Basichazelwa isimo. Ngenjabulo beza nezinto zabo zokuhloba, izindandatho, namasongo ukuze kuthengiswe. Lapho uFakazi othile osekhulile ebuzwa ukuthi wayeqiniseka yini ngempela ukuthi wayefuna ukunikela ngesongo legolide elibizayo ayenikele ngalo, waphendula: “Mfowethu, kukhulu okuhle elingakwenza ekukhokheleni iBethel entsha kunokuba sesihlakaleni sami!” Udade othile osekhulile wamba wakhipha inqwaba yemali engamaphepha yakudala ayeyigqibe phansi ekhaya lakhe iminyaka eminingi. Imibhangqwana yanikela ngemali eyayiyongele uhambo. Abantwana bathumela imali ababeyibekile. Umfanyana othile owayehlela ukuthenga isiginci wanikela ngaleyomali emsebenzini wegatsha. Njengama-Israyeli asendulo ngesikhathi kwakhiwa itabernakele ehlane, oFakazi baseSpain baba abanikeli abaphayo nabanezinhliziyo ezivumayo abanikela ngakho konke okwakudingeka okuyizinto ezibonakalayo. (Eks. 35:4-9, 21, 22) Babe sebeyazinikela—isikhathi esigcwele, phakathi namaholide, ngezimpelasonto—ukuze benze umsebenzi ngokwawo. Babefika bevela kuzo zonke izingxenye zeSpain—izinkulungwane zabo. Abanye oFakazi baseJalimane, eSweden, eGreat Britain, eGreece, nase-United States, uma kubalwa izindawo ezimbalwa, bahlanganyela nabo ekwenzeni umsebenzi owawubonakala ungenakwenzeka.
Ingabe Ikhona Imali Eyinzuzo Etholakala Ezincwadini?
Ngo-1992, izincwadi zeBhayibheli zazinyatheliswa endlunkulu yomhlaba wonke nasemagatsheni angu-32 emhlabeni wonke. Eziningi zazo zazilungiselelwa ukusakazwa oFakazi BakaJehova. Kodwa akukho kulokhu okwakwenzelwa inzuzo yezentengiselwano. Izinqumo zokuthi izincwadi zizonyatheliswa ngaluphi ulimi nokuthi zizothunyelwa kumaphi amazwe zazingenzelwa noma iyiphi inzuzo yezentengiselwano kodwa kwakucatshangelwa kuphela ukufeza umsebenzi uJesu Kristu awabela abalandeli bakhe.
Emuva ngo-July 1879, lapho kukhishwa umagazini wokuqala ngqá INqabayokulinda (yesiNgisi), wawunesaziso sokuthi labo ababempofu kakhulu ukuba bakhokhele isikhokhelo (ngalesosikhathi esasingu-50¢, U.S., kuphela ngonyaka) babengasithola mahhala uma bebhala benza isicelo. Injongo eyinhloko yayiwukusiza abantu ukuba bafunde ngenjongo enhle kaJehova.
Ukuze kufezwe lokho, kusukela ngo-1879 izincwadi eziningi kakhulu zeBhayibheli ziye zasakazwa emphakathini mahhala. Ngo-1881 nangemva kwalokho, cishe amakhophi angu-1 200 000 e-Food for Thinking Christians asakazwa mahhala. Amaningi alawa ayeyincwadi enamakhasi angu-162; amanye, enjengephephandaba. Amapheshana amaningi ahlukahlukayo ngobukhulu akhishwa phakathi neminyaka eyalandela. Iningi lalawa (amakhulu ezigidi amakhophi) lasakazwa mahhala. Inani lamapheshana nezinye izincwadi ezaziphiwa abantu laqhubeka likhula. Ngo-1915 kuphela, umbiko wabonisa ukuthi kwakhishwa amakhophi angu-50 000 000 amapheshana ngezilimi ezingu-30 ukuze asakazwe emhlabeni wonke mahhala. Yayivelaphi imali yakho konke lokhu? Ngokuyinhloko yayivela eminikelweni yokuzithandela eyayenziwa eSikhwameni SeNhlangano Samapheshana.
Kwakukhona nezincwadi ezazihanjiswa ngomnikelo phakathi namashumi eminyaka okuqala omlando weNhlangano, kodwa umnikelo owawusikiselwa wawugcinwa uphansi ngangokunokwenzeka. Lezincwadi zazihlanganisa izincwadi ezinoqwembe oluqinile ezazinamakhasi angu-350 kuya kwangu-744. Lapho ama-colporteur eNhlangano (njengoba abashumayeli besikhathi esigcwele babaziwa kanjalo) ehambisela umphakathi lezi, ayeyisho imali eyayisikiselwa njengomnikelo. Nokho, injongo yawo yayingekhona ukuthola imali kodwa ukwenza amaqiniso eBhayibheli afinyelele kubantu. Ayefuna ukuba abantu bafunde izincwadi futhi bazuze kuzo.
Ayezimisele ukumupha umuntu incwadi (abese ewukhipha wona umnikelo wayo) uma umninikhaya eswele. Kodwa kwakuye kwaqashelwa ukuthi abantu abaningi babethambekele kakhulu ekufundeni incwadi uma beyikhiphele okuthile, futhi lokho ababekukhiphile, kwakungase kusetshenziselwe ukunyathelisa izincwadi ezengeziwe. Nokho, ligcizelela iphuzu lokuthi abaFundi BeBhayibheli babengafuni inzuzo yemali, iphepha leNhlangano leziyalezo zenkonzo, i-Bulletin, lika-October 1, 1920, lathi: “Ngemva kwezinsuku eziyishumi uhambise incwajana [eyayinamakhasi angu-128], phindela kulabobantu futhi uqiniseke ukuthi bayifundile yini. Uma bengakwenzanga, bacele ukuba bayibuyise incwadi futhi ubabuyisele imali yabo. Batshele ukuthi awuyena umthengisi wezincwadi, kodwa unesithakazelo ekunikezeni wonke umuntu isigijimi senduduzo nenjabulo, ubatshele nokuthi uma bengenasithakazelo ngokwanele eqinisweni elibathinta kakhulu kangaka . . . , leyoncwadi ufisa ukuyinikeza omunye umuntu ozoba nezithakazelo.” OFakazi BakaJehova baye bayeka ukusebenzisa leyondlela, ngoba baye bathola ukuthi amanye amalungu omkhaya ngezinye izikhathi ayezifunda lezizincwadi futhi azuze kuzo; kodwa okwakwenziwa ngalesosikhathi kuyiveza ngokucacile injongo yangempela yoFakazi.
Iminyaka eminingi babebiza ukusakaza kwabo izincwadi ngokuthi “ukuthengisa.” Kodwa leligama lalibangela ukudideka, ngakho kusukela ngo-1929, layekwa kancane kancane. Leligama lalingawufaneli ngempela umsebenzi wabo, ngoba umsebenzi wabo wawungewona owezentengiselwano. Injongo yabo yayingekhona ukwenza imali. Injongo yabo ngempela kwakuwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, ngo-1943 iNkantolo Ephakeme yase-United States yathi oFakazi BakaJehova ngeke kudingeke bathole imvume yokuthengisa yabezentengiselwano ngaphambi kokuba basakaze izincwadi zabo. Futhi umnyango wezokwahlulela waseCanada ngemva kwalokho wasekela izizathu ezazinikezwe yiNkantolo Ephakeme yase-U.S. kulesosinqumo.b
Emazweni amaningi oFakazi BakaJehova ngaso sonke isikhathi baye bahambisa izincwadi zabo bazicelela umnikelo. Umnikelo osikiselwayo ubulokhu uphansi kakhulu, uma kuqhathaniswa nezinye izincwadi nomagazini, kangangokuba abantu abaningi baye bafuna ukunikela ngokungaphezulu. Kodwa inhlangano iye yenza umzamo omkhulu wokugcina umnikelo osikiselwayo uphansi ukuze kufinyelelwe izigidi eziningi zabantu ezingenazo izinto eziningi ezibonakalayo zalelizwe kodwa ezikujabulelayo ukuthola iBhayibheli noma izincwadi zeBhayibheli. Nokho, injongo yokusikisela umnikelo ayizange ibe ukucebisa inhlangano yoFakazi BakaJehova.
Endaweni lapho umthetho uchaza noma ikuphi ukusakazwa kwezincwadi zeBhayibheli ngokuthi kuwukuthengisa uma ozisakazayo esikisela umnikelo wencwadi, oFakazi BakaJehova ngenjabulo bayishiyela noma ubani obonisa isithakazelo esiqotho futhi ethembisa ukuthi uzoyifunda. Labo abafisa ukunikela ngokuthile ukuze kuqhutshekiselwe phambili umsebenzi wemfundo yeBhayibheli bangase banikele nganoma okungakanani abakuthandayo. Ngokwesibonelo, lokhu kuyenziwa eJapane. ESwitzerland, kuze kube sesikhathini samuva nje, iminikelo yezincwadi yayamukelwa, kodwa igcine emalini eshiwo; ngakho lapho abaninikhaya befuna ukunikela ngemali eyengeziwe oFakazi babemane bayibuyisele noma banikeze umninikhaya ezinye izincwadi. Isifiso sabo, sasingekhona ukuqongelela imali, kodwa ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.
Ngo-1990, ngenxa yamahlazo aphathelene nezimali ayesakazeke kabanzi kwezinye zezinkolo zeLobukholwa, okwakuhambisana nokuthambekela okwandayo kohulumeni kokufaka umsebenzi ongokwenkolo esigabeni somsebenzi wezentengiselwano, oFakazi BakaJehova benza ukulungisa okuthile emsebenzini wabo ukuze bagweme noma ikuphi ukuqondwa kabi. INdikimba Ebusayo yathi e-United States, zonke izincwadi oFakazi abazisakazayo—amaBhayibheli, kanye namapheshana, izincwajana, omagazini, kanye nezincwadi ezinoqwembe oluqinile ezichaza iBhayibheli—zinikezwe abantu kuphela ngaphansi kombandela wokuthi bazozifunda, ungasikiselwa umnikelo. Umsebenzi woFakazi BakaJehova akuwona nakancane owezentengiselwano, futhi lelilungiselelo labahlukanisa ngokwengeziwe kwamanye amaqembu enkolo enza inkolo ibe ezentengiselwano. Yebo, abantu abaningi bayaqaphela ukuthi kudinga imali ukunyathelisa izincwadi ezinjalo, futhi labo abayazisayo inkonzo eyenziwa oFakazi bangase bafune ukunikela ngokuthile ukuze basize kulomsebenzi. Abantu abanjalo bayachazelwa ukuthi umsebenzi womhlaba wonke wemfundo yeBhayibheli owenziwa oFakazi BakaJehova usekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Iminikelo yamukelwa ngenjabulo, kodwa ayicelwa.
Labo abahlanganyela enkonzweni yasensimini abakwenzeli inzuzo yezimali. Banikela ngesikhathi sabo, futhi bayazikhokhela izindleko zezinto zokuhamba. Uma othile ebonisa isithakazelo, bahlela ukuphindela isonto ngalinye, mahhala, ukuze banikeze lowomuntu imfundo yeBhayibheli. Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane babo yilona kuphela olungabashukumisela ukuba baqhubeke behlanganyela emsebenzini onjalo, ngokuvamile bebhekana nokunganaki nokuphikiswa ngokuqondile.
Imali eyamukelwa indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova noma amahhovisi ayo egatsha, ayisetshenziselwa ukucebisa inhlangano noma nanoma yimuphi umuntu, kodwa ukuqhubekisela phambili ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle. Emuva ngo-1922, INqabayokulinda (yesiNgisi) yabika ukuthi ngenxa yesimo somnotho eYurophu, izincwadi ezazinyatheliselwa iNhlangano khona ngokuyinhloko zazikhokhelwa ihhovisi laseMelika futhi ngokuvamile zishiyelwa abantu ngemali engaphansi kweyezindleko zokunyathelisa. Nakuba oFakazi BakaJehova manje benezindawo zokunyathelisa emazweni amaningi, amanye amazwe izincwadi ezithunyelwa kuwo awakwazi ukuthumela imali emazweni angaphandle ukuze ahlangabezane nezindleko. Iminikelo yokuzithandela yokupha yoFakazi BakaJehova abasemazweni anezinto ezanele iyasiza ekuqedeni ukuntula kwamazwe anokuncane.
I-Watch Tower Society ngaso sonke isikhathi iye yazama ukusebenzisa konke enakho ukuze iqhubekisele phambili ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle. Ngo-1915, umongameli weNhlangano uCharles Taze Russell wathi: “INhlangano yethu ayizange ifune ukuqongelela ingcebo yasemhlabeni, kodwa, kunalokho, ibilokhu iyinhlangano eyisebenzisayo imali. Noma yiliphi ilungiselelo likaNkulunkulu esilithunyelwe singalicelanga siye safuna ukulisebenzisa ngokuhlakanipha ngangokunokwenzeka ngokuvumelana neZwi noMoya weNkosi. Esikhathini eside esidlule samemezela ukuthi lapho imali iphela, imisebenzi yeNhlangano nayo iyokuma; nokuthi lapho imali yanda, imisebenzi yeNhlangano iyokwandiswa.” INhlangano iye yaqhubeka yenza lokho kanye.
Kuze kube namuhla, inhlangano isebenzisa imali ekhona ukuze ithumele ababonisi abajikelezayo ukuze baqinise amabandla futhi bawakhuthaze enkonzweni yawo emphakathini. Iyaqhubeka ithumela izithunywa zevangeli nabathweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo emazweni anesidingo esikhethekile. Futhi isebenzisa noma iyiphi imali ekhona ukuze ithumele amaphayona akhethekile ezindaweni lapho isigijimi soMbuso sishunyayelwa kancane noma singakashunyayelwa nhlobo khona. Njengoba kuye kwabikwa kuyi-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1993, phakathi nonyaka wenkonzo owawandulele, kwakusetshenziswe u-$45 218 257,56 (U.S.) ngalezizindlela.
Ukungakhonzi Ngenxa Yenzuzo Yomuntu Siqu
Akukho nzuzo engokwezimali okuthi ngenxa yomsebenzi woFakazi BakaJehova, yenziwe yinoma iliphi ilungu leNdikimba Ebusayo, abaphathi bezinhlangano ezingokomthetho, noma abanye abantu abavelele abahlanganyela nenhlangano.
Ngokuqondene noC. T. Russell, owakhonza njengomongameli we-Watch Tower Society iminyaka engaphezu kwengu-30, omunye wabangane bakhe wabhala: “Njengendlela yokubona ukuthi inkambo yakhe yayivumelana yini nemiBhalo, futhi njengendlela yokubonisa ubuqotho bakhe siqu, wanquma ukuhlola ukuvunyelwa kwakhe iNkosi ngalendlela: (1) Ukunikela ukuphila kwakhe kulomsebenzi; (2) Ukusebenzisa ingcebo yakhe ukuze kumenyezelwe umsebenzi; (3) Ukwenqabela inkongozelo kuyo yonke imihlangano; (4) Ukuthembela ekutheni iminikelo engaceliwe (engeyokuzithandela kuphela) yayizoqhuba umsebenzi ngemva kokuphela kwengcebo yakhe.”
Esikhundleni sokusebenzisa umsebenzi wenkolo ukuze azitholele ingcebo yezinto ezibonakalayo, uMfoweth’ uRussell wasebenzisa konke ayenakho emsebenzini weNkosi. Ngemva kokufa kwakhe kwabikwa ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi): “Wanikela ngengcebo yakhe siqu yonke emsebenzini ayenikele kuwo ukuphila kwakhe. Wayethola imadlana encane engu-$11,00 ngenyanga ukuze ahlangabezane nezindleko zakhe zomuntu siqu. Wafa, wangashiya lutho olwalungolwakhe.”
Ngokuqondene nalabo ababezokwenza umsebenzi weNhlangano, uMfoweth’ uRussell encwadini yakhe yefa wathi: “Ngokuqondene nokukhokhelwa, ngicabanga ukuthi kuwukuhlakanipha ukulondoloza inkambo yeNhlangano yesikhathi esidlule ngokuqondene namaholo—ukuba kungabikho abaholelwayo; ukuba labo abakhonza iNhlangano noma umsebenzi wayo nganoma iyiphi indlela banikezwe imali elinganiselwe yokubhekana nezindleko.” Labo ababekhonza emakhaya aseBethel eNhlangano, emahhovisi, nasemafektri, kanye nabameleli bayo abajikelezayo, babezonikezwa ukudla, indawo yokuhlala, nemali elinganiselwe yokuhlangabezana nezindleko—ezokwanela izidingo zabo zangalesosikhathi kodwa “lalingekho ilungiselelo . . . lokuba bayiqongelele.” Leyondinganiso isasebenza nanamuhla.
Labo abamukelwa ukuba benze inkonzo ekhethekile yesikhathi esigcwele endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova bonke bamukela isifungo sobumpofu njengoba kuye kwenza wonke amalungu eNdikimba Ebusayo nawo wonke amalungu omkhaya waseBethel lapho. Lokhu akusho ukuthi baphila ukuphila okunesicefe, okungenakho nanoma ikuphi ukunethezeka. Kodwa kusho ukuthi bahlanganyela, ngokungakhethi, amalungiselelo alinganiselwe enzelwa labo abasenkonzweni enjalo okudla, indawo yokuhlala, nenkokhelo yokuhlangabezana nezindleko.
Ngakho inhlangano ifeza umsebenzi wayo ithembele ngokuphelele osizweni uNkulunkulu alunikezayo. Kungengoba bephoqelelwa kodwa ngoba bewubuzalwane bangempela obungokomoya obufinyelela kuzo zonke izingxenye zomhlaba, oFakazi BakaJehova ngenjabulo basebenzisa konke abanakho ukuze bafeze umsebenzi uJehova, uYise wasezulwini omuhle, abanike wona ukuba bawenze.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi), September 1, 1944, ikhasi 269; December 15, 1987, amakhasi 19-20.
b Murdock v. Commonwealth of Pennsylvania, 319 U.S. 105 (1943); Odell v. Trepanier, 95 C.C.C. 241 (1949).
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 340]
‘LeNhlangano ayikugunyazi futhi ayikuvumeli ukushunyayelwa kwezimali’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 342]
Ngokuyinhloko kugcizelelwa ukubaluleka kokuhlanganyela iqiniso nabanye
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 343]
Ukushiwo kwamaqiniso ngokucacile nangobuqotho
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 344]
Amabandla ayasizana ekutholeni amaHholo OMbuso adingekayo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 345]
Eminingi yeminikelo ivela kubantu abanokulinganiselwe
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 348]
Izincwadi eziningi zisakazwa mahhala—ubani ozikhokhelayo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 349]
Ngenjabulo bashiya incwadi kunoma ubani obonisa isithakazelo esiqotho futhi ethembisa ukuthi uzoyifunda
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 350]
Kwenziwani ngemali enikelwayo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 351]
“Wanikela ngengcebo yakhe siqu yonke emsebenzini ayenikele kuwo ukuphila kwakhe”
[Ibhokisi ekhasini 341]
UNkulunkulu Akaceli
“Lowo owathi, ‘Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo. . . . Angiyikuthatha-nkunzi endlini yakho nampongo ezibayeni zakho. Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane’ (IHu. 50:12, 9, 10), uyakwazi ukufeza umsebenzi wakhe omkhulu ngaphandle kokucela imali ezweni noma kubantwana bakhe. Futhi ngeke aphoqelele abantwana bakhe ukuba banikele nganoma yini enkonzweni yakhe, futhi ngeke amukele noma yini evela kubo uma ingewona umnikelo wenjabulo nowokuzithandela.”—“Zion’s Watch Tower,” September 1886, k. 6.
[Ibhokisi ekhasini 347]
Iminikelo Yayingabi Imali Ngaso Sonke Isikhathi
OFakazi enyakatho ekude yeQueensland balungisa futhi bathumela esizeni sokwakha se-Watch Tower eSydney, e-Australia, amaloli amane enezingodo ezisezingeni eliphezulu ngalesosikhathi inani lazo elalilinganiselwa ku-A$60 000 no-A$70 000.
Lapho kwandiswa ifektri ye-Watch Tower e-Elandsfontein, eNingizimu Afrika, umzalwane oyiNdiya washaya ucingo futhi wacela ukuba kulandwe amasaka kasimende angu-500 ayengumnikelo (ngalinye lingamakhilogremu angu-50)—ngesikhathi ungatholakali kalula kulelizwe. Abanye banikela ngamaloli abo ukuba asetshenziswe iNhlangano. Udade othile oNsundu wakhokhela inkampani ethile imali yokuletha isihlabathi sokwakha esingama-“cubic metre” angu-15.
ENetherlands lapho kwakhiwa izakhiwo ezintsha zegatsha e-Emmen, kwanikelwa ngamathuluzi amaningi nezingubo zokusebenza. Udade othile, nakuba ayegula kakhulu, walukela isisebenzi ngasinye amasokisi kavolo phakathi nesikhathi sasebusika.
Ukuze kwakhiwe ihhovisi legatsha elisha nendawo engase ibe eyokunyathelisa eLusaka, eZambia, izinto zokwakha zathengwa ngemali eyayinikelwe ngoFakazi kwamanye amazwe. Izinto zokwakha nemishini engatholakali kulendawo kwathunyelwa eZambia ngamaloli njengomnikelo emsebenzini owenziwa lapho.
UFakazi othile e-Ecuador, ngo-1977, wanikela ngendawo engamahekthare angu-34. Lapha kwakhiwa iHholo LoMhlangano kanye nesakhiwo esisha segatsha.
OFakazi bendawo ePanama bavula amakhaya abo ukuze bahlalise izisebenzi zokuzithandela; abanye ababenamabhasi balungiselela izinto zokuhamba; abanye baba nengxenye ekulungiseleleni ukudla okwadliwa izikhathi ezingu-30 000 esizeni okwakwakhiwa kuso.
Ibandla elithile labhaka futhi lathumela izinkwana ezingu-4 500 ezisebenzini ezazisebenza e-Arboga, eSweden. Abanye bathumela uju, izithelo, nojamu. Umlimi eduze nesiza okwakwakhiwa kuso, nakuba ayengeyena uFakazi, waletha amathani amabili ezaqathe.